Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukushaywa Unhlangothi
Uchungechunge oluthi “Ukubhekana Nokushaywa Unhlangothi” (February 8, 1998) lwaphendula umthandazo wami. Mina nomyeni wami sasisemhlanganweni wobuKristu eminyakeni embalwa edlule lapho eshaywa unhlangothi. Njengoba ayezama ukungibhalela ipheshana engitshela, isandla sakhe savele sashelela ephepheni; lonke uhlangothi lwakhe lwesokunene lwalushaywe unhlangothi. Lesi sihloko sangisiza ngendlela engachazeki. Kuhle ukwazi ukuthi uJehova akasikhohliwe.
F. S. H., United States
Emahoreni nje ambalwa ngaphambi kokuthola lo magazini, ngangizama ukuchazela umkami ukuthi ngizizwa kanjani, kodwa ngahluleka ukukhuluma kahle ngenxa yokuthi ngangishaywe unhlangothi. Sengiwufunde izikhathi ezintathu kakade lo magazini. Umkami naye uwufundile.
R. Z., Italy
Ubaba, owayeseneminyaka eminingi eyinceku kaJehova ekholekile, wabulawa unhlangothi ngonyaka odlule. Lesi sihloko sangisiza ngaqonda indlela ayeziphatha ngayo ngaphambi kokuba ashone. Izincazelo ezimayelana nezinguquko ezingokomzwelo, nokuthi kungani umuntu oshaywe unhlangothi ekuthola kunzima ukuxoxa nabanye, zangisiza ngakuqonda kangcono lokho ubaba ayebhekana nakho.
V. C., United States
Ngashaywa unhlangothi esikhathini esingangonyaka esidlule futhi uhlangothi lwami lwesobunxele lusebuthakathaka. Lezi zihloko zizodambisa ukudideka nokwesaba okubangelwa unhlangothi. Akulona iqiniso ukuthi abantu abadala kuphela abashaywa unhlangothi. Ngangineminyaka engu-47 nje kuphela lapho ngishaywa unhlangothi.
A. A., England
Lesi sihloko sangisiza kakhulu ukuba ngiqonde isimo sendodakazi yami uLucia, eyalimala kabi ekhanda engozini yemoto lapho inezinyanga ezimbili ubudala. Ayikwazi ukuveza indlela ezizwa ngayo. Nokho, lesi sihloko sangisiza ngaqonda ukuthi kungani kunjalo.
N. K., Slovakia
Ngingumhlengikazi ogunyaziwe noqeqeshelwe ukusiza abalulamayo futhi ngiye ngasebenzelana kakhulu nabantu abashaywe unhlangothi. Engakwazisa kakhulu ngalesi sihloko indlela enozwela esachaza ngayo lokho imikhaya yabashaywe unhlangothi ebhekana nakho.
L. C., United States
Umama wahlaselwa ukucinana kobuchopho okudlulayo. Ngokomzimba, cishe useluleme ngokuphelele. Kodwa akakalulami ngokuphelele ngokwengqondo. Wayengumuntu oqinile nozethembayo, kodwa manje usebuthaka kakhulu ngokomzwelo. Ngiyabonga ngokuveza indlela lesi sifo esiyithinta ngayo ingqondo yesiguli.
R. C., Italy
Eminyakeni emibili edlule umama washaywa unhlangothi kabili. Okokuqala walahlekelwa inkumbulo, kanti okwesibili wakhubazeka uhlangothi lwesokunene. Ngesinye isikhathi ngiphelelwa isineke bese ngisho izinto ezimdumazayo. Isihloko senu sangikhuthaza ukuba ngiqonde kakhudlwana.
R. T. S., Brazil
Ukuhlukahluka KobuKristu Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Ubunye BobuKristu Buyakuvumela Ukuhlukahluka?” (February 8, 1998) Njengoba ngimazi kangcono uJehova, ngijabula kakhulu ngokuba senhlanganweni yakhe, esijabulela ukuba nabantu abahlukahlukene kuyo.
I. P., Slovenia
Ngineminyaka engu-15 ubudala futhi ngiyifunda njalo i-Phaphama! Ngasijabulela ngokukhethekile lesi sihloko. Enye ingxenye yakhuluma ngePharadesi nokuthi liyoba njani. Bengilokhu ngizibuza ukuthi abantu abaphelele bayoba njani nokuthi ingabe sonke siyobukeka futhi sicabange ngendlela efanayo yini. Manje sengiyaqonda ukuthi kuyoba nokuhlukahluka okukhulu kubantu nasezilwaneni.
J. C., United States