Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 1/22 k. 7-k. 9 isig. 9
  • Ukuvumelana Nezimo, Kodwa Sibambelele Ezindinganisweni Zaphezulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvumelana Nezimo, Kodwa Sibambelele Ezindinganisweni Zaphezulu
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMdali—Isibonelo Sethu Esiphambili
  • Ziqinile, Kodwa Zivumelana Nezimo
  • Ugibe Lokubekezela Ngokweqile
  • Ubuhlobo Obuqinile NoJehova
  • Izikhathi Ziyashintsha
  • Ukubekezela—Ukusuka Ohlangothini Olweqisayo Ukuya Kolunye
    I-Phaphama!—1997
  • Ukubekezelelana—Lingasiza Yini IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ukubekezelelana
    I-Phaphama!—2015
  • Ukulinganisela Okufanele Kungenza Ukuphila Kwakho Kujabulise
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 1/22 k. 7-k. 9 isig. 9

Ukuvumelana Nezimo, Kodwa Sibambelele Ezindinganisweni Zaphezulu

“ABANTU ababekezelayo abazona iziwula, futhi abantu abayiziwula ababekezeli,” kusho isaga sesiShayina. Leso saga sineqiniso, njengoba ukubekezela kuyinselele, kudinga ukubambelela ezindinganisweni ezifanele zokuziphatha. Kodwa yiziphi izindinganiso okufanele sibambelele kuzo? Ingabe bekungeke kube nengqondo ukulandela izindinganiso ezabekwa uMenzi wesintu, njengoba zichazwe eZwini lakhe, iBhayibheli Elingcwele? UNkulunkulu ngokwakhe ubeka isibonelo esihle kunazo zonke sokubambelela ezindinganisweni zakhe.

UMdali—Isibonelo Sethu Esiphambili

UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, ubekezela ngendlela efanele, akabekezeli ngokweqile noma kancane kakhulu. Sekuyizinkulungwane zeminyaka ebekezelele labo abahlambalaza igama lakhe, abonakalisa isintu nabawusebenzisa kabi umhlaba. Umphostoli uPawulu wabhala, njengoba kulotshwe kweyabaseRoma 9:22, ukuthi uNkulunkulu ‘wazibekezelela ngokubhekakade okukhulu izitsha zolaka ezenziwe zafanelwa ukubhujiswa.’ Kungani uNkulunkulu eye wabekezela isikhathi eside kangaka? Ngoba ukubekezela kwakhe kunenjongo.

UNkulunkulu uyasibekezelela isintu “ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) UMdali uye wanikeza isintu iBhayibheli futhi uye wathuma izinceku zakhe ukuba zazise ngezindinganiso zakhe zokuziphatha kuyo yonke indawo. AmaKristu eqiniso abambelela kulezi zindinganiso. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi izinceku zikaNkulunkulu kufanele zibe lukhuni kuzo zonke izimo?

Ziqinile, Kodwa Zivumelana Nezimo

UJesu Kristu wakhuthaza labo abafuna ukuphila okuphakade ukuba ‘bangene ngesango eliwumngcingo.’ Kodwa ukungena ngesango eliwumngcingo akusho ukuba nomqondo ovalekile. Uma sithambekele ekubuseni noma ekuqiniseni ikhanda lapho sinabanye, ngokuqinisekile bekuyokwenza ukuphila kwabo bonke kujabulise uma sikuyeka lokhu kuthambekela. Kodwa kanjani?—Mathewu 7:13; 1 Petru 4:15.

UTheofano, ongumfundi ongumGreki owachaza ukuthi ukuchitha isikhathi nabantu bezizinda ezihlukahlukene kwamsiza ukuba abaqonde kangcono, wathi: “Kubalulekile ukuba sizame indlela yabo yokucabanga kunokuba sibaphoqelele ukuba basebenzise eyethu.” Ngakho, ngokumazi kangcono umuntu, singase sithole ukuthi ukudla akuthandayo ngisho nendlela yakhe yokuphimisa amagama ayiyimbi njengoba kade sicabanga. Esikhundleni sokuba njalo sikhulume kakhulu noma siphikelele ukuze kuphethe thina, sifunda izinto eziningi eziwusizo ngokulalela umbono wakhe. Ngempela, abantu abanomqondo ovulekile bazuza okuningi ekuphileni.

Lapho kuhileleke ukuzikhethela komuntu siqu, kufanele sivumelane nezimo futhi sivumele abanye bazikhethele abakuthandayo. Kodwa lapho ukuziphatha kuhilela ukulalela uMdali wethu, kumelwe siqine. UNkulunkulu uMninimandla onke akazivuni zonke izinhlobo zokuziphatha. Lokhu wakubonisa ngokusebenzelana nezinceku zakhe esikhathini esidlule.

Ugibe Lokubekezela Ngokweqile

U-Eli, umpristi ophakeme wesizwe sasendulo sakwa-Israyeli, wayeyinceku kaNkulunkulu eyabanjwa ugibe lokubekezela ngokweqile. Ama-Israyeli ayesebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu, avuma ukulalela imithetho yakhe. Kodwa amadodana amabili ka-Eli, uHofini noFinehasi, ayehaha, eziphethe kabi futhi engamhloniphi neze uMninimandla onke. Nakuba u-Eli ayewazi kahle uMthetho kaNkulunkulu, wayewakhuza ngendlela yokugcina icala nje futhi wayeyekelela kakhulu engawajezisi. Wenza iphutha ngokucabanga ukuthi uNkulunkulu wayeyobubekezelela ububi. UMdali wenza umehluko phakathi kobuthakathaka nobubi. Ngenxa yokwaphula ngamabomu uMthetho kaNkulunkulu, amadodana ka-Eli amabi ajeziswa kanzima—futhi kwakufanele.—1 Samuweli 2:12-17, 22-25; 3:11-14; 4:17.

Yeka ukuthi bekungaba inhlekelele kanjani uma sibekezela ngokweqile emkhayeni wethu ngokushaya indiva izenzo ezimbi ngokuphindaphindiwe zabantwana bethu! Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubakhulisa “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova”! Lokhu kusho ukuthi thina ngokwethu kufanele sinamathele ezindinganisweni zaphezulu zokuziphatha bese sizigxilisa kubantwana bethu.—Efesu 6:4.

Ngokufanayo, ibandla lobuKristu ngeke libubekezelele ububi. Uma ilungu lenza ububi obungathi sína futhi lenqaba ukuphenduka, kumelwe lisuswe. (1 Korinte 5:9-13) Nokho, ngaphandle komkhaya nebandla, amaKristu eqiniso awazami ukushintsha umphakathi wonkana.

Ubuhlobo Obuqinile NoJehova

Ukungabekezeli kubangelwa ukukhathazeka. Nokho, uma sinobuhlobo obuqinile bomuntu siqu noNkulunkulu, sijabulela umuzwa wokulondeka osisiza ukuba sibe nokulinganisela okufanele. KuzAga 18:10 siyafunda: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” Ngokuqinisekile akukho ukulimala okungasehlela noma okungehlela abathandekayo bethu uMdali angeke akususe ngesikhathi sakhe esifanele.

Umuntu owazuza kakhulu ebuhlotsheni obuseduze noNkulunkulu kwakungumphostoli uPawulu. NjengomJuda owayaziwa ngokuthi uSawulu, washushisa abalandeli bakaJesu Kristu futhi wayenecala legazi. Kodwa uSawulu ngokwakhe waba umKristu, futhi njengomphostoli uPawulu, kamuva wahlanganyela ekushumayeleni ivangeli isikhathi esigcwele. UPawulu wabonisa ukuba nomqondo ovulekile lapho eshumayela kubo bonke abantu, “kumaGreki nasemaQabeni, kokubili kwabahlakaniphile nakwabangenangqondo.”—Roma 1:14, 15; IzEnzo 8:1-3.

Washintsha kanjani? Ngokuzuza ulwazi olunembile lwemiBhalo nangokukhula othandweni ngoMdali, ongakhethi. UPawulu wafunda ukuthi uNkulunkulu ulungile ngenxa yokuthi wahlulela umuntu ngamunye, hhayi ngokwesiko noma uhlanga, kodwa ngokwalokho ayikho nakwenzayo. Yebo, izenzo zibalulekile kuNkulunkulu. UPetru waphawula ukuthi “uNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) UNkulunkulu uMninimandla onke akabandlululi. Lokhu akufani nabanye abaholi bezwe, abangase basebenzise ukungabekezeli ukuze bafeze izinjongo zabo.

Izikhathi Ziyashintsha

NgokukaJohn Gray, wase-Oxford University eNgilandi, ukubekezela “kuyimfanelo esiyivelakancane muva nje.” Kodwa lokhu kuzoshintsha. Kuzovama ukubekezela okuhambisana nokuhlakanipha kwaphezulu.

Ezweni elisha likaNkulunkulu eliseduze, ukungabekezeli ngeke kube khona. Izinhlobo ezidlulele zokungabekezeli, njengobandlululo nokuba ntamo lukhuni, ziyobe zingasekho. Ukuba nomqondo ovalekile ngeke kusasincisha injabulo ekuphileni. Khona-ke, kuyoba khona ipharadesi elihle ngaphezu kwelake laba khona eVale of Kashmir.—Isaya 65:17, 21-25.

Ingabe uyakulangazelela ukuphila kulelozwe elisha? Yeka ilungelo okuyilo nendlela okuyojabulisa ngayo!

[Isithombe ekhasini 8]

Umphostoli uPawulu wabonisa ukulinganisela okufanele ngoba wayenobuhlobo noNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela