Ngangiphila Ngomculo, Izidakamizwa Nophuzo
NGINGOWOMDABU waseMelika. Ubaba, owashona eminyakeni emine edlule, wayengumChippewa, waseSugar Island, eMichigan, e-U.S.A. Umama, odabuka e-Ontario, eCanada, ungowezizwe zamaNdiya angama-Ottawa nama-Ojibwa. Ngenxa kababa ngiyilungu lesizwe samaNdiya angamaChippewa aseSault Sainte Marie. Ngenxa yethonya lemishini nezikole zamaKatolika, sakhuliswa njengamaKatolika, okwakusho ukuya eMiseni njalo ngeSonto.
Isikhathi sami sobuntwana esabelweni samaNdiya sasilula futhi sijabulisa. Njengomntwana, ngangibona isikhathi sasehlobo siside, sihamba kancane, futhi sinokuthula. Sasihlala endaweni eqhelile—sasingenabo ompompi bamanzi nezindlu zangasese ezisendlini, futhi sasigeza echibini noma kubhavu wokuwasha izingubo. Sasidlala ngaphandle. Sasizilibazisa ngamahhashi, izinkomo, nezinye izilwane ezifuyiwe. Ngaleso sikhathi, ngangifisa sengathi wonke umhlaba ungaba njalo phakade.
Izinselele Zokukhula
Lapho ngikhula futhi ngiya esikoleni somphakathi, ngayeka ukuvakashela ekhaya ezabelweni njalo. Isikole, ezemidlalo, nomculo kwaqala ukuthatha isikhathi sami esiningi. Njengosemusha eminyakeni yawo-1960, ngalolongwa umoya wangaleyo nkathi. Lapho ngineminyaka engu-13 ubudala, izidakamizwa notshwala kwase kuyingxenye evamile yokuphila kwami. Ukuvukela umphakathi kwakuthandwa kakhulu, futhi ngangizonda yonke into umphakathi owawuyisekela. Ngangingaqondi ukuthi kungani abantu babenza izinto ezinonya komunye nomunye.
Cishe ngalenkathi, ngathola isigingci sami sokuqala. Umkhaya wakithi wawuthanda umculo. Ubaba wayedlala uphiyano futhi enza ne-tap dance, kanti nabafowabo ngokufanayo babewuthanda umculo. Ngakho lapho ubaba nabafowabo behlangene, sasenza isiyingi futhi sidanse sigxumagxuma kuze kube sentathakusa. Kwakumnandi. Ngokushesha, ngafunda ukudlala isigingci futhi ngajoyina iqembu le-rock and roll. Sasidlala emidansweni yesikole nakwezinye izenzakalo. Kamuva sadlulela ezinkantini nakuma-nightclub, ngokuvamile okwakusho ukuphuza utshwala nokusebenzisa izidakamizwa ngokwengeziwe. Insangu ne-methamphetamine (i-speed) kwakuyingxenye yokuphila kwami.
Inkonzo Yezempi EVietnam
Lapho sengineminyaka engu-19 ubudala, ngase ngishadile futhi sengizoba ubaba. Ngaso leso sikhathi, ngabuthelwa kuyi-U.S. Marines. Kwakucindezela kakhulu. Ukuze ngibhekane nakho, ngangihlala ngidakwe izidakamizwa notshwala usuku lonke.
Ngabelwa esikanisweni eMarine Corps Recruit Depot eSan Diego, eCalifornia, futhi kamuva esikhungweni sokuqeqesha imigundatshani esiphambili eCamp Pendleton, eCalifornia. Ngaqeqeshwa njengomsebenzisi wocingo lomsakazo empini. Lokhu kwenzeka ekupheleni kuka-1969. Manje, kwakuzolandela ukuvivinywa okukhulu—ukukhonza eVietnam. Ngakho, lapho ngineminyaka engu-19 ubudala, nginezinyanga ezimbalwa ngiphothulé esikoleni esiphakeme, ngazithola ngiphakathi ezweni laseVietnam elinesibomvu. Njengamanye amaMelika Omdabu amaningi, ukushisekela izwe kwakungishukumisele ukuba ngikhonze empini naphezu kokungabi nabulungisa umphakathi owawukwenze kithi njengamalungu esizwe esincane.
Isabelo sami sokuqala sasise-1st Marine Air Wing, ngaphandle nje kwaseDa Nang. Amadoda angaba ngu-50—empeleni okwakungabafana—ayenomthwalo wemfanelo wokulondoloza izimiso zokuxhumana esikanisweni sezempi. Sasinakekela indawo esuka e-DMZ (demilitarized zone) phakathi kweNyakatho yeVietnam neNingizimu yeVietnam kuya endaweni engamakhilomitha angaba ngu-80 eningizimu yeDa Nang.
Ababaleki babethutheleka eDa Nang, futhi kwakumiswa imijondolo kuyo yonke indawo. Kwakukhona namakhaya amaningi ezintandane. Ukubona izingane ezincane, eziningi ezazigogekile, kwangithinta ekujuleni kwenhliziyo. Kwakungimangaza ukuthi cishe zonke zazingamantombazane noma abafanyana abancane. Kungekudala ngasithola isizathu salokho. Abafana abaneminyaka engu-11 kuya phezulu babelwa empini. Kamuva, ngahlangana nesosha laseVietnam eliselincane, futhi ngalibuza ukuthi lalineminyaka emingaki. Lathi lalineminyaka “eyishumi nane.” Kakade lase lichithe iminyaka emithathu lisempini! Lokho kwangishaqisa. Langikhumbuza umfowethu oneminyaka engu-14 ubudala, ngaphandle nje kokuthi umfowethu wayengenasithakazelo ekubulaleni kodwa wayenesithakazelo kuyi-baseball ye-Little League.
Phakathi nokukhonza kwami ebuthweni lemikhumbi, ngaqala ukuba nemibuzo eyayidinga ukuphendulwa. Ngobunye ubusuku, ngaya esontweni esikanisweni sethu. Umfundisi wezempi ongumKatolika wanikeza intshumayelo ephathelene noJesu, ukuthula, nothando! Kwathi angimemeze kakhulu. Intshumayelo yakhe yayiphambene nakho konke okwakwenzeka lapho. Ngemva kwenkonzo ngambuza ukuthi wayengakuthethelela kanjani ukuba umKristu futhi ngesikhathi esifanayo athethelele ukulwa kulempi. Waphendula wathini? “Private, lena indlela esiyilwela ngayo iNkosi.” Ngaphuma futhi ngazitshela ukuthi angisafuni kuzwa lutho ngesonto.
Lapho isabelo sami sezempi sesiphelile, ngangazi ukuthi nganginenhlanhla ngokuthi ngiyaphila; kodwa ngangikhandleke kakhulu ngokwengqondo nangokomzwelo. Ukuzwa, ukubona, nokuphila phakathi kwempi nokufa nsuku zonke kwashiya isibazi esijulile engqondweni nasenhliziyweni yami esakhula. Ngisho noma kwenzeka eminyakeni engaphezu kwengu-25 edlule, kusekusha enkumbulweni.
Ubunzima Bokuzivumelanisa Nokuphila Emphakathini
Lapho ngiphindela ekhaya, ngaqala ukugxila emsebenzini wami womculo. Ukuphila kwami kwakusesimweni esibucayi—ngangishadile futhi nginomntwana, kodwa ngangisasebenzisa izidakamizwa notshwala kakhulu. Ubuhlobo bami nomkami baba bubi, futhi umphumela kwaba yisehlukaniso. Ngokunokwenzeka lena kwakuyinkathi ecindezela kunazo zonke ekuphileni kwami. Ngaqala ukuzehlukanisa nokuziduduza ngezinto eziseceleni, ngidoba izinhlanzi ezindaweni ezikude zaseMinnesota nase-Upper Michigan.
Ngo-1974, ngathuthela eNashville, eTennessee, ngenhloso yokuthuthukisa umsebenzi wami womculo njengomdlali wesigingci nomculi. Ngangidlala kuma-nightclub amaningi, njalo nginethemba lokuba yingcweti kwezomculo. Kodwa kwakuyinselele enzima—kwakunabadlali besigingci abaningi abanekhono, bonke ababezama ukuba izingcweti.
Nokho, lapho izinto seziqala ukungilungela futhi sengizofinyelela ezingeni lobungcweti, kwenzeka okuthile okwangishaqisa.
Indlela Yokuphila Eyingozi
Ngahamba ngayovakashela umngane wami omdala engangisebenzelana naye ngezidakamizwa. Wavula umnyango ephethe isibhamu sohlobo lwe-12-gauge. Ingxenye yomzimba wakhe yayifakwe ukhonkolo, futhi umlomo wakhe wawuboshwe ngezingcingo ngoba wayephuke umhlathi. Ekhuluma ehlanganise amazinyo, wangitshela okwakwenzekile. Nakuba mina ngangingazi, wayesebenzelana neqembu lezidakamizwa eNashville, futhi kwakulahleke i-cocaine eningi. Izikhulu zabashushumbisi bezidakamizwa zasola yena. Zathumela izigcwelegcwele ukuba zizomshaya. Zamtshela ukuba abuyise i-cocaine noma akhokhe inani layo lokuyishushumbisa elingu-R87 000. Akuzange kusongelwe yena yedwa kodwa umkakhe nomntwana nabo babesengozini. Wangitshela ukuthi kwakungalondekile ukuba ngitholwe nginaye nokuthi kwakungaba ngcono ngihambe. Ngalalela futhi ngahamba.
Lesi senzakalo sangenza ngesaba ngokuphila kwami. Ngingaqaphele, ngase ngiyingxenye yezwe elinobudlova. Iningi labantu engangibazi kwezomculo nezidakamizwa laliphatha izibhamu. Ngangicishe ngathenga isibhamu sohlobo lwe- .38 ukuze ngizivikele. Ngaqaphela ukuthi lapho ngisondela kwezodumo emkhakheni wezomculo, kulapho ukulahlekelwa kwakuzoba kukhulu khona. Ngakho-ke, nganquma ukuhamba eNashville futhi ngangihlela ukuya eBrazil ukuze ngiyofundela umculo waseLatin America.
Imibuzo Eminingi, Izimpendulo Ezimbalwa
Nakuba ngangingayifuni inkolo, nganginesifiso esinamandla sokukhulekela uNkulunkulu. Futhi ngangisenemibuzo edinga izimpendulo. Ngakho ngaqala ukufuna iqiniso. Ngaya emaqenjini amasonto ahlukahlukene angewona amahlelo kodwa angizange ngineliseke. Ngikhumbula elinye isonto engaya kulo eMinnesota. Umfundisi wafushanisa intshumayelo ngoba iqembu likanobhutshuzwayo leMinnesota Vikings lalinomdlalo ngalolo suku. Wasikhuthaza sonke ukuba siye ekhaya futhi sithandazele ukuba kunqobe iVikings! Ngasukuma ngaphuma. Ukucabanga okungenangqondo okuhlobanisa uNkulunkulu nemidlalo engelutho kusangicasula.
Lapho ngisebenza eDuluth, eMinnesota, umngane wami othile washiya umagazini INqabayokulinda endlini yami. Ngafunda ingxoxo yawo kaMathewu isahluko 24, futhi yezwakala iyiqiniso. Yangenza ngazibuza, ‘Bangobani laboFakazi BakaJehova? Ungubani uJehova?’ Angizange ngithole zimpendulo kwaze kwaba ngo-1975. Yena lowo mngane wangishiyela incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakadea kanye neBhayibheli.
Ngalobo busuku ngayifunda lencwadi. Ekupheleni kwesahluko sokuqala, ngangazi ukuthi ngangithole iqiniso. Kwakunjengokungathi kwakususwe isigubuzelo engqondweni yami. Ngayiqeda lencwadi, futhi ngakusasa ngawela umgwaqo ngaya komakhelwane abangoFakazi futhi ngabacela ukuba bafunde nami iBhayibheli.
Ngawayeka amacebo ami okuya eBrazil futhi ngaqala ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Ngosizo lukaJehova, ngayeka izidakamizwa notshwala ngokuphelele, ngemva kokulutheka iminyaka engu-12. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, ngase ngihlanganyela enkonzweni yendlu ngendlu.
Nokho, kwakunenkinga okwakufanele ngibhekane nayo. Ngangingakaze ngibe nomsebenzi ovamile, ngakho umqondo wokusebenza ngesimiso esiqinile wawungathandeki kimi. Manje kwakufanele ngibe umuntu onokwethenjelwa, njengoba uDebi ayesebuyile futhi. Ngangiphola naye ngaphambi kwalokho; kodwa waya ekolishi eyofundela ubuthisha, futhi mina ngangizoba umculi. Manje naye walamukela iqiniso leBhayibheli, futhi saphinde sakhangana. Sashada sase sibhapathizwa njengoFakazi eSault Sainte Marie, e-Ontario, eCanada, ngo-1976. Ngokuhamba kwesikhathi, saba nezingane ezine—abafana abathathu nentombazane.
Ukuze ngondle umkhaya wami, ngavula indawo yomculo futhi ngafundisa i-jazz yokuziqambela nokushaya isigingci. Ngavula nendawo encane yokuqopha futhi ngezinye izikhathi ngangidlala kuma-nightclub. Khona-ke, ngokumangalisayo, kwavuleka amathuba okuba ngibuyele kwezodumo emculweni. Nganikezwa amathuba kathathu okuba ngidlalele abaculi abadumile abaqopha izingoma. Kwakuyithuba elikhulu—eqinisweni, elesithathu eminyakeni emibili. Nganikezwa ithuba lokuya eLos Angeles, eCalifornia, ngiyodlala neqembu elidumile le-jazz. Kodwa ngangazi ukuthi kwakuyosho ukubuyela ekuhambeni kakhulu, amakhonsathi, nezikhathi zokuqopha. Ngacabanga ngaleli thuba okwesikhashana futhi ngenhlonipho ngathi, “Cha ngiyabonga.” Ukukhumbula nje isikhathi esidlule sokuphila kwami ngezidakamizwa, utshwala, nokuba sengozini yezigebengu kwangenza ngaqaphela ukuthi kwakungafanele. Ukuphila kwami okusha kobuKristu nomkami nabantwana bami kwakubaluleke kakhulu kimi.
Eminyakeni eminingi ngasebenza njengonjiniyela wokusakaza wezinhlelo zemfundo nezezindaba ezazivezwa kuthelevishini ye-PBS (Public Broadcasting Service). Emsebenzini wami wamanje, ngixhumanisa isimiso sokuxhumana ngama-video eHopi Reservation esiphethwe iyunivesithi ethile enyakatho ye-Arizona.
Ukubuyela Kwabakithi
Sekudlule iminyaka engu-20 selokhu ngazinikezela kuJehova uNkulunkulu. Futhi sekuphele iminyaka engu-20 ngijabula emshadweni wami. UDebi, indodana yethu uDylan, eneminyaka engu-19 ubudala, nendodakazi yethu, uLeslie, eneminyaka engu-16 ubudala, bonke basenkonzweni yesikhathi esigcwele. Eqinisweni, uDylan usekhonza esikhungweni sokunyathelisa futhi esiyipulazi se-Watchtower Society eWallkill, eNew York. Amadodana ethu amabili amancane, uCasey, oneminyaka engu-12, noMarshall, oneminyaka engu-14, bazinikezela kuJehova futhi babhapathizwa muva nje.
Eminyakeni emithathu edlule samukela isimemo sokuthuthela lapho kunendingeko enkulu yabashumayeli abangamaKristu futhi sathuthela eKeams Canyon, e-Arizona, sizokhonza phakathi kwamaNdiya angamaNavajo namaHopi. Ngingumdala ebandleni. Kuyinjabulo ukuphinde ngihlale namaMelika Omdabu. Ngenxa yokwehluka kwezimo zempucuko nokuphila kulendawo kulokho kwasezindaweni zasemadolobheni ezivamile zaseMelika, sinomuzwa wokuthi sisemsebenzini wezithunywa zevangeli. Sashiya ikhaya elihle, elinethezekile ukuze sizohlala kumahamba-nendlwana omncane—siyisithupha. Ukuphila lapha kunzima. Amakhaya amaningi awanawo amapayipi amanzi ezindlini, ngaphandle kwezindlu zangasese ezingaphandle. Eminye imikhaya ihamba ibanga elide ebusika ukuze nje iyotheza izinkuni namalahle. Amanzi akhiwa emithonjeni yomphakathi. Imigwaqo eminingi iwubhuqu futhi ayikho ebalazweni. Njengengane kulesi sabelo, ngakwamukela konke lokho. Manje, mina nomkhaya wami siyaqaphela ukuthi kudingeka ukuzikhandla namandla kangakanani ukwenza nje imisebenzi edingekile yokuphila kwansuku zonke.
Nakuba amaNdiya ezibusa kulezi zabelo, asabhekene nezinkinga ezifanayo ezikhathaza bonke ohulumeni—izimpi zombango, ubandlululo, ukuntuleka kwemali, ukukhwabanisa, ngisho nobugebengu bezikhulu nabaholi bawo. AmaNdiya abhekene nohlupho lokudakwa, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukuntuleka kwemisebenzi, ukuxhashazwa ekhaya, nezinkinga zomshado nezomkhaya. Amanye asabeka abamhlophe icala ngenxa yesimo sawo samanje, kodwa abamhlophe banezinkinga ezifanayo. Nokho, naphezu kokucindezelwa abomkhaya, abangane, namalungu esizwe, amaMelika Omdabu amaningi ayasabela emsebenzini wokufundisa ngeBhayibheli woFakazi BakaJehova. Ayaqaphela ukuthi ubungane noNkulunkulu bubaluleke ngaphezu kwanoma yini. Amaningi ahamba amakhilomitha angaphezu kwangu-120 lapho eya emihlanganweni yobuKristu nalapho ebuya. Siyajabula ngokuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu namaNavajo namaHopi.
Ngibheke phambili osukwini lapho ukubusa kukaJehova ‘kuyochitha labo abachitha umhlaba’ futhi sonke isintu esilalelayo siyophila ndawonye ngokuthula nangokuzwana njengomkhaya owodwa onobunye. Khona-ke ukuphila kuyoba ngendlela engangifisa ngayo ngisengumfana ongumChippewa eCanada. (IsAmbulo 11:18; 21:1-4)—Njengoba ilandiswa uBurton McKerchie.
[Umbhalo waphansi]
a Eyanyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.; manje ayisanyatheliswa.
[Isithombe ekhasini 13]
Ngangifuna izimpendulo zemibuzo enganginayo ngoNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 15]
Ngenhla: Umkhaya wami, kanti ngakwesobunxele, umngane ongumNavajo
Ngezansi: Umahamba-nendlwana wethu eduze neHholo LoMbuso