Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukubekezela Ngineminyaka engu-22 ubudala, futhi ngifuna ukunibonga ngochungechunge lwezihloko oluthi “Ukubekezela—Ingabe Izwe Liyeqisa?” (January 22, 1997) AmaKristu asemancane abhekana nezinselele eziningi. Lezi zihloko ziye zangikhuthaza ukuba ngingeqisi futhi zangenza ngaqina ekuzimiseleni kwami ukukhonza uJehova naphezu kokucindezela kwezwe.
M. B., Italy
Igwababa Ngasithanda ngempela lesi sihloko esifundisayo esithi “Igwababa—Yini Elenza Lihluke?” (January 8, 1997) Ngineminyaka engu-18 ubudala futhi ngangisanda kuthola itoho njengesazi semvelo esikhungweni sendawo sezemvelo. Phakathi kwezilwane esinazo kunamagwababa amabili amahle. Ngiye ngawathola enjengoba nje isihloko senu siwachaza—ahlakaniphe kakhulu. Ngihlela ukuhlanganyela lesi sihloko nalabo engisebenza nabo.
J. C., United States
Ukwaziswa enikulungiselele kunamaphuzu amaningi ayiqiniso futhi kuyathakazelisa. Ukuthi izinyoni ezisemkhayeni wamagwababa zingamasela anedumela elibi kwaziwa kahle lapha emagcekeni aseyunivesithi engifunda kuyo eGhana. Kwaziwa kabanzi ukuthi amagwababa angeba noma yini lapha—kusukela enhlanzini kuya ensisheni. Kuye kwabikwa nokuthi amagwababa aye avula amapani abanye abafundi futhi adla ukudla kwabo!
F. A. A., Ghana
Injabulo Yasekhishini Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ikhishi Lingaba Indawo Ejabulisayo.” (January 8, 1997) Nami ngiye ngazuza ezingxoxweni eziba sekhishini. Lapho ngihluba u-anyanisi ngicwecwa namazambane, umama ungifundisa ukuthanda uJehova futhi angikhuthaze ukuba ngimkhonze ngokugcwele. Lezi zingxoxo zasekhishini zabonakala zibaluleke ngokukhethekile phakathi nesikhathi esinzima lapho ubaba ayesiphikisa ngokwenkolo. Manje mina nomama siye sajabula ukubona ubaba eba isikhonzi sikaJehova. Futhi, ngiye ngafunda ukupheka izidlo ezimbalwa ezinambithekayo!
A. M. M., Italy
Ngisebenza njengompheki ekhaya lomqashi osebhizinisini lezokuzijabulisa. Ngithola amathuba amaningi okuhlanganyela ukudla okungokomoya nezivakashi—ezihlanganisa nabadlali abadumile—lapho ngisebenza ekhishini. Ezinye izincwadi zeBhayibheli ngizigcina ekhabetheni lasekhishini. Ngesinye isikhathi ngake ngaba nengxoxo yeBhayibheli nesivakashi. Kamuva sabuyela ekhishini ukuze siqhubeke nengxoxo. Lapho ngisematasa ngithosa inkukhu, safunda ngokuzwakalayo ekhophini yami yencwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Yebo, niqinisile. Ikhishi lingaba indawo ejabulisayo!
A. R., United States
Ukuvuma Isono Ngikhonza njengomdala ebandleni, futhi ngifuna ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngisivume Isono Sami?” (January 22, 1997) Lesi sihloko sashukumisa intsha eningi ukuba ivume ukona okungathi sína eyayikwenze esikhathini esithile esidlule. Kwakuyinjabulo ukubona ukuthi ngemva kokwamukela usizo lothando, lentsha yaphinde yavuselela ubuhlobo bayo noJehova. Manje izimisele ukuzigcina ihlanzekile.
O. B., Italy
Lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi ukungasibiki isono kungakulimaza. Ukusivuma kungase kubangele amahloni nokuphoxeka, kodwa lapho uvuma isono sakho kuJehova nakubazali bakho, uyokuba nobuhlobo obuqinile nabo.
B. K., Guyana
Lesi sihloko safika ngesikhathi engangisidinga ngaso. Sangisiza ukuba ngibone ukuthi kwakumelwe ngibatshele abazali bami nabadala bebandla lokho engakwenza. Kwakunjengokungathi lesi sihloko sibhalelwe mina. Lapho ekugcineni ngibatshela ngezinkinga zami, ngazizwa ngingcono kakhulu!
A. A., United States