Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 3/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 3/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Kungani Kufanele Ulawule Intukuthelo? Ngiyabonga ngesihloko esithi “Kungani Kufanele Ulawule Intukuthelo Yakho?” (June 8, 1997) Ngakhulela emkhayeni omkhulu, lapho ngiseyingane kwakuliwa njalo ekhaya. Abazali bami bahlukanisa, kusukela lapho ngangiba nesififane ngezikhathi ezithile. Bengilokhu ngithandaza ubusuku nemini kuJehova, ngimcela ukuba angisize ngale nkinga. Yeka indlela engamangala ngayo lapho ngifunda lesi sihloko, esabonakala siqondiswe kimi ngqó! Ngiyacabanga ngemibhalo eyacashunwa—ngokwesibonelo, owabase-Efesu 4:26, othi: “Ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.” Mina nomyeni wami siye sakusebenzisa lokhu. Ngenxa kaJehova nalesi sihloko, ngiye ngakwazi ukunqoba inkinga yami.

A. R. S., United States

Ukubhekana Nokushaywa Uvalo Kufanele ngibonge uJehova ngayo yonke inhliziyo yami ngesihloko esithi “Ukubhekana Nokushaywa Uvalo.” (June 8, 1996) Udadewethu muva nje wahlaselwa ukuphazamiseka kwemizwa. Sasingazi ukuthi kwenzenjani, njengoba engekho udokotela owakwazi ukuthola ukuthi uphethwe yini. Ekugcineni, walaliswa esibhedlela wahlolwa kwatholakala ukuthi unokuphazamiseka kwemizwa nokushaywa uvalo. Lesi sihloko safika ngaso kanye isikhathi esasisidinga ngaso, sasenza sabona ukuthi uJehova uyasikhathalela. Udadewethu wahlala phansi wakhala lapho esifunda ngoba wabona ngempela ukuthi uJehova usazi kahle isimo ayebhekene naso. Amazwi alo dade ocashunwe kulesi sihloko, ethi uye wambona ngokuphindaphindiwe uJehova ukuthi ungumthombo wangempela wamandla nenduduzo, abonisa indlela uNkulunkulu wethu uJehova amangalisa ngayo ngempela.

A. E. W., South Africa

“Ezindlebeni Zomntwana” Lesi sihloko (June 8, 1997) sangithinta kakhulu. Ngivame ukuthola izingane lapho ngisenkonzweni yasensimini. Angizishayi indiva noma ngizibukele phansi, ngiyaye ngixoxe nazo ngePharadesi. Ngiyabonga kakhulu ngokunyathelisa le ndaba, ngoba yangikhuthaza kakhulu ukuba ngiqhubeke ngenza ngale ndlela. Ubani owaziyo ukuthi iziphi ‘izindlebe zomntwana’ ezizolandela?

M. O. U., Nigeria

Lesi sihloko sangithinta ngokujulile! Lapho ngifunda engxenyeni ethi “Ukufunda Iqiniso LeBhayibheli” indlela uLouise amangala ngayo uma ebona iHubo 37:9 elikhuluma ngokudla ifa lomhlaba—nakweyakhe imbala i-King James Version!—ngakhihla isililo. Ngiyabonga ngalezi zindaba zokuphila, ngicela niqhubeke nokuzinyathelisa njalo kuyi-Phaphama!

P. C., England

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini Ngiyabazisa bonke omagazini esibatholayo. Ngakujabulela kakhulu okwaphawulwa abafundi balomagazini kuyi-Phaphama! ka-June 8, 1997, mayelana nokususwa ekuhlanganyeleni. Ngasuswa ekuhlanganyeleni ngase ngibuyiselwa ngonyaka olandelayo. Abantu abaningi bacabanga ukuthi lesi senzo siwunya. Kodwa ngempela asilona. Isiyalo engasithola kwakunzima ukusamukela, kodwa ngempela sasingelona unya. Ngiyazi ukuthi abadala babemane bezama ukungisiza. Ukwenqaba usizo lwabo okwangenza ngasuswa ekuhlanganyeleni. Lapho sengisusiwe, ngaqaphela ukuthi ukuphila kunesizungu kangakanani ngaphandle kukaJehova. Kwakunesikhala esikhulu ekuphileni kwami esasingeke sigcwaliswe yilutho ngaphandle kokushintsha indlela yami yokuphila ngibuyele kuJehova. Ukususwa ekuhlanganyeleni kwangenza ngathobeka futhi kwangibonisa ukuthi ngangimdinga uJehova nenhlangano yakhe.

A. C., Canada

I-Phaphama! Ngiyaxolisa ngokukhohlwa ukuvuselela isikhokhelo sikamagazini omuhle i-Phaphama! Umagazini onokwaziswa okuhle, ofundisayo, nonezindaba eziyiqiniso nezihloko ezishukumisayo neziphaphamisayo. Ngingathanda ukuthola wonke amakhophi adlule asengeqile. Angifuni ukweqiwa ngisho nangeyodwa. Ngiyabonga ngokuqhubeka ngesineke nisisiza ukuba silwe nokungazi.

N. S., Sri Lanka

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela