“Lokho Inkukhu Ekuxosha Emvuleni...”
Ngumlobeli we-Phaphama! eNigeria
LAPHO ibandla lakithi elincane eningizimu yeNigeria lithola amapheshana alo e-Kingdom News No. 34, eyasakazwa emhlabeni wonke, sasimagange sifuna ukuyisa amakhophi kuzo zonke izingxenye zensimu yethu. Lokho kwakungewona umsebenzi olula. Ensimini yethu kunamapulazi, okutshalwa kuwo umdumbula, i-yam nokunye ukudla. Lamapulazi aphakathi ehlathini lemvula. Ukufinyelela kuwo kungaba nzima kodwa kungenzeka. Phela, intando kaNkulunkulu iwukuba izindaba ezinhle zifinyelele kuzo zonke izinhlobo zabantu, ngisho nabalimi abasehlathini.—1 Thimothewu 2:3, 4.
Ngakho, ngo-October 16, 1995, ngo-7:30 ekuseni, sasuka singu-18 silibangise epulazini okuthiwa i-Abomgbada, eliqhele ngamakhilomitha angaba mathathu nengxenye. Endleleni, kwadingeka siwele umfula. Amanzi ayefika okhalweni.
Ukuze sifinyelele kwelinye ipulazi ngalolo suku, kwadingeka siwele umfula omkhudlwana. Kulokhu, kwawela abafowethu abane nodade oyedwa kuphela. Lonke iqembu lasala.
Ngalolo suku sathola abantu abaningi ababelalela. Okwanezela enjabulweni yethu yilokho esakubiza ngokuthi umphako wasehlathini. Njengoba sasiqhubeka nohambo, sakha futhi sadla izithelo ezithile zasendle. Sahlangana nabalimi abanomoya wokungenisa izihambi ababeyazisa imizamo yethu yokubafinyelela; basipha amawolintshi ukuze siqede ukoma. Saxoxa nabantu abangaba ngu-250, sahambisa wonke amapheshana esasiwaphethe.
Inselele Enkulu
Sabhekana nenselele yangempela ezinsukwini ezimbili kamuva. Ebangeni elingamakhilomitha angu-12 kwakune-Ose Anasi, ipulazi okungenzeka alikaze lifinyelelwe ngokushumayela okuhleliwe. Abanye babemanqikanqika ngokuya lapho. Ukuwela uMfula i-Urasi kwakuyingozi, futhi abaningi kithi babengakwazi ukubhukuda. Ukuwela kwakungaba ingozi ngenxa yeziqu zezihlahla ezicijile. Izindawo ezinodaka zingashelela, kanti ukuwa kungabangela ukulimala. Amanye amabhuloho enziwe ngezandla ayengaqinile. Kwakunezinyoka, izingwenya nemifula egcwele iminyundu.
Kodwa-ke abangu-16 kithi banquma ukuhamba. Sahamba cishe ikhilomitha nengxenye ngaphambi kokugibela isikebhe ukuze siwele uMfula i-Urasi onamandla futhi oyingozi. Ukuze sifinyelele kulesi sikebhe, kwadingeka sehle egqumeni eliphakeme. Kwakuyinkathi yezimvula, futhi umfula wawudla izindwani. Yonke lendawo inenhlabathi ewubumba; futhi lapho lina, ishelela kabi. Lapho sehla esikebheni, sathola ukuthi indlela yezinyawo yayiwumfula owawungaba imitha ukujula kwezinye izindawo. Kwaqala lapho-ke ukuba sibe nezinkinga.
Sanqamula eceleni kwalendlela ewumfula imizuzu engaba ngu-30. Inhlabathi yayishelela kangangokuba abaningi kithi bawela emanzini anodaka, kwaba manzi amaBhayibheli ethu, omagazini namapheshana. Saseneme, kangangokuba lapho othile ewa, sonke sasivele sife insini, kuhlanganise nalowo owile.
Lapho siwela omunye umfudlana, iminyundu yanamathela kithi emilenzeni. Udade othile osemusha umnyundu owanamathela kuye emlenzeni wamemeza njengohlanya. Wayesamemeza nangemva kokuba lomnyundu usususiwe. Nalokho sakwamukela ngokwenama, futhi saqhubeka nohambo lwethu.
Lapho siwela omunye umfula, omunye umfowethu wanquma ukungaweli njengabanye kodwa awele ngokweqa. Wakwazi ukweqa amanzi kodwa wehluleka odakeni. Washelela, wavuma phansi odakeni. Wasukuma, wazibukabuka, wathola ukuthi wayengalimele, wayesethi: “Akunankinga; ingxenye yokufunda.” Sakhumbula ukuthi nomphostoli uPawulu wahlangabezana ‘nezingozi emifuleni,’ mhlawumbe ezinkulu kakhulu kunalezo esabhekana nazo.—2 Korinte 11:26.
Sawela ibhuloho elenziwe ngezandla, elalibonakala liyingozi, kodwa sonke sakwazi ukuwela kulo. Ngemva kwalokho indawo yashelela nakakhulu, kangangokuba sasiwa ubuthaphuthaphu.
Sasihamba nomfowethu oyiphayona elivamile osecela eminyakeni engu-70 ubudala. Ekuseni ngalolo suku wafika ezosivalelisa. Kodwa ngemva kokuba sesithandazele isibusiso sikaJehova, wabuza: “Ngingasala kanjani kuyilapho nina niyoshumayela?” Waphikelela efuna ukuhamba, futhi akukho noyedwa owakwazi ukumvimba. Wathi uJehova wayezoba naye. Ngakho wahamba nathi.
Lapho evuma phansi ngomhlane enhlabathini eshelelayo, akekho owahleka. Sikhathazekile, sambuza ukuthi akalimalanga yini. Waphendula: “Cha. Ngiyé kahle phansi ukuze ngingalimazi umhlaba.” Sahleka ngokukhululeka futhi sakhumbula u-Isaya 40:31, othi “abamethemba uJehova bayathola amandla amasha.”
Izilaleli Ezinokwazisa
Ekugcineni safika lapho sasilibangise khona. Ukusabela kwabantu kwakukhuthaza ngempela. Indoda ethile yethuka lapho isibona sisondela kwayo, kodwa lapho izwa ukuthi singobani, yathi: “Kuyangimangalisa ukuthi nithathe uhambo olunzima kanjalo ukuze nje nizoshumayela kithi. Siyakwazisa lokho.” Saphendula ngesaga sendawo esithi: “Lokho inkukhu ekuxosha emvuleni kubalulekile kuyo.” Lendoda yaqonda ukuthi sisho ukuthini.
Omunye umlimi wathi: “Uma ukushumayela sekufinyelele kulendawo, lokho kusho ukuthi insindiso isifinyelele kithi.” Abaningi babenemibuzo, esayiphendula. Basicela ukuba siphinde sibuye, futhi sathembisa ukwenza kanjalo.
E-Ose Anasi sahambisa amapheshana angaba ngu-112—wonke esasiwaphethe. Sekukonke, safakaza kubantu abangaba ngu-220.
Lapho sesiphindela emuva, saduka. Ukuthola indlela ebuyela endaweni esasigobe kuyo amadlangala kwakuyothatha ihora nengxenye, kanti kwase kuhwalala. Sathandaza kuJehova buthule futhi sanquma ukuqhubeka, nakuba lokho kwakusho ukuwela emfuleni oyingozi owawufinyelela cishe okhalweni.
Ngemva kokuwela, sayithola indlela futhi samangala ukuthi manje kwase kuseduze ekhaya. Ukuduka kwethu kwaba ukunqamulela okwanciphisa uhambo lwethu okungenani ngehora! Yiqiniso, sonke sasijabulile futhi sambonga uJehova. Safika ekhaya ilanga seliyozilahla kunina—sikhathele futhi silambile kodwa sichichima injabulo.
Kamuva, lapho sixoxa ngokuhlangenwe nakho kosuku, udade othile wathi: “Kuningi engangikuzwile ngalendawo, ngakho bengazi ukuthi ngizowa. Ukube bekungengenxa yezindaba ezinhle, bengingeke ngiye kulendawo, ngisho noma benginganikezwa yonke imali emhlabeni!” Omunye umfowethu wababaza: “Ekugcineni izindaba ezinhle sezifinyelele e-Ose Anasi!”
[Izithombe ekhasini 23]
Ukuwela ibhuloho lendawo
Sawela imifula eminingi eyayigcwele iminyundu
Emaphethelweni alomzila oyingozi, sagibela isikebhe ukuze siwele uMfula i-Urasi