Igama LikaNkulunkulu Laguqula Ukuphila Kwami!
Njengoba Ilandiswa Ngusandy Yazzie Tsosie
NJENGOBA sasizama ukucasha, mina nawodadewethu sasigigitheka sishayana ngaphansi kombhede lapho amaMormon engqongqoza ekhaya.a Ekugcineni ngavula umnyango, ngawatshela ngokweyisa ukuthi singamaNavajo omdabu futhi sasingafuni ukuba asitshele ngenkolo yabelungu.
Abazali bethu babesaye emakethe beyothenga. Babezobuya ekushoneni kwelanga. Lapho befika bezwa ukuthi ngangiphathe amaMormon ngokweyisa. Bangikhuza bethi kwakungafanele ngilokothe ngidelele abanye abantu. Safundiswa ukuphatha abantu ngenhlonipho nangomusa. Ngikhumbula mhla kufika isivakashi esasingalindelwe. Abazali bami babepheke ukudla ngaphandle. Ngomusa baphakela isivakashi sadla kuqala, thina-ke sadla kamuva.
Ukuphila Kwasekamu
Sasihlala eHowell Mesa, e-Arizona, amakhilomitha angu-14 ngasenyakatho-ntshonalanga yekamu lamaNdiya angamaHopi, kude namadolobha aminyene. Le ndawo iseningizimu-ntshonalanga ye-United States, lapho kunogwadule oluhle khona, olunamagquma angavamile esihlabathi esibomvu. Kunamathafa amaningi aphakeme anamawa. Silapha, sasikwazi ukubona izimvu zasekhaya ziklabile ebangeni elingamakhilomitha angu-8. Ngangikuthanda kakhulu ukuthula kwale ndawo, izwe lakithi lendabuko!
Lapho sengifunda esikoleni esiphakeme, ngasondelana kakhulu nabazala ababesekela i-American Indian Movement (AIM).b Ngangiziqhenya ngokuba umMelika Womdabu futhi ngangibatshela abelungu indlela engizizwa ngayo ngokucindezelwa amashumi eminyaka, engangikholelwa ukuthi kwakubangelwa i-Bureau of Indian Affairs (BIA). Ngokungafani nabazala bami, ngangingayivezi obala inzondo yami. Ngangiyigcina iyimfihlo enhliziyweni. Lokho kwangenza ngazonda wonke umuntu oneBhayibheli.
Ngangicabanga ukuthi abelungu babewathola eBhayibhelini amandla okusiphuca izwe lakithi namalungelo ethu kanye nenkululeko yethu yokuqhuba amasiko ethu angcwele! Ngaze ngakhohlisa nangokuzama ukubhala isignesha kababa ukuze ngiphume emikhosini yenkolo yamaProthestani namaKatolika esasiphoqelelwa ngayo ukuya esontweni ngesikhathi ngisafunda esikoleni engangihlala kuso. Lezo zikole zazihloselwe ukusibamba zisenze sikhohlwe amasiko ethu obuNdiya. Sasingavunyelwe ngisho nokukhuluma ulimi lwakithi.
Sasiyihlonipha kakhulu imvelo nendawo esizungezile. Njalo ekuseni sasibheka empumalanga, sithandaze, bese sibonga ngokusakaza impova kakolweni engcwele.c Lena indlela engaqeqeshwa ngayo ekukhulekeleni kwamaNavajo, futhi ngayamukela ngenhliziyo yonke nangokuziqhenya. Umqondo weLobukholwa wokuya ezulwini wawungangikhangi, futhi ngangingakholelwa ekuhlushweni ngomlilo esihogweni. Nganginesifiso esikhulu sokuphila emhlabeni.
Phakathi namaholide esikole ngangikujabulela ukuba nomkhaya wakithi obumbene. Ukuhlanza iqhugwane—umuzi wethu wesiNavajo—ukwaluka nokwalusa izimvu kwakuwumsebenzi wami wansuku zonke. Sekungamakhulu eminyaka thina maNavajo singabafuyi bezimvu. Njalo lapho ngihlanza iqhugwane (bheka isithombe ngezansi), ngangibona incwadi encane ebomvu eyayinencwadi yeBhayibheli yamaHubo nezincwadi ezimbalwa ‘zeTestamente Elisha.’ Ngangiyisusa phambi kwami, ngingenandaba nokuthi ithini. Kodwa angizange ngiyilahle.
Umshado—Ukukhohliswa Nokusanguluka
Ngemva kokuphothula esikoleni esiphakeme, ngahlela ukuya esikoleni sokufundela umsebenzi wezandla e-Albuquerque, eNew Mexico. Kodwa ngahlangana nowayezoba ngumyeni wami ngaphambi kokuba ngihambe. Ngaphindela ekamu lamaNavajo, esilibiza ngokuthi iRez, sayoshada. Kwase kuyiminyaka eminingi abazali bami beshadile. Ngangifuna ukulandela izinyathelo zabo, ngakho ngashada. Ngangikuthanda ukunakekela ikhaya futhi ngikujabulela ukuphila kwasekhaya, ikakhulukazi ngemva kokuzalwa kwendodana yethu, uLionel. Mina nomyeni wami sasijabule kakhulu—kwaze kwaba ngolunye usuku mhla ngizwa izindaba ezibuhlungu!
Umyeni wami wayethandana nowesifazane othile! Ukungathembeki kwakhe kwawuqeda nyá umshado wethu. Ngacindezeleka futhi ngamzonda kakhulu. Ngangifuna ukuziphindiselela! Kodwa phakathi nokuthethwa kwecala lokuwinwa kwendodana yethu nesondlo, ngadumala, ngazizwa ngingelutho futhi ngingenathemba. Ngangivame ukugijima ibanga elide ukuze ngiqede usizi. Ngangikhala kalula nje futhi ngibe nenhliziyo emnyama. Ngangizizwa ngilahliwe.
Ngemva kwesikhathi esithile, ngathandana nendoda eyayinezinkinga zomshado ezifanayo. Sobabili sasisebuhlungwini. Yangizwela futhi yanginikeza ukusekela ngokomzwelo engangikudinga. Ngayitshela imicabango nemizwa yami esekujuleni kwenhliziyo ngokuphila. Yalalela, okwangibonisa ukuthi yayingikhathalela. Senza amalungiselelo omshado.
Ngabe sengithola ukuthi nayo yayingathembekile! Nakuba kwakunzima futhi kubuhlungu, ngabuqeda ubuhlobo bethu. Ngazizwa ngilahliwe futhi ngicindezeleke kakhulu. Ngathukuthela kakhulu, ngifuna ukuziphindiselela nokuzibulala. Ngazama ukuzibulala kabili. Ngangingasakufuni ukuphila.
Ukuzwa NgoNkulunkulu Weqiniso Ngokokuqala Ngqá
Ngangikhala izinyembezi lapho ngithandaza kuNkulunkulu engangingamazi. Kodwa, ngangikholelwa ukuthi kunoMuntu oPhezukonke owayedale yonke indawo emangalisayo. Ukushona kwelanga okuhle kwakungihlaba umxhwele futhi ngangizindla ngendlela lowo Muntu amangalisa ngayo ngokusivumela ukuba sijabulele lezi zimangaliso. Ngaqala ukumthanda lowo muntu engangingamazi. Ngaqala ukuthi kuye: “Nkulunkulu, uma ukhona ngempela, ngisize, nginike isiqondiso, ungenze ngijabule futhi.”
Umkhaya wakithi wawukhathazekile, ikakhulukazi ubaba. Abazali bami bafuna izinyanga ukuba zizongelapha. Ubaba wathi inyanga enolwazi ngeke ifune mali, futhi yayizofeza ekushoyo. Ukuze ngijabulise abazali bami, ngaya kaningana emikhosini yenkolo yeNavajo Blessing Way.
Ngachitha izinsuku eziningi ngiseqhugwaneni nginomsakazo kuphela. Ngokunengeka ngalalela umfundisi engiqalekisa ngoba ngangingamamukelanga uJesu enhliziyweni yami. Ngacasuka! Ngangingasayifuni inkolo yabelungu ngisho nenkolo yakithi! Nganquma ukuzifunela uNkulunkulu ngendlela yami.
Ngesikhathi ngihlala ngedwa ngaphinde ngabona leya ncwadi encane ebomvu. Ngathola ukuthi yayiyingxenye yeBhayibheli. Ngokufunda amaHubo, ngafunda ngokuhlupheka nokucindezeleka kweNkosi uDavide, futhi ngaduduzeka. (IHubo 38:1-22; 51:1-19) Nokho, ngenxa yokuqhosha, ngakulahla ngokushesha konke engangikufunda. Ngangingeke ngamukele inkolo yabelungu.
Nakuba ngangicindezelekile, ngangiyinakekela kahle indodana yami. Yaba umthombo wesikhuthazo kimi. Ngaqala ukubuka izinhlelo ze-TV zenkolo ezazithandazela abantu. Ngathatha ucingo ngashayela inombolo yamahhala eno-800 ngifuna usizo. Ngaluvala ucingo lapho ngitshelwa ukuba ngenze isifungo sokukhokha u-R350 noma u-R700!
Ukuqulwa kwecala lesehlukaniso kwangicindezela, ikakhulukazi lapho ngibona umyeni wami ekhohlisa ijaji lesizwe. Kwathatha isikhathi eside ukuqeda ezesehlukaniso sethu ngenxa yombango wokuthi ubani owayezowina indodana yethu. Kodwa ngawina. Ubaba wangisekela ngothando ethule phakathi nokuqulwa kwecala. Wayebona ukuthi ngilimele kakhulu.
Ukuhlangana NoFakazi BakaJehova Ngokokuqala Ngqá
Nganquma ukuthatha usuku ngalunye ngesikhathi. Ngesinye isikhathi ngabona umkhaya wamaNavajo uxoxa nomakhelwane bami. Ngabalunguza ngizifihlile. Lezi zivakashi zazenza umsebenzi othile wendlu ngendlu. Zafika nakwami. USandra, ongumNavajo, wazichaza njengomunye woFakazi BakaJehova. Igama elithi Jehova langikhanga ngaphezu kwakho konke okunye. Ngabuza: “Ungubani uJehova? Kumelwe ukuba niyinkolo entsha. Kungani ngingalifundiswanga igama likaNkulunkulu esontweni?”
Wavula iBhayibheli lakhe kumaHubo 83:18, athi: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Wachaza ukuthi uNkulunkulu unegama nokuthi iNdodana yakhe, uJesu Kristu, yayingufakazi kaJehova. Wacela ukungifundisa ngoJehova noJesu wayesengishiyela incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade.d Ngokujabula, ngathi: “Yebo. Ngingathanda ukuzama le nkolo entsha!”
Ngayiqeda ngobusuku obubodwa le ncwadi. Yayiqukethe izinto ezintsha futhi ezihlukile. Yachaza ukuthi ukuphila kunenjongo, futhi yilokho kanye engangikudinga ukuze ngivuselele ugqozi lwami ngokuphila. Ngaqala ukutadisha iBhayibheli, futhi ngajabula lapho imibuzo yami eminingi iphendulwa ngeBhayibheli. Ngangikukholelwa konke engangikufunda. Kwakunengqondo, ngakho kwakumelwe kube yiqiniso!
Ngaqala ukufundisa uLionel iqiniso leBhayibheli lapho eseneminyaka eyisithupha ubudala. Sasithandaza ndawonye. Sasikhuthazana ngeqiniso lokuthi uJehova uyakhathalela nokuthi kwakufanele simethembe. Ngezinye izikhathi ngangizithola ngingenawo amandla okukhuthazela. Kodwa ukunganga kwakhe ngezingadlwana, kanye namagama aqinisekisayo athi, “Ungakhali Mama, uJehova uzosinakekela,” kwakwenza umehluko omkhulu. Yeka indlela lokho okwangiduduza ngayo futhi kwangenza ngazimisela ukuqhubeka ngitadisha iBhayibheli! Ngangithandazela isiqondiso ngingaphezi.
Umphumela Wemihlangano YobuKristu
Ukwazisa kwethu uJehova kwakusishukumisela ukuba sihambe amakhilomitha angu-240 ukuya nokubuya siya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eTuba City. Sasiba khona kabili ngesonto ehlobo kanye nosuku lonke ngeSonto phakathi nezikhathi zasebusika ngenxa yesimo sezulu esibi. Ngesinye isikhathi lapho imoto yethu iphuka, sacela ukugitsheliswa silibangise eHholo LoMbuso. Kwakukhathaza ukushayela ibanga elide, kodwa amazwi kaLionel okuthi akufanele siphuthe emihlanganweni ngaphandle kwalapho sifa kwagcizelela kimina ukubaluleka kokungayithathi kalula imfundiso kaJehova engokomoya.
Emihlanganweni ngangivele ngikhale uma sihlabelela izingoma zoMbuso ezigcizelela ukuphila phakade ngaphandle kwezinsizi zokuphila. Ngathola induduzo nesikhuthazo koFakazi BakaJehova. Babonisa umoya wokungenisa izihambi ngokusimemela emizini yabo ekudleni kwasemini neziphuzo, futhi sasihlanganyela ezifundweni zeBhayibheli nemikhaya yabo. Babonisa isithakazelo kithi futhi balalela. Ikakhulukazi abadala, bafeza indima ebalulekile yokuzwelana nathi nokusiqinisekisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyakhathalela. Ngajabula ngokuba nabangane bangempela. Babengenza ngiqabuleke futhi baze bakhale nami lapho nginomuzwa wokuthi angisenawo amandla okuqhubeka.—Mathewu 11:28-30.
Izinqumo Ezimbili Ezibalulekile
Lapho nje sengizizwa nganelisekile ngamalungiselelo kaJehova, isoka lami labuya lifuna ukulungisa izindaba. Ngangisalithanda ngakho kwaba nzima ukwenqaba lapho linxusa. Sahlela ukushada. Ngangicabanga ukuthi iqiniso lalizolishintsha. Lelo kwakuyiphutha elikhulu ekuphileni kwami! Ngaphelelwa yinjabulo. Unembeza wami wangikhathaza kakhulu. Ngadumala kakhulu ngoba lalingalifuni iqiniso.
Ngaxoxa nomunye wabadala. Wabonisana nami ngemiBhalo wayesethandaza kanye nami ngesinqumo sami. Ngaphetha ngokuthi uJehova wayengeke angilimaze noma angizwise ubuhlungu kodwa abantu abangaphelele ababengenza lokho, kungakhathaliseki indlela esibathanda ngayo. Eqinisweni, ngafunda ukuthi akukho ukulondeka okulethwa umshado wesiko. Ngenza isinqumo. Kwakunzima kakhulu futhi kubuhlungu ukuqeda lobu buhlobo. Nakuba kwakusho ukuhlupheka ngokwezimali, kwadingeka ngithembele kuJehova ngenhliziyo yami yonke.
Ngangimthanda uJehova futhi nganquma ukumkhonza. Ngo-May 19, 1984, ngabonisa ukuthi nginikezele ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi. Indodana yami, uLionel, nayo inguFakazi KaJehova obhapathiziwe. Umkhaya wakithi nomyeni wami wangaphambili basishushisa kakhulu, kodwa saqhubeka sincike kuJehova. Akazange asidumaze. Abakithi basiyeka futhi bamukela indlela yethu yokuphila ngemva kweminyaka engu-11.
Ngiyabathanda kakhulu, futhi engikufisayo nje ukuba banike uJehova ithuba ukuze nabo bajabule. Ubaba, owangibona ngicindezelekile futhi ngisengcupheni yokuzibulala, wangivikela ngesibindi. Wajabula lapho engibona ngijabule futhi. Ngathola ukuthi ukuthandaza kuJehova, ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kuwusizo kakhulu ekululameni.
Ithemba Lesikhathi Esizayo
Ngibheke phambili esikhathini lapho zonke izinsalela zokuhlupheka, ukungapheleli, amanga nenzondo ziyobe zingasekho nhlobo. Cabanga ngezwe lakithi lamaNavajo liqhakaza uhlaza olungabuni, kunezihlahla zamapetshisi namabhilikosi ezake zaba khona kule ndawo. Ngeso lengqondo, ngibona izizwe zijabulela ukuhlanganyela ekushintsheni izindawo zazo eziwugwadule zibe yipharadesi elihle eliniselwa yimifula nemvula. Ngibona sihlanganyela izwe lethu nomakhelwane abangamaHopi kanye nezinye izizwe esikhundleni sokuba yizimbangi njengoba bekunjalo emlandweni muva nje. Ngiyaqaphela manje ukuthi iZwi likaNkulunkulu lizihlanganisa kanjani zonke izinhlanga, izizwe namaqembu. Esikhathini esizayo, ngiyobona imikhaya nabangane behlanganiswa nabathandekayo babo abafile ovukweni. Kuyoba yisikhathi senjabulo enkulu ngethemba lokuphila phakade. Kunzima ukukholelwa ukuthi bakhona abangeke bathande ukufunda ngaleli themba elimangalisayo.
Ukwanda Okungokwasezulwini Ezweni LamaNavajo
Kuye kwajabulisa kakhulu ukubona iHholo LoMbuso eTuba City nokubona ukwanda kwamabandla akithi amane emakamu amaNavajo namaHopie—eChinle, eKayenta, eTuba City naseKeams Canyon. Lapho ngiqala ukubhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngo-1983, ngangicabanga nje ukuthi ngolunye usuku siyoqhutshwa ngesiNavajo. Akuseyona into engiyicabangayo nje. Kusukela ngo-1998, isikole siye saqhutshwa ngolimi lwesiNavajo.
Ukutshela abanye ukuthi uNkulunkulu unegama kuye kwaletha izibusiso ezingapheli. Ukukwazi ukufunda nokuhlanganyela nabanye ngolimi lwethu lwendabuko amazwi aqinisa ukholo atholakala ezincwajaneni ezithi Nihookáá’gi Hooláágóó liná Bahózhoóodoo! (Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!), Ha’át’fíísh éí God Nihá yee Hool’a’? (Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?), neyamuva ethi Ni Éí God Bik’is Dííleelgo Át’é! (Ungaba Umngane KaNkulunkulu!) akuchazeki. Ngibonga isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo ngokuhola emsebenzini wokufundisa iBhayibheli ukuze kuzuze zonke izizwe nezinhlanga nezilimi, kuhlanganise namaNavajo, amaDiné.—Mathewu 24:45-47.
Ngisebenza isikhathi esigcwele ukuze ngizinakekele kodwa ngijabulela inkonzo yobuphayona obusizayo njalo. Ngiyakwazisa ukuthi angishadile futhi nginesifiso sokukhonza uJehova ngaphandle kweziphazamiso. Kuyanganelisa ukutshela abantu bakithi kanye nabanye, ikakhulukazi labo abangenathemba, ukuthi “uJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.”—IHubo 34:18.
Angisenawo umuzwa wokuthi iBhayibheli liyinkolo yabelungu. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lingelabo bonke abafisa ukulifunda bese benza lokho elikushoyo. Lapho oFakazi BakaJehova bekuvakashela, bavumele bakubonise indlela yokujabula ngempela. Bayobe bekuphathele izindaba ezinhle zegama likaNkulunkulu, uJehova, igama elashintsha ukuphila kwami! “Aoo,’ Diyin God bízhi’ Jiihóvah wolyé.” (“Yebo, igama likaNkulunkulu nguJehova.”)
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe ngenkolo yamaMormon, bheka i-Phaphama! ka-November 8, 1995.
b I-AIM yinhlangano yamalungelo omphakathi eyasungulwa umMelika Womdabu ngo-1968. Ngokuvamile igxeka obala i-BIA, okuyinhlangano kahulumeni eyasungulwa ngo-1824, ifuna ukuba ithuthukise inhlala-kahle yamaNdiya ezweni. I-BIA yayivame ukunikeza abangewona amaNdiya ilungelo lokuthola amaminerali, amanzi namanye amalungelo emakamu abomdabu.—World Book Encyclopedia.
c Impova ibhekwa njengento engcwele futhi isetshenziswa emithandazweni nasemicikilishweni, efuzisela ukuphila nokuvuselelwa. AmaNavajo akholelwa ukuthi umzimba uba ngcwele uma umuntu ehamba endleleni evuvuzelwe ngempova.—The Encyclopedia of Native American Religions.
d Yanyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
e Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka uchungechunge oluthi “AmaNdiya AseMelika—Liyini Ikusasa Lawo?” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1996.
[Isithombe ekhasini 21]
Iqhugwane elivamile lamaNavajo
[Isithombe ekhasini 21]
Nginendodana yami, uLionel
[Isithombe ekhasini 23]
Sinabangane baseRussia emhlanganweni wezizwe eMoscow ngo-1993
[Isithombe ekhasini 24]
Nginomkhaya wakithi ongokomoya eBandleni LaseKayenta, e-Arizona