Ukubuka Okwezwe
Umashayabhuqe Wekholera Uhlasela IMpumalanga Afrika
“Ukuqubuka kwekholera kuye kwafinyelela izinga eliyingozi eMpumalanga Afrika,” kusho umlobeli we-Associated Press eNairobi, eKenya. Ikholera, isifo esithathelwanayo esihlasela amathumbu sibangele uhudo, singabangela ukufa uma singelashwa. Ngokwe-World Health Organization (WHO), bangaphezu kuka-61 000 abantu abahlaselwa yilesi sifo eMpumalanga Afrika ngo-1997, futhi kwabikwa abangu-2687 abafa. Ukuqubuka kwekholera kuvamile emazweni angenaso isimiso esikahle sokukhuculula indle nesezokwelapha. Isimo siba sibi kakhulu lapho izimvula zezinkathi ezithile zikhukhulela indle yomuntu emanzini aphuzwayo. UDkt. Maria Neira, umphathi weqembu le-WHO elibhekene nekholera, wathi uma ingekho indawo yokuchitha indle namanzi ahlanzekile engekho ezindaweni ezithintekile, mhlawumbe ngeke iphele ikholera kulesi sifunda.
Ukusiza Abafile?
EHong Kong ukulondoloza ukubukeka akupheli njalo lapho umuntu efa—kwabanye kuyaqhubeka naNgemva Kokufa. Lokhu kungenxa yokuthi esikweni lamaShayina ukukhulekelwa kokhokho kunendima ebalulekile ekuphileni kwansuku zonke. Ngakho “ngisho nasezweni lemimoya bacabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukuba kubonakale ukuthi bacebile,” kusho umnini-sitolo uKwan Wing-ho. Ukuze asize izihlobo nabangane bomufi abaphilayo ukuba bathuthukise izinga lothandekayo wabo ofile, uMnu. Kwan udayisa izinhlobonhlobo zezinto ezifana nsé nezangempela, ezihlanganisa izingcingo eziphathwayo, ama-computer, ohhavini be-microwave ngisho nezimoto ze-Mercedes Benz. “Izimpahla ziyashiswa ezinsukwini eziyisikhombisa ngemva kokufa, ngezinsuku zokugubha usuku lokufa, nalapho isihlobo siphuphe umufi efuna ukuthenga,” kusho umlobeli we-Associated Press. “Ibhizinisi elinemali,” kusho uMnu. Kwan, “ngoba umthengi ngeke abuye azokhononda.”
Amatshe Ayigugu Anemisebe Yenuzi
Lapho kutholakala ukuthi amatshe ayigugu adayiselwa umdayisi waseBangkok anemisebe yenuzi, kwashukumisela umhlaba wonke ukuba uqaphele kwezohwebo. USahabudeen Nizamudeen, umdayisi wamatshe onolwazi, uyakwazi ukubona uma amatshe edayiswa ngentengo enhle. Ngakho-ke lapho umhwebi wase-Indonesia emthengisela amatshe ayigugu anemibala eshintshashintshayo angu-50 ngemali encane kakhulu kunejwayelekile, wawathatha eshesha. “Ngalinye lalisebhokisini likashokoledi elibizayo, lihlukaniswe kabili imigqa yemibala eshintshashintshayo ekhanya njengamehlo ekati,” kubika i-Asiaweek. Nokho, kwatholakala ukuthi ukucwebezela kwalawa matshe kwakuvela komunye umthombo. Ayebhekiswe emisebeni ukuze igqamise umbala wawo ukuze athengiswe ngenani eliphakeme. Elinye itshe elatholakala lapho kudayiswa khona amatshe ayigugu eHong Kong, lisedlula ngokuphindwe izikhathi ezingu-25 isilinganiso sokuphepha ekusetshenzisweni kwemisebe e-Asia. “Kuze kube manje inkinga isatholakale etsheni elinemibala eshintshashintshayo i-chrysoberyl kuphela,” kusho lo magazini.
Imikhuba Yokufunda
Ngokwesilinganiso abantu baseBrazil bafunda izincwadi ezingu-2,3 ngonyaka, kubika i-Jornal da Tarde. Ngemva kokuyeka esikoleni, abantu abaningi baseBrazil ababe besazihlupha ngokufunda izincwadi. “Inkinga yangempela,” kusho unobhala we-Ministry of Culture, u-Ottaviano de Fiore, “iwukuthi amaphesenti angu-60 ezincwadi ezifundwa eBrazil ayizincwadi okuphoqelekile ukuba zifundwe” izingane esikoleni. “Ezincwadini ezingamaphesenti angu-40 ezisele, eziningi zingezenkolo nezifundwa uhlobo oluthile lwabantu, izincwadi zobulili noma ezifundisa ngokuzenzela izinto ezithile,” kusho leli phephandaba. Mayelana nemikhuba yokufunda, uDe Fiore uyaphawula: “Izingane zihlangana ndawonye ekhaya, esikoleni, nasekhaya zizungeze i-TV. Uma engekho othanda ukufunda ekhaya, ngeke zibe nawo umdlandla.” Uyanezela: “Ukufunda, into yokugcina imizila emikhulu ye-TV engayikhuthaza.”
“Inkolo Abantu Abazisungulele Yona”
Abantu abaningi baseLatin America basonta “enkolweni abazisungulele yona,” kusho isazi sezokuhlalisana kwabantu uFortunato Mallimaci. Abantu bazidedisela kude nesonto nezinkolelo zalo, bezizwa bekhululekile ukufunda i-yoga, bafunde incwadi ekhuluma ngenkolo eyimfihlakalo yaseMpumalanga, baye ezinkonzweni lapho abashumayeli bephulukisa khona, noma baye emikhosini yabantu baseBrazil abangama-Afrika. “Lokhu akusho ukuthi abantu abasayinaki inkolo. Bayakholwa, kodwa baye bazisungulela eyabo inkolo,” kusho uMallimaci. I-ENI Bulletin yabika ukuthi, lapho sikhuluma eMhlanganweni Wesine wama-Lay Centre eSouth Cone (yaseLatin America), isazi sezokuhlalisana kwabantu sathi “ubuKatolika babulungiswa kabusha ‘bugcwele ukuhlukana okukhulu ngaphakathi nengxabano.’”