I-kaba Isambatho Sase-afrika Esibukekayo
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EGHANA
I-KABA—ungayibona cishe kuyo yonke indawo lapha eGhana nasemazweni angomakhelwane aseNtshonalanga Afrika. Igqokwa ezenzakalweni ezihlukahlukene—kusuka emingcwabeni kuya emibuthanweni yobuKristu ejabulisayo. I-kaba ithungwa ngezindlela nangemibala ehlukahlukene.
Iyini ngempela i-kaba? Iyisambatho sabesifazane esithandwayo. Leli gama libhekisela engutsheni yangaphandle esuka entanyeni iyoshaya okhalweni. Nokho, ayigqokwa yodwa. Ihambisana nendwangu engamamitha amabili ubude ngokuvamile eyaziwa ngokuthi indwangu ye-wax, noma ye-java, kuye ngohlobo lwendwangu. Njengoba ibhincwa okhalweni futhi ifika emaqakaleni, lengubo ibizwa ngokuthi i-asetam. Lesi sambatho siphelela kuphela uma simbozwe ngenye indwangu engamamitha amabili okuthiwa i-nguso. I-nguso ingagqokwa ngezindlela ezihlukahlukene futhi ingaba umnqwazo ohambelana nesambatho noma ibe imbeleko.
I-kaba itholakala e-Afrika kuphela, kodwa yaziwa ngamagama ahlukene kulo lonke lelizwekazi. AbaseLiberia bayibiza ngokuthi isudi ye-lappa. EBenin kuthiwa i-genwu. AbaseSierra Leone bayibiza ngokuthi i-docket nangokuthi i-lappa. Nokho, esikhathini esingeside esidlule, i-kaba yayingaziwa emazweni ase-Afrika. Ngokwesibonelo, lapha eGhana, isitayela se-dansenkran sasithandwa abesifazane abakhuluma isi-Akan. Sasiyizindwangu ezimbili ezihlukene, ngezinye izikhathi ezifanayo. Indwangu eyodwa yayibhincwa okhalweni bese iboshwa ngebhande. Eyesibili, ngokuvamile eyayiba nkudlwana, yayivundliswa ehlombe lesobunxele, yemboze isifuba nomhlane. Lesi sambatho ngokuvamile sasigqokwa sihambisane nesitayela sezinwele esiyingqayizivele, naso okuthiwa i-dansenkran.
Nokho, lapho kuba khona imishini yokuthunga, abesifazane abathile base-Afrika baqala ukuthunga izembatho ezifana neyembe labaseNtshonalanga. Injongo kwakuwukumboza amahlombe njengoba kwenza abesifazane baseNtshonalanga. Okunye ukulandisa kuthi abanye babengakwazi ukuphimisela amagama athi “cover the shoulders [mboza amahlombe].” Ngakho igama elithi “cover” lashintsha kwathiwa kaba.
I-kaba Iba Semfashinini
Kusukela kwabasebenza emahhovisi kuya kubalimi, abesifazane basayigqoka i-kaba. Ngempela, isithunyelwa ngisho nasemazweni angaphandle! Nokho, lokhu kusakazwa kwayo kuseyinto entsha.
Akubona bonke abesifazane ababethanda izitayela ze-kaba ezazikhona eminyakeni engaba ngu-40 edlule. Isisebenzi sezenhlalakahle esesathatha umhlalaphansi okuthiwa u-Agnes, esineminyaka engu-62 ubudala, satshela i-Phaphama! ukuthi ezinye zalezo zitayela zesikhathi esidlule “zazixakile.” Kwabanye besifazane, ukugqoka i-kaba ngendlela efanele, kanye ne-asetam ne-nguso yakhona, kwakudinga isineke esikhulu nobuciko. U-Elizabeth, ophethe ifektri ethunga izingubo, uyakhumbula: “Kwakunzima kithina zintombi ukufunda ikhono lokugqoka i-asetam ne-nguso.” Wavuma: “Angizange ngibe ingcweti kulobu buciko.”
Ukucwasana nakho kwaba nengxenye ekuncipheni kokuthandwa kwalesi sambatho. USerwah, oneminyaka engu-65 ubudala, watshela i-Phaphama! ukuthi kuze kube sezikhathini zamuva nje, abaningi babenomuzwa wokuthi indlela yokugqoka yaseNtshonalanga kwakungeyezifundiswa, kanti i-kaba kwakungeyabantu abangafundile.
Nokho, ukuthambekela okusha kokuqaphela amasiko kuye kwenza ukuba abesifazane abaningi base-Afrika bayibheke ngamanye amehlo i-kaba. Abaklami bemfashini nabo baye bayixhasa kakhulu lendlela yokugqoka. Phakathi kokunye, basungula isambatho esisha okuthiwa i-slit. Njengoba iklanywe njengesiketi kodwa ifinyelela emaqakaleni, yaxazulula inkinga abanye besifazane ababenayo yokubhinca i-asetam ne-nguso ngendlela efanele. Imibukiso yemfashini nayo iye yabamba iqhaza elikhulu ekungeniseni i-kaba emfashinini.
Yiqiniso, njengoba kunjalo ngemfashini emazweni amaningi, ezinye zezitayela zamuva zigcizelela kakhulu ukuvusa inkanuko. UClara, oneminyaka engu-69 ubudala, uthi izingubo ezinjalo ezibonisa ngalé kubonakala zithiya “injongo yokuqala yokwenziwa kwe-kaba,” okwakuwukuba “imboze ngisho namahlombe.” Ngakho-ke, abesifazane abangamaKristu bakhumbula iseluleko somphostoli uPawulu: “Ngokufanayo ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.”—1 Thimothewu 2:9; 1 Korinte 10:29.
Kwabesifazane abakhetha ngokuhlakanipha, i-kaba ingaba isambatho esibukekayo nesifanelekayo. Futhi nakuba izambatho eziningi zase-Afrika ezingokwesiko sezishiywe isikhathi, kuze kube manje i-kaba iye yakwazi ukuqhubeka iyisitayela esiveza impucuko nesimo sase-Afrika ngendlela ekhangayo nebukekayo.
[Isithombe ekhasini 24]
I-“nguso,” esetshenziswe lapha njengomnqwazo
[Isithombe ekhasini 25]
I-“nguso,” eyenziwe imbeleko