AmaUFO—Ingabe Angachazwa?
Izazi zesayensi ziwachaza kanjani amaUFO? UDkt. Donald H. Menzel ongasekho, isazi sezinkanyezi saseHarvard noPhilip Klass, owayengumhleli ophakeme weAviation Week, uphakathi kwalabo abaye bahlola indaba yokupopolwa kwamaUFO. Bagomela ngokuthi amaUFO eqinisweni angamaIFO (izinto ezindizayo eziqondakalayo). Lapho ehlolwa, amaUFO aye abonakala eyizinto eziqondakalayo noma imiphumela, njengamabhaluni esimo sezulu, izindiza zasebusuku zezimemezelo zokukhangisa kanye nezindiza ezinophephela emhlane, izinkanyezi ezidwebayo, noma amasun dog.a
UPhilip Klass wachaza amaUFO njengesici esingokwemvelo noma izinto eziqondwa ngokungeyikho. Ngokwesibonelo, ngokwakhe amanye amaUFO kwasolwa ukuthi ayewuhlobo oluthile lombani oyibhola, noma iplasma. Nokho, abagxeki bakhe bashesha ukuthi amaplasma, noma amagas anozibuthe kakhulu, angaphila isikhathi esifushane kakhulu futhi awayixazululi kahle inkinga. Wathi amanye amaUFO abonwa emsakazweni osebenza ngamaza ayimiphumela yesici sesimo sezulu. Nokho, ngokwabanye ochwepheshe bemisakazo yamaza, lencazelo ayigculisi ngokwezinye izenzo ezihlakaniphile ezibonwayo ngesinye isikhathi. Umqondo kaKlass uwukuthi abantu ababona isenzakalo esifushane ebesingalindelekile “bangaba nephutha elikhulu ekuzameni ukuchaza ngokucacile lokho abakubonile.”
Encwadini yakhe ethi Pseudoscience and the Paranormal, uTerence Hines uthi “ukuhlola ngokucophelela kuye kwaphumela ezincazelweni eziqondile ezingokwemvelo ngisho nangemibiko yeUFO ezwakala ihlaba umxhwele. . . . Zonke lezizenzakalo, zenza kucace cishe ukungathembeki ngokuphelele kwemibiko yofakazi bokuzibonela. Cishe kuzo zonke izimo imibiko yofakazi yehluka kakhulu kulokho okwenzeka ngempela, kodwa kusezimweni ezimbalwa kuphela lapho ofakazi baye baqamba khona amanga ngamabomu. Ulwazi lwabo ngendlela amaUFO ‘okufanele’ abukeke ngayo yathonya imibiko yabo, kanye nemiphumela yokubona ngokungeyikho.”
AmaUFO—Aqondiswa Abantu Abavela Emkhathini?
Imfundiso ethandwayo iwukuthi amaUFO angahlanganiswa nezidalwa ezihlakaniphile zakwamanye amaplanethi. UDkt. James McCampbell ongasekho wayengumholi walabo abafinyelela kulesiphetho. Waxwayisa: “Kubonakala sengathi izidalwa zangaphandle ezihlakaniphe kakhulu ngempela ziba ingxenye ehlobene kakhulu yendawo ezungezile yomhlaba wethu.” Isikhulu uDonald E. Keyhoe, “umphathi osethathe umhlala-phansi kwezamaPhoyisa Asemikhunjini owaba umbhali ozimele . . . waqale wenza ukuba amaUFO athandwe futhi wathi ayeyimikhumbi-mkhathi evela kwamanye amaplanethi angaphandle,” ngokukaPhilip Klass, umbhali weUFOs—The Public Deceived. UKeyhoe naye waqhubekisela phambili imfundiso emayelana “nabantu abavela emkhathini” futhi waxwayisa: “Uma injongo yalezihambi ingaba ukuthuthela eMhlabeni, ingaqalisa igagasi lokwesaba nokukhungatheka.”
Omunye umqondo oye wathola isithakazelo sabanye abacwaningi uwukuthi amaUFO ayizidalwa eziphakeme ezihlala “endaweni efana nalena.” Ngokwalemfundiso, labantu bangase “bakwazi ukulawula imigudu edlulisa imibiko yengqondo yomuntu.” Benalelikhono, bangalawula ohulumeni babantu ngokugabadela. Abanye bathi kungenzeka bahlobene “nezihlakaniphi [ezihlanganisa] izinhlangano zezwe zezinkolo ezinkulu, izimangaliso, izingelosi, izipoki, otikoloshe, nokunye okufanayo.”—UFO and The Limits of Science, ngoRonald D. Story.
AmaUFO—Ingabe Singawaqonda?
Njengoba sesibonile, abanye abacwaningi bayaqiniseka ngempela ukuthi bangakwazi ukuchaza wonke amaUFO njengezinto ezingokwemvelo noma izici ezaziwayo. Nokho, abanye banezimfundiso zabo ezikhethekile.
Kwakungesikhathi iCondon Report kanye nendaba yamaUFO kwakuseyindaba ekhathalelwa umphakathi lapho iPhaphama! inikeza ukubukezwa kwalendaba kanye nengxoxo yezinye zezenzakalo ezimangalisa ngokwengeziwe.b IPhaphama! yafinyelela isiphetho sokuthi “imibiko eminingi [ngeUFO] inemisuka yayo, ezintweni ezifanayo lezo iProject Blue Book [ukuhlola okwenziwa uhulumeni ngaphambili] ezibiza ngokuthi: Amaplanethi, izindiza, amabhaluni, izinkanyezi ezidwebayo, kanye nezinto ezilutha amehlo kodwa kungezona ezingokoqobo.”
Lesihloko saqhubeka: “Ukuhlolisisa ngokucophelela [okubekwe ngamafuphi kuyiCondon Report] kuye kwayenza yakhanya ingxenye efezwa ukuhlanekezelwa komzimba nokwengqondo. Kuye kwachaza ukuthi izinto ezivamile ezibonwa esibhakabhakeni abantu abangaziqapheli mhlawumbe phansi kwezimo ezingajwayelekile, zingaba nokudluliselwa okungeyikho emcabangweni, zikhuliswe uma kukhulunywa ngazo, zibatshazwe ngokungaphezulu kwesilinganiso emaphephandabeni, bese zigcina njengemikhumbi yasemoyeni eyehlisa amadoda amancane aluhlaza evela kuyiMars.”
ICondon Report egunyazwe umthetho kanye neziphetho ezingenhla, kuhlanganise nemibiko ephathelene namaUFO enyamalalayo, kwabonakala kuyiqeda lendaba kwabaningi. Nokho, emashumini amabili eminyaka kamuva sithola amaUFO esathola ukunakekela komphakathi. Njengoba kushiwo esihlokweni sethu sokuqala, umlobi welinye iphephabhuku elivelele waphawula ukuthi kuye kwanezelwa esinye isici. Siphila nebuya “lokwesaba okukhulu okugxilile” njengoba sisondela onyakeni ka-2000.
Kuye kwavela ngisho nokungaqiniseki okwengeziwe ezinkulumweni zamuva zokuthi esikhathini esedlule iUnited States ngisho nabanye ohulumeni kungenzeka abazange banake noma bafihla obunye ubufakazi bamaUFO. Umlobi wencwadi yango-1988 wasebenzisa ithuba loMthetho Wenkululeko Yokwaziswa, owamiswa ngo-1966 eUnited States, kanye nemithombo ekwamanye amazwe, ukuze aqoqe ukwaziswa lokho ngokwakhe “okufakazela ngaphandle kokungabaza ukuthi kubekhona ukufihlwa okukhulu kwendaba yeUFO.”—Above Top Secret, kaTimothy Good.
UGary Kinder, encwadini yakhe iLight Years, uphakamisa imibuzo ngokuphathelene nokuthi yibuphi ubufakazi obudingekayo bokuqinisekisa iziphathimandla ngokuba khona kwamaUFO. Uphawula ukuthi esinye isibukeli siyabuza: “Yini eyakha ubufakazi [bamaUFO]? Ingabe kufanele iUFO iwele Ekungeneni KoMfula iye eNdlunkulu Yomnyango Wezokuvikela eduze namaHhovisi Ezinduna Zezisebenzi? Noma ingabe kuwubufakazi lapho isiteshi esiphansi somsakazo osebenza ngamaza sithola iUFO, sithumele indiza okuthiwa ijet ukuba siyivimbele, umshayeli wendiza ayibone, bese ethumela umbiko ngomsakazo wakhe, kuphela ukuze iUFO intwize ngesivinini esikhulu?”
Ngakolunye uhlangothi, uProfesa Hines uphikisa ngokuthi amakhasi angu-997 ezincwadi ezakhishwa, ezihlanganisa inkathi esukela onyakeni ka-1949 kuya ku-1979, azembuli umzamo wokufihla kukahulumeni. Uthi: “Ukuhlolwa kwamaphepha ayimfihlo eCIA kanye nezincwadi eziphathelene namaUFO kwembula uphiko olunesithakazelo esincane nje kulesici kodwa olungaqiniseki ngomqondo weplanethi engaphandle. Lezincwadi . . . ziphikisana futhi nalokho okuvamé ukushiwo ngokuvamile kokuthi uhulumeni ufihla ‘iqiniso’ ngamaUFO.”
Esinye sezizathu eziyinhloko zokungabibikho kobufakazi ukuthi ayikho iUFO eyake yabonakala obala, noma abantu bakwamanye amaplanethi abake baziveza ngokomthetho ukuze babonwe abantu. Ngokungaphezulu, uProfesa Hines uyavuma, “asikho isithombe seUFO esingabhekwa njengesiyiqiniso esibonisa okuhlukile kunokwakhekha okungacacile kanye namabala okukhanya.” Ngokuphindaphindiwe, ochwepheshe baye bachaza amaUFO njengezinto ezibonwayo ezichazwa ngokungeyikho zeVenus noma ezinye izidalwa zasemkhathini. Kusobala ukuthi alikho ikhambi enkingeni yeUFO elibe ngelanelisayo kubo bonke.
Ngesikhathi lapho iCondon Report yayisesematheni ezindabeni, umlobeli wePhaphama! waxoxa ngasese ngeminye imiphumela nomunye wezazi zesayensi ezazibambisene kulokhu kuhlola osebenza eBoulder, eColorado. Isazi sesayensi sabonakala sicabanga ukuthi ezimweni ezingachaziwe, izehlakalo zeUFO zazihlanganisa “imibono yengqondo” yohlobo oluthile. Kanjalo, nakuba ukubonakala okuningi kwamaUFO kungachazwa ngokwesayensi njengezinto ezingokoqobo noma ezingachazwa ngokungeyikho, okunye kungahlanganisa izehlakalo zengqondo noma zokusebenza kwengqondo noma imibono.
Ingabe Kunethonya Lokulumba?
Lapho kubukezwa okuhlangenwe nakho okungokwengqondo noma kokusebenza kwengqondo kwabanye abaye babika ukuthi baye bathintana namaUFO, kungenzeka futhi ukubona izinto ezifana nesici semimoya nesingaphezu kwezidalwa ezingabantu. Esinye isibonelo salokhu ubufakazi bukaJohn H. Andrews encwadini yakhe iExtraterrestrials and Their Reality. Ekubongeni kwakhe usizo ekushicileleni lencwadi, uthi: “Ukwazisa okukhulu kuya nakubantu abane basemkhathini [“amaET asemzimbeni yabantu ebonakalayo azulazula phakathi kwethu engabonakali”] abangitshela izindaba zabo futhi abafisa ukuba bangaziwa amagama abo, ezidalweni eziningi ezingaphezu kwezidalwa ezingokwemvelo nemikhakha okwangisiza ekuhloleni kwami okuningi, ezintweni zasemaplanethini angaphandle ngezigijimi zazo ezinikeza ukwazisa.” Ngokuphathelene nabo “labantu basemkhathini,” uthi: “Bonke babehlakaniphe ngempela; bonke babeyimikhakha yabantu abangabonakali.”—Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 28:7, 8; Efesu 6:12.
UAndrews futhi uthi wathola izigijimi zivela emaplanethini angaphandle. Ubala ezinye zazo ngalendlela: “Ayikho into ewukufa. . . . Ayikho into elungile noma embi. [Qhathanisa noGenesise 3:3, 4.] . . . Indalo, ukuziphendukela kwemvelo, kanye nokuphind’ ukuzalwa kuyizinqubo ezisebenzayo eNdaweni Yonke. . . . Thina (maET) asizanga lapha ukuzonilawula noma ukunibusa, kodwa sizoniqondisa. . . . UMhlaba ngokushesha uzoba nezinguquko ezinkulu eziyinhlekelele. Lapho lezinguquko sezenzekile, abantu abangaphansi kwe-1 100 bayobe besaphila!”
IBhayibheli nalo liyakhuluma ngezinto zakumaplanethi angaphandle, izidalwa zomoya, njengezingelosi ezilalelayo nezingalaleli, izingelosi ezihlubukayo ezaba amademoni. Kuwo wonke umlando weBhayibheli, ngezikhathi eziningi uNkulunkulu wasebenzisa izingelosi ezithembekile ukuze akhulumisane nabantu. (Genesise 22:9-18; Isaya 6:1-7) USathane usasebenzisa abalandeli bakhe abangamademoni ukuba badukise isintu ngazo zonke izinhlobo zamafilosofi, izinto ezintsha ezilandelwa ngesasasa, izigijimi, ukukhulumisana, kanye nemikhuba engokwenkolo esusa ukunaka esigijimini sokuthi uMbuso kaNkulunkulu, uhulumeni wakhe wasezulwini, ngokushesha uzobusa phezu komhlaba obuyiselwe.—Qhathanisa noLuka 4:33, 34; Jakobe 2:19; IsAmbulo 12:9; 21:1-4.
Umphostoli uPawulu ongumKristu wanikeza isixwayiso esifanelekile ngethonya lamademoni ezinsukwini zokugcina lapho ebhala: “UMoya usho ngokuchachileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.”—1 Thimothewu 4:1.
Sikhumbula ukuthi singene ngokujule kangakanani kulezinsuku ezesabeka kakhulu, ngeke kube ukuhlakanipha ngamaKristu ukusebenzisa isikhathi sawo esibalulekile ehlola ngokujulile izindaba zaloluhlobo. Kunalokho, kufanele sizikhathaze ngenselele ebaluleke kakhulu esibhekene nayo, okungukuthi, ukulalela umyalo wengelosi engcwele yakwenye iplanethi eyamemezela: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.”—IsAmbulo 14:6, 7.
[Imibhalo yaphansi]
a Isun dog, noma iparhelion, iyibala elikhanyayo elibonakala kunoma iluphi uhlangothi lwelanga, elaziwa futhi ngokuthi imock sun.
b Bheka iPhaphama! ka-August 8, 1970, amakhasi 5-9.
[Ibhokisi ekhasini 10]
AmaUFO Umbono Wesayensi
“Isayensi yezinkanyezi namaUFO kuhlobene: ukuba abantu bebazi okwengeziwe ngesayensi yezinkanyezi, abezoba mbalwa kakhulu amaUFO abonwayo.”—Astronomy, December 1988.
“IVenus ikhanya ngaphezu kwawo wonke amaplanethi esibhakabhakeni sasebusuku futhi iyona ebangela imibiko epathelene namaUFO eminingi ngaphezu kwanoma iyiphi enye into eyodwa. . . .
“Izipopolo zekhethelo zanamuhla ezisetshenziswa ezikhumulweni zezindiza manje ngokuzenzekelayo zikwazi ukubona zonke izindiza ezisendaweni yazo . . . Njengoba lezipopolo zekhethelo sezinobuchwepheshe obengeziwe ekuboneni ngokunembile indiza nokukhetha imithombo enephutha, inani lemibiko ngamaUFO etholakala ngalezipopolo iye yehlela cishe eguncwini. Njengoba kungase kulindelwe, ukuba amaUFO abe ngokoqobo, umuntu ubengalindela . . . ukuba izipopolo zanamuhla zandise inani lamaUFO abonakala kuzo. . . .
“Cishe eminyakeni engamashumi amane yokuhlola, asikho nesisodwa isithombe esiyiqiniso seUFO esiye sathathwa futhi akukho ngisho nocezu olulodwa lwensalela noma obunye ubufakazi obuphathekayo okuye kwatholakala. Izinto ezibonwayo ezizwakala zihlaba umxhwele zibikwa minyaka yonke, futhi unyaka nonyaka, lapho zihlolisiswa, ziyanyamalala enkungwini yokungaqondi kahle, ukungachazwa kahle, kanye nokukhohlisa.”—Pseudoscience and the Paranormal, ngoTerence Hines.
“Inkinga enkulu ibangelwa iqiniso lokuthi isibhakabhaka siveza izinhlobonhlobo zezinto ezibonwayo eziyinqaba, ezimbalwa kuphela ezingabonwa umuntu oyedwa ekuphileni kwakhe. Futhi lapho lokhu kwenzeka, angase adukiselwe ekubeni acabange ukuthi ubone okuthile okuyingqayizivele—kunokuba kube nje okungajwayelekile. . . .
“Akuvamile ukuba noma iyiphi indaba igcwale kangaka ukukhohlisa, ukwesaba, inkolelo engenasisekelo, ukuthatheka okungokwenkolo, ukungamukeleki ngokomthetho, kanye nezinye izimfanelo ezingathandeki zesintu.”—The Promise of Space, ka-Arthur C. Clarke.
“Ngingathanda ukubona lamazwi okuhlakanipha abhalwe emnyango wawo wonke amathempeli esayensi: ‘Ukungahleleki okukhulu kwengqondo ukukholelwa kokuthile ngenxa yokuthi umuntu unesifiso sokuba kube kanjalo.’”—Louis Pasteur, isazi sesayensi esingumFulentshi sekhulu le-19 leminyaka.
[Isithombe ekhasini 8]
Kuye ngokwe-engela umuntu abuka ngayo, amabhaluni asebusuku akhipha izimemezelo zokukhangisa, izindiza, kanye nezindiza ezinophephela kungaqondwa ngokungeyikho njengokungamaUFO
[Umthombo]
Nite Sign, Inc.