Ukuphepha Kwezilwane Zasendle Emgwaqweni
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
KUFA amankentshane ayizigidi eziyikhulu kanye nama-hedgehog nonogwaja abayinani elifanayo emigwaqweni yaseBrithani unyaka ngamunye, kanye nezimbila ezingu-40 000, omabhengwane (barn owl) abangu-5000 kanye namasele angaphezu kwesigidi. Inkungu yasebusika nobumnyama kunengxenye ekushayisweni kwezilwane zasendle yizimoto ezihamba emigwaqweni emikhulu. Ngokuvamile abashayeli bayadeda begwema ukushayisa isilwane kodwa bese belimaza izimoto zabo noma bashayisane ngisho nanezimoto abaphambana nazo. Ngezinye izikhathi lokhu kubangela ukufa kwabantu. Ngemva kokushayisa isilwane, abashayeli abaningi bayashaqeka, futhi ngokwemibiko yamaphoyisa, abaningi ababe besakwazi ukuqhubeka nohambo lwabo.
Kweminye imigwaqo emikhulu yaseBrithani, iziphathimandla ziye zafaka izibani ezikhethekile zokwethusa amaphiva adede emgwaqweni. Lapho izibani zemoto zikhanyisa lezi zibani, zibonakala sengathi amehlo ezimpisi! Kwezinye izindawo, izihlahla ziye zatshalwa kude nomgwaqo ukuze abashayeli bazibone kahle izilwane zasendle kusengaphambili. E-United States, abanye abashayeli baye bafaka izindweba ezikhipha umsindo ovala izindlebe ezimotweni zabo lapho imoto ihamba ngejubane elingamakhilomitha angaphezu kwangu-55 ngehora. Ukushaywa kwalendweba umoya kukhipha umsindo onama-decibel angu-60 ongezwakali kumuntu kodwa ozwakala ezilwaneni zasendle. Lendweba iye yaphumelela kakhulu ezilwaneni ezinamadlebe amile. Amaphoyisa abika ukuthi ukushayiswa kwamaphiva kwancipha ngamaphesenti angu-50 lapho kusetshenziswa lendweba isahlolwa.
Ungayigwema kanjani ingozi nokubulala izilwane zasendle ngokungadingekile emigwaqweni? Lapho ushayela, ikakhulukazi ebusika noma ebusuku, yehlisa ijubane futhi uhloniphe izimpawu zomgwaqo ezikuqaphelisa ngokuba khona kwezilwane.