Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Kufanele Ngisivume Isono Sami?
“Ngizizwa nginamahloni, angazi ukuthi ngenzenjani. Ngifuna ukutshela abazali bami, kodwa nginamahloni ngempela.”—ULisa.a
WABHALA kanjalo owesifazane othile osemusha okhungathekile. Kwase kuyiminyaka embalwa ethandana nomuntu ongakholwa kwaze kwathi ngolunye usuku ephuzile, waba nobuhlobo bobulili naye.
Ngokudabukisayo, izinto ezinjalo ziyenzeka ngezikhathi ezithile, ngisho naphakathi kwentsha engamaKristu. Lapho sisebancane futhi singenakho okuhlangenwe nakho, kulapho singase senze khona amaphutha amaningi. Kodwa ukwenza iphutha elincane kuhluke ngokuphelele ekuhilelekeni esonweni esingathi sína, njengokuziphatha okubi ngokobulili. (1 Korinte 6:9, 10) Uma lokho kwenzeka, osemusha kudingeka athole usizo. Inkinga iwukuthi akulula ukuba umuntu avume amaphutha akhe.
Intombazane ethile engumKristu yahileleka ebuhlotsheni bobulili ngaphambi komshado. Yanquma ukuvuma isono kubadala bebandla lakubo, yaze yabeka ngisho nosuku lokwenza kanjalo. Kodwa yahlehlisa. Kamuva, yaphinde yaluhlehlisa lolo suku. Ngokushesha, kwase kudlule unyaka wonke!
“Akukho Lutho Olufihliwe”
Uma uye wahileleka esonweni esingathi sína, kudingeka uqaphele ukuthi ukuthula akukhona neze ukuhlakanipha. Phela, ngokuvamile iqiniso liyavela. Lapho esemncane, uMark waphula umhlobiso wobumba wasodongeni. Uyakhumbula: “Ngazama ukuwuhlanganisa ngenhlaka ngokucophelela, kodwa kungekudala abazali bami bayibona imifantu.” Yiqiniso, awuseyona ingane. Kodwa abazali abaningi bayakwazi ukubona uma kukhona okungalungile ezinganeni zabo.
“Ngazama ukufihla izinkinga zami ngokuqamba amanga,” kuvuma u-Ann oneminyaka engu-15 ubudala, “kodwa isimo sagcina sisibi nakakhulu.” Ngokuvamile, amanga ayadalulwa. Futhi lapho abazali bakho bethola ukuthi uqambe amanga, cishe bayophatheka kabi—bayophatheka kabi kakhulu kunokuba bekuyoba njalo ukube ukhulumé iqiniso zisuka nje.
Okubaluleke ngisho nakakhulu, iBhayibheli lithi: “Akukho lutho olufihliwe olungeke lwabonakala, futhi akukho lutho oluthukuswe ngokucophelela olungasoze lwaziwa nolungasoze lwavela obala.” (Luka 8:17) UJehova uyakwazi esikwenzile nalokho esikwenzayo. Ngeke uzifihle kuye njengoba no-Adamu ehluleka. (Genesise 3:8-11) Ngokuhamba kwesikhathi, izono zakho nazo zingase zidaluleke kwabanye.—1 Thimothewu 5:24.
Ukuthula kungakulimaza nangezinye izindlela. Umhubi uDavide wabhala: “Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami.” (IHubo 32:3, 4) Yebo, ubunzima bokugcina imfihlo bungaba nemiphumela elimazayo ngokomzwelo. Ukukhathazeka nomuzwa wecala, kanye nokwesaba ukudalulwa, kungagulisa inhliziyo. Ungase uqale ukuzehlukanisa nabangane nomkhaya. Ungase futhi ube nomuzwa wokuthi uhlukaniswé noNkulunkulu! “Nganginonembeza onecala ngenxa yokudumaza uJehova,” kubhala osemusha okuthiwa u-Andrew. “Wawungidla.”
Ukuveza Indaba
Ingabe ikhona indlela yokuthola impumuzo kulolu sizi olungokomzwelo? Yebo, ikhona! Umhubi wathi: “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; . . . Wena wathethelela icala lesono sami.” (IHubo 32:5; qhathanisa neyoku-1 Johane 1:9.) No-Andrew wathola impumuzo yangempela ngokuvuma isono sakhe. Uyakhumbula: “Ngasondela kuJehova futhi ngobuqotho ngathandaza ngicela intethelelo kuye.”
Ungenza okufanayo. Thandaza kuJehova. Nakuba ekwazi okwenzile, ngokuzithoba vuma kuye ngomthandazo. Cela intethelelo, unganqikazi ngoba unomuzwa wokuthi umubi kakhulu ukuba ungathola usizo. UJesu wafa ukuze sijabulele ukuma okuhle noNkulunkulu naphezu kokungapheleli kwethu. (1 Johane 2:1, 2) Nawe ungacela amandla okwenza ushintsho oludingekile. Ukufunda iHubo 51 kungase kube usizo kakhulu kuwe lapho usondela kuNkulunkulu.
Ukutshela Abazali Bakho
Nokho, kudingeka okungaphezu nje kokuvuma isono kuNkulunkulu. Unesibopho sokutshela nabazali bakho. Bayalwe uNkulunkulu ukuba bakukhulise “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lokhu bangakwenza kuphela uma bezazi izinkinga zakho. Kodwa-ke, ukutshela abazali bakho kungase kungabi lula noma kujabulise. Kodwa ngemva kokusabela kwabo kokuqala, cishe bayoyilawula imizwelo yabo. Bangase bajabule ngisho nangokuthi uye wabethemba ngokwanele ukuba ubembulele inkinga yakho. Umfanekiso kaJesu wendodana esaphazayo ulandisa ngensizwa eyawela ekuziphatheni okubi ngokobulili. Kodwa lapho ekugcineni ivuma isono, uyise wayamukela ngezandla ezifudumele! (Luka 15:11-24) Ngokungangabazeki nabazali bakho bayokusiza. Phela, basakuthanda.
Yiqiniso, ungase ube novalo lokuzwisa abazali bakho ubuhlungu. Kodwa akukhona ukuvuma isono okuzwisa abazali bakho ubuhlungu; ukwenza isono yikhona okubazwisa ubuhlungu! Ukusivuma kuyisinyathelo sokuqala esiholela ekudambiseni lobo buhlungu. U-Ann, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, watshela abazali bakhe futhi ngemva kwalokho wathola impumuzo enkulu.b
Kodwa esinye isithiyo sokuvuma isono ukuhlazeka. Umbhali okholekile u-Ezra wayengenzanga sono yena ngokwakhe, kodwa lapho evuma izono zamaJuda akubo, wathi: “Nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe-Nkulunkulu wami.” (Ezra 9:6) Ngempela, kufanelekile ukuzizwa unamahloni lapho wenze okubi. Kubonisa ukuthi unembeza wakho usasebenza. Futhi ngokuhamba kwesikhathi leyo mizwa yokuba namahloni iyodamba. U-Andrew wakubeka ngalendlela: “Kunzima kakhulu futhi kubangela amahloni ukuvuma isono. Kodwa ukwazi ukuthi uJehova uyothethelela kakhulu kuyimpumuzo.”
Ukubonana Nabadala
Uma ungumKristu, indaba ayigcini ngokutshela abazali bakho. U-Andrew uthi: “Ngangazi ukuthi kwakumelwe ngitshele abadala bebandla inkinga yami. Yeka impumuzo okwakuyiyo ukwazi ukuthi babezimisele ukungisiza!” Yebo, intsha engoFakazi BakaJehova ingaya kubadala bebandla futhi kufanele yenze kanjalo ukuze ithole usizo nesikhuthazo. Kodwa kungani ungenakuthandaza kuJehova kuphele lapho? Ngoba uJehova uphathise abadala umthwalo wemfanelo ‘wokuqapha imiphefumulo yenu.’ (Heberu 13:17) Bangakusiza ukuba ugweme ukuwela esonweni futhi.—Qhathanisa noJakobe 5:14-16.
Ungazikhohlisi ngokucabanga ukuthi ungazisiza. Ukube ngempela ubunamandla okwenza kanjalo, ingabe uye wawela esonweni? Ngokusobala, kudingeka uthole usizo lwangaphandle. U-Andrew waqunga isibindi wenza kanjalo. Siyini iseluleko sakhe? “Ngikhuthaza noma ubani ohileleke esonweni esingathi sína, noma oke wahileleka, kuso ukuba athulule isifuba sakhe kuJehova nakomunye wabelusi bakhe.”
Kodwa uthini ngempela kumdala? Khetha lowo ozizwa ukhululeke ngokwanele kuye. Ungase uqale ngokuthi: “Ngifisa ukukutshela okuthile” noma “Nginenkinga” noma ngisho nokuthi “Nginenkinga futhi ngidinga usizo lwakho.” Ubuqotho bakho nokwethembeka kuyobonisa ngempela ukuphenduka kwakho nesifiso sokushintsha.
‘Ngesaba Ukususwa Ekuhlanganyeleni’
Kuthiwani ngalokho? Kuyiqiniso ukuthi ukwenza isono esingathi sína kwenza umuntu afanelekele ukususwa ekuhlanganyeleni, kodwa akuzenzakaleli. Abasuswa ekuhlanganyeleni yilabo abangafuni ukuphenduka—abenqaba ngenkani ukushintsha. IzAga 28:13 zithi: “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.” Iqiniso lokuthi uye wacela usizo kubadala liwubufakazi besifiso sakho sokushintsha. Abadala ngokuyinhloko bangabelaphi, hhayi abajezisi. Banesibopho sokuphatha abantu bakaNkulunkulu ngomusa nangenhlonipho. Bafuna ukukusiza ukuba wenzele ‘izinyawo zakho izindlela eziqondile.’—Heberu 12:13.
Kuyavunywa, lapho kuhileleke inkohliso noma umkhuba wesono esingathi sína osunesikhathi eside, kungase kuntuleke “imisebenzi efanele ukuphenduka” eqinisekisayo. (IzEnzo 26:20) Ngezinye izikhathi umuntu angase asuswe ekuhlanganyeleni. Futhi ngisho nalapho umenzi wobubi ephenduka, abadala banesibopho sokukhipha isijeziso esithile. Ingabe kufanele uthukuthele noma uphatheke kabi ngenxa yesinqumo sabo? KumaHeberu 12:5, 6, uPawulu uyayala: “Ndodana yami, ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova, futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye; ngoba lowo uJehova amthandayo uyamyala; eqinisweni, ujezisa wonke umuntu amamukela njengendodana.” Kungakhathaliseki ukuthi isiphi isijeziso ositholayo, sibheke njengobufakazi bokuthi uNkulunkulu uyakuthanda. Khumbula, ukuphenduka ngobuqotho kuyobuyisela ubuhlobo bakho obufanele noBaba wethu onomusa, uJehova uNkulunkulu.
Kudinga ukuqunga isibindi ukuvuma amaphutha akho. Kodwa ngokwenza kanjalo, ungalungisa izindaba hhayi nabazali bakho kuphela kodwa noJehova uNkulunkulu ngokwakhe. Ungavumeli ukwesaba, ukuqhosha, noma ukuhlazeka kukuvimbele ekutholeni usizo. Khumbula: UJehova “uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.”—Isaya 55:7.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ukuze uthole ukwaziswa ngendlela ongabatshela ngayo abazali bakho, bheka isahluko 2 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
‘Ngikhuthaza bonke abonile ukuba bathulule isifuba sabo kuJehova.’—U-Andrew
[Isithombe ekhasini 11]
Ukuvuma isono kubazali bakho kungaholela ekululameni ngokomoya