Ukubuka Okwezwe
Ukuhweba Ngezigqila EBrazil
“Kwathunyelwa izigqila eziphindwe kayishumi eBrazil kunezathunyelwa e-United States—kodwa inani lezigqila ezafa ezaziya eBrazil laliphakeme kangangokuba inani labantu abansundu eBrazil laliyingxenye kuphela kulelo labase-United States ngo-1860,” kubika i-ENI Bulletin yoMkhandlu Wezwe Wamasonto (World Council of Churches [WCC]). Kulinganiselwa ukuthi izigqila zase-Afrika ezingamaphesenti angu-40 zafela emikhunjini. Ukuze kwenyuswe imali ezazithengiswa ngayo, zabhapathizwa kanye kanye ngokuthelwa ngamanzi ngesikhathi abapristi besho “amazwi obhapathizo.” Ekhuluma enkonzweni “yesikhumbuzo, yokuphenduka nokubuyisana” eyayiseSalvador, eBrazil, u-Aaron Tolen, umholi waseCameroon we-WCC, waphawula: “Labo abasiletha kulendawo babengebodwa ekubangeleni lenhlekelele. Nathi thina bantu abaNsundu sinecala. Siye sazilulaza ngokuthengisa abafowethu nodadewethu njengezimpahla.”
Abantu Ababhemayo BaseYurophu
Izakhamuzi zaseYurophu naseChina zibhema ugwayi ngaphezu kwabo bonke abantu emhlabeni, kubika i-Nassauische Neue Presse yaseFrankfurt, eJalimane. Emazweni e-European Union, abesilisa abangamaphesenti angu-42 nabesifazane abangamaphesenti angu-28 bayabhema. Nokho, lamanani aphakeme kakhulu eqenjini labaneminyaka ephakathi kuka-25 no-39 ubudala. Ukubhema kubulala abantu abangu-100 000 eJalimane nabangu-100 000 eBrithani unyaka ngamunye. Muva nje, umongameli waseCzech Republic, uVáclav Havel, osekuyiminyaka eminingi eyixhwele likagwayi, uye welashelwa umdlavuza wamaphaphu. I-Süddeutsche Zeitung ibika ukuthi lomongameli wabhalela inhlangano yaseYurophu ebizwa ngokuthi i-Smoking or Health ethi uyamncoma umuntu okwazi ukuyeka umkhuba wokubhema.
Ingabe Umsindo Uyakugulisa?
Ngokokuhlola okwabikwa kumagazini waseBrithani i-New Scientist, ukuchayeka emsindweni, ngisho nomncane kangakanani, kungakugulisa. Icabangela lemiphumela, i-World Health Organization iye yabukeza iziqondiso zayo zezinga eliphephile lomsindo wasebusuku. Okukhathaza kakhulu ubufakazi bokuthi kungenzeka izingane zisengozini kakhulu. Okunye ukuhlola kwathola ukuthi izingane ezihlala ngasesikhumulweni sezindiza samazwe ngamazwe saseMunich zazinomfutho ophakeme wegazi kanye nezinga eliphakeme le-adrenaline. Abacwaningi bathola nokuthi lezi zingane zazinokukhubazeka emakhonweni okufunda nasekukhumbuleni isikhathi eside. Isazi sezomsindo u-Arline Bronzaft sithi abantu okubonakala bewujwayela umsindo “ngaso sonke isikhathi balimaza isimiso sabo somzimba. Umsindo uyacindezela futhi ekugcineni umzimba uyehluleka ngandlela-thile.”
Izingozi Zezibulala-zinambuzane
Ngokwe-International Rice Research Institute ePhilippines, umkhiqizo welayisi ubungeke ushintshe ukuba abalimi abazange bazisebenzise nhlobo izibulala-zinambuzane. Usosayensi wakulesi sikhungo selayisi watshela i-World Food Summit, eyayisePhilippines ukuthi ukuchelelwa ngokweqile kwezilimo kuwukusaphaza futhi akudingekile. Umagazini i-New Scientist ubika ukuthi akukhona nje ukuthi abalimi bachelela izilimo ngesikhathi esingafanele onyakeni, kodwa eqinisweni babulala izinambuzane okungafanele bazibulale. Ngaphezu kwalokho, abalimi abaningi bazishaya indiva iziqondiso zokuphepha lapho besebenzisa amakhemikhali, bese besebenzisa izifutho zamakhemikhali ahogeleka kalula, noma bahlanganise inhlabathi nemithi yokubulala ukhula bese beyifafaza ngezandla. I-World Health Organization ibika ukuthi izibulala-zinambuzane emhlabeni wonke manje zibulala abangu-220 000 futhi abantu abayizigidi ezintathu badla ubuthi bazo unyaka ngamunye.
Intsha Ichaza Abazali Abakahle
Intsha ingamchaza kanjani umzali okahle? Ukuze athole lokhu, umeluleki wezikole futhi oyisazi sokusebenza kwengqondo uScott Wooding wahlola intsha engaphezu kuka-600. Njengoba uWooding ayelindele ukuba lentsha ituse ukuyekelela, kwamethusa ukusabela kwayo. Iphephandaba i-Toronto Star libika ukuthi ngokungaguquki, lentsha yathi ifuna “ubuqotho, ukukhathalelwa (‘ifuna ukutshelwa ukuthi: “Ngiyakuthanda”’), ukwenama [kanye] nokubekelwa isibonelo esihle.” UWooding wathola futhi ukuthi intsha ifuna abazali bayo bayisize ihlakulele ukwethenjelwa. Lapho yenze iphutha, ifuna ukujeziswa. Okubaluleke nakakhulu, lentsha yathi ilangazelela ukuba abazali bayo bachithe nayo isikhathi esengeziwe.
Ukwelapha Ngaphandle Kwegazi
Iphephandaba i-Globe and Mail liyabika: “Ukwesaba ukungenwa izifo ezithwalwa yigazi nokuntuleka ngokuqhubekayo kwegazi elinikelwe kuye kwabangela umzamo omkhulu wokuyeka ukumpompela igazi lapho kunokwenzeka.” I-Globe ithi ukwelapha nokuhlinza ngaphandle kwegazi kuxhomeke ekulawuleni ukopha ngokucophelela, futhi “amasu amaningi amasha ekuqaleni ayenzelwe ukwelapha oFakazi BakaJehova.” UDkt. James A. Robblee, ongudokotela obulala izinzwa e-University of Ottawa Heart Institute, esinye sezibhedlela eziningi ezisebenzisa izinhlelo zokuhlinza ngaphandle kwegazi, wavuma: “Ngokuqinisekile ngicabanga ukuthi [oFakazi BakaJehova] baye basiqaphelisa kakhulu ngalomsebenzi.”
Ukusuka “ENkathini Yamatshe” Kuya Kweyamavolovolo
Ehlathini lemvula eliwudukathole eliphakathi kweBrazil neVenezuela kuhlala amaNdiya angamaYanomami. Njengoba “atholakala” okokuqala ngawo-1960, kancane kancane aye afundiswa izinto zempucuko yanamuhla njengamahhuku okudoba, izibuko, umentshisi nemisakazo. Nokho, umshini wanamuhla asanda kuwuthola—ivolovolo—uwusongo “kulesi sizwe sokugcina seNkathi Yamatshe sasemazweni aseMelika,” kubika i-Daily Journal yaseCaracas, eVenezuela. Ngokuhweba ngokushintshana ngezimpahla, abambi begolide, abahwebi basemahlathini nezithunywa zevangeli baye baletha amavolovolo esikweni lasendulo lamaYanomami. Kodwa ukudutshulwa ngengozi kwamaYanomami amathathu esontweni elilodwa kuyisikhumbuzo esisabekayo sokuthi ukwamukela impucuko yanamuhla kungaba nemiphumela eyinhlekelele kanjani. Njengoba uClaudia Andujar, umphathi we-Pro-Yanomami Commission, esho: “Cabanga indlela okungaba ingozi ngayo ukungeniswa ngokushesha kwezibhamu nezinhlamvu zazo esizweni esizigqaja ngekhono laso lokulwa ngemicibisholo enobuthi, amatshe nezagila.”
Umkhomo Oluhlaza Wenza Ibuya
Ukuzingela imikhomo eluhlaza kuye kwabekelwa imibandela eqinile kusukela ngo-1946. Ngaleso sikhathi, lezi zilwane ezinkulu ezincelisayo ezingamamitha angu-30 ubude futhi ezinesisindo esingamathani angu-150 zase zisengcupheni yokuqothulwa ngenxa yokuzingelwa. Kodwa manje, ngosizo lwe-Sound Surveillance System yeButho Lasemanzini Lase-United States kuye kwembulwa ukuthi eNorth Atlantic kunenqwaba yalemikhomo, kuhlanganise nemikhomo okuthiwa ama-finback kanye nama-humpback, ama-minke nemikhomo eluhlaza eyivelakancane. I-Sunday Telegraph yaseLondon ithi: “Kunemikhomo eminingi ngasogwini lwaseBrithani kunalokho okwakucatshangwa ngaphambili.” Amathuluzi athungatha umsindo emanzini asekujuleni kolwandle okungamamitha angu-3000 ekuqaleni ayefakelwe ukuthungatha imikhumbi-ngwenya. Nokho, kuye kwatholakala nokuthi ayakwazi ukuthungatha imisindo yemikhomo engawubangi umsindo omkhulu. Kuthiwa umsindo womkhomo oluhlaza uzwakala ebangeni elingamakhilomitha angu-3000 ngaphansi kwamanzi.
Amakilasi Esehlukaniso?
I-Dallas Morning News ibika ukuthi ePima County, e-Arizona, e-U.S.A, abazali abafuna isehlukaniso kufuneka baye emhlanganweni wokufundisa othatha amahora amane nengxenye ukuze baqonde umphumela esiba nawo ezinganeni. Lamakilasi aklanyelwe ukusiza abazali ukuba bafunde “indlela yokuhlela izimiso zokuvakasha” futhi bacabangele “ubudala obufanele lapho ingane ingahlala nomzali ongayinakekeli ngamaholide asehlobo.” Umqondisi walamakilasi uFrank Williams uthi okubaluleke nakakhulu, abazali basizwa ukuba baqonde umbono wezingane ngesehlukaniso. Ummeli wemikhaya u-Alyce Pennington uthi: “Nokho, ngiyazibuza ukuthi kungani imfundo enjengalena iyisibopho ekupheleni kwalenqubo yesehlukaniso.” Kungani “bengafundi ekilasini elinjengaleli ngisho nangaphambi kokuba bashade?”
Abagcini Bezigebengu Ezinkulu Kunazo Zonke
UMnyango Wezobulungisa wase-United States uthi ngo-1995 kwakunabantu ababoshiwe abangu-615 kulezo nalezo zakhamuzi ezingu-100 000 zakhona. Lesi yisibalo esiphindwe kabili kwesabantu ababeboshwe ngo-1985, okwenza kube esiphakeme kunazo zonke emhlabeni, kubika i-Wall Street Journal. Ngokusekelwe ekwazisweni kwamuva nje okutholakalayo (kwango-1994), iRussia ilele isibili, njengoba inabangu-590 kwabangu-100 000.
Ukukhiqiza Kabusha Kunengqondo
Ngokwephephandaba i-Universal laseCaracas, eVenezuela, ukukhiqiza kabusha amathini e-aluminum konga amaphesenti angu-90 ezinto ezisetshenziswa ekwenzeni amathini amasha. Ukukhiqiza kabusha iphepha nakho kulonda indawo ezungezile. Kusetshenziswa izinto ezingaphansi ngamaphesenti angu-50 lapho kukhiqizwa kabusha iphepha kunalapho kwenziwa elisha, ukungcoliswa kwamanzi kwehla ngamaphesenti angu-58, kanti ukungcoliswa komoya kwehla ngamaphesenti angu-74. Ingilazi yona ingcono nakakhulu ngoba ingakhiqizwa kabusha ngokuphelele, ngokuphindaphindiwe.