Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuzimela Ngemva kokufunda isihloko esithi “Isipho SikaNkulunkulu Sokuzimela” (March 22, 1996), ngazizwa ngishukumiseleka ukuba nginibonge. Okwamanje ngenza izifundo zezokusebenza kwezindlebe (audiology), futhi ayikho neyodwa ezincwadini zami enokwaziswa okuphelele futhi okuqondakala kalula njengalesi sihloko se-Phaphama! Nomdwebo wendlebe wawumuhle kakhulu.
J. P. A., Brazil
Othayi Ngibonga ngiyanconcoza ngesihloko esithi “Ubani Owasungula Uthayi?” (May 8, 1996) Njengesikhonzi soFakazi BakaJehova, ngifaka uthayi ngisho lishisa likhipha umkhovu etsheni ngesikhathi ngihlanganyela emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Bengicabanga ukuthi uthayi kumelwe ukuba wasungulwa umquli wamacala ezihlubuki othile ononya wekhulu le-13 ukuze avumise ngenkani isihlubuki ngokusisongela ngomshini wokuthwishila, ngamathuluzi okucindezela izithupha, ngokubilisa emafutheni, noma ngokufaka uthayi ntambama ehlobo.
W. B., United States
Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukufaka uthayi kuwukubahlukumeza kunoma yisiphi isimo sezulu. Nokho, kuyatuseka ukuthi ezindaweni lapho ukufaka uthayi kubhekwa khona njengokugqoka ngesizotha, ngokuvamile oFakazi BakaJehova babekezelela ukufaka uthayi lapho behlanganyela enkonzweni nalapho beya emihlanganweni yobuKristu.—ED.
Ugwayi Ongenantuthu Ekilasini lethu lezempilo sasifunda ngezidakamizwa. Ngabonisa uthisha wami ikhophi kamagazini i-Phaphama! ka-April 22, 1996 enesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ugwayi Ongenantuthu—Ingabe Awulimazi?” Wangivumela ukuba ngenze amakhophi angu-30 alesi sihloko ukuze asinikeze abafundi futhi sifundwe emakilasini awafundisayo. Izingane engifunda nazo ekilasini zasijabulela, futhi ngaze ngazihambisela omagazini abambalwa.
M. C., United States
Ukuhlukunyezwa Ngokobulili Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Lapho Ukuhlukunyezwa Ngokobulili Kuyobe Kungasekho!” (May 22, 1996) Lapho ngihlanganyela lomagazini nabanye, ngathola ukuthi abesifazane abaningi babekujabulela ukusikisela okuphathelene nendlela yokugwema ukuhlukunyezwa nalokho ongakwenza lapho uhlukunyezwa. Emasontweni ambalwa kamuva nganukubezwa emsebenzini ngase ngibikela amaphoyisa. Nganconywa ngendlela engasisingatha ngayo lesi simo.
Igama ligodliwe, Germany
Ngibonga kakhulu ngalezi zihloko. Manje ngenza ibanga lesishiyagalolunye esekhondari, futhi ngiye ngahlukunyezwa, nakuba ngingakaze ngitshele muntu ngakho. Lezi zihloko zangikhuthaza ukuba ngithulule isifuba kubazali bami nakothisha abangifundisayo. Manje sengiyakwazi ukumelana nabahlukumezi.
K. Y., Japan
Ngingunobhala oneminyaka engu-21 ubudala futhi ngisanda kuhlukunyezwa ngokobulili umqashi wami. Lapho ngisazama ukucabanga indlela engangizomtshela ngayo imizwa yami, ngathola lomagazini we-Phaphama! Ngamnikeza ikhophi, futhi wayifunda. Waxolisa futhi wathembisa ukuthi ngeke aphinde akwenze lokho ayekwenze kimi.
D. N. I., Nigeria
Ngiyakwazisa ukudalula kwenu lendaba ebalulekile, kodwa ngokwezithombe zenu, abesilisa kuphela abahlukumezayo. Ngokusobala, niveza umbono onobandlululo.
H. T., United States
Abacwaningi abaningi bathi kunabesifazane abaningi ukwedlula abesilisa abayizisulu zokuhlukunyezwa ngokobulili. Noma kunjalo, lezi zihloko zavuma ukuthi nabesilisa bangahlukunyezwa, zabhekisela ezibonelweni ezithile.—ED.
Izihloko eziningi ezikhuluma ngalendaba zigcizelela kuphela lokho abesifazane okufanele bakwenze ukuze bazivikele kodwa ziyakudebeselela ukufundisa abesilisa ukuthi bahloniphe abesifazane. Phela, ukuba babengekho abahlukumezi, bekungeke kube khona ukuhlukunyezwa. Isihloko senu sadingida “Ukuziphatha Okufanele Ngamadoda.” Ngenxa yalokhu, sifanele ukushayelwa ihlombe.
O. C., Taiwan