Ukubhekana Nemiphumela Yawo
ELELE esibhedlela enezitho ezikhubazekile, uGilbert wabuza udokotela wakhe: “Ingabe ngiyophinde ngikwazi ukusebenzisa ingalo nomlenze wami?” UGilbert wathola le mpendulo eyinselele: “Uma uzikhandla, uyolulama ngokushesha, futhi uyosheshe ukwazi ukuzisebenzisa.” Waphendula: “Sengikulungele!” Nakuba ayeneminyaka engu-65 ubudala, ukwelashwa kanye nesimo sakhe sengqondo esiqondile kwamsiza wakwazi ukuyeka isihlalo sabakhubazekile wasebenzisa uhlaka lokuhamba, kamuva wasebenzisa udondolo futhi ekugcineni wakwazi ukuphindela emsebenzini.
“Ukwelashwa okuningi kwanamuhla kwangemva kokushaywa unhlangothi kusekela umbono wokuthi uma kulimele ingxenye ethile yobuchopho, ezinye izingxenye zingakwazi ukwenza umsebenzi wayo. Injongo yokwelashwa iwukusebenzisa amandla alezi zingxenye ezingalimele nokushukumisela ubuchopho ekubeni buzihlele kabusha futhi buzivumelanise nesimo,” kusho abacwaningi uWeiner, uLee noBell. Nokho, ukululama kuxhomeke nakwezinye izici, njengokuthi iyiphi ingxenye yobuchopho elimele kanye negalelo likanhlangothi, impilo yalowo muntu, ukwelashwa akutholayo nokusekela kwabanye.
Ukusekela Komkhaya Nabangane
U-Erikka wathatha iminyaka emithathu evivinya umzimba ngenjongo yokuwelapha, efunda ukuhamba nokusebenzisa isandla sakhe sokudla esikhundleni sesandla sakhe sobunxele esasikhubazekile. Uchaza lokho okwamsiza wabhekana nesimo: “Into ebaluleke kakhulu ukuthi umyeni wami nabangane bahlala bethembekile kimi. Ukwazi ukuthi bayangithanda kwanginikeza amandla, futhi lapho bengikhuthaza ukuba ngingadikibali, ngangikhuthazeka.”
Amalungu omkhaya ayahlanganyela enqubweni yokululama kwabathandekayo bawo. Kufanele abuze imibuzo kwabezokwelapha futhi aphawule izinqubo zokwelapha okungase kudingeke ziqhutshwe ekhaya ukuze kulondolozwe intuthuko esiyenziwe kakade. Isineke, umusa, ukuqonda nothando amalungu omkhaya nabangane abakubonisayo kwakha isivikelo esingokomzwelo esenza abagulayo bakwazi ukufunda kabusha ukukhuluma, ukuzifundela namanye amakhono okuphila kwansuku zonke.
Elinganisela phakathi kokucindezela nokutotosa, uJohn wazikhandla esiza umkakhe u-Ellen ngokuvivinya umzimba nokwelashwa. Uchaza imizamo eyenziwa umkhaya wakhe: “Sasingamvumeli u-Ellen ukuba aqhathe umunyu. Ngezinye izikhathi sasimnikeza imisebenzi eyinselele, kodwa njalo sasikuqaphela ukulinganiselwa kwakhe futhi simsize. Usheshe azwele, ngakho ngenza umzamo wokuba ngingamkhathazi.”
Njengoba u-Ellen ayefunda ukukhuluma futhi ngosizo lomelaphi wamalimi, uJohn wamsiza. “Ukwenza izinto ndawonye kwakuyisikhuthazo, ngakho sasifundelana iBhayibheli, okwasiza ekuthuthukiseni ukukhuluma kwakhe. Futhi, kancane kancane, sahlanganyela enkonzweni, njengoba singoFakazi BakaJehova. Ngale ndlela u-Ellen wayehlanganyela nabanye ithemba esinalo lesikhathi esizayo. Lokhu ngokwakho kwakuyimpiliso ku-Ellen.” Ngemva kweminyaka emithathu, u-Ellen wayesethuthuke kakhulu.
Isikhuthazo namandla avela kubangane akufanele kuthathwe kalula, ngoba kungaba nethonya elikhulu ekululameni koshaywe unhlangothi. Iphephabhuku lezokwelapha i-Stroke labika ukuthi “ukusekelwa kogulayo ngokwezenhlalo kunengxenye ekululameni ngokushesha futhi kuwathuthukisa kakhulu amakhono okusebenza kwawo wonke umzimba, ngisho nakubantu abashaywe unhlangothi onamandla.”
UBernie wakwazisa kakhulu ukusekelwa akunikezwa abangane bakhe. Uyasikhumbuza: “Ukuvakashelwa abangane kubaluleke kakhulu ukuze ukwazi ukubhekana nesimo. Iphimbo elinozwela nokukhathalela kuqinisa ithemba. Nakuba kungadingekile ukuba umuntu agxile ekukhubazekeni kogulayo, ukuncoma noma iyiphi intuthuko kuyakhuthaza kakhulu.” Yini sonke esingayenza ukuze sisekele labo ababhekene nomphumela wokushaywa unhlangothi? “Baphe izimbali,” kusikisela uBernie, “noma uxoxe nabo ngomBhalo noma ngendaba ethile. Lokho kwangisiza kakhulu.”
UMelva osekhulile owashaywa unhlangothi, wakuthola kuwusizo ukuba omunye wabafowabo abangokomoya athandaze naye. UGilbert naye uyakutusa lokhu, echaza: “Lapho uthandaza nothile kubonisa ukuthi uyamkhathalela ngempela.” UPeter, owakhubazeka amehlo ngemva kokushaywa unhlangothi, uyajabula lapho abanye beqonda ukulinganiselwa kwakhe futhi bezipha isikhathi sokumfundela.
Ukusiza ogulayo ngokumyisa nokumlanda lapho eyokwelashwa nakho kuwukubonisa uthando. Kudingeka nokuba kuqikelelwe ukuthi ikhaya logulayo liyindawo elondekile. Ingozi yokuwa ihlala ikhona uma ukuzimelela kuyinkinga. Ngokwesibonelo, uGilbert walujabulela kakhulu usizo lwabangane, okwathi phakathi kwezinye izinto, bafaka insimbi yokubambelela lapho egezela khona ukuze angawi.
Ukufunda Ukusekela
Ukushintshashintsha kwemizwa nokukhala njalo kungambangela amahloni umuntu oshaywe unhlangothi, futhi kubacindezele abanye abangase bangazi ukuthi benzenjani. Nokho, ngokufunda ukusekela, abangane bangasiza ogulayo ukuba angazehlukanisi. Ngokuvamile, ukukhala kuyancipha. Kodwa lapho kufika izinyembezi, hlala uzolile futhi ube seduze nalowo muntu, usho lokho obungathanda ukukuzwa uma ubusesimweni esifana nesakhe.
Ngaphezu kwakho konke, hlakulela uthando oluqotho ngalabo okungenzeka ukukhubazeka kwabo kuye kwashintsha ubuntu ababenabo. Bayabona indlela ozizwa ngayo, futhi lokho kuthonya indlela abasabela ngayo kuwe. U-Erikka uyaphawula: “Ngingase ngingaphinde ngibe njengakuqala. Kodwa akukho muntu okufanele alindele lokho kumuntu oshaywe unhlangothi. Izihlobo nabangane kufanele bafunde ukumthanda njengoba enjalo. Uma behlolisisa ubuntu bakhe, bayothola ukuthi izimfanelo ezithandekayo zesikhathi esidlule zisekhona.”
Ukuzihlonipha kuyaphela lapho umuntu engakwazi ukukhuluma noma engaqondakali. Ngokwenza umzamo wokuxoxa nabo, abangane bangaqinisekisa labo abanenkinga yokukhuluma ukuthi bayaziswa. UTakashi uthi: “Lokho engikucabangayo nendlela engizizwa ngayo akukashintshi. Nokho, abantu bavame ukungigwema ngoba abakwazi ukuxoxa nami. Ngikuthola kunzima ukuxoxa nabantu, kodwa lapho othile eza kimi futhi angixoxise, ngiyakhuthazeka kakhulu futhi ngichichime injabulo!”
Okulandelayo yiziqondiso ezingasisiza sonke ukuba sisekele futhi sikhuthaze labo abanenkinga yokukhuluma.
Ngokuvamile ukushaywa unhlangothi akukuphazamisi ukukhalipha kwengqondo. Abantu abaningi abashaywe unhlangothi bahlala bekhaliphile ngokwengqondo, ngisho noma kungase kube nzima ukuqonda indlela abakhuluma ngayo. Ungabalulazi lapho uxoxa nabo noma ukhulume njengokungathi uxoxa nomntwana. Hlonipha isithunzi sabo.
Lalela ngesineke. Bangase badinge isikhathi sokuhlela abakucabangayo noma sokuqedela igama, amagama athile, noma umusho. Khumbula, isilaleli esikhathalelayo asijahi ukuzwa.
Ungenzi sengathi uyaqonda uma ungaqondi. Ngomusa vuma ukuthi: “Ngiyaxolisa. Angiqondi kahle. Sizophinde sixoxe.”
Khuluma ngokunensa nangokucacile ngephimbo elivamile.
Sebenzisa imisho emifushane namagama ajwayelekile.
Buza imibuzo edinga uyebo noma ucha, futhi ubakhuthaze ukuba baphendule. Khumbula ukuthi bangase bangakuqondi okushoyo.
Nciphisa umsindo ongase uphazamise.
Ukubhekana Nesimo Ngokusekela KukaJehova Kothando
Nakuba kubalulekile ukwazi imbangela kanhlangothi, njengoba lokho kukunikeza ithuba lokuthatha isinyathelo futhi unciphise ingozi yokuba nawo esikhathini esizayo, ukulawula ukwesaba okuhambisana nalokho nakho kubalulekile. U-Ellen uthi: “Amazwi kaNkulunkulu ku-Isaya 41:10 angiduduza kakhulu. Lapho, uthi: ‘Ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.’ UJehova uye waba umuntu ongokoqobo kimi, ungenza ngingesabi.”
IBhayibheli lisiza no-Anand ukuba abhekane nokuphelelwa yithemba: “Lingisekela kakhulu, ngoba liyangivuselela futhi lingiqabule njalo.” Inkinga kaHiroyuki yayiwukuthi angazuza kanjani emiBhalweni, ngoba wayengakwazi ukugxilisa ingqondo. Uthi: “Ngathola induduzo ngokulalela amakhasethi ezincwadi zeBhayibheli.”
Umphostoli uPawulu wathi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:10) Umoya kaJehova yiwona owasiza uPawulu ukuba afeze lokho ayengenakukufeza ngamandla akhe. Labo abashaywe unhlangothi nabo bangathembela kuJehova ukuze bathole amandla angokomoya. U-Erikka uyachaza: “Lapho siyimiqemane futhi senza konke ngamandla ethu, singase singamniki uJehova ithuba elanele lokuba asisize. Kodwa ukukhubazeka kwami kuye kwangisiza ukuba ngiqinise ubuhlobo bami naye ngendlela ekhetheke ngempela.”
Abanakekeli Bayasekelwa
Abanakekeli badinga ukusekelwa endimeni yabo ebucayi. Bangakutholaphi ukusekelwa? Enye indawo kusemkhayeni. Ilungu ngalinye kudingeka lihlanganyele emsebenzini wokunakekela ogulayo. UYoshiko ulandisa ngendlela amadodana akhe amsekela ngayo ngokomzwelo: “Ayelalela izinkinga zami njengokungathi ezawo.” Amalungu omkhaya kufanele athole konke ukwaziswa angakuthola ukuze afunde indlela yokunakekela oshaywe unhlangothi nokuthi angabhekana kanjani nokushintsha kobuntu bothandekayo wawo.
Obani abanye abangasekela abanakekeli? UDavid nomkhaya wakubo baphendukela emkhayeni wabo ongokomoya ebandleni loFakazi BakaJehova ukuze bathole usizo ngoVictor: “Basabela esidingweni sethu. Ngezinye izikhathi bayashintshana, bazolala ekhaya ukuze banakekele uVictor ubusuku bonke.”
Umnakekeli ngamunye kufanele athole uthando olufudumele nokusekela komkhaya wakubo ongokomoya. Kodwa abanye bangase bakuthole kunzima ukucela usizo. UHaruko uyachaza: “Ngokuvamile ngitshelwa ukuthi: ‘Uma kukhona odinga ukuba sikusize ngakho, unganqikazi ukusazisa.’ Kodwa ngokwazi ukuthi wonke umuntu umatasa kangakanani, ngiyesaba ukucela usizo. Ngingajabula kakhulu uma abantu benganikeza usizo ngezindlela eziqondile: ‘Ngingakusiza ngokuhlanza indlu. Iluphi usuku olukulungele?’ ‘Ngingakuyela esitolo, ngakho kungalunga yini uma ngingafika manje?’”
UmkaKenji washaywa unhlangothi; nokho, uKenji wakwazi ukumnakekela kahle. Wathola ukuthi ngokuthandaza angaphonsa imithwalo yakhe kuJehova. Ekugcineni, umkakhe wayengasakwazi ukukhuluma, futhi ngenxa yalokho, uKenji wayengasenamngane ayengaxoxa naye. Kodwa ufunda iBhayibheli nsuku zonke. Uthi: “Lingikhumbuza ngokukhathalela kukaJehova komusa ngalabo abanomoya owaphukileyo, futhi lokhu kuye kwangisiza ukuba ngingacindezeleki futhi ngingabi nesizungu.”
Ukuncika emoyeni kaJehova kungasiza lapho kubonakala sengathi imizwelo yethu ingaphezu kwamandla ethu. UYoshiko, obhekene nokushintsha kobuntu bomyeni wakhe nokuhluthuka inhliziyo ngemva kokushaywa unhlangothi, uyalandisa: “Ngezinye izikhathi kuyaye kuthi angimemeze kakhulu. Ngalezo zikhathi ngithandaza kuJehova njalo, futhi umoya wakhe ungilethela ukuthula.” Ngenxa yokwazisa ukuthembeka kukaJehova kuye, akavumeli lutho luphazamise indlela yakhe yokuphila kobuKristu. Uba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, uhlanganyela enkonzweni, futhi abe nesifundo seBhayibheli somuntu siqu. UYoshiko uthi: “Ngokufeza ingxenye yami, ngiyazi ukuthi uJehova akasoze angishiya.”
Lapho kufika izinkathazo, uJehova uhlala ekhona ukuze alalele. UMidori, onomyeni owashaywa unhlangothi, ududuzwa iqiniso lokuthi uJehova uye wafaka zonke izinyembezi zakhe “egabheni” lakhe elingokomfanekiso. (IHubo 56:8) Ukhumbula amazwi kaJesu: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo.” Uthi: “Ngiye nganquma ukuba ngibe nesineke kuze kufike izwe elisha.”—Mathewu 6:31-34.
Ukubhekana Nokulinganiselwa Okukhulu
Kuyiqiniso ukuthi lapho belashwa abanye balulama ngokuphawulekayo, kodwa abanye bayehluleka ukuvuselela amakhono ngemva kokushaywa unhlangothi. Yini engasiza abanjalo ukuba babhekane nenselele yokwamukela ukulinganiselwa kwabo, nakuba kukukhulu futhi kuhlala njalo?
UBernie, owakhubazeka kakhulu ngenxa yokushaywa unhlangothi, uyaphendula: “Injabulo ebangelwa yithemba lami lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ozayo nokuthandaza kuBaba osezulwini, uJehova, kwangisiza ukuba ngamukele ukulinganiselwa kwami ngokuzola.”
Lelo themba lasiza u-Erikka nomyeni wakhe, uGeorg, ukuba bamukele ukulinganiselwa kwakhe futhi baqhubeke bejabulela ukuphila. UGeorg uyachaza: “Sinesithembiso sikaNkulunkulu sokuphulukiswa ngokuphelele ngolunye usuku. Ngakho asigxili ekukhubazekeni. Yiqiniso, sisenza konke esingakwenza ukuze sithuthukise impilo ka-Erikka. Kodwa ningafunda ukuphila nokungasebenzelani kahle kwemisipha futhi nigxile ezintweni ezakhayo.”—Isaya 33:24; 35:5, 6; IsAmbulo 21:4.
Ezimweni lapho ukululama kukuncane khona, ukusekela komkhaya nabangane kubaluleke ngisho nakakhulu. Bangasiza ogulayo ukuba akhuthazele kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu sokuphulukisa zonke izinkinga zempilo.
Ukwazi ukuthi abashaywe unhlangothi nemikhaya yabo banekusasa eliqhakazile lapho impilo iyobuyiselwa khona kubasiza ukuba babhekane nokuphila kosuku nosuku. Kanjalo ngesineke bangalindela ukukhululwa kukho konke ukuhlupheka, ezweni elisha likaNkulunkulu eliseduze. (Jeremiya 29:11; 2 Petru 3:13) Okwamanje, bonke abaphendukela kuJehova bangaqiniseka ukuthi ngisho namanje uyobasiza futhi abasekele njengoba bebhekene nemiphumela ekhubazayo kanhlangothi.—IHubo 33:22; 55:22.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Umkhaya nabangane bangasiza ogulayo ukuba akhuthazele kuze kufike isikhathi sikaNkulunkulu sokuphulukisa zonke izinkinga zempilo
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]
Ukuvimbela Unhlangothi
“INDLELA engcono kakhulu yokubhekana nokushaywa unhlangothi iwukuzama ukukuvimbela,” kusho uDkt. David Levine. Futhi isici esivelele esihlobene nokugadla okuningi kukanhlangothi umfutho wegazi ophakeme.
Kubantu abaningi, umfutho wegazi ophakeme ungalawulwa ngokudla ukudla okune-potassium eningi nokungenawo usawoti omningi, amafutha anqumayo ne-cholesterol. Ukunciphisa utshwala nakho kungasiza kakhulu. Isimiso sasikhathi sonke sokuvivinya umzimba esifanele ubudala bomuntu nokuqina komzimba wakhe singasiza ekunciphiseni isisindo, nakho okungase kwehlise umfutho wegazi. Kungase kudingeke ukuba umuntu aphuze imithi—ngaphansi kokuqondisa kukadokotela, njengoba kunemithi eminingi ekhona.
Ukucinana kwemithambo yegazi eya ekhanda kuvala umzila oyinhloko wegazi eliya ebuchosheni futhi kuyimbangela eyinhloko yokushaywa unhlangothi. Kuye ngokuthi ukucinana kungakanani, kungase kutuswe ukuba kwenziwe ukuhlinza okwaziwa ngokuthi i-carotid endarterectomy ukuze kuvulwe imithambo evalekile. Ukuhlola kuye kwabonisa ukuthi abantu abanezimpawu futhi abanemithambo yegazi evalekile bathola usizo ngokuhlinzwa nangokwelashwa ngemithi. Nokho, kungaba nezinkinga ezihambisana nokuhlinzwa, ngakho kumelwe kucatshangelwe ngokucophelela.
Isifo senhliziyo singayandisa ingozi yokushaywa unhlangothi. I-atrial fibrillation (ukungashayi kahle kwenhliziyo), engabangela amahlule aya ebuchosheni, ingelashwa ngemithi eyenza ukuba igazi lingajiyi. Ezinye izinkinga zenhliziyo zingase zidinge ukuhlinzwa nemithi ukuze kuncishiswe ingozi kanhlangothi. Isifo sikashukela sibangela unhlangothi kubantu abaningi kakhulu, ngakho ukusilawula kuyasiza ekuvimbeleni ukushaywa unhlangothi.
Ukucinana kobuchopho okudlulayo, i-TIA (transient ischemic attack), kuwuphawu olusobala lokuthi kungase kuhlasele unhlangothi. Qiniseka ukuthi awuzishalazeli lezi zimpawu. Bonana nodokotela, futhi nixazulule imbangela, ngoba i-TIA yandisa ingozi yokushaywa unhlangothi izikhathi eziningi.
Ukuphila okunempilo, okulinganiselayo kungasiza kakhulu ekuvimbeleni ukushaywa unhlangothi. Ukudla okunomsoco nokuvivinya umzimba njalo kanye nokunciphisa utshwala nokuyeka ukubhema kungagcina imithambo yegazi iphilile futhi kungase kwenze imithambo elimele ilulame. Ngokokuhlola okuningi, ukudla kakhulu izithelo nemifino nokusanhlamvu kuye kwasiza ekunciphiseni ingozi yokushaywa unhlangothi.