Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 5/8 k. 28-k. 29 isig. 4
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ama-baby boomer Angenathemba
  • Isifo Sokusha Kwesibindi Kohlobo C Esicashile
  • Ukuncelisa Kunciphisa Izifo
  • Ukubhoboza Kudala Izinkinga
  • Sicela Kungabi Bikho Ukuncintisana
  • Ukugwaduleka Kwe-Italy
  • Ukwelapha Isifo Sohudo Ezinganeni
  • Kutholakale Irisidi Yasethempelini
  • Impikiswano Ngendlovukazi YaseSheba
  • Ukuthunjwa Kwemiqulu
  • Ukusiza Abantwana Ukuba Bahlale Bephila!
    I-Phaphama!—1988
  • Ubufakazi Obusekela Ubisi LukaMama
    I-Phaphama!—1993
  • Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?
    I-Phaphama!—2000
  • Indlela Yokulwa Nengculaza
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 5/8 k. 28-k. 29 isig. 4

Ukubuka Okwezwe

Ama-baby boomer Angenathemba

Elithi “ama-baby boomer” igama eliqanjelwe ukuchaza abantu abazalwa kusukela ekupheleni kwempi yezwe yesibili kuya ekuqaleni kwawo-1960. Phakathi naleso sikhathi inani labantu landa ngokuphawulekayo emazweni amaningi ayenqoba empini. Ukuhlola okwenziwa emazweni angu-16 kubonisa ukuthi ama-baby boomer, ake aba angakhathazeki ngalutho nanethemba ngekusasa, manje “azizwa engavikelekile, wona nezingane zawo futhi abheka ukuguga kwawo njengento esabekayo,” kusho iphephandaba i-European. Kungani engenathemba? Lo mbiko uthi: “Manje abhekene nezwe alibheka njengeligcizelela ngokweqile ukuzimela, izinto ezibonakalayo nelintula ukuzithiba nemikhuba emihle.”

Isifo Sokusha Kwesibindi Kohlobo C Esicashile

“Ukusha kwesibindi kohlobo C kubonakala kuyinkathazo enkulu yezempilo emphakathini waseFrance,” kubika iqembu lodokotela eFrance. Odokotela baphawula ukuthi ezimweni eziningi lesi sifo sokusha kwesibindi kohlobo C size sitholakale ngemva kokuba isiguli sesiye saxilongwa kwatholakala ukuthi sinesifo sesibindi esingamahlalakhona esesineminyaka esukela kweyishumi kuya kwengamashumi amathathu. Igciwane lesifo sokusha kwesibindi kohlobo C lingabulala futhi ngokuvamile lidluliselwa ngokumpontshelwa igazi nokuzijova ngezidakamizwa. Umbiko uxwayisa ngokuthi kudingeka ngokushesha izindlela zokuhlolisisa ngempela, njengoba abangaphansi kwengxenye eyodwa kwezine balabo abatholakala benaleli gciwane babevele bazi. Ngokukamagazini i-Hepatology, izakhamuzi zaseFrance ezilinganiselwa ku-500 000 kuya ku-650 000 zinalo leli gciwane.

Ukuncelisa Kunciphisa Izifo

“Ngokocwaningo olwenziwa ezinganeni ezingaphezu kuka-1700 ezisukela ezinyangeni ezimbili kuya kweziyisikhombisa, izingane ezincela ibele azivamile ukuphathwa isifo sezindlebe nesifo sohudo,” kusho umagazini i-Parents. “Abacwaningi e-Centers for Disease Control and Prevention bathola ukuthi umntwana oncela ubisi lwebhodlela kuphela unamathuba aphindwe kabili okuthola esinye salezi zifo kunomntwana oncela ibele kuphela.” Nakuba odokotela sebenesikhathi eside benomuzwa wokuthi ubisi lwebele luyavikela ekungenweni izifo ezithathelwanayo ngoba ludlulisela amasosha omzimba kamama avikelayo, lolu cwaningo lubonisa ukuthi lunezinzuzo ezibalulekile. ULaurence Grummer-Strawn, umqondisi walolu cwaningo uthi: “Kuyafaneleka ukusho ukuthi usana luyophila kangcono uma luncela kakhulu ubisi lwebele ezinyangeni eziyisithupha zokuqala.”

Ukubhoboza Kudala Izinkinga

Ukubhoboza umzimba kungase kwenziwe ngentshiseko kwamanye amazwe, kodwa “izindebe ezibhotshoziwe, izihlathi, nolimi kunezingozi ezingaphezu nje kokungenwa izifo,” kubika i-Journal of the American Medical Association. Ngokodokotela bamazinyo eWest Virginia University School of Dentistry, eMorgantown, “izinhlungu, ukuvuvukala, ukungenwa izifo, ukugxaza amathe nobuhlungu bezinhlafuno kuvame ukuphatha abantu ababhoboze izingxenye ezithile zomlomo. . . . Izinto zokuhloba zezingxenye zomlomo ezibhotshoziwe ziletha ingozi nakakhulu.” Izinto zokuhloba zinganqamula noma ziqhephule amazinyo, zibangele ukungakhulumi kahle, zibangele izibazi ezicutshini, futhi—uma zigwinyiwe—zivale imigudu yomoya.

Sicela Kungabi Bikho Ukuncintisana

UMkhandlu Wezwe WamaSonto (WCC [World Council of Churches]), onamasonto angu-330 angamalungu awo uye “wacela amasonto ukuba ayeke imizamo ‘yokuncintisana’ yokufuna ukuzuza amalungu amasha ngokuwakhipha kwamanye amasonto,” kubika i-ENI Bulletin. I-WCC “igxeka ngokuqondile ukusetshenziswa ‘kosizo lwabezenhlalakahle’ emazweni asathuthuka . . . ukuze kuthonywe abampofu, abangenabani, nabaxoshiwe emazweni akubo ukuba bashintshe inkolo yabo.” Kuye kwanikezwa iziqondiso zokuhlukanisa phakathi ‘kobufakazi beVangeli obamukelekayo nokuguqulela abantu kwenye inkolo okungamukeleki.’ Okunye okuhlanganiswe nokuguqulela abantu kwenye inkolo okungamukeleki “ukugxeka ngokungafanele” elinye isonto, ukuba umuntu athi isonto nezinkolelo zakhe kuyiqiniso, ukunikeza amathuba ezemfundo noma usizo lwezenhlalakahle ukuze kugqugquzelwe abanye ukuba bajoyine elinye isonto, ukuphoqa abantu noma ukubabamba ngengqondo ukuze ubayengele ukuba bashintshe inkolo yabo, nokusizakala ngokucindezeleka kwabantu noma “ukudideka ngesonto labo ukuze ‘ubaguqulele’ kwenye inkolo.”

Ukugwaduleka Kwe-Italy

Nakuba i-Italy ngokwemvelo ingelona izwe elinezindawo eziwugwadule, iye yamisa i-National Committee for the Fight Against the Desert (IKomiti YeSizwe Yokulwisana Nogwadule). Ngasizathu sini? Inhlabathi engavundile iye yanda ngokushesha ngasenyakatho ye-Italy. Iphephandaba i-Stampa lithi: “Uma kungaqalwa isimiso esihlelekile sokuvikela indawo ezungezile ukuze kuncishiswe amagesi abangela i-greenhouse effect futhi kushintshwe imikhuba ethile yezolimo eyingozi, phakathi namashumi ambalwa nje eminyaka, amaphesenti angu-27 endawo [yase-Italy] angaba ugwadule.” Lo mkhosi wahlatshwa engqungqutheleni ye-United Nations Food and Agriculture Organization eyayiseRoma okwakuzoxoxwa kuyo ngokugwaduleka. Kwachazwa ukuthi izindawo ezisengozini akusezona ezaseningizimu ye-Italy kuphela, iSicily, iSardinia, iCalabria, i-Apulia neBasilicata kodwa futhi nezindawo ezithile ebezivundile zasenyakatho nazo ziye zathinteka futhi manje zibika ukuthi iyancipha inhlabathi evundile.

Ukwelapha Isifo Sohudo Ezinganeni

“Abacwaningi baseVenezuela basungula umjovo ocishe welaphe isifo sohudo esinzima ezinganeni,” kusho i-Daily Journal yaseCaracas. “Lo mjovo . . . uklanyelwe ukuvikela esifweni sohudo se-rotavirus, esibulala izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ubudala ezicishe zibe ngu-873-000 unyaka ngamunye emazweni asathuthuka.” Ngisho nase-United States, ezibhedlela kwamukelwa cishe izinsana nezingane ezisencane ezingaphezu kuka-100000 unyaka ngamunye ngenxa yalesi sifo. Ukuhlola, okwanyatheliswa kuyi-New England Journal of Medicine, kubika ukuthi ukusetshenziswa kwalo mjovo kuye kwavikela izingane kuleli gciwane ngamaphesenti angu-88 futhi kwanciphisa ukulaliswa esibhedlela ngenxa yesifo sohudo esinzima ngamaphesenti angu-70. Nokho, kuye kwaba nesithiyo. “Lo mjovo ungase ubize kakhulu ukuba amazwe asathuthuka akwazi ukuwuthenga kuyilapho kuyiwona awudinga kakhulu,” kusho i-Daily Journal—amazwe “okuchithwa kuwo imali engaphansi kuka-$20 [R100] ekunakekeleni umuntu ngamunye unyaka ngamunye.” Kuze kube yilapho lo mjovo sewukhiqizwa ngezindleko eziphansi, ukuphela koketshezi emzimbeni ngenxa yesifo sohudo kumelwe kwelashwe ngokubuyisela uketshezi olulahlekile, indlela eye yasetshenziswa ngokuphumelelayo iminyaka engu-20.

