Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 6/22 k. 19-k. 23 isig. 4
  • Ukufuna Kwethu Ubulungisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Kwethu Ubulungisa
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inkinga Ngamasonto
  • Inkonzo Yezempi Nomshado
  • Ukuphikisa Kwami Ngenkani
  • Ukufuna Kwami Ubulungisa Kuyagculiswa
  • Inhliziyo Yami Yafinyelelwa Ekugcineni
  • Ukuphishekela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
  • Lapho Kuba Nobulungisa Ngokuphelele
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Impi Yami Yesikhathi Eside, Nenzima Yokuthola Ukholo Lweqiniso
    I-Phaphama!—1995
  • Ukusondela KuNkulunkulu Kwangisiza Ukuba Ngiphumelele
    I-Phaphama!—1993
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 6/22 k. 19-k. 23 isig. 4

Ukufuna Kwethu Ubulungisa

NJENGOBA ILANDISWA NGU-ANTONIO VILLA

Ngo-1836 bonke abavikeli be-Alamo baseTexas—abangaphansi kuka-200—babulawa ibutho laseMexico lamadoda angaba ngu-4000. Ngemva kwalokho, isiqubulo sempi esithi “Khumbulani I-Alamo” sasetshenziswa ekugqugquzeleni impi yokufuna ukuzibusa, okwatholwa kamuva ngalowo nyaka. Ngo-1845 indawo eyayiyingxenye yeMexico yaba ingxenye ye-United States, futhi abaseMexico bazithola besendaweni enobutha. Izingxabano zobuhlanga zisakhunjulwa.

NGAZALWA ngo-1937, endaweni engekude naseSan Antonio, eTexas, lapho kukhona khona i-Alamo. Ngalezo zinsuku izindlu zangasese, imithombo yamanzi nezinye izinto zomphakathi zazibhalwe ukuthi “Abamhlophe Kuphela” nokuthi “Abanye.” Ngasheshe ngathola ukuthi elithi “Abanye” lalihlanganisa nalabo kithi ababedabuka eMexico.

Lapho kubukwa isithombe sebhayisikobho, abaseMexico nabansundu babevunyelwa ukuba bahlale nje kuvulandi, hhayi ngaphakathi ehholo. Amathilomu namabhizinisi amaningi ayengabathengiseli abaseMexico. Ngesinye isikhathi lapho umkami, uVelia, nodadewabo bengena esitolo sezimonyo, abanikazi baso abazange babonise ngisho nenhlonipho ngokubatshela ukuthi: “Asibafuni abaseMexico lapha.” Bamane babahleka usulu kwaze kwaba yilapho uVelia nodadewabo behamba ngenxa yokuhlazeka.

Ngezinye izikhathi, amadoda angabelungu—ngokuvamile lapho edakiwe—ayefuna abesifazane baseMexico, amaningi ayebabheka njengabaziphethe kabi ngokwemvelo. Ngangiyaye ngicabange, ‘Abafuni ukungena nathi ndawonye endlini yangasese noma baphuze nathi emthonjeni, kodwa balala nabesifazane baseMexico.’ Ekuqaleni lokhu kungabi nabulungisa kwakungenza ngizizwe ngingalondekile, kodwa kamuva kwangenza ngeyisa.

Inkinga Ngamasonto

Ubuzenzisi benkolo bangithukuthelisa nakakhulu. Abelungu, abansundu nabaseMexico babenamasonto ahlukene. Lapho ngilungiselela ukuyodla iSakramente lami lokuqala njengomKatolika, umpristi wanginikeza izimvilophu ezibhalwe izinsuku ukuba ngizinikeze ubaba. Kwakufanele silethe imvilophu enomnikelo isonto ngalinye. Ngokushesha ngemva kwalokho, lompristi wangitshela: “Utshele uyihlo ukuthi ngiyazidinga lezo zimvilophu.” Ukubhavumula kukababa ngentukuthelo kwagxila engqondweni yami: “Yileyonto kuphela abayifunayo—imali!”

Kwakuvame amahlazo abefundisi ababebaleka nabesifazane basemasontweni abo. Izenzakalo ezinjalo zazingenza ukuba njalo ngithi: “Inkolo inezinhloso ezimbili kuphela—ukudla imali yakho noma ukuthatha umkakho.” Ngakho, lapho oFakazi BakaJehova bevakasha, ngangibaxosha, ngithi: “Uma ngifuna inkolo, ngizozifunela yona.”

Inkonzo Yezempi Nomshado

Ngo-1955, ngajoyina iButho Lezempi Lasemoyeni Lase-United States, lapho nganginethemba lokuthi uma ngenza kahle emsebenzini wami, ngangizothola khona inhlonipho engangiyincishwa ngenxa yokuba owaseMexico. Ngokuzikhandla, ngathola ukuqashelwa, ekugcineni ngaphatha umnyango wokuhlola imikhiqizo. Lokhu kwakuhilela ukuhlaziya imisebenzi yeminye iminyango yenkonzo yezempi.

Ngo-1959, ngashada noVelia. UVelia wayethambekele enkolweni ngaso sonke isikhathi. Nokho, wayedunyazwe amasonto ahlukahlukene ayeya kuwo. Ngolunye usuku ngo-1960, lapho ecindezeleke kakhulu, wathandaza: “Nkulunkulu uma ukhona, ngicela ungazise. Ngifuna ukukwazi.” Ngalo lolo suku kwafika omunye woFakazi BakaJehova emzini wethu ePetaluma, eCalifornia.

Nokho, ngokushesha ngemva kwalokho uVelia wadukelana noFakazi ngenxa yokushintshwa kwami esabelweni sezempi. Kwaze kwaba ngo-1966, lapho ngiseVietnam, lapho aphinde wavuselela isifundo sakhe seBhayibheli noFakazi eSeminole, eTexas. Lapho ngibuyela ekhaya ngivela eVietnam ekuqaleni konyaka olandelayo, akuzange kungijabulise ukuthola ukuthi ufunda iBhayibheli noFakazi.

Ukuphikisa Kwami Ngenkani

Nganginomuzwa wokuthi inkolo yayizomkhohlisa futhi imdumaze uVelia. Ngakho ngaba khona esifundweni futhi ngalalela ngifuna ithuba lokudalula ngisho nobuzenzisi obuncane. Lapho lona wesifazane ethi oFakazi abathathi hlangothi kwezombangazwe, ngangenela: “Umyeni wakho usebenzaphi?”

Waphendula: “Utshala ukotini.”

Ngaphendula ngokuqhosha: “Klibhi! Inyunifomu yempi yenziwa ngokotini. Ngakho niyayisekela impi!” Ngaqala ukuklabalasa ngokungenangqondo.

Nakuba ngo-June 1967 isabelo esisha sezempi sasishintshela endaweni ekude, eMinot, eNyakatho Dakota, oFakazi lapho bathintana noVelia futhi bavuselela isifundo sakhe seBhayibheli. Ngaqala ukuphikisa ngezindlela zobuntwana. Ngangifika ngamabomu phakathi nesifundo futhi ngigaklaze izicabha, ngibange umsindo ezitebhisini, ngilahle phansi amawudlu ami futhi ngidonse amanzi kaningi endlini yangasese.

UVelia wayengunkosikazi omnene nothobekile owayengakaze enze lutho ngaphandle kwemvume yami. Nakuba ngamvumela ngingathandi ukuba abe nesifundo seBhayibheli, wayazi ukuthi kwakuyoba inkinga enkulu ukuya emihlanganweni yoFakazi. Lapho ekhuthazwa ukuba enze kanjalo, njalo wayephendula ngokuthi: “Kungcono ngingayi. Angifuni ukuthukuthelisa uTony.”

Nokho, ngolunye usuku uVelia wafunda eBhayibhelini: “Ningawenzi lusizi umoya kaNkulunkulu ongcwele.” (Efesu 4:30) Wabuza: “Kusho ukuthini lokho?” UFakazi owayeqhuba isifundo wachaza: “Umoya kaNkulunkulu ongcwele waphefumulela ukulotshwa kweBhayibheli. Ngakho uma singavumelani nalokho okushiwo iBhayibheli, khona-ke siwenza lusizi umoya kaNkulunkulu ongcwele. Ngokwesibonelo, abanye abayi emihlanganweni, ngisho noma bazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lithi kufanele siye.” (Heberu 10:24, 25) Yilokho kuphela inhliziyo kaVelia ethobekile eyayikudinga. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke wayeya kuyo yonke imihlangano naphezu kokuphikisa kwami.

Ngangihluthuka: “Ungahamba kanjani ungakangiphakeli?” Ngokushesha uVelia wafunda ukuba ashiye engilungisele ukudla. Ngakho ngasebenzisa ezinye izaba: “Awungithandi nabantwana bethu awubathandi. Usishiya dengwane uye kuleyo mihlangano.” Noma lapho ngihlasela izinkolelo zoFakazi futhi uVelia ngobumnene ezama ukuzivikela, ngangimbiza ngokuthi uyi-bocona—“wande ngomlomo”—engenanhlonipho nengathobekile.

Noma kunjalo, uVelia wayeya emihlanganweni, ngokuvamile ephuma ekhala ngenxa yokumchapha kwami ngamazwi. Nokho ngangizigcina izimiso ezithile. Ngangingamshayi umkami noma ngisho ngicabange ukumshiya ngenxa yokholo lwakhe olusha. Kodwa ngangikhathazeka ngokuthi mhlawumbe kunegeza lensizwa elinesithakazelo kuye kuleyo mihlangano. Ngangisacabanga ukuthi uma kuziwa enkolweni, ‘Bafuna imali noma umkakho.’ Ngangivame ukukhononda lapho uVelia egqoka eya emihlanganweni: “Uyazilungisa ube muhle ukuze ubonwe omunye umuntu kodwa hhayi ngenxa yami.” Ngakho lapho nginquma ukuya emhlanganweni okokuqala ngqá, ngathi: “Ngiyaya—kodwa ukuze nje ngikugade!”

Nokho, isisusa sami sangempela kwakuwukuthola isici esithile koFakazi. Komunye wemihlangano yokuqala engaya kuyo, kwanikezwa inkulumo ekhuluma ngokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Lapho sifika ekhaya, ngakhononda: “Uyabona-ke! Bayafana nabo bonke abanye—bayabacwasa abangebona abenkolo yabo.” Ngokuthobeka uVelia wathi: “Kodwa akubona abasho kanjalo, kusho iBhayibheli.” Ngokushesha ngasabela ngokushaya udonga ngesibhakela futhi ngamemeza: “Iqalile-ke futhi le-bocona!” Eqinisweni, ngangikhungathekile ngoba ngangazi ukuthi wayeqinisile.

Ngaqhubeka ngiya emihlanganweni futhi ngifunda izincwadi zoFakazi, kodwa isisusa sami kwakuwukuzama ukuthola iphutha kuzo. Ngaqala ngisho nokuphendula emihlanganweni—kodwa ukuze nje ngibonise abantu ukuthi ngangingesona “isiwula saseMexico.”

Ukufuna Kwami Ubulungisa Kuyagculiswa

Ngo-1971 sase sihlala e-Arkansas ngenxa yomsebenzi wami wezempi. Ngaqhubeka ngiya emihlanganweni noVelia, owayebhapathizwe ngo-December 1969 ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova. Ngangingasamphikisi, kodwa ngangingafuni muntu ukuba angiqhubele isifundo seBhayibheli. Ulwazi lwami ngenxa yokufunda izincwadi zeBhayibheli lwase lwande kakhulu. Kodwa lwalugcwalise ikhanda kuphela—umphumela wesifiso sami sokuba umpetha kukho konke engikwenzayo. Nokho, kancane kancane, ubudlelwane noFakazi BakaJehova baqala ukuthinta inhliziyo yami.

Ngokwesibonelo, ngaqaphela ukuthi abansundu babenengxenye ekufundiseni emihlanganweni yebandla. Kodwa ekuqaleni ngazitshela ukuthi, ‘Bamane nje bakwenza lapha ekusithekeni.’ Nokho, lapho siya emhlanganweni enkundleni enkulu ye-baseball, ngashaqeka lapho ngibona ukuthi nabansundu babenezingxenye esimisweni. Kwadingeka ngivume ukuthi akukho ukucwasana phakathi koFakazi. Banobulungisa bangempela.

Ngaqaphela nokuthi oFakazi BakaJehova bathandana ngempela. (Johane 13:34, 35) Futhi lapho ngisebenza nabo ekwakheni iHholo labo LoMbuso, ngangibona ukuthi bangabantu nje abavamile. Ngangibabona bekhathala, benza amaphutha futhi bexabana lapho izinto zingahambi kahle. Kunokuba ngibaxwaye ngenxa yalokhu kungapheleli, ngazizwa ngilondekile uma ngiphakathi kwabo. Mhlawumbe ngaqaphela ukuthi kwakunethemba ngami naphezu kokushiyeka kwami okuningi.

Inhliziyo Yami Yafinyelelwa Ekugcineni

Ngaqala ukubona ukuthi ngangihlakulela ubuhlobo noJehova lapho ngo-1973, INqabayokulinda ichaza ukuthi ukubhema ‘kuwukungcolisa inyama’ futhi kuyicala lokususwa ekuhlanganyeleni. (2 Korinte 7:1) Ngaleso sikhathi ngangibhema iphakethe likagwayi elilodwa kuya kwamabili ngosuku. Ngangizame kaningi ukuyeka ngaphambili kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya. Nokho, manje njalo lapho ngizizwa ngiqalekele ugwayi, ngangithandaza buthule ngicela usizo lukaJehova ukuze ngiyeke lomkhuba ongcolile. Wonke umuntu wamangala ngoba angiphindanga ngabhema.

Ngangizothola umhlalaphansi kwezempi ngo-July 1, 1975. Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukwenza lokho okufundiswa iBhayibheli, kwakuyofanele nginikezele ukuphila kwami kuJehova. Ngangingakaze ngiqhutshelwe isifundo seBhayibheli, ngakho kwabamangaza kakhulu abadala bebandla lapho ngo-June 1975, ngibatshela ukuthi ngifuna ukubhapathizwa ngokushesha lapho ngishiya kwezempi. Bangichazela ukuthi kwakufanele ngiqale ngokufeza umyalo kaJesu wokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. (Mathewu 28:19, 20) Ngenza kanjalo ngoMgqibelo wokuqala ku-July. Ngalo lolo suku ngahlangana nomdala futhi ngaphendula imibuzo yeBhayibheli yabafuna ukubhapathizwa. Emasontweni amathathu kamuva ngabhapathizwa.

Lapho bengibona ngibhapathizwa, abantwana bethu abathathu—uVito, uVenelda noVeronica—baqala ukuthuthuka ngokushesha ngokomoya. Phakathi neminyaka emibili eyalandela, ababili abadala babhapathizwa, kwase kulandela omncane eminyakeni emine kamuva. Lapho ngixoxa namadoda alaziyo iqiniso leBhayibheli kodwa angenzi lutho ngalo, ngivame ukuwatshela ngemiphumela yokuzindela kwawo. Ngiwatshela ukuthi ngisho noma abantwana bawo bengase bangasho, bayaye bathi, ‘Uma iqiniso lingabalulekile kubaba, khona-ke alibalulekile nakimi.’

Ukuphishekela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele

Wonke umkhaya wethu waqala inkonzo yesikhathi esigcwele njengamaphayona eMarshall, e-Arkansas. Mina noVelia saqala ngo-1979, futhi abantwana basijoyina kulomsebenzi eminyakeni eyalandela njengoba ngamunye ayephothula esikoleni esiphakeme.

Ekuqaleni kwawo-1980, sezwa imibiko ngokomela ulwazi lweBhayibheli kwabantu base-Ecuador, eNingizimu Melika, futhi sazibekela umgomo wokuthuthela khona. Ngo-1989 abantwana bethu base bekhulile futhi bekwazi ukuzinakekela. Ngakho ngalowo nyaka savakashela e-Ecuador okwesikhashana ‘siyohlola izwe.’—Qhathanisa noNumeri 13:1, 2.

Ngo-April 1990 safika e-Ecuador, ikhaya lethu elisha. Njengoba sasinemali elinganiselwe—sasiphila ngempesheni yami yezempi—kwakudingeka siyisebenzise ngokucophelela imali yethu. Kodwa injabulo yenkonzo yesikhathi esigcwele kulensimu ethelayo ngokomoya iye yakudlula kude ukuzidela kwethu ngokwezimali. Ekuqaleni, sasebenza edolobheni eliyitheku laseManta, lapho ngamunye wethu ayeqhuba khona izifundo zeBhayibheli zamasonto onke eziphakathi kweshumi neshumi nambili. Khona-ke, ngo-1992, ngaqala ukukhonza njengesikhonzi esijikelezayo, ngihamba nomkami. Sivakashela ibandla elihlukile isonto ngalinye.

Lapho Kuba Nobulungisa Ngokuphelele

Lapho sibheka emuva, mina noVelia siyabona ukuthi ukungabi nabulungisa esabhekana nakho lapho sisakhula kuyasisiza enkonzweni yethu. Siqaphela kakhulu ukuba singambukeli phansi noma ubani okungenzeka umpofu noma akafundile njengathi noma onesizinda sohlanga esihlukile kwesethu. Siyaqaphela futhi ukuthi abafowethu nodadewethu abaningi abangamaKristu babhekana nokungabi nabulungisa kwezenhlalo okubi kunalokho esabhekana nakho. Nokho, abakhonondi. Bagxilisa amehlo abo eMbusweni kaNkulunkulu ozayo, futhi yilokho esiye safunda ukukwenza. Sekukade sayeka ukuzama ukuthola ubulungisa kulesi simiso; kodwa kunalokho, sisebenzisa ukuphila kwethu sibonisa abantu okuwukuphela kwekhambi leqiniso lokungabi nabulungisa, uMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 24:14.

Siye safunda futhi nokuthi thina esiye sasheshe sathinteka ngenxa yokungabi nabulungisa kumelwe siqaphele ukuba singalindeli ubulungisa obuphelele kubantu bakaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi sonke asiphelele futhi sithambekele ekwenzeni okubi. (Roma 7:18-20) Nokho, singasho ngobuqotho ukuthi sithole inhlangano yezizwe zonke yabazalwane abanothando abazama ukwenza okulungile ngangokusemandleni abo. Sinethemba lokuthi sikanye nabantu bakaNkulunkulu kuyo yonke indawo, siyongena ezweni elisha likaNkulunkulu lapho kuyohlala khona ukulunga.—2 Petru 3:13.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]

Ngokushesha ngasabela ngokushaya udonga ngesibhakela

[Isithombe ekhasini 21]

NginoVelia, lapho ngijoyina ibutho lezempi lasemoyeni

[Isithombe ekhasini 23]

NginoVelia, ngo-1996

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela