Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 5/8 k. 13-k. 17 isig. 3
  • UNkulunkulu—Umgembuli Noma UMdali?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu—Umgembuli Noma UMdali?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izihluthulelo ‘Zempicabadala’
  • “Uhide Lwezingozi Ezinkulu”
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Izinto Ezinhlobonhlobo Emhlabeni—Zaba Khona Kanjani?
    I-Phaphama!—1997
  • Ukukhohlisa Kwesayensi—Ukukhohlisa Okukhulu Kunakho Konke
    I-Phaphama!—1990
  • Ukungakholwa Kwanamuhla—Ingabe Ukufuna Kufanele Kuqhubeke?
    Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu
  • Ubani Ongasitshela?
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 5/8 k. 13-k. 17 isig. 3

UNkulunkulu—Umgembuli Noma UMdali?

“AKUKHO kungabaza ngokuthi ososayensi abaningi banombono omelene nabo bonke ubufakazi obungaphezu kwemvelo, ingasaphathwa eyobufakazi obuyimfihlakalo. Bayawuklolodela umbono wokuthi kungenzeka kunoNkulunkulu, noma ngisho umsuka wendalo ongewona umuntu . . . Mina angihlanganyeli ekuklolodeni kwabo.” Usho kanjalo uPaul Davies, uprofesa we-mathematical physics e-University of Adelaide, eNingizimu Australia, encwadini yakhe ethi The Mind of God.

UDavies uthi futhi: “Ukuhlola ngokucophelela kubonisa ukuthi imithetho yendawo yonke ikulungele ngokuphawulekayo ukuvela kwezinto eziyinkimbinkimbi nezinhlobonhlobo. Uma kuziwa ezintweni eziphilayo, ukuba khona kwazo kubonakala kuxhomeke emathubeni amaningi enhlanhla ososayensi abathile nezazi zefilosofi eziye zathi ayamangalisa ngempela.”

Uyaqhubeka ethi: “Ukucwaninga kwesayensi kuyinkambo engaziwa. . . . Kodwa kuyona kukhona ukuhluzeka nokuhleleka okuvamile. Sizobona ukuthi lokhu kuhleleka kwendawo yonke kusekelwa imithetho enokunemba okuqinisekile ehlanganisiwe ukuba ibe nobunye obufihlekile. Lemithetho ayiyona inxakaxaka.”

UDavies uphetha ngokuthi: “Ukuthi kungani ama-Homo sapiens kufanele abe nokuhluzeka okuyisihluthulelo sokuqonda indawo yonke, kuyimpicabadala ejulile. . . . Angikholelwa ukuthi ukuba khona kwethu kulendawo yonke kumane kuyingozi eyazenzakalela, ingozi yomlando, ukuphazamiseka okwenzeka ngengozi endaweni yonke. Sihlobene kakhulu nayo. . . . Ngempela sihloselwe ukuba sibe lapha.” Nokho, uDavies akafinyeleli esiphethweni sokuthi kunoMklami, uNkulunkulu. Kodwa yisiphi isiphetho osifinyelelayo? Ingabe isintu sasihloselwe ukuba sibe lapha? Uma kunjalo, ubani owayehlose kanjalo?

Izihluthulelo ‘Zempicabadala’

EBhayibhelini umphostoli uPawulu unikeza umkhondo wokuqonda lokho uDavies akubiza ngokuthi ‘impicabadala ejulile.’ UPawulu ubonisa indlela uNkulunkulu aye wazembula ngayo: “Ngoba lokho okungase kwaziwe ngoNkulunkulu kuyabonakala phakathi kwabo [“abantu abafihla iqiniso”], ngoba uNkulunkulu wakwenza kwabonakala kubo. Ngoba izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.” (Roma 1:18-20)a Yebo, izinhlobonhlobo zezinto eziphilayo, ubunkimbinkimbi bazo obumangalisayo, ukuklanywa kwazo ngobunyoninco, kufanele kwenze umuntu othobekile, onenhlonipho aqaphele ukuthi kunamandla aphakeme, ukuhlakanipha, noma ingqondo ephakeme kunanoma yini umuntu ake wayazi.—IHubo 8:3, 4.

Amazwi kaPawulu aqhubekayo ngokuphathelene nalabo abenqaba uNkulunkulu enza umuntu acabangisise: “Nakuba begomela ngokuthi bahlakaniphile, baba iziwula . . . , ngisho nalabo abenana iqiniso likaNkulunkulu ngamanga bahlonipha futhi banikela inkonzo engcwele endalweni kunakuLowo owadala, otusekayo kuze kube phakade. Amen.” (Roma 1:22, 25) Labo abahlonipha “imvelo” futhi benqabe uNkulunkulu ngokuqinisekile abahlakaniphile ngokombono kaJehova. Njengoba bexhakathiswe ukudideka kwezinkolelo-mbono ezishayisanayo zokuziphendukela kwemvelo, abamqapheli uMdali nobunkimbinkimbi nokuklanywa kwendalo yakhe.

“Uhide Lwezingozi Ezinkulu”

UPawulu futhi wabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle [uNkulunkulu] ngoba lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Heberu 11:6) Ukholo olusekelwe olwazini olunembile, hhayi ekukholweni kokuthatheka, lungasenza siqonde ukuthi kungani sikhona. (Kolose 1:9, 10) Ngokuqinisekile, ukukholwa kokuthatheka kuhilelekile lapho abanye ososayensi befuna ukuba sikholelwe ukuthi ukuphila kukhona ngoba kwaba “njengokungathi siwine emdlalweni wokubheja wezindodla zemali izikhathi eziyisigidi ngokulandelana.”

Usosayensi waseBrithani uFred Hoyle wabonisa ukuthi izinqubo zenuzi ezaholela ekuveleni kwezakhi ezimbili ezibalulekile ekuphileni, i-carbon nomoya-mpilo, zabangela izinga elilingene lalezi zakhi ngenxa yengozi eyenzeka ngenhlanhla.

Unikeza esinye isibonelo: “Ukube izisindo ezihlangene ze-proton ne-electron ngokungazelele bezingaba ngaphezulu kunokuba zibe ngaphansi kwesisindo se-neutron, umphumela ubuyoba inhlekelele. . . . ENdaweni Yonke wonke ama-athomu e-hydrogen ngokushesha abeyowohloka abe ama-neutron nama-neutrino. Lingenawo amandla alo enuzi, iLanga beliyofiphala futhi liwe.” Bekuyoba okufanayo ngezigidi zezinkulungwane zezinye izinkanyezi endaweni yonke.

UHoyle waphetha: “Uhlu . . . lwezingozi ezisobala ezingahlobene nezinto eziphilayo obekuyothi ngaphandle kwalo ukuphila okusekelwe kuyi-carbon kanye nokwabantu kungabi bikho, lude futhi luhlaba umxhwele.” Uthi: “Izici ezinjalo [ezidingekile ekuphileni] zibonakala ekuklanyweni kwemvelo njengochungechunge lwezingozi ezijabulisayo. Kodwa kunokuqondana okuningi kwalezi zinto eziyinqaba ezidingekile ekuphileni kangangokuthi kubonakala kudingeka incazelo ukuze zichazwe.”—Omalukeke sizenzele.

Wabuye wathi: “Inkinga iwukunquma ukuthi lokhu kusebenza okuqondanayo kwenzeka ngengozi ngempela yini noma cha, ngaleyo ndlela kuqondakale ukuthi ukuphila kwavela ngengozi yini noma cha. Akekho usosayensi okuthandayo ukubuza lowo mbuzo, kodwa-ke kumelwe ubuzwe. Kungenzeka yini ukuthi lemisebenzi yenziwe ngenhloso ngokuhlakanipha?”

UPaul Davies uyabhala: “‘Lolu hide lwezingozi ezinkulu’ lwamhlaba umxhwele kakhulu uHoyle, kangangokuba washukumiseleka ukuba athi kunjengokungathi ‘imithetho ye-physics yenuzi iklanywe ngenhloso ngenxa yemiphumela eyivezayo ezinkanyezini.’” Ubani noma yini ebangela lolu “hide lwezingozi ezinkulu [zenhlanhla]”? Ubani noma yini eyakhiqiza leplanethi encane, egcwele izinhlobonhlobo zezigidi ezingenakubalwa zezitshalo nezidalwa eziklanywe ngokumangalisayo?

Impendulo YeBhayibheli

Umhubi wabhala ngenhlonipho eminyakeni engaba izinkulungwane ezintathu edlule: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.”—IHubo 104:24, 25.

Umphostoli uJohane wathi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) Ukuphila akuvelanga ngengozi, ngenhlanhla yendawo yonke okwenzeka ukuba izuzise izigidi zezinto eziphilayo.

Iqiniso elimsulwa liwukuthi uNkulunkulu “wadala zonke izinto, nangenxa yentando [yakhe] zaba khona futhi zadalwa.” UJesu Kristu ngokwakhe wathi kubaFarisi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane?” UJesu wayemazi uMdali! NjengeNgcweti Yomsebenzi kaJehova, wayeseduze kwaKhe phakathi nesikhathi sokudala.—Mathewu 19:4; IzAga 8:22-31.

Nokho, kudingeka ukholo nokuthobeka ukuqonda nokwamukela leli qiniso eliyisisekelo ngoMdali. Lolu kholo alukona ukuthatheka. Lusekelwe ebufakazini obuphathekayo, obubonakalayo. Yebo, “izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili.”—Roma 1:20.

Ngolwazi lwethu lwesayensi lwamanje olulinganiselwe, asikwazi ukuchaza indlela uNkulunkulu adala ngayo. Ngakho-ke, kufanele sivume ukuthi okwamanje ngeke sazi noma siqonde konke ngokuphathelene nomsuka wokuphila. Sikhunjuzwa ngalokhu lapho sifunda amazwi kaJehova: “Imicabango yami ayisiyo imicabango yenu, nezindlela zenu azisizo izindlela zami . . . Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.”—Isaya 55:8, 9.

Ungazikhethela: ukukholelwa ngokuthatheka ekuziphendukeleni kwemvelo ngengozi nangenhlanhla, amathuba amaningi enhlanhla okuthiwa aba nemiphumela emihle, noma ukuba nokholo kuMsunguli Wezinjongo onguMdali noMklami, uJehova uNkulunkulu. Umprofethi ophefumulelwe ngokufanelekile wathi: “UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.”—Isaya 40:28.

Ngakho, yikuphi oyokukholelwa? Isinqumo sakho siyokwenza umehluko omkhulu emathembeni akho okuphila esikhathi esizayo. Ukube ukuziphendukela kwemvelo bekuyiqiniso, khona-ke ukufa bekuyosho ukulibaleka ngokuphelele, naphezu kwezizathu ezizwakala ziyiqiniso zemfundiso yenkolo yamaKatolika eyinkimbinkimbi, ezama ukuhlobanisa “umphefumulo” nokuziphendukela kwemvelo.b Umuntu akanawo umphefumulo ongafi ongadambisa igalelo lokufa elingenakugwenywa.—Genesise 2:7; Hezekeli 18:4, 20.

Uma sivuma ukuthi iBhayibheli liyiqiniso nokuthi uNkulunkulu ophilayo unguMdali, khona-ke kunesithembiso sokuvuselwa ekuphileni okuphakade, ekuphileni okuphelele, emhlabeni obuyiselwe esimweni sawo sokuqala sokulingana nokuzwana. (Johane 5:28, 29) Uyolubeka kuphi ukholo lwakho? Kuyinkolelo-mbono kaDarwin engamanga yokuziphendukela kwemvelo? Noma kuMdali, oye wenza izinto ngenjongo futhi osaqhubeka enza kanjalo?c

[Imibhalo yaphansi]

a “Selokhu uNkulunkulu adala izwe amandla akhe aphakade nobunkulunkulu bakhe—nakuba kungabonakali—bekukhona ukuze ingqondo ikubone ezintweni azenzile.”—Roma 1:20, Jerusalem Bible.

b Bheka esithi “Ukubuka Okwezwe,” ekhasini 28, “UPapa Uqinisekisa Ukuziphendukela Kwemvelo.”

c Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngalendaba, bheka incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation?, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]

Eqinisweni, abanye abasekeli bokuziphendukela kwemvelo bathi ukuba khona kwethu emhlabeni ‘kunjengokungathi siwine emdlalweni wokubheja wezindodla zemali izikhathi eziyisigidi ngokulandelana.’

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 15]

Izinhlobonhlobo Eziningi Zezinto Nemiklamo

Izinambuzane “Ososayensi bathola izinhlobo ezintsha zezinambuzane ezisukela ku-7000 kuya ku-10 000 minyaka yonke,” kusho i-World Book Encyclopedia. Nokho, “kungase kube nezinhlobo eziyisigidi kuya kweziyizigidi eziyishumi ezingakatholakali.” Iphephandaba laseFrance i-Monde, lapho licashunwa kuyi-Guardian Weekly, esihlokweni sikaCatherine Vincent, likhuluma ngezinhlobo ezaziwayo ngokuthi “inani elincane ngempela uma liqhathaniswa nenani langempela . . . elilinganiselwa phakathi kwezigidi ezinhlanu nezingu-50.”

Cabanga ngezinambuzane ezimangalisayo—izinyosi, izintuthwane, imivi, izimvemvane, amaphela, amabhungezi, okhanyikhanyi, umuhlwa, amabhu, izimpukane, ojekamanzi, omiyane, ama-silverfish, izintethe, izintwala, izinyekevu, amazeze—uma sibala ezimbalwa! Loluhlu lubonakala lungenamkhawulo.

Izinyoni Singathini ngenyoni enesisindo esingaphansi kwamagremu angu-30? “Ake uyicabange ifuduka amamayela angaphezu kuka-10 000 [amakhilomitha angu-16 000] ngonyaka isuka emahlathini ase-Alaska iya emahlathini emvula aseNingizimu Melika futhi ibuye, inqamula izintaba, ithubeleza phakathi kwezakhiwo eziphakeme zasemadolobheni, futhi inqamula udedangendlale wamanzi ase-Atlantic Ocean naseGulf of Mexico.” Iyiphi lenyoni emangalisayo? “I-blackpoll warbler [Dendroica striata], isihambi esinekhono lokundiza cishe elingenakuqhathaniswa ezinyonini zezwe zaseNyakatho Melika.” (Book of North American Birds) Nalapha futhi siyabuza: Ingabe lona umphumela wezingozi eziningi zemvelo ezaphumelela ngenhlanhla? Noma ingabe isimanga sokuklanywa ngokuhlakanipha?

Nezela kulezi zibonelo izinyoni okubonakala zinonqambothi lomculo olungapheli: i-nightingale, eyaziwa kulo lonke elaseYurophu nasezingxenyeni zase-Afrika nase-Asia ngokutshiyoza kwayo okumtoti; i-mockingbird yaseNyakatho Melika, inyoni “ewumlingisi onekhono futhi esebenzisa imisindo esenkumbulweni njengengxenye yengoma yayo”; i-lyrebird ehlaba umxhwele yase-Australia, “enengoma evuth’uphondo, kanye nezici zokulingisa ezihlakaniphe ngendlela emangalisayo.”—I-Birds of the World.

Ngaphezu kwalokho, ubuhle bemibala nokuklanywa kwamaphiko nezimpaphe zezinyoni eziningi kangaka kushiya umuntu ekhexe umlomo. Cabanga nangamakhono azo okuluka nokwenza izidleke, phansi enhlabathini, emaweni, noma ezihlahleni. Ukuhlakanipha okunjalo okungokwemvelo kufanele kumhlabe umxhwele umuntu othobekile. Zaba khona kanjani? Ngengozi noma ngokuklanywa?

Ubuchopho Bomuntu “Kungenzeka kunama-synapse asukela ezigidini zezigidi eziyishumi kuya kweziyikhulu ebuchosheni, futhi ngayinye isebenza njengomshini omncane wokubala obika izimpawu ezifika njengamaza kagesi.” (The Brain) Sivame ukubuthatha kalula ubuchopho, kodwa buyisimiso esiklanywe ngokwaphezulu esiyinkimbinkimbi esivikelwe ugebhezi lwekhanda. Sasithola kanjani lesi sitho esenza abantu bacabange, bahlaziye futhi bakhulume izinkulungwane zezilimi? Ngezigidigidi zezingozi ezenzeka ngenhlanhla? Noma ngokuklanywa ngokuhlakanipha?

[Umdwebo ekhasini 16, 17]

Umdwebo Wengaphandle Lobuchopho Owenziwe Lula

I-sensory cortex

Ihlaziya imiyalezo yezinzwa evela emzimbeni wonke

I-occipital lobe

Isingatha izimpawu zezinto umuntu azibonayo

I-cerebellum

Ilawula ukuzimela nokusebenzelana kwezitho zomzimba

I-premotor cortex

Ilawula ukusebenzelana kwemisipha

I-motor cortex

Isiza ekulawuleni ukuhamba lapho umuntu ephapheme

I-frontal lobe

Isiza ekulawuleni ukucabanga, imizwelo, ukukhuluma nokuhamba

I-temporal lobe

Ihlaziya umsindo; ilawula izici zokufunda, zenkumbulo, zolimi nemizwelo

[Umdwebo ekhasini 16]

I-axon terminal

Ama-neurotransmitter

I-dendrite

I-synapse

[Umdwebo ekhasini 16, 17]

I-neuron

Ama-dendrite

I-axon

Ama-dendrite

I-synapse

I-neuron

I-axon

“Kungenzeka kunama-synapse asukela ezigidini zezigidi eziyishumi kuya kweziyikhulu ebuchosheni, futhi ngayinye isebenza njengomshini omncane wokubala obika izimpawu ezifika njengamaza kagesi.”—THE BRAIN

[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]

Moon and planets: NASA photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela