Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 5/8 k. 16-k. 19 isig. 6
  • Uhambo Lwami Olude Lokufa Nokuphila ECambodia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhambo Lwami Olude Lokufa Nokuphila ECambodia
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizinda Sami SobuBuddha
  • Impi Nezinguquko ECambodia
  • UPol Pot Nokuqothula Kwakhe Abantu
  • Ukuphila Okusha E-United States
  • Ukuvakashelwa Okwethusayo
  • Ukufunda IsiNgisi NeBhayibheli
  • Ngabaleka Ezinkundleni Zokubulala, Ngathola Ukuphila
    I-Phaphama!—2009
  • ICambodia Ukusinda Kokuhlangenwe Nakho Okwethusayo
    I-Phaphama!—1987
  • Lokho Engakukhetha Ngisemncane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Sekufanele Kuphele Ukuhlupheka!
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 5/8 k. 16-k. 19 isig. 6

Uhambo Lwami Olude Lokufa Nokuphila ECambodia

NJENGOBA ILANDISWA UWATHANA MEAS

KWAKUNGO-1974 lapho ngilwa neKhmer Rouge eCambodia. Ngangiyisikhulu ebuthweni laseCambodia. Kwenye impi sabamba isosha leKhmer Rouge. Elangitshela kona ngamacebo kaPol Pot esikhathi esizayo kwashintsha ukuphila kwami futhi kwangenza ngathatha uhambo olude, ngokoqobo nangokomoya.a

Kodwa ngivumele ngikuyise ekuqaleni kohambo lwami. Ngazalwa ngo-1945, ePhnom Penh, ngesiKhmer eyaziwa ngokuthi iKampuchea (Cambodia). Umama wagcina esengusomaqhuzu emaphoyiseni omshoshaphansi. Wayeyimpimpi yeNkosana uNorodom Sihanouk, umbusi wezwe. Njengoba ayesele nami futhi ematasa kakhulu, wazizwa ebophekile ukuba angishiye ethempelini lobuBuddha ukuze ngifunde.

Isizinda Sami SobuBuddha

Ngangineminyaka engu-8 ubudala ngesikhathi ngiyohlala nendela engumBuddha eyayiphethe. Kusukela ngalowo nyaka kuze kube ngu-1969, ngangihlala ethempelini nasekhaya. Ngangingaphansi kwendela uChuon Nat, eyayiphethe wonke amaBuddha eCambodia ngaleso sikhathi. Ngasebenza njengonobhala wayo okwesikhashana futhi ngayisiza ekuhumusheni incwadi engcwele yamaBuddha ethi “The Three Baskets” (Tipitaka, noma i-Tripitaka yesiSanskrit) isuselwa olimini lwesiNdiya sasendulo iyiswa kolwaseCambodia.

Ngamiswa njengendela ngo-1964 futhi ngakhonza njengayo kwaze kwaba u-1969. Phakathi nalesi sikhathi kwakunemibuzo eminingi eyayingihlupha, enjengokuthi, Kungani kunokuhlupheka okungaka emhlabeni, kwaqala kanjani? Ngangibona abantu bezama izindlela eziningi zokujabulisa onkulunkulu babo, kodwa babengazi ukuthi onkulunkulu babo bangazixazulula kanjani izinkinga zabo. Angiyitholanga impendulo egculisayo emibhalweni yamaBuddha, futhi nezinye izindela aziyitholanga. Ngakhungatheka ngaze nganquma ukulishiya ithempeli, futhi ngayeka ukuba yindela.

Ekugcineni, ngo-1971, ngangena ebuthweni lezempi laseCambodia. Cishe ngo-1971, ngathunyelwa eVietnam futhi ngenxa yemfundo yami, ngakhushulelwa esikhundleni sokuba isekela lomphathi futhi nganikezwa amasosha angamashoshozela. Sasilwa namabutho obuKhomanisi eKhmer Rouge naweVietcong.

Impi Nezinguquko ECambodia

Ngaba umakad’ebona wempi olukhuni. Ngakujwayela ukubona abantu befa cishe nsuku zonke. Ngalwa ezimpini ezingu-157. Sake sazungezwa iKhmer Rouge isikhathi esingaphezu kwenyanga, singene shí ehlathini. Kwafa amadoda angaphezu kuka-700. Kwasinda abacishe babe ngu-15—ngangingomunye wabo futhi ngangilimele. Kodwa ngaphuma ngiphila.

Ngo-1974 sake sabamba isosha leKhmer Rouge. Njengoba ngangiliphonsa imibuzo, langitshela ukuthi uPol Pot wayehlose ukubaqothula bonke ababeyizikhulu zikahulumeni, kuhlanganise nalabo ababesebuthweni lezempi. Langitshela ukuba ngishiye konke, ngishaye ngichithe. Lathi: “Ubolokhu uzishintsha igama. Ungatsheli muntu ukuthi ungubani. Uzenze isilima nomuntu ongafundile. Ungatsheli muntu ngokuphila kwakho okudlule.” Ngemva kokulidedela liphindele emzini walo, leso sixwayiso sahlala engqondweni yami.

Sasikade sitshelwe ukuthi thina masosha silwela izwe lethu, kodwa sasibulala abantu baseCambodia. IKhmer Rouge, iqembu lamaKhomanisi elalizenza isiqhwaga, yayakhiwe abantu bakithi. Eqinisweni, iningi lezakhamuzi eziyizigidi ezingu-9 eCambodia zingamalungu eKhmer, nakuba zingekho kuyiKhmer Rouge. Ngakubona kuwubulima. Sasibulala abalimi abangenacala ababengenazibhamu futhi bengenandaba nempi.

Ukubuya empini kwakuhlale kuyisikhathi esizwisa ubuhlungu. Kwakusuke kukhona amakhosikazi nezingane, belindele ngokulangazela ukubona ukuthi abayeni noma obaba babuyile yini. Kwakudingeka ngitshele abaningi kubo ukuthi ilungu lomkhaya wabo libulewe. Kukho konke lokhu, ukwazi kwami ubuBuddha akunginikezanga nduduzo.

Ngicabanga indlela izinto ezashintsha ngayo manje eCambodia. Ngaphambi kuka-1970, kwakunesilinganiso esithile sokuthula nokulondeka. Abantu abaningi babengenazo izibhamu; kwakungekho emthethweni ngaphandle uma unemvume. Ukuphanga noma ukweba kwakungavamile. Kodwa ngemva kwempi yombango eyayiqale ngokuvukela kukaPol Pot namabutho akhe, zonke izinto zashintsha. Izibhamu zazitholakala yonke indawo. Ngisho nentsha eneminyaka engu-12 nengu-13 yayiqeqeshelwa impi, ifunda ukudubula nokubulala. Abalandeli bakaPol Pot bafundisa ezinye izingane ukuba zibulale abazali bazo. Amasosha ayeye athi ezinganeni, “Uma nilithanda izwe lakini, kufanele nizizonde izitha zenu. Uma abazali benu besebenzela uhulumeni, bayizitha zethu futhi kumelwe nibabulale—noma kufe nina.”

UPol Pot Nokuqothula Kwakhe Abantu

Ngo-1975, uPol Pot wayinqoba impi, iCambodia yaba isizwe samaKhomanisi. UPol Pot waqala ukuqothula bonke abafundi, othisha, izikhulu zikahulumeni nanoma ubani owayefundile. Uma wawufaka izibuko, wawungase ubulawe ngoba kuthiwa ufundile! Umbuso kaPol Pot waxosha abaningi emadolobheni amancane namakhulu bathuthela emaphandleni beyoba abalimi. Wonk’umuntu kwakufanele agqoke ngendlela efanayo. Kwakudingeka sisebenze amahora angu-15 ngosuku, ukudla kungenele, kungekho mithi, kungekho zingubo zokugqoka futhi silala amahora amabili noma amathathu. Nganquma ukulishiya elakithi ngingaze ngithole amathonsi abanzi.

Ngakhumbula iseluleko sesosha leKhmer Rouge. Ngalahla zonke izithombe, amaphepha, nayo yonke into eyayingase ingicebe. Ngamba umgodi ngagqiba ezinye izincwadi zami. Ngabe sengilibangisa entshonalanga ngaseThailand. Kwakuyingozi. Kwadingeka ngigweme imigwaqo evinjiwe futhi ngiqaphelisise ngempela phakathi nesikhathi somthetho wewashi, ngoba amasosha eKhmer Rouge kuphela ayevunyelwe ukuhamba ngemvume yezikhulu.

Ngaya kwenye indawo ngahlala nomngane wami okwesikhashana. IKhmer Rouge yabe isisusa bonke abantu kuleyo ndawo yabayisa endaweni entsha. Yaqala ukubulala othisha nodokotela. Ngabaleka nabangane bami abathathu. Sacasha ehlathini, sidla noma yiziphi izithelo esasingazithola ezihlahleni. Ekugcineni, ngafika edolobhaneni elincane esifundazweni saseBattambang lapho kwakuhlala khona umngane wami. Ngabamba ongezansi lapho ngithola leliya sosha elalingitshele indlela yokubaleka! Ngenxa yokuthi ngangilikhululile, langicashisa emgodini izinyanga ezintathu. Lalitshela ingane ukuba ingiphonsele ukudla kodwa ingalunguzi emgodini.

Ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukubaleka futhi ngathola umama, udadewabo kamama nodadewethu, ababebalekele ngasemngceleni waseThailand. Kwakuyisikhathi esidabukisayo kimi. Umama wayegula futhi ekugcineni wabulawa ukugula nokuntuleka kokudla ekamu lababaleki. Nokho, ngaqala ukuba nethemba nenjongo ekuphileni. Ngahlangana noSopheap Um, owesifazane owaba ngumkami. Sabaleka kanye nodadewabo kamama nodadewethu, sawela umngcele waseThailand sangena ekamu lababaleki leZizwe Ezihlangene. Umkhaya wakithi walahlekelwa kakhulu empini yombango yaseCambodia. Salahlekelwa amalungu omkhaya angu-18, kuhlanganise nomfowethu nomakoti wakhe.

Ukuphila Okusha E-United States

Ekamu lababaleki sahlolwa ukuthi sivelaphi, i-UN yazama ukusitholela umuntu owayengasixhasa ngemali ukuze sikwazi ukuya e-United States. Ekugcineni, yamthola! Safika eSt. Paul, eMinnesota ngo-1980. Ngangazi ukuthi kudingeka ngifunde isiNgisi ngokushesha ngangokunokwenzeka ukuze ngithuthuke ezweni lami elisha. Umxhasi wami wangiyisa esikoleni izinyanga ezimbalwa kuphela, nakuba kwakufanele ngifunde isikhathi eside. Esikhundleni salokho wangitholela umsebenzi wokuhlanza ehhotela. Kodwa njengoba ngangingasazi kahle isiNgisi, ngangenza amaphutha ahlekisayo. Umphathi wayeke angithume ukuba ngilande isitebhisi, mina ngibuye nomgqomo wezibi!

Ukuvakashelwa Okwethusayo

Ngo-1984 ngangisebenza ishifu yasebusuku bese ngiyalala emini. Endaweni esasihlala kuyo, abase-Asia nabansundu babengazwani. Ubugebengu nezidakamizwa kwakuyinsakavukela. Ngelinye ilanga ekuseni umkami wangivusa ngehora leshumi wangitshela ukuthi kunomuntu onsundu ongqongqozayo. Wayesaba ngoba ecabanga ukuthi uzosiphanga. Ngalunguza ngembobo yesicabha, kwakumi indoda ensudu egqoke kahle ephethe isikhwama ihamba nomlungu. Ngabona ukuthi kwakungonakele lutho.

Ngayibuza ukuthi idayisani. Yangibonisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngangingezwa lutho. Ngazama ukubenqaba ngoba ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili othile wayeye wangiphamba ngathenga izincwadi ezinhlanu ngo-$165 (R330) kumdayisi ongumProthestani. Nokho, lo mlisa wangibonisa imifanekiso eyayikomagazini. Yayimihle kakhulu! Futhi wayenokumomotheka kobungane. Ngakho nganikela ngo-$1 (R2) ngase ngibathatha.

Cishe ngemva kwamasonto amabili, yabuya futhi yangibuza ukuthi nginalo yini iBhayibheli lesiCambodia. Empeleni nganginalo engangilithole esontweni lamaNazaretha, nakuba ngangingaliqondi. Kodwa kwakungihlabe umxhwele ukuthi amadoda amabili ezinhlanga ezingefani ayefike kwami. Yabe isingibuza, “Uyafuna ukufunda isiNgisi?” Ngangifuna impela, kodwa ngayichazela ukuthi ngangingenayo imali yokukhokhela izifundo. Yangitshela ukuthi izongifundisa mahhala, isebenzisa incwadi yeBhayibheli. Nakuba ngangingazi ukuthi ingeyayiphi inkolo, ngacabanga, ‘Okungenani ngeke ngikhokhe, futhi ngizofunda ukuzifundela nokubhala isiNgisi.’

Ukufunda IsiNgisi NeBhayibheli

Kwakuhamba kancane. Yayiye ingibonise incwadi yokuqala yeBhayibheli, uGenesise, bese ngiyisho ngesiCambodia ngithi, “Lo ca bat.” Yayithi, “iBhayibheli,” bese ngithi “Compee.” Ngaqala ukuthuthuka, futhi ngaba nomdlandla. Ngangiya emsebenzini nesichazamazwi sami sesiNgisi nesiCambodia, INqabayokulinda, iBhayibheli i-New World Translation neBhayibheli lami lesiCambodia. Ngesikhathi sekhefu ngangifunda isiNgisi, izwi nezwi, ngokuqhathanisa izincwadi. Le ndlela ethatha kancane, kanye nezifundo zamasonto onke, yathatha iminyaka engaphezu kwemithathu. Kodwa ekugcineni ngase ngikwazi ukufunda isiNgisi!

Umkami wayesaya ethempelini lobuBuddha futhi ashiyele amadlozi ukudla. Yebo, kwakuzuza izimpukane kuphela! Ngangingene shí emikhubeni eminingi emibi engangiyiqale ngesikhathi ngisempini nasenkolweni yobuBuddha. Ngesikhathi ngiyindela, abantu babeye balethe iminikelo kuhlanganise nogwayi. Babekholelwa ukuthi uma indela ibhema ugwayi, kwakunjengokungathi amadlozi abo ayabhema. Ngaleyo ndlela ngaba umlutha we-nicotine. Kanti nasempini ngangibuhlaba utshwala, ngibhema ne-opium ukuze ngiqunge isibindi sokulwa. Ngakho, lapho ngiqala ukufunda iBhayibheli, kwadingeka ngenze izinguquko eziningi. Yilapho ngabona khona ukuthi umthandazo uwusizo olukhulu. Ngezinyanga ezimbalwa nje, ngayiyeka imikhuba yami emibi. Yeka indlela owajabula ngayo wonke umkhaya!

Ngabhapathizwa njengoFakazi ngo-1989 eMinnesota. Cishe ngaleso sikhathi ngezwa ukuthi kwakuneqembu loFakazi elikhuluma isiCambodia kanye nabantu abaningi baseCambodia eLong Beach, eCalifornia. Ngemva kokuba mina nomkami sixoxile, sanquma ukuthuthela eLong Beach. Kwaba ushintsho olubaluleke kakhulu! Kwaqale kwabhapathizwa udadewethu, kwabe sekuba udadewabo kamama (manje oneminyaka engu-85 ubudala) nomkami. Kwalandela izingane zami ezintathu. Ekugcineni, udadewethu washada noFakazi, manje okhonza njengomdala ebandleni.

Lapha e-United States, siye sadlula ezilingweni eziningi. Siye sabhekana nezinkinga ezinkulu zemali nezempilo, kodwa ngokunamathela ezimisweni zeBhayibheli, siye sahlala sithembele kuJehova. Uyibusisile imizamo yami emkhakheni ongokomoya. Ngo-1992 ngamiswa njengenceku ekhonzayo ebandleni, kwathi ngo-1995 ngaba umdala lapha eLong Beach.

Kuze kube manje, uhambo olude olwaqala lapho ngiseyindela engumBuddha ngabe sengiba isikhulu ezinkundleni zempi zaseCambodia eyayicekelwe phansi yimpi, luphethe ngokuthula nenjabulo emzini wethu nasezweni lethu elisha. Futhi sinokholo olusha kuJehova uNkulunkulu nakuKristu Jesu. Kungiphatha kabi ukwazi ukuthi abantu basabulalana eCambodia. Kuyisizathu esengeziwe sokuba mina nomkhaya wami silinde futhi simemezele umhlaba omusha othenjisiwe, lapho kuyobe kuphele zonke izimpi nabantu bebathanda ngempela omakhelwane babo njengoba bezithanda bona!—Isaya 2:2-4; Mathewu 22:37-39; IsAmbulo 21:1-4.

[Imibhalo yaphansi]

a UPol Pot wayengumholi wamaKhomanisi ebuthweni leKhmer Rouge, elanqoba impi futhi lathatha iCambodia.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 16]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

VIETNAM

LAOS

THAILAND

CAMBODIA

Battambang

Phnom Penh

Ngesikhathi ngiseyindela engumBuddha

[Umthombo]

Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.

[Isithombe ekhasini 18]

Nginomkhaya wami, eHholo LoMbuso

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela