Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukulunywa Inyoka Njengoba nginguchwepheshe oyisazi sesayensi ephathelene nezilwane ezihuquzelayo eziphila emanzini nasezweni, nginakekela futhi ngiphathe izinyoka ngizikhiphe nesihlungu. Izihloko ezithi “Ingabe Ungathanda Ukubona Imfezi?” (March 22, 1996), “I-habu Inyoka Okumelwe Ihlonishwe” (July 8, 1996), nesithi “Qaphela! Nginobuthi” (August 22, 1996) zonke zabonisa isimo sengqondo esiqondile ngokuphathelene nendalo kaJehova. Nokho, ngithanda ukuveza ukuthi, amabhandishi (tourniquets) awatuswa ukuba kuboshwe ngawo inxeba lokulunywa inyoka. Abantu abaningi abakwazi ukuwasebenzisa ngendlela efanele, ngenxa yalokho abanye abasakwazi ukusebenzisa izitho zabo. Ngiyakusekela ngempela ukusetshenziswa kwebhandishi lokucindezela (pressure bandage) ukubopha sonke isitho liqiniswe ngendlela efanayo nesetshenziswa uma kuboshwa iqakala noma isihlakala esenyelile. Lapho isihlungu singanyakazi, igazi ligcinwa lihamba, okugcina isitho “siphila.”
P. R., England
Izincwadi zezokwelapha eziningi zamuva ziyavumelana kuleli phuzu, futhi siyambonga umfundi wethu ngokusicacisela.—ED.
Igwababa Ngangigula ngesikhathi kukhishwa isihloko esithi “Igwababa—Yini Elenza Lihluke?” (January 8, 1997) Cishe ayikho into eyayingangenza ngimamatheke. Kodwa ukuhlakanipha kwegwababa kwangihlekisa. Kamuva, esikoleni ngabhala indaba ephathelene nezinyoni, ngisebenzisa ukwaziswa okusezihlokweni ze-Phaphama! Ngathola amamaki aphakeme ngayo!
J. B., Slovakia
Ukukhubazeka Ekufundeni Ngiyabonga ngochungechunge lwezihloko ngaphansi kwesithi “Usizo Kubantwana Abanokukhubazeka Ekufundeni.” (February 22, 1997) Ngiphethe isikole esingesona esikahulumeni futhi ngiye ngenzela othisha bami amakhophi alezi zihloko. Futhi ngiye ngasebenzisa ukwaziswa okukomagazini benu lapho ngibhala amaphephabhuku. Ngiyabonga ngendlela enokulinganisela enizibhale ngayo lezi zihloko.
E. G., Honduras
Ngingumqondisi ophethe wenhlangano enkulu yezwe esebenza ngaphandle kokuthola inzuzo esebenzela izingane nabantu abadala abane-ADD. Kumelwe nituswe ngomagazini wenu ocabangelayo onesihloko esikhuluma nge-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD) ne-Attention Deficit Disorder (ADD). Lezi izifo ezikhubazayo futhi ngokuvamile eziqondwa ngokungeyikho. Siyakwazisa ukukuvuma kwenu ukuthi ukuxilonga okukahle nokwelapha osekuke kwenziwa manje kuzuzisa abantu abaningi abadinga usizo. Ukugcizelela kwenu uthando lobuzali nokuqonda nakho kunikeza umyalezo obalulekile.
L. R., United States
Indodana yami ine-ADHD, futhi bengikuthola kunzima ukukwamukela ukuthi ayiyona nje ingane eyisigangi. Kuye kwashiwo izinkulumo eziningi ezingenaluzwela, ezinjengokuthi, “Kungani bengayishayi?” Lezi zinkulumo zilimaza kakhulu ngenxa yokuthi ngiye ngachitha isikhathi esiningi ngizama ukumyala. Ngethemba ukuthi incazelo eniyinikezile yalesi sifo izobasiza abanye baqaphele ukuthi kunenkinga ngempela nokuthi abanye bangasinikeza isikhuthazo.
M. T., United States
Ungase ucabange nje ukuthi thina njengabazali bengane enokukhubazeka ekufundeni, sawujabulela kangakanani lomagazini. Sakwazisa ngokukhethekile ukuphawula kwenu ngokuthi lokhu kubathinta kanjani abazali nokuthi sinomthwalo omkhulu esiwuthwele ngaphandle kokuzwa izinkulumo ezihlabayo ezishiwo abanye.
J. C. noB. C., Canada
Umngane KaNkulunkulu Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingaba Kanjani Umngane KaNkulunkulu?” (February 22, 1997) Sangisiza kakhulu. Manje ngizizwa nganelisekile, ngoba manje ngiyaqonda ukuthi uJehova ungumngane wami! Ngibheke phambili esihlokweni esithi ungabulondoloza kanjani lobu bungane.a
T. E., Italy
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-May 22, 1997.