Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 3/22 kk. 11-13
  • Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Bazibhoboze
  • Izingozi Zempilo
  • Kudlulisa Muphi Umyalezo?
  • Ukuhlobisa Umzimba—Isidingo Sokulinganisela
    I-Phaphama!—2000
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1995
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 3/22 kk. 11-13

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Ngokubhoboza Umzimba?

‘Lapho ngiqala ukubona abantu bebhoboze izindebe nezinye izingxenye zemizimba yabo, ngacabanga “Wewu! Lokhu kukhethekile.”’—ULisa

ULISA akayedwa. Inani elandayo lentsha lifaka izindandatho namacici ezingxenyeni ezihlukahlukene zomzimba, ngisho nasemashiyeni, olimini, ezindebeni nasenkabeni. Lo mkhuba ubizwa ngokuthi ukubhoboza umzimba.a

UHeather oneminyaka engu-16 ubudala umagange ukwenza okufanayo. Ukholelwa ukuthi indandatho enkabeni yakhe iyobukeka “kahle ngokumangalisayo.” UJoe oneminyaka engu-19 ubudala kakade usefake insinjana yegolide olimini lwakhe. Kanti enye intombazane esakhula yakhetha ukubhoboza amashiya ayo ngoba ifuna okuthile “okugqamile okwakuzoshaqisa abantu.”

Ukufaka izinto zokuhloba emzimbeni akukusha. Emuva ezikhathini zeBhayibheli, owesifazane owesaba uNkulunkulu okuthiwa uRebeka wayefaka indandatho ekhaleni. (Genesise 24:22, 47) Lapho ephuma eGibithe, ama-Israyeli ayefake amacici. (Eksodusi 32:2) Nokho, akwaziwa ukuthi izinto ezinjalo zokuhloba zazifakwa ngokubhoboza izindlebe noma ikhala yini. Kodwa izigqila ezithembekile zazibhotshozwa izindlebe, njengophawu lobuqotho bazo kubaphathi. (Eksodusi 21:6) Ukubhoboza kuyinto evelele nakweminye imiphakathi. Ama-Aztec namaMaya ayebhoboza ulimi ngezizathu ezingokomoya. Ukuchambuza udebe kusandile e-Afrika nasemaNdiyeni aseNingizimu Melika. Ukufaka imihlobiso ekhaleni kuvamile kubantu baseMelanesia nasezakhamuzini zaseNdiya nasePakistan.

Kuze kube seminyakeni embalwa edlule, ngokuvamile emazweni aseNtshonalanga kwakubhotshozwa izindlebe zabesifazane kuphela. Kodwa manje intsha nabadala babo bobubili ubulili bafaka izinto zokuhloba cishe kuzo zonke izingxenye zomzimba abangase bakwazi ukuzifaka kuzo.

Okwenza Bazibhoboze

Abaningi babhoboza umzimba ngoba banomuzwa wokuthi kuyimfashini—kuyinto eyenziwayo. Abanye banomuzwa wokuthi kuzobenza babukeke bekhanga. Yebo, le mfashini ikhuthazwa ukusetshenziswa kwezinto zokuhloba emzimbeni onobuhle abaziwayo, izilomo zezemidlalo nabaculi abadumile. Futhi enye intsha ibheka ukubhoboza njengendlela yokubonisa ukuthi izimele, ifuna ukwehluka, kuyindlela yayo yokuthi ihlukile kwabanye abantu. Umlobeli wephephandaba uJohn Leo waphawula: “Ukufuna ukucasula abazali nokushaqisa umphakathi kubonakala kuyisizathu esiyinhloko sokubhoboza umzimba ngokuphindaphindiwe.” Ukunganeliswa, ubushinga, ukwedelela nokuvukela kubonakala kushukumisa lesi sidingo sokuveza ekucabangayo.

Kunalabo ababhoboza umzimba ukuze banelise izidingo ezijulile ezingokwengqondo noma ezingokomzwelo. Ngokwesibonelo, enye intsha inomuzwa wokuthi kuzothuthukisa ukuzihlonipha kwayo. Ezinye izingane ezaziyizisulu zokuxhashazwa zikubona kuyindlela yokuthola amandla okulawula imizimba yazo.

Izingozi Zempilo

Kodwa ingabe ukubhoboza umzimba okunjalo kuphephile? Odokotela abaningi bathi okunye akuphephile. Ngokuqinisekile, ukuzibhoboza umzimba wena ngokwakho kuyingozi. Futhi ukuya kubantu abaziwa ngokuthi bangababhobozi abangochwepheshe kungase kube nezingozi. Abaningi babo abaqeqeshiwe kahle, umsebenzi wabo bawufundé kubangane, komagazini noma kuma-video. Ngenxa yalokho, bangase bangazisebenzisi izindlela ezihlanzekile noma bangaziqondi ngisho nezingozi zokubhoboza. Futhi, ababhobozi abaningi abanalwazi lokuthi umzimba usebenza kanjani. Lena inkinga engathi sína, njengoba ukubhoboza indawo engafanele kungabangela ukopha kakhulu. Ukulimaza izinzwa kungabangela umonakalo ohlala njalo.

Enye ingozi engathi sína ukungenwa yizifo. Amathuluzi anamagciwane angadlulisa izifo ezibulalayo njengokusha kwesibindi, ingculaza, isifo sofuba nomhlathi-ngqi. Ngisho nalapho kusetshenziswa izindlela ezihlanzekile, ukunakekela inxeba ngemva kokubhotshozwa kubalulekile. Ngokwesibonelo, ukubhoboza inkaba kungase kube buhlungu ngenxa yokuthi igudlwa izingubo zokugqoka ngaso sonke isikhathi. Kungathatha ngisho nezinyanga ezingu-9 ukuba iphole.

Odokotela bathi ukubhoboza uqwanga lwekhala noma lwezindlebe kuyingozi ukwedlula ukubhoboza ingxenye yendlebe ethambile. Iphephabhuku le-American Academy of Facial Plastic and Reconstructive Surgery liyachaza: “Ukubhoboza izimbobo eziningi oqwangeni lwendlebe kumelwe kuqashelwe kakhulu—ukungenwa yizifo eziyingozi kungase kubangele ukulahlekelwa yiyo yonke ingxenye yoqwanga lwendlebe. Amacici asemakhaleni nawo ayingozi—ukungenwa amagciwane kule ndawo kungase kuthinte imithambo yegazi eseduze futhi kudlulele ebuchosheni.” Leli phephabhuku liphetha ngokuthi: “Kutuswa ukuthi [ukubhoboza] kwenziwe engxenyeni yendlebe engezansi kuphela.”

Ezinye izingozi izibazi ezimbi nokungezwani komzimba nezinto zokuhloba. Uma izindandatho zifakwe ezindaweni ezizwelayo, njengasemabeleni, bese zibambeka noma zidonswe izingubo zokugqoka, indawo lapho kubhotshozwe khona ingadabuka kalula. Izibazi zezicubu emabeleni entombazane esakhula zingavala imigudu yobisi, futhi uma ingenakwelashwa ngokushesha, ingase ikuthole kunzima noma kungenakwenzeka ukuncelisa umntwana esikhathini esizayo.

I-American Dental Association muva nje ibize ukubhoboza umlomo ngokuthi ingozi yempilo emphakathini. Ezinye izingozi zokubhoboza umlomo zihlanganisa ukubindwa ngemva kokugwinya into yokuhloba, ukuba ndikindiki kolimi nokungakwazi ukunambitha, ukopha okungapheli, amazinyo aqhephukile noma adlavazekile, ukugxaza kwamathe okungalawuleki, ukulimala kwezinsini, ukungakwazi ukukhuluma kahle, nobunzima bokuphefumula, ukuhlafuna nokugwinya. Lapho intokazi okuthiwa uKendra ibhoboza ulimi lwayo, “lwavuvukala njengebhaluni.” Okwenza izinto zaba zimbi kakhulu ukuthi umbhobozi wasebenzisa icici eliklanyelwe isilevu, futhi ladebeza ulimi lukaKendra ladabula izicubu ezingaphansi. Wacishe waba isimungulu.

UNkulunkulu wafundisa abantu bakhe ama-Israyeli ukuba bahloniphe imizimba yabo futhi bakugweme ukugcaba. (Levitikusi 19:28; 21:5; Duteronomi 14:1) Futhi nakuba amaKristu namuhla engekho ngaphansi koMthetho KaMose, asakhuthazwa ukuba aphathe imizimba yawo ngenhlonipho. (Roma 12:1) Khona-ke, ingabe akukhona yini okunengqondo ukugwema izingozi zempilo ezingadingekile? Noma kunjalo, kunezinye izici okumelwe uzicabangele ngaphandle kwempilo.

Kudlulisa Muphi Umyalezo?

Awukho umyalo oqondile eBhayibhelini okhuluma ngokubhoboza umzimba. Kodwa lisikhuthaza ukuba sizihlobise “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.” (1 Thimothewu 2:9) Nakuba into ethile ingase ibhekwe njengenesizotha kwenye ingxenye yomhlaba, okubalulekile ukuthi ibhekwa kanjani lapho uhlala khona. Ngokwesibonelo, ukubhoboza izindlebe kwabesifazane kungase kwamukeleke kwenye ingxenye yomhlaba. Kodwa kwelinye izwe noma umphakathi, kungase kubaphathe kabi abanye.

Ngaphandle kokuthandwa kwako osaziwayo, kuze kube manje ukubhoboza umzimba nokufaka kwamadoda amacici akwamukeleki emazweni aseNtshonalanga. Esinye isizathu kungaba ukuthi sekuyisikhathi eside lezi zinto ziwuphawu lweziboshwa, amaqembu abagibeli bezithuthuthu, abaculi be-rock abayizidlova namalungu amaqembu ongqingili abaphilela injabulo ngokuzizwisa ubuhlungu. Kwabaningi, ukubhoboza umzimba kuhlotshaniswa nokwedelela nokuvukela. Abaningi bakubheka njengento eshaqisayo necasulayo. Intombazane engumKristu okuthiwa u-Ashley ithi: “Lo mfana engifunda naye ekilasini usanda kubhoboza ikhala lakhe. Ucabanga ukuthi kuhle. Ngicabanga ukuthi kuyenyanyeka!”

Khona-ke, akumangalisi ukuthi isitolo esithile saseMelika esidumile sinomthetho othi izisebenzi zaso ezixhumana ngokuqondile namakhasimende zivunyelwe ukufaka icici elilodwa kuphela endlebeni ngayinye futhi konke okunye ukubhoboza umzimba okusobala kwenqatshelwe. “Ngeke wazi ukuthi amakhasimende ayosabela kanjani,” kuchaza owesifazane ongumkhulumeli wale nkampani. Abeluleki bezemisebenzi nabo ngokufanayo beluleka abafundi besilisa basekolishi abafuna umsebenzi ukuba “bangawafaki amacici noma ezinye izinto zokuhloba ezibhoboza umzimba; abesifazane akufanele . . . bafake amacici asekhaleni.”

AmaKristu asemasha ikakhulukazi kufanele aqaphele ukuthi anika abanye umbono ofanele, kuhlanganise nalapho ehlanganyela emsebenzini wokushumayela. Awafuni ‘ukunika isizathu sokukhubeka, ukuze inkonzo yawo ingatholakali inephutha.’ (2 Korinte 6:3, 4) Kungakhathaliseki ukuthi unamuphi umbono ngokubhoboza umzimba, awunakukugwema ukuthi ukubukeka kwakho kusho okuthile ngesimo sakho sengqondo nendlela yakho yokuphila. Ufuna abantu babe namuphi umqondo?

Ekugcineni, wena—kanye nabazali bakho—kumelwe ninqume ukuthi yini ozoyenza kule ndaba. Iseluleko seBhayibheli esinengqondo sithi ‘ungavumi ukuba izwe likulolonge ufane nalo.’ (Roma 12:2, Phillips) Phela, nguwe okuyodingeka ubhekane nemiphumela.

[Umbhalo waphansi]

a Ngalokhu, asibhekiseli ekubhobozeni okunesizotha okuvamile futhi okwamukelwa kabanzi emazweni amaningi. Kunalokho, sibhekisele emikhubeni eyeqisayo ethandwayo namuhla.—Bheka INqabayokulinda ka-April 1, 1975, ikhasi 168.

[Izithombe ekhasini 12]

Intsha ikuthanda kakhulu ukubhoboza umzimba

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela