Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukungafani Okuhlukanisayo Sifisa ukuzwakalisa ukubonga ngochungechunge oluthi “Ingabe Ukungafani Kumelwe Kusahlukanise?” (July 8, 1996) Cishe sekuwunyaka sisebenza njengengxenye yeqembu lezisebenzi zamazwe ngamazwe zokuzithandela lapha eMexico. Ngisho nangemva kwezinyanga ezimbalwa silapha, saqhubeka sinobunzima ekuzivumelaniseni nezimo, kodwa sasingasiqondi isizathu. Lezi zihloko zasisiza ukuba sithole ukuthi inkinga ukudideka okungokwesiko. Siye salalela amazwi athi “ukwazisa amanye amasiko kungacebisa ukuphila kwethu” futhi kakade sesithola injabulo eyengeziwe esabelweni sethu.
C. H. noJ. H., Mexico
Ngahlatshwa umxhwele indlela lesi sihloko esikhangayo esabekwa futhi sadingidwa ngayo. Ngempela ukungafani kuye kwabangela inzondo enkulu emlandweni wesintu. Lesi sihloko sesizongisiza ukuba ngiwaqonde kangcono amanye amasiko. Ngifisa sengathi bonke abantu emhlabeni bangazifunda lezi zihloko bese beshintsha umbono ophambene abanawo ngabanye!
G. O., Nigeria
Lezi zihloko zangikhalisa. Nginomngane engizwanayo naye ezikhathini eziningi. Kodwa ngaso sonke isikhathi benginomuzwa wokuthi kunothango olungabonakali phakathi kwethu. Sengiyabona ukuthi sivela emasikweni angafani nhlobo. Lokhu kwaziswa kuzokwenza umehluko omkhulu endleleni engimphatha ngayo esikhathini esizayo.
A. F., United States
Lapho ngicwaninga ngezifundo zami zasekolishi zesayensi yemvelaphi nenhlalo yabantu, ngachitha amasonto ambalwa ezweni elithile lase-Afrika. Ngakwazi ukwazana noFakazi BakaJehova abaningi bendawo nokuya emihlanganweni yabo. Kwakungokuhlangenwe nakho okujabulisayo! Njengoba lesi sihloko sasho, ukujwayelana nabantu bamanye amasiko kuyacebisa. Ngakwazi ukwakha ubungane obusha futhi obunenjongo.
S. B., Italy
I-habu Sangihlaba umxhwele kakhulu isihloko esithi “I-habu—Inyoka Okumelwe Ihlonishwe.” (July 8, 1996) Sasibhalwe ngendlela ethakazelisa kakhulu futhi nezithombe zazizinhle ngempela!
E. P., Ukraine
Lesi sihloko sasifundisa futhi sihlekisa. Kodwa kunephuzu elilodwa eliphikisana nalokho engikufundisiwe. Nacaphuna incwadi eyatusa ukumunca ubuthi endaweni inyoka ekulume kuyo. Ingabe lokhu kuphephile ngempela?
C. D., Nigeria
Kubonakala sengathi izazi zezokwelapha eziningi ziyaphikisana nencwadi esayicaphuna esihlokweni sethu. Yiqiniso, abanye odokotela banomuzwa wokuthi ukuzama ukumunca ubuthi kungaba ingozi kumuntu onikeza usizo futhi kungabi usizo kolunywe inyoka. Odokotela bayavuma ukuthi usizo lokuqala olubaluleke kakhulu ukuphuthumisa olunywe yinyoka esibhedlela ngokushesha ngangokunokwenzeka.—ED.
Ama-UFO Ngiyabonga ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ama-UFO—Ingabe Ayizithunywa Ezivela KuNkulunkulu?” (July 8, 1996) Endaweni yangakithi abanye abantu bayayikholelwa imibiko yabantu abaphila kwamanye amaplanethi. Becabanga ukuthi iBhayibheli alikhulumi ngalendaba, bayalingabaza. Lesi sihloko sasisiza ukuba sibone ukuthi uSathane namademoni bazama ukudukisa abantu nokuthi ngeke kube ukuhlakanipha ukukholelwa imibiko engenasisekelo yabantu abahlala kwamanye amaplanethi.
A. W., Taiwan
Ama-tulip Ngiyabonga ngesihloko esihle esithi “I-tulip—Imbali Enomlando Onesiyaluyalu.” (July 8, 1996) Ngakuthola kuthakazelisa kakhulu ukwaziswa ngemvelaphi yama-tulip kanye namacebiso okuwatshala.
D. G., United States