Kutholakale Irisidi Yasethempelini

Lokho “okubonakala kuyirisidi yomnikelo wamashekeli amathathu esiliva eThempelini likaYahweh” kuye “kwabonakala endaweni edayisa izinto zasendulo muva nje,” kusho i-Biblical Archaeology Review. “Lena enye indawo ekhuluma ngeThempeli leNkosi uSolomoni ngaphandle kweBhayibheli, endala kunazo zonke ezake zatholakala. [Amagama] athi BYT YHWH, ‘indlu yeNkosi [uYahweh],’ . . . aye atholakala ephelele embhalweni oqoshiwe owodwa kuphela ngaphandle kwaseBhayibhelini,” futhi ngenxa yokuthi umongo wawo awucacile, kuye kwaphikiswana ngencazelo yawo. Iqhezu elinombhalo oqoshiwe, elingamasentimitha angu-10,9 ubude nangu-8,6 ububanzi nelinemigqa emihlanu enamagama angu-13, licacile futhi lifundeka kalula. Lisukela ekhulwini lesi-9 B.C.E., lidala okungenani ngekhulu leminyaka kuneminye imibhalo eqoshiwe futhi izazi ziye zathi liyiqiniso.

Impikiswano Ngendlovukazi YaseSheba

ETopiya ibizwa ngokuthi uMakeda. EYemen igama layo uBilqis. Yaziwa kangcono ngokuthi indlovukazi yaseSheba, elisetshenziswe kokubili eBhayibhelini nakuyiKoran. Izwe ngalinye lithi eyalo futhi linethemba lokuthi ngokushesha ithuna layo lizotholakala kulo, likhuthaza abavubukuli ukuba baqhubeke bemba ukuze bathole isiqinisekiso. Uma ubufakazi bendlovukazi yaseSheba bungatholakala, leyo ndawo ingaba inkundla ethandwa kakhulu izivakashi futhi bungaqinisa ukuzisholo kwalelo lizwe ukuthi lalinempucuko kusukela endulo. “Izazi zemivubukulo ziye zathola imibhalo eqoshiwe eminingi ematsheni amadala ombuso waseSabea yasendulo eTopiya naseYemen,” kuphawula i-Wall Street Journal. “Kuyamangaza ukuthi akukho nowodwa okhuluma ngoMakeda noma uBilqis.” Iyanezela: “IBhayibheli alisizi kangako. Likhuluma ngalo lonke igolide nezinongo indlovukazi yaseSheba eyakuletha kuSolomoni kodwa alisho ukuthi yayivelaphi.”

Ukuthunjwa Kwemiqulu

AmaSamariya, manje asenciphe aba ngu-600 kuphela, kumelwe eze nemali eyisihlengo engamaRandi ayizigidi ezingu-4,87 ukuze abuyiselwe izincwadi zawo ezingcwele. Imiqulu emibili, okuthiwa omunye uneminyaka engu-700 kanti omunye unengu-400 yaba khona, yantshontshwa esinagogeni lamaSamariya elisedolobheni laseNablus, iWest Bank eminyakeni engaphezu kwemithathu edlule. Amasela ashushumbisa le miqulu ayikhipha ezweni, futhi isanda kutholwa muva nje e-Amman, eJordan, lapho yabonwa khona ngamagosa amaSamariya. Kukholelwa ukuthi yantshontshwa umuntu owayazi ukuthi igcinwa kuphi. AmaSamariya amaningi ahlala esiqongweni sentaba phezu kweNablus, okuyindawo yawo engcwele kakhulu. Akholelwa ukuthi kulapho uNkulunkulu ayala khona u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka ukuba ibe umhlatshelo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 29]

Courtesy: Shlomo Moussaieff

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela