Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ama-rave Awukuzijabulisa Okungenangozi?
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Isehlukaniso Ngibhala ukuze ngiveze ukwazisa kwami okujulile ngochungechunge oluthi “Uyini Umbono Olinganelisayo Ngokuwinwa Kwabantwana?” (December 8, 1997) Ngemva kokuba ngifake isehlukaniso, kwakunezinkinga ekunqumeni ukuthi umyeni wami wangaphambili wayezoyibona kaningi kangakanani indodakazi yethu. Umyeni wami omusha waba nomuzwa wokuthi kwakumelwe angayiboni nhlobo. Kodwa i-Phaphama! yacacisa le ndaba ngokubeka inhlalakahle yengane kuqala hhayi imizwa yabazali noma osingamzali.

L. C., Wales

Ngathathelwa indodakazi yami, ewukuphela kwengane enginayo, lapho inkantolo inquma ukuthi kufanele ihlale noyise. Ngakho-ke, lesi sihloko sabonakala sibhalelwe mina. Kuyisibusiso ukwazi ukuthi uJehova usinika ‘ukudla kwethu ngesikhathi esifanele.’—Mathewu 24:45.

D. B., Switzerland

Ngabonga uJehova ngikhala lapho ngibona isembozo se-Phaphama!, njengoba sekuyiminyaka emibili ngilwela ukuwina abantwana bami. Kungokuhlangenwe nakho okuthinta umzwelo ngempela. Ngiyazisa ngempela indlela efundisayo, necatshangelwe kahle enayibeka ngayo le ndaba.

A. F., United States

Lapho ngisemncane, abazali bami bahlukana. Ngazizwa ngihlukene phakathi kwabo bobabili. Ngakho ningabona ukuthi ngazijabulela kanjani izihloko ezikhuluma ngale ndaba. Ngikwazisa ngempela ukuthi nasingatha le nkinga ngokombono wezingane.

K. D., Yugoslavia

Izindawo Zokulondoloza Imvelo Ezisezintabeni Ngifisa ukunibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ubuhle Bezindawo ZoMbuso Zokulondoloza Imvelo Ezisezintabeni.” (November 22, 1997) Ukukhuluma iqiniso, kuqala ngangizeqa izihloko ezikhuluma ngemvelo. Kodwa ngabona izithombe ezinhle ezikulesi sihloko futhi nganquma ukuba ngisifunde. Lapho ngiqeda, ngabona ukuthi ngangiphuthelwe ukufunda ezinye izihloko eziningi zemvelo ezithakazelisayo.

T. M., Ukraine

Ubungqingili Ngajabula lapho ngithola umagazini i-Phaphama! ka-December 8, 1997, onesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe AmaKristu Kufanele Abazonde Ongqingili?” Le ndaba ebucayi yabhalwa kahle nangokulinganisela.

L. W., United States

Ukucobeka Nganika umphathi wami ikhophi yesihloko esithi “Ingabe Umsebenzi Wakho Uyakucoba?” (December 22, 1997) Emsebenzini ngosuku olulandelayo, wangitshela ukuthi isihloko sasisihle kakhulu. Wasidlulisela kwabanye engisebenza nabo futhi washiya ikhophi yalesi sihloko endaweni yethu yokuphumula. Sasifike ngesikhathi ngempela!

V. L., United States

Ngiyabonga ngokwaziswa okuthakazelisayo. Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi ngisebenza isikhathi esigcwele. Lesi sihloko sanikeza icebiso elihle ngokuthi ngingawenza kanjani umsebenzi wami ujabulise kakhudlwana. Ngiyabonga!

E. A., Italy

Ngibonga kakhulu ngalesi sihloko. Njengamanje ngisonyakeni wesibili wokuqeqeshelwa umsebenzi futhi bengiba nomzwangedwa, ngingasawujabuleli umsebenzi wami. Lesi sihloko sangisiza ngaphinde ngathola injabulo emsebenzini wami.

I. F., Germany

Ama-rave Ngineminyaka engu-19 ubudala futhi bengikujabulela ngempela ukulalela umculo we-techno. Kodwa ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ama-rave Awukuzijabulisa Okungenangozi?” (December 22, 1997) Lesi isihloko sokuqala engiye ngasibona esiwuchaza ngokunembile lo mculo. Ngiyabonga ikakhulukazi ngengxenye ethi “Ingabe Ama-rave Akulungele Ngempela?” Ngemibuzo nangemibhalo, ngasizwa ukuba ngifinyelele esiphethweni esilula nesinengqondo.

A. P., Slovenia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela