Ukwenza Ijezi—EPatagonia
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-ARGENTINA
“NGIYAGODOLA!” Ezindaweni ezipholile, ubani ongakaze awasho lawo mazwi ngezikhathi ezithile? Futhi kungenzeka uye waqhubeka wathi, ‘Liphi ijezi lami?’
Uma ungomunye wezigidi ezigqoka ijezi, wake wazibuza yini ukuthi lenziwa kanjani? Uvolo uphothwa kanjani? Imibala yenziwa kanjani? Lapha e-Argentina sinamaNdiya omdabu akwenza konke lokhu ngesandla. Ake siwavakashele sibone ukuthi akwenza kanjani.
Ukwenza Ijezi Ngendlela Endala
Abaningi abangamaMapuche, isizwana samaNdiya esingama-Araucania, bahlala eningizimu yePatagonia, e-Argentina. Basebenzisa izindlela zomdabu zokuphotha uvolo nokuwudaya. Entwasahlobo yaseNingizimu Nenkabazwe, ngasekupheleni kuka-November nasekuqaleni kuka-December, bagunda izimvu, besebenzisa izikele zensimbi ezikhethekile. Ukugunda izimvu ubuciko bokubukwa ngempela!
Ngokusobala, uvolo ogundwa ezimvwini usuke unotshani, izitshalo namagabade enhlabathi. Ngakho-ke kufanele uwashisiswe. Lokhu kwenziwa ngokuwucwilisa emanzini ashisayo bese ubekwa ngaphandle ukuze wome. Kube sekususwa ukungcola okusasele. Lokhu kubizwa ngokuthi i-escardado, noma ukuhlanza uvolo. Uma le nqubo yenziwe kahle, uvolo uzohlanzeka, wome futhi uthambe kakhulu. Lokhu kusho ukuthi uvolo usulungele ukuba wenziwe iwuli engasetshenziswa.
Kunezindlela zomdabu ezimbili zokwenza iwuli. Kweyokuqala, kusetshenziswa uthi lokuphotha. (Bheka umfanekiso 1.) Umphothi uguqula uvolo ube iwuli ngokuwushwila othini lokuphotha kuyilapho ewuhlikihla emlenzeni wakhe ngesandla esisodwa futhi ewuphotha. Khona-ke iwuli iyanda othini lokuphotha. Ukuthi iwuli izoba nkulu kangakanani kuxhomeke ekutheni ungakanani uvolo ofakwe othini.
Endleleni yesibili yokwenza iwuli, kusetshenziswa isondo lokuphotha, umphothi alilawula ngesishovo sonyawo. Uvolo ufakwa esondweni ngembobo, bese umphothi elawula ubukhulu bewuli. (Bheka umfanekiso 2.) Uma iwuli seyenziwe, ingenziwa isigaxa esithengwa abesifazane abaningi. Kodwa kuthiwani ngokudaya iwuli ibe nemibala ehlukahlukene? Kwenziwa kanjani lokho?
AmaMapuche enza imibala ngezimpande ezithile noma ngezitshalo ngokuzibilisa imizuzu engu-30 emanzini afakwe usawoti omncane. Lokhu kuyafana nendlela amanye amaNdiya angamaNavajo e-Arizona, e-U.S.A., enza ngayo imibala yezingubo zokulala azelukayo. E-Argentina, ukuze athole umbala ophuzi, amaMapuche abilisa izimpande zesihlahla se-michai, igama lesiNdiya lesitshalo i-Berberis darwinii; ukuze athole onsundu onamakhwifikhwifi amhlophe, asebenzisa amaqabunga esihlahla i-radal, noma i-walnut yasendle; ukuze athole obomvu asebenzisa u-beetroot. Nakuba le ndlela inzima, imibala ayisheshi ukuphupha. Khona-ke, njengoba yonke iwuli isinemibala, sesingaqala ukwenza ijezi.
Ukwenza Ijezi—Ngezindlela Ezihlukahlukene
Sekungamakhulu eminyaka abesifazane besebenzisa izinaliti ukuze benze iwuli ibe indwangu elula engathungwa yenziwe ingubo. Kungasetshenziswa izinaliti ezine ukuze kwenziwe amasokisi, imikhono nokunye okunjengemikhono. Omunye umthombo uthi mhlawumbe ukwenza amajezi kwaqala e-Arabia cishe ngo-200 C.E. Leli khono labe selisakazekela eYurophu, futhi abaseSpain beza nalo eNingizimu naseMelika Ephakathi ekhulwini le-16 leminyaka, nakuba kungenzeka ukuthi abanye abalimi bendawo babeke babusebenzisa lobu buciko ngaphambili.
Umenzi wamajezi onomusa manje uyabuza, “Ufuna liqine kangakanani ijezi lakho?” Leso sinqumo yiso esizosho ukuthi uzosebenzisa izinaliti newuli okungakanani. Abese ethi, “Ufuna libe njani umbala?” Uma sekunqunyiwe lokho, usengaqala-ke ukulenza.
Okumangaza labo abangajwayelene nokwenza amajezi ukuthi lobu buciko bunezitishi ezimbili kuphela eziyinhloko—i-knit, noma isitishi esingenamicikilisho, njengoba abanye besibiza kanjalo, kanye ne-purl. I-purl isitishi esingenamicikilisho esihlanekezelwe semisho esuka phansi iye phezulu. Lezi zitishi zingakhipha izinhlobo ezihlukahlukene uma zihlanganisiwe.
Umenzi wamajezi wenza izingxenye ezihlukene, bese ziyahlanganiswa—ingxenye yangaphambili, yangemuva, imikhono nentamo—ukuze umkhiqizo uphelele. Yebo, kuthatha amahora amaningi, ngisho nezinsuku, ukwenza lesi sembatho. Ngakho-ke uma usiphiwa, ungasithathi kalula! Kwadingeka isineke lapho senziwa.
Izindlela Zanamuhla
Ngenxa yenguquko kwezezimboni, kuye kwasungulwa imishini engenza izinkulungwane zamajezi ngesikhathi esifushane. Namuhla le mishini yokwenza amajezi yasezimbonini ivame ukuqondiswa ngama-computer. Abesifazane abaningi basebenzisa imishini emincane emakhaya, eyonga isikhathi esiningi.
EPatagonia, amajezi enziwa umkhaya, umama wenza izingxenye zejezi bese umyeni wakhe nezingane besiza ekuhlanganiseni lezi zingxenye zempahla eseziphelile. Ngokuvamile, basebenzisa umshini wokwenza amajezi wasekhaya bese umkhiqizo owengeziwe abanawo bewudayisela ifektri yamajezi. Lokhu kusiza umkhaya ukuba uthole imali.
Ingabe Uzothenga Ijezi?
Yini okufanele uyicabangele uma uzothenga ijezi? Uma ufuna ijezi elenziwe ngesandla, mhlawumbe uyokhokha imali eyengeziwe, ngakho kungakuhle uthole elingcono kakhulu. Khetha ijezi lakho ngokucophelela, ngokuvumelana nezidingo zakho, ubheke nezinga lomkhiqizo. Ungakwenza kanjani lokho? Bheka ukuthi umphetho walo unjani nokuthi intamo ikulingana kahle yini. Bheka indlela elenziwe ngayo nohlobo lwewuli. Ingabe lenziwe ngewuli yodwa? Ingabe ixutshwe nokuthile? Uma ulinweba, ingabe linwebeka kalula bese lihlala linjalo, noma ingabe liyabuyela esimweni salo? Khona-ke, njalo uma ugqoka ijezi lakho, cabanga ukuthi kwakuhileleke umsebenzi ongakanani, ikakhulukazi uma lenziwa ngezandla ePatagonia!
[Ibalazwe ekhasini 22]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
SOUTH AMERICA
ARGENTINA
Patagonia
[Umthombo]
Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.
[Izithombe ekhasini 23]
1. Ukusebenzisa uthi lokuphotha ukuze wenze iwuli
2. Isondo lokuphotha liyindlela esheshayo yokwenza iwuli
3. Isithombe esiseduze sokufakwa kukavolo esondweni lokuphotha
4. Ukwenza ijezi ngendlela yomdabu
5. Izingxenye zangaphambili zejezi
6. Umshini wokwenza amajezi wanamuhla oqondiswa i-computer