Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/22 k. 15-k. 17
  • Ingulule—Ikati Elinejubane Kunawo Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingulule—Ikati Elinejubane Kunawo Wonke
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikati Elinejubane
  • Ubuhle Bamabala Ayo
  • Ukunakekela Kobuzali Kwaleli Kati
  • Umzingeli Uyazingelwa
  • Umpetha Wejubane
    I-Phaphama!—1996
  • Uhambo Lwami Lwasendle EAfrika Ngazibona Izilwane Zasendle—Ingabe Izingane Zami Ziyozibona?
    I-Phaphama!—1987
  • Ingwe—Ikati Elinezimfihlo
    I-Phaphama!—1995
  • Indlela Izilwane Ezondlana Futhi Zinakekelane Ngayo
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/22 k. 15-k. 17

Ingulule—Ikati Elinejubane Kunawo Wonke

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EKENYA

LALIKHIPHA umkhovu etsheni ethafeni elomile. Sasibuka ngezibonakude umhlambi wezinyamazane, ezinomudwa osagolide emhlubulweni owawucwazimula ekukhanyeni kwelanga elase liyozilahla kunina. Buqamama, esidulini, kwakunesinye isibukeli esasibuka lezi zinyamazane. Kwakuyikati elinamabala namawundlu alo. Amehlo alo aklwelayo ayehlaziya isimo ngokucophelela. Ngokungazelele, lama phuhle, lase lisukuma ngesinyenyela lisondela ngasemhlambini. Amawundlu alo ayebonakala azi ukuthi kwakufanele alinde lize libuye.

Ngokuqapha, lasondela, lizifihla ngemva kwezihlahlana nasesikhotheni. Lalihamba ngesinyenyela nangokuqiniseka. Lapho sekusele amamitha angaba ngu-200 ukuba lifike esisulwini, ngokungazelele lavele lama phuhle. Enye yezinyamazane yayiphakamise inhloko ibuka ngakulo; yabe isiqhubeka idla. Leli kati laphinde lasondela. Lasondela laba sebangeni elingamamitha angu-50 ukusuka kulezi zilwane ezingasoli lutho ngaphambi kokuba linqume ukugijima. Njengesipilingi esikhululiwe, lantininiza liyosithela. Umhlambi wezinyamazane wahlakazeka, kodwa leli kati alizange liwasuse amehlo esisulwini elase lisikhethile. Lagijima linqamula ethafeni, lisondela kulenyamazane enejubane.

Lesi silwane esithukile sashona ngapha nangapha ukuze sidukise umxoshi waso, kodwa imizamo yaso yayingelutho uma iqhathaniswa nokushesha kwaleli kati okunjengombani. Khona-ke, sekusele ibangana nje liyibambe inyamazane, lagxuma lizama ukukhuba isisulu ngesidladla sangaphambili. Kulowo mzuzwana, lathikamezeka. Ngokuphazima kweso, inyamazane yase ishaye yachitha.

Ihefuzela, lengulule yama, yahlala phansi, yase ibuka lapho amawundlu ayo alambile engakhona. Ngabuka umkami ngimangele. Sasisanda kubona isivinini esikhulu sengulule emangalisayo.

Ikati Elinejubane

Ngempela ingulule ingagijimisa okombani. Ngokumangalisayo, ngemva kokuba ibimile, ingafinyelela ijubane elingamakhilomitha angaba ngu-65 ngehora ngemizuzwana nje emibili! Ingagijima ngejubane elingamakhilomitha angu-110 ngehora! Iyisilwane esinejubane kunazo zonke ezweni. Uma kuqhathaniswa, ihhashi lomjaho lingafinyelela ijubane elingaphezudlwana kwamakhilomitha angu-72 ngehora, kanti ibhansi (greyhound) lingagijima ngejubane elingamakhilomitha angaba ngu-65 ngehora. Nokho, ingulule ingantininiza ngalelo jubane elimangalisayo ibanga elifushane kuphela.

Ingulule inomzimba omncane, nemilenze emide ezacile kanye nomhlane othambile, ogobile. Umsila wayo omude onamabala wenza ingulule ikwazi ukuzimelela lapho ijika futhi iphenduka ngejubane elikhulu. Lapho igijima ngamandla, amagxathu ayo angaba nobude obungaphezu kwamamitha ayisithupha. Okuwusizo ekushesheni kwayo ngalendlela yizidladla zayo eziyingqayizivele; zifana kakhulu nezenja kunezekati. Ibambelela ngezinzipho zayo phansi, okuyenza igijime ngokuzinza okukhulu.

Ubuhle Bamabala Ayo

Ubuso bengulule ngokusobala buhlukile futhi buhle. Imidwa emibili emnyama eyehla kusuka emehlweni kuya emakhoneni omlomo yenza leli kati libukeke lidumele, lidangele. Isikhumba sayo esinamabala amancane amnyama, sinoboya obufushane futhi ngokuvamile siba nsundu ngokubomvu emzimbeni kodwa sibe mhloshana ngasesiswini. Amawundlu aba nsundu kakhulu lapho ezalwa futhi anomhlwenga omude, ompunga osuka entanyeni uyoshaya emsileni.

Ingulule inomsindo ohlabayo noma otshiyoza njengenyoni. Lomsindo ungazwakala ebangeni elingamakhilomitha amabili futhi iwusebenzisela ukukhuluma namawundlu ayo nezinye izingulule.

Ingulule imnene futhi inokuthula uma iqhathaniswa namanye amakati njengebhubesi nengwe. Lapho yanelisekile, ibhonga njengekati elikhulu elifuywayo. Imamukela kalula umuntu futhi ingathenwa nokuthenwa. Yiqiniso, ingulule ayilona ikati elifuywayo. Uma isikhulile, iba nesisindo esingamakhilogremu angu-45 noma ngaphezulu, futhi amazinyo ayo abukhali nezidladla ezinezinzipho kuyenza isilwane esiyingozi—okufanele siphathwe ngokuqapha.

Ingulule izalwa ingenalo ikhono lokuzingela futhi unina kufanele ayiqeqeshe kakhulu ukuba yenze kanjalo. Uma iwundlu likhula livalelwe ekuthunjweni, ngeke libe nalo ikhono lokucathamela nokuxosha inyamazane yalo. Lapho umama namawundlu akhe bedla ndawonye, benza kanjalo ngokuthula, ngaphandle kwesiyaluyalu nokulwa okuvamile phakathi kwamabhubesi lapho edla. Izingulule zaziwa nangokudla amakhabe avuthiwe ezindaweni ezomile.

Izivakashi ezibona amazwe ezivakashela eziqiwini zase-Afrika ziye zamangazwa indlela lamakati anokuthula angesabi ngayo. Kuvamile ukuba ingulule esikhulile ihlale emthunzini wenqola yezivakashi noma igxumele phezu kwekhala lemoto futhi ibuke ngefasitela abagibeli abamangele futhi ngokuvamile abethukile.

Ukunakekela Kobuzali Kwaleli Kati

Ingulule eyinsikazi ingase izale amawundlu amancane angaba yisithupha. Iwavikela ngesibindi futhi iwafihle kahle, iwathuthele ezindaweni ezihlukahlukene ezinyangeni ezimbalwa zokuqala zokuphila kwawo. Nokho, naphezu kwemizamo yomama abayizingulule yokuvikela abantwana babo, kubonakala sengathi ingxenye yesithathu kuphela yalamawundlu efinyelela ebudaleni.

Ukunakekela umkhaya wamawundlu ezingulule akuwona umsebenzi olula kumama oyingulule. Anomdlandla futhi athanda kakhulu ukudlala. Ngokuvamile lamawundlu acathamela umsila kanina lapho esaphumulile futhi awubambe ngezidladla lapho unina ewunyakazisa kuhle kwekati. Njengoba elwa, elumana futhi exoshana, ngokuvamile awayinaki ingozi ehlala ikhona yokuhlaselwa ezinye izilwane.

Umzingeli Uyazingelwa

Ingulule inezitha eziningi endle, kuhlanganise namabhubesi, izingwe nezimpisi. Nokho, isitha esikhulu sengulule umuntu. Isikhumba sayo esihle esinamabala siyigugu kakhulu ekwenzeni izingubo zokugqoka, omata nezindondo zemiqhudelwano. Lesi silwane esinejubane siye sabanjwa futhi saqeqeshelwa ukuzingela. Ngenxa yokuthi ayizali lapho ivalelwe, ingulule iye yathungathwa kuzo zonke izindawo ekuzo ukuze kwaneliswe lesi sidingo. Ukuphelelwa indawo yokuhlala engokwemvelo nakho kuye kwayifaka ebunzimeni ingulule, kangangokuthi eMpumalanga Afrika isitholakala ngokuyinhloko eziqiwini.

Ngo-1900 kwakunezingulule ezingaba ngu-100 000 emazweni angu-44. Namuhla mhlawumbe kusele ezingu-12 000 kuphela emazweni angu-26, ikakhulukazi e-Afrika. Kwenziwa imizamo yokuvikela leli kati elihle elinamabala, kodwa amanani alo ayaqhubeka encipha.

Abanye banomuzwa wokuthi ingulule ingase ingavikelwa ekuqothulweni. Nokho, kunikeza ithemba ukwazi ukuthi isikhathi siyeza lapho umuntu eyowamukela ngokugcwele umthwalo wakhe wemfanelo awunikwe uNkulunkulu wokunakekela, ukuvikela, ‘nokubusa . . . na pezu konke okuzwayo, okuhambayo emhlabeni.’ (Genesise 1:28, Kwelidala) Kungaleso sikhathi kuphela lapho kuyoba nesiqinisekiso sokuthi amakati amahle njengengulule ayojabulisa izakhamuzi zomhlaba phakade.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela