Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8
  • Ikusasa Eliqhakazile Lezingane Zethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikusasa Eliqhakazile Lezingane Zethu
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Labo Abakhathalelayo
  • Isithembiso SikaNkulunkulu Sekusasa Eliqhakazile
  • Izimpi
    I-Phaphama!—2017
  • Impi Yokuqeda Izimpi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izwe Elingenayo Impi Ngokushesha
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuphela Kwempi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 10/22 k. 10-k. 11 isig. 8

Ikusasa Eliqhakazile Lezingane Zethu

KUSUKELA ekupheleni kweMpi Yezwe II, ohulumeni bomhlaba baye benza futhi basayina izinhlobonhlobo zezivumelwano zokuvikela izakhamuzi ezingabuthiwe empini. Phakathi kwazo kukhona izivumelwano ezivumela ukuba izingane zithole izingubo kanye nemithi yokwelapha nokudla. Izivumelwano zomhlaba wonke zithembisa ukuvikela izingane ekuxhashazweni ngokobulili, ekuhlukunyezweni, nasebudloveni. Futhi lezi zivumelwano ziyakwenqabela ukubuthwa kwanoma ubani oneminyaka engaphansi kwengu-15 emabuthweni ahlomile.

Umbiko we-United Nations Children’s Fund kwethi The State of the World’s Children 1996, ubhekisela kulemithetho “njengeyingqopha-mlando yangempela” futhi uyanezela: “Izazi zezombangazwe ezaziyo ukuthi kunezindinganiso ekugcineni ezingahlulelwa ngazo cishe ziyozicabangela lezo zindinganiso lapho zihlela.”

Yebo, izazi zezombangazwe ziyaqaphela nokuthi umphakathi womhlaba wonke ngokuvamile awunawo amandla nesifiso sokuphoqelela imithetho. Umbiko uyavuma ukuthi “lapho ubheka izinga lezi zimiso eziye zanganakwa ngalo, kulula ukuyeya lemithetho yomhlaba wonke.”

Khona-ke kube sekuba indaba yemali. Ngo-1993 kwagqashuka izimpi emazweni angu-79. Kulawa, angu-65 kwakungamazwe ampofu. Lamazwe ampofu azithola kuphi izikhali alwa ngazo? Ngokuvamile emazweni acebile. Futhi imaphi amazwe amahlanu ahamba phambili ekuthumeleni izikhali emazweni asathuthuka? Amazwe angamalungu agcwele e-United Nations Security Council!

Labo Abakhathalelayo

Ngokuqinisekile, bakhona labo abakhathazeka ngokujulile ngokuhlupheka kwezingane ezisempini. Kokubili abantu ngabanye nezinhlangano, ngothando, basiza izisulu zempi ezisencane. Ngokwesibonelo, emhlabeni wonke, oFakazi BakaJehova, abangahlanganyeli empini, baye benza kanjalo. Kodwa ukuqeda ukuphathwa kwezingane ngonya empini empeleni kusho ukuqeda impi ngokwayo, ithemba elingase libonakale lingenakufezeka. Ngenxa yomlando omude wezingxabano zesintu nokulwa, abaningi baphetha ngokuthi abantu abasoze bakuletha ukuthula komhlaba wonke. Kulombono, bashaye emhloleni.

Futhi abantu baphetha ngokuthi uNkulunkulu akasoze angenela ezindabeni zezizwe noma alethe ukuthula okuhlala njalo kuleplanethi. Kulokhu, bashaye phansi.

UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, ukhathazeka ngokujulile ngalokho okwenzekayo emhlabeni. EZwini lakhe, iBhayibheli, uJehova uyabuza: “Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi . . . kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile?” UNkulunkulu uphendula ngokugcizelela, uthi: “Ngokuba angenameli ukufa kofayo.”—Hezekeli 18:23, 32.

Cabanga ngakho: Uma uMdali wethu onesihawu efisa ngisho nokuba abantu abadala ababi baphenduke futhi bajabulele ukuphila, ngokuqinisekile ufuna ukuba nezingane ziphile futhi nazo zijabulele ukuphila! Nokho, uNkulunkulu wethu onothando ngeke ababekezelele phakade ababi. “Ngokuba ababi bazakuchithwa,” iZwi likaNkulunkulu liyathembisa. “Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho.”—IHubo 37:9, 10.

UJesu Kristu, owabubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaYise osemazulwini, wayebathanda abantwana futhi wathi, “ngoba umbuso wamazulu ungowabanjalo.” (Mathewu 19:14) Umhlatshelo wabantwana konkulunkulu bempi uyenyanyeka kokubili kuJehova uNkulunkulu naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu.—Qhathanisa noDuteronomi 18:10, 12.

Isithembiso SikaNkulunkulu Sekusasa Eliqhakazile

UNkulunkulu uye wavumela izimpi nokuhlupheka phakathi namakhulu eminyaka ukuze iqiniso elashiwo umprofethi uJeremiya lime kuze kube phakade: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo. Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ngokushesha, iBhayibheli liyathembisa, uJehova uzolwela ubukhosi bakhe bendawo yonke ‘ngokuphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.’ (IHubo 46:9) Futhi eBhayibhelini kubikezelwe ngesikhathi lapho ‘abantu beyakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba nemikhonto yabo ibe-ngocelemba. Isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.’—Isaya 2:4.

Yini eyokwenzeka kulabo abaye babulawa yimpi? Ingabe likhona ithemba ngabo? UJesu wathembisa ukuvuselwa kwabafileyo emhlabeni ongenayo impi, ethi: ‘Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo . . . beyophuma.’ (Johane 5:28, 29) Ngokufanayo, umphostoli uPawulu ngokuqiniseka wathi: “Luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.

Ngokuqinisekile izithembiso zikaNkulunkulu ziyofezeka. Unakho kokubili amandla nokuzimisela ukufeza konke lokho akuhlosile. (Isaya 55:11) Lapho uJehova ethi uzoqeda impi, uzoyiqeda ngempela. Lapho ethembisa ukuvusela abafileyo ekuphileni, uzokwenza. Njengoba ingelosi uGabriyeli yasho, “ngoba kuNkulunkulu akukho simemezelo esiyoba into engenakwenzeka.”—Luka 1:37.

[Isithombe ekhasini 10]

Lapho impi isiphelile, zonke izingane ziyojabulela ukuphila okuhlanzekile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela