“I-Phaphama! Yasindisa Ukuphila Kwami!”
Abanyathelisi be-Phaphama! bathola incwadi eyayinokwazisa eyayivela e-Italy. Ngokwengxenye ifundeka kanje:
“Sengineminyaka engu-40 ngifunda i-Phaphama!, futhi ngiyayithanda indlela eyethula ngayo izihloko ezihlukahlukene eziwusizo. Muva nje, bengisemsebenzini lapho ngihlaselwa ubuhlungu obunjunjuthayo esiswini nasesifubeni. Nganquma ukuya ekhaya, kodwa lobu buhlungu baphinde bagadla, okwangenza ngakhumbula okuthile. Ngasikhumbula kahle isihloko se-Phaphama! esasichaza izimpawu zesifo senhliziyo.a Nganquma ukuya esibhedlela. Ngangisalindile lapho ngigebisa ikhanda ngiquleka. Lokhu ngakutshelwa ngakusasa lapho sengisegumbini lababangwa nezibi.
“Ngasinda ngenxa yodokotela abanekhono abathatha isinyathelo ngokushesha. Kodwa kumelwe ngibonge nomagazini wenu, owawuqukethe ukwaziswa okwangisiza ukuba ngenze isinqumo esihlakaniphile sokuya esibhedlela. I-Phaphama! yasindisa ukuphila kwami!”
[Umbhalo waphansi]
a Bheka umagazini wethu ka-December 8, 1996, ikhasi 6.