Abamemezeli BoMbuso Bayabika
‘Umbiko Omuhle Ovela Emazweni Akude’
◻ EGREENLAND eneqhwa abamemezeli abathile ababesohambweni lokushumayela bahlangana nensizwa yaseNorway eyamukela incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Nokho, ayibabonisanga sithakazelo esingakanani. Ekuhambeleni kwabo okulandelayo kulendawo ekude, yabatshela ukuthi yayisiyifunde izikhathi eziningana lencwadi futhi yayifuna izincwadi ezengeziwe. Yashiyelwa izincwadi nezincwajana ezingangomagazini eziningana. Yadabuka ukuzwa ukuthi labamemezeli babengenakukwazi ukubuyela kuyo kuze kudlule unyaka kodwa yathola ikheli lalaboFakazi. Okwabamangaza kakhulu ukuthi, ngemva kwenyanga eyodwa yangqongqoza emnyango wabo. Yabalandisa ukuthi yayigingqike eqhweni ngesithuthuthu sayo saseqhweni ngesikhathi iya esikebheni sayo, ngemva kwalokho kwayithatha amahora ayisithupha ukuhamba ngesikebhe ize ifike koFakazi. Yayifuna ukuthola izincwadi ezengeziwe futhi ixoxe ngeqiniso. Yaba khona emhlanganweni ngalokho kuhlwa futhi yahlela ukuba khona kanye ngenyanga. Yaba khona ngesikhathi sokuhambela kombonisi wesifunda futhi yakhuthazeka kakhulu. Isiyekile esontweni futhi manje ishumayela izindaba ezinhle endweni yakubo. Uma iqhwa ebusika liyivimbela ukuba ifinyelele emihlanganweni ngesikethe, igibela indiza enophephela emhlane, okuyibiza uR390 uhambo ngalunye.
Bangaki kithi okudingeka ukuba bazikhandle ngalelizinga ukuze bathuthuke enkonzweni?
◻ Abantu abaningi bayasabela ezindabeni ezinhle eMadagascar. Njengoba inabamemezeli boMbuso abangaphezu nje kwezi-3 200, abayizi-16 205 baba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Abazalwane benza imizamo emikhulu ukuze bafinyelele bonke abantu kulesiqhingi.
Ngokwesibonelo, abamemezeli abayi-17 kwabangama-30 abaseBandleni laseIsaonjo banquma ukufakaza ensimini eqhele ngamakhilomitha amaningi. Basuka edolobhaneni lakubo sekugamenxe ihora leshumi nambili ebusuku. Bahamba amahora amabili ezindleleni ezehlela kakhulu futhi bedabula emaxhaphozini anodaka. Base bengena ehlathini elikulezindawo ezishisayo ngo–2:30 a.m. Ngenxa yokuthi ubumnyama babemboze ihlathi, abanye abazalwane babewa emadwaleni. Abanye babekhubeka bangene emachibini amanzi emadwaleni anemigodi. Lelihlathi lalineminyundu, futhi izinambuzane eziningi zazibaluma. Abaningi odade bagula ngenxa yalokhu. Ngeziye izikhathi udaka lwalufika emadolweni. Bonke abamemezeli abayi-17 balimala ngezindlela ezihlukahlukene, kodwa ekugcineni baphuma ehlathini ngo–6:30 a.m.!
Inkonzo yasensimini yaqala ngo–6:45 a.m. Iningi labantu labamukela ngomusa abamemezeli. Omunye ongazange abamukele ngomusa ekuqaleni kwakuyinkosikazi yomholi wenkolo yobuProthestani. Yathi: “Nginenkolo yami; lokho kuyanganelisa. Ngiyakwazi konke okushiwo yiBhayibheli.” Lapho nje ummemezeli ekhipha umagazini INqabayokulinda, lenkosikazi yawenqaba ngokuqhosha, ithi: “Nginezinto eziningi kakade okumelwe ngizifunde.” Kodwa yaqala ukubuza imibuzo: “Ningobani, nivelaphi, futhi nithunywe ngubani?” Ngemva kokuba bephendule ngesizotha futhi balandisa kafushane ngawo wonke umzamo abawenzile ukuze bafike edolobhaneni ayekulo, lona wesifazane wayamukela INqabayokulinda, ethi: “Ngizoyithenga. Kwazi bani mhlawumbe nithunyelwe nguNkulunkulu?”
Ngo–1:30 p.m., laba abayi-17 baphindela ekhaya besuka ensimini, uhambo lwabo lwabathatha amahora angaphansi kwamane ngoba kwakusakhanya. Babekhathele kodwa bephephile, futhi ubuso babo babuchichima injabulo. Bathi: “Kwakuwusuku olungalibaleki ngathi esiyi-17 sivela eBandleni laseIsaonjo.”
Ngokuqinisekile, umoya kaJehova ushukumisa izinceku zakhe ezizinikezele ukuba zimemezele izindaba ezinhle zoMbuso “ezingxenyeni ezikude zomhlaba,” futhi abaningi bayasabela emizamweni emihle yoFakazi.—IzEnzo 1:8, NW.
[Isithombe ekhasini 30]
Isikhumulo semikhumbi saseUmanak, eGreenland