Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isifo Senhliziyo Ngiyajabula ngokuba ilungu lenhlangano engasiqondisi ngokomoya nje kuphela, kodwa ekhathalela nenhlalakahle yethu engokomzimba. Uchungechunge oluthi “Isifo Senhliziyo—Yini Engenziwa?” (December 8, 1996) lwasibonisa indlela yokuqaphela izimpawu zesifo senhliziyo. Lapho ubabezala eba nalezi zimpawu, saqaphela ukuthi isimo sakhe singase sibe sibi futhi samphuthumisa esibhedlela. Inhliziyo yakhe yayifuna ukuma; kodwa ngemva kokuchitha izinsuku ezingu-24 esesibhedlela, useluleme.
E. S., Brazil
Ubaba wabulawa ukuvuvukala komthambo omkhulu wenhliziyo ngo-1995, ngakho lapho ngiqala ukubona lomagazini, ngangingenaso isibindi sokuwufunda. Nokho, ngawufunda ngemva kwenyanga, futhi lezi zihloko zangiduduza ngokwazi ukuthi abanye baye babhekana nosizi olubangelwa isifo senhliziyo emkhayeni.
S. J., Canada
Ngo-July nyakenye umyeni wami waquleka esemsebenzini wokushumayela endlini ngendlu futhi waphuthunyiswa esibhedlela. Ngokujabulisayo, wasinda. Izihloko zenu zafika kithi ngesikhathi esifanele. Kwasikhalisa ukubona ingxenye ethi “Imikhaya Idinga Ukusekelwa,” ngoba yileyo kanye indlela ebesizizwa ngayo.
M. A., Japan
NgeSonto elidlule nganginobuhlungu obubeleselayo engalweni yesobunxele futhi izihloko zeminwe yami zindikindiki. Ngangicabanga ukuthi yizinhlungu nje ezivamile. Lapho ngifunda izihloko zenu ezikhuluma ngesifo senhliziyo, ngaqaphela ukuthi nganginalezo zimpawu! Ngaya egumbini lezimo eziphuthumayo esibhedlela, futhi odokotela bathola ukuthi omunye wemithambo emikhulu yenhliziyo yami wawuvalekile. Bangihlinza ngakusasa. Kungenzeka ukuthi ukube naningazange nizibhale lezi zihloko, bengingeke nginibhalele lencwadi yokubonga!
N. S., United States
Ngalijabulela kakhulu ibhokisi elithi “Izimpawu Zesifo Senhliziyo.” Langenza ngaqaphela ukuthi ninesithakazelo esiqotho ezinkingeni zethu nokuthi nisinika esikudingayo ukuze sibhekane nazo.
M. B., Senegal
Selokhu ubaba aphathwa isifo senhliziyo, ukuphila ekhaya kuye kwashintsha kakhulu. Phakathi nalezi zikhathi ezinzima, lezi zihloko ziye zaba induduzo enkulu kithi.
P. G., Italy
Ukuzithoba Komfazi Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ukuzithoba Komfazi—Kusho Ukuthini?” (December 8, 1996) Umyeni wami akakholwa, futhi ngezinye izikhathi kunzima ukuzithoba kuye. Ngifuna ukuba isibonelo esihle kakhulu ukuze ngimzuze. (1 Petru 3:1) Nokho, ngifuna ukuma ngiqinile ekukhonzeni uJehova. Isihloko senu sangikhuthaza, futhi kwangijabulisa ukwazi ukuthi uNkulunkulu wami ungibhekile.
M. S., United States
Ngasithola sifundisa kakhulu lesi sihloko. Njengoba zanda izingcindezi ezivela kuSathane, sidinga ukwaziswa okunjena ukuze sihlale okholweni. Ngasijabulela kakhulu isibonelo esiseBhayibhelini sika-Abigayili kanye nephuzu lokuthi umfazi kufanele abonise ukuqonda futhi angazizwa enecala ngokuthatha isinyathelo kuqala ezimweni ezithile.
D. M., United States
ULouis Pasteur Ngineminyaka engu-12 ubudala futhi bengifisa ukunazisa ukuthi ngasijabulela isihloko esithi “ULouis Pasteur—Okwembulwa Umsebenzi Wakhe.” (December 8, 1996) Sifunda ngaye ekilasini lethu lesayensi. Ngasebenzisa lesi sihloko lapho ngilungiselela umbiko futhi ngathola umbhanselo wamaphuzu ayishumi!
A. P., United States