Gwema Ijubane Eleqile Nobudlova!
“UMA imoto ibisungulwe namuhla ibiyokwenqatshwa ngokomthetho,” kugomela uGeoff Large, umqondisi oyisekela lokuphepha emgwaqweni weRoSPA yaseBrithani (iNhlangano Yasebukhosini Yokuvimbela Izingozi). “Ubungenakuvunyelwa ukuba uthenge okuthile obekuyobulala futhi kulimaze ingxenye yesithathu yesigidi sabantu unyaka ngamunye kulelizwe kuphela.”
Abenzi bezimoto bayayiqaphela ingozi engabangelwa umkhiqizo wabo. Bakhipha izamba zemali ukuze bathuthukise izici zokuphepha ezakhelwa ezimotweni zesimanje. Kodwa kunjengoba iSunday Express Magazine yaseLondon iphawula: “Abashayeli abakukhathalelayo ukulondeka bayazi ukuthi ukuvikela imoto—nabagibele kuyo—akuzi kalula.” Nakuba izimemezelo zokukhangisa zingase ziqokomise izici zokulondeka, yini ekhanga umthengi? Ngokuvamile kuwukwenza kwemoto, indlela efinyelela ngayo ijubane eliphakeme ngesikhathi esincane kanye namandla ayo, nokuba kwayo unyanyavu.
URichard Spiegel ongumahluleli osewathola umhlala-phansi ukholelwa ukuthi abashayeli baseJalimane babonakala “benokuthambekela okungokwemizwa ejubaneni . . . okusalokhu kuyimbangela evamile yezingozi.” Ukholelwa ukuthi yilesisimo sengqondo esisetshenziswa ngokunenzuzo “yizimemezelo zokukhangisa kwezimboni zezimoto.” Ingabe lokhu kunjalo ezweni lakini?
Ezinye izici, ezinjengokuminyana kwezimoto okwandayo emgwaqweni kanye nezinga elehlayo lokuba yinkimbinkimbi kwemigwaqo, kwenza ukushayela kube yingozi ngokwengeziwe emazweni amaningi. Imibiko evela eBrazil igcizelela izingozi zezimpambana-mgwaqo ezingadwetshiwe. “Ezimweni ezinjalo,” kuphawula iBrazil Herald, “umshayeli oyedwa noma abengeziwe ngokushesha bayadideka, banqikaze, okungase kuholele engozini.”
Bebhekene nezingozi ezinjalo, kubalulekile ukuba abashayeli bezimoto zanamuhla ezigijima ngejubane elikhulu babe abantu abathembekile, abaqeqeshwe kahle, nabanakekelayo. Incwadi yaseSweden iTrygg i trafiken? (Ukulondeka Emgwaqweni?) inikeza lombono: “Okulandela ilungelo lokuvota, ilayisense yokushayela eyinto ebaluleke kakhulu ongayinikezwa umphakathi.”
Qaphela Ubudlova!
Ijubane liyabulala. Abashayeli abadakiwe bayabulala, Ungase uthi: ‘Kodwa nginamathela ezilinganisweni ezimisiwe zejubane, futhi angibuphuzi nhlobo utshwala lapho ngizoshayela. Ngiyaqaphela ukuthi ukushayela kungaba yindaba yokuphila nokufa. Yini enye engingayenza?’
“Imoto yandisa ikhono lomuntu, lokuhamba, ikwenze kube nokwenzeka ukufinyelela izindawo ezikude ngokushesha kunokuba ubengenza ngezindlela zakhe,” kubhala isazi sokusebenza kwengqondo uZulnara Port Brasil, enezela: “Lokho ngokwakho akukubi.” Ngakho ikuphi inkinga? NgokukaZulnara, “isendleleni umshayeli ngamunye asebenzisa ngayo lawomandla.”
Akungabazeki ukuthi uyavumelana neLe Monde ephuma nsuku zonke yaseFrance eyathi: “Isimo sengqondo esisakazekile, nesihlakulelwayo sisenza ukuba sibheke . . . isondo lokushayela njengesifanekiso samandla . . . Uma umuntu engenakukwazi ukugwema ubulima babanye . . . , okungenani umuntu angakwazi ukulawula indlela ashayela ngayo.”—Omalukeke sizenzele.
Ukushayela kwanamuhla kunzima ngokwengeziwe futhi kuyingozi ngenxa yalokho iGlasgow Herald ekubiza ngokuthi “ubudlova obukhulayo nokungabekezeli okungemva kwesondo lokushayela.” Ngaphezu kwalokhu “kunomkhuba wokuphoqelela isimo esiyingozi kuze kube sesilinganisweni sokulondeka ngaphambi kokuba ume kanye nezindlela zokuchusha phakathi kwezinye izimoto,” okuye “kwanda kwaze kwaba sezingeni lokulwa nokushayisana,” futhi unendlela yokucekela phansi emigwaqweni. Umphathi wamaphoyisa eCanada uKen Cooke uthi: “Abantu baye bayikhohlwa yonke imithetho—futhi wonke umuntu ujahile. Sinomuzwa wokuthi kumelwe sibe nobudlova ngokwengeziwe; wonke umuntu uphokophele ukuya phambili futhi akekho olindayo emgqeni.”
Lobudlova, obuwuphawu lomshayeli wanamuhla, ngempela bubangela inkathazo. IRheinischer Merkur, ibika ukuthi “iphutha elikhulu, liwukulandela eduze kakhulu. . . . Bambalwa abasebenzisa umgwaqo abayiqaphelayo indlela abanye abazizwa ngayo. Ngokwesibonelo, abashayeli bezimoto ezinejubane ngokuvamile banomuzwa wokuthi abashayeli bezithuthuthu bayingozi. Bazizwa bebekelwe inselele, benomona, futhi umona kalula ungabangela ukuba nobudlova.” Lomkhuba wande kangangokuba “umuntu oyedwa kwabathathu ababuzwa uyavuma ukuthi uyacasuka noma ngisho azizwe edelelwa ngokwedlulwa.”
Isidingo Sokuqala Esibalulekile—Shayela Ngokuphepha
Ubudlova obandayo obenzeka emigwaqweni emikhulu eUnited States bubonakala bunalolunya. Indaba ekuThe Wall Street Journal, ka-August 3, 1987, ngaphansi kwesihloko esithi “Abashayeli Baphendukela Ebudloveni Ngokwandayo,” yathi: “Emadolobheni kulo lonke izwe, amaphoyisa aphawula ukwanda kokudubulana, ukulwa ngesibhakela kanye nokunye ukukhubaza okwenzeka emigwaqweni emikhulu, okuningi okuqala ngezingxabano ezincane phakathi kwabashayeli. Ezehlakalweni ezimbalwa abashayeli bezimoto baye babulawa.” IThe New York Times, ka-August 6, 1987, yabika: “Kusukela maphakathi noJune, ubudlova emigwaqweni emikhulu yaseningizimu California buye babulala abantu abane . . . futhi bashiya abayi-15 belimele.”
Khona-ke akungabazeki: ukushayela ngokuphepha kuyisibopho, ngenxa yenzuzo yethu siqu nabanye. Ngemva kokudabuka ngokuphila okulahleka minyaka yonke emigwaqweni yaseBrithani, owayengunobhala wezinto zokuthutha uJohn Moore uyanxusa: “Ukushayela ngokuphepha . . . kumelwe kube isidingo sokuqala esibalulekile sabo bonke abasebenzisa umgwaqo.”
Khona-ke, ngokoqobo ungashayela kanjani ngokuphepha? Yini okumelwe uyiqaphele? Isiphi iseluleko esinikezwa abashayeli abaphephile, abanokuhlangenwe nakho? Isihloko sethu esilandelayo, esithi “Hlakulela Imikhuba Yokushayela Ngokuphepha,” sizocabangela lemibuzo.