Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ubungane Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Ngingakwazi Ukuhlala Nginabangane?” (May 22, 1996) Aniyazi indlela lesi sihloko esangisiza ngayo. Sangibonisa ukuthi, naphezu kwezithiyo, umuntu angaba nabo abangane abahlala njalo. Ngezinye izikhathi, silahlekelwa abangane ngoba siyephuza ukulungisa ukungezwani. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngilwe nobuthakathaka bami kulesi sici.
A. M. P., Brazil
Lesi sihloko safika ngesikhathi esifanele. Ezinyangeni ezintathu ezidlule ubungane bami obuyigugu nenye intombazane baqala ukuwohloka; sagcina singasakhulumisani nhlobo. Lapho lesi sihloko sifika, mina nomngane wami sasifunda futhi sabona ukuthi besenza izinto ngobuwula. Saxoxa futhi salungisa ukungezwani okuningi. Manje sesingamathe nolimi futhi.
N. T., Italy
Inhlekelele Yentaba-mlilo Ngikhumbula imibiko yezindaba ngokuqhuma kweMount Pinatubo ngo-1991. Kodwa ngakukhohlwa lokho kwaze kwaba yilapho ngifunda isihloko esithi “Ama-lahar—Umphumela WeMount Pinatubo.” (May 22, 1996) Ngangingakaze ngizwe ngama-lahar ngaphambili ngakho ngathola lesi sihloko sithakazelisa. Isibindi nokuba usizo komkhaya wakwaGarcia, nakuba wawusengozini ye-lahar, kwakuvelele.
S. F., Canada
Lesi sihloko sangithinta ngokujulile. Kwakushukumisa inhliziyo ukufunda okuhlangenwe nakho kwabafowethu abangamaKristu abalondoloza intshiseko yabo ngezinto ezingokomoya, ngisho noma bazithola besezimweni ezingajabulisi. Lokhu kuye kwangikhuthaza ukuba ngingavumeli izinkinga ezincane zingenze ngiphuthelwe imihlangano yobuKristu noma zingithiye ekuhlanganyeleni emsebenzini wokushumayela. Ngiyanibonga ngalesi sihloko!
S. D., Italy
Mina nomyeni wami sasingakaze sizwe ngama-lahar, kodwa manje sesiyaqaphela ukuthi anamandla futhi ayingozi kangakanani. Sifisa ukwazisa abafowethu basePhilippines ukuthi siyabathandazela bona kanye nalabo abakwazi ukubasiza.
C. A. B., Guatemala
Ukubaneka Okuluhlaza Ngisanda kufunda isihloko esithi “Uke Wakubona Yini Ukubaneka Okuluhlaza?” (May 22, 1996) Eminyakeni embalwa edlule, lapho ngihamba ngendiza ehlathini elithile lase-Alaska, ngamangala lapho ngibona ukubaneka okuluhlaza okwathatha umzuzwana nje. Ngangingakaze ngithole isihloko esichaza lesi senzakalo kuze kube manje. Ngezinye izikhathi ngangicabanga ukuthi kumelwe kube okuthile engangikucabanga nje!
G. C., Alaska
Ukushaywa Uvalo Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami ngesihloko esithi “Ukubhekana Nokushaywa Uvalo.” (June 8, 1996) Sekuyiminyaka eyisithupha ngishaywa uvalo ngaleyo ndlela. Ngemva kokuchitha unyaka ngikhonza njengephayona (umshumayeli wesikhathi esigcwele), kwadingeka ukuba ngiyeke ngoba ngangingenawo amandla okubhekana nalolu valo. Kwakubuhlungu kakhulu lapho abangane bami abakhulu bengakuqondi lokhu, ngenxa yokuthi ngangibukeka ngiwumqemane. Ayichazeki indlela engangijabule ngayo lapho ngifunda lesi sihloko.
O. S., Ukraine
Sekuyiminyaka engu-8 ngiyisikhonzi sesikhathi esigcwele. Kodwa sekuyiminyaka ethile nginomuzwa wokungabi yilutho futhi ngiye ngakhathazeka kakhulu. Lapho ngifunda lesi sihloko esichaza izimpawu ezinjengalezo enginazo, ngokushesha ngaqala ukusebenzisa iseluleko saso. Imizwa yami isingcono, futhi inhliziyo yami isizolile.
K. M., Thailand
Ngiye ngathola ukwelashwa ngenxa yokushaywa uvalo futhi kuye kwangisiza. Nokho, ngasese bengilokhu ngikhathazwa umbuzo othi, ‘Ingabe ngibuthakathaka ngokomoya noma ngiyavilapha?’ Ukufunda lesi sihloko kwangethula umthwalo omkhulu emahlombe ami.
P. P., Finland