Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Izingane Nempi Ngafunda uchungechunge oluthi “Lokho Impi Ekwenzayo Ezinganeni” ngidabuke kakhulu. (October 22, 1997) Nami ngakhula phakathi nesikhathi sempi. Phakathi neMpi Yezwe II, ngachitha iminyaka emine nengxenye emakamu okuhlushwa aseJapane eNgawi naseBandung. Lapho sengineminyaka eyishumi ubudala, ngahlukaniswa nomkhaya wakithi futhi ngangisebenza kanzima isonto lonke elangeni elishisayo—ngingondlekile futhi ngiphethwe isifo i-beriberi nesifo sohudo. Noma kunjalo, engabhekana nakho akulutho uma kuqhathaniswa nonya olungachazeki izigidi zezingane ezibhekana nalo namuhla. Kwangathi kungesidumaze ukuthi uJehova unikeze abantu emhlabeni wonke, kuhlanganise nezingane ezikhula phakathi nesikhathi sempi, isikhathi sokuba bathole ulwazi ngezithembiso zakhe eziduduzayo!
R. B., United States
Imbiza Yamafutha Ngangisosizini ngiqhatha umunyu. Esikhathini esingangonyaka esidlule umyeni wami wanquma ukuthi wayengasamfuni unkosikazi ongumKristu, futhi mina nendodana yami wasixosha endlini enhle ayethé ungithengele yona. Ngaba mpofu. Ukuphila kwami kwabonakala kungenathemba, futhi ngacela uJehova ukuba angisize. Nokho, ngathola isifundo esihlokweni esithi “Ukufunda Embizeni Yamafutha.” (October 22, 1997) Sangikhumbuza ukuba nganeliswe ngokokuzisekela nokokwembatha futhi ngigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala.
K. P., United States
Izinkinga Zezelamani Isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umfowethu Enakwa Kangaka?” (October 22, 1997) safika ngesikhathi ngempela. Sasisiza sabona ukuthi ukuphathwa ngendlela engafani akuyona into engenabulungisa. Manje siyabona ukuthi abazali bethu banezizathu eziningi zokuzinaka kakhulu izingane zakithi. Siyavumelana ngempela nalesi sihloko.
B. K., H. K. noG. U. O., Nigeria
Umsindo Oyisiphazamiso Sengineminyaka eminingana ngisebenza efektri enkulu, futhi mina nabanye engisebenza nabo siye sahlushwa imiphumela yomsindo omkhulu olapho. Ngaya emsebenzini nomagazini ka-November 8, 1997 (“Umsindo—Ingabe Uyisiphazamiso Esikhulu?”), futhi abaphathi sebenqume ukuthatha izinyathelo zokuphepha ezidingekile ukuze bavikele impilo yazo zonke izisebenzi.
R. P., Italy
Sekuyiminyaka eminingana ngithukutheliswa umsindo obangwa umakhelwane. Uqhuba ibhizinisi kuze kube sebusuku kakhulu. Ngezinye izikhathi ngithukuthela ngigan’unwabu. Kodwa kwangiqinisa ukwazi ukuthi kunabafowethu nodadewethu abangamaKristu abakhathazwa umsindo kodwa ababhekana naleso simo ngokuzithiba.
T. O., Japan
Nginomakhelwane ongiphazamisa ngokushaya ucingo ekuseni kakhulu. Lezi zihloko zinginikeze amacebiso amahle okuthi ngingayisingatha kanjani le ndaba ngendlela yobuKristu enokuthula.
J. R., England
UMagellan Ngasazisa futhi ngasijabulela ngempela isihloko esimayelana noFerdinand Magellan esithi “Indoda Eyasivula Amehlo Ngomhlaba.” (November 8, 1997) Lapho kuphuma lesi sihloko, sasifunda ngaye ekilasini lami lebanga lesithathu. Ngafunda okuningi ngaye kulesi sihloko kunasencwadini yethu yezifundo zezomlando nezenhlalo. Nganika uthisha ikhophi yami yalo magazini, futhi wawuthanda ngempela! Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, wawubuyisa umagazini, futhi kwakunepheshana ngaphakathi elalinamazwi okubonga.
B. V., United States
Kwakumangalisa ukucabanga indlela uFerdinand Magellan, indoda eyayizimisele kakhulu, ayinqoba ngayo inzondo nobunye ubunzima ukuze afinyelele omunye wemigomo eyingqayizivele emlandweni. Ngiyanibonga ngokubhala indaba ethakazelisa kangaka.
M. E., Italy