Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 16-k. 17
  • Amagugu Esibhakabhaka Sase-Afrika

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amagugu Esibhakabhaka Sase-Afrika
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izibuko Ezimibalabala
  • Zikhuthele Kodwa Azikhangi
  • Izidleke Ezilengayo
  • Inyoni Eqabula Izimbali
    I-Phaphama!—1999
  • Ukukhulisa Umntwana Endle
    I-Phaphama!—2001
  • “Isakhamuzi Sasehlathini Esihle Ukuzedlula Zonke”
    I-Phaphama!—2000
  • Ihlolamvula—Alishiywa Yilutho
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 16-k. 17

Amagugu Esibhakabhaka Sase-Afrika

Ngumlobeli we-Phaphama! EKenya

UGWADULE lwase-Afrika lomile lunsundu, lugagadwe kanzima ilanga lasenkabazwe elikhipha umkhovu etsheni. Sazama ukuhamba ezingwegweni zezihlahla ezinameva nezihlahlana zikasondelangange.

Ngokungazelelwe sama nsí. Sase sikhangwé ukuthi shazi kokukhanya kwemibalabala. Okuzophumula egatsheni lomtholo eliqhakazile inyoni encane enemibala egqame kakhulu njengokungathi ilanga uqobo lalithukuswe phakathi ezimpapheni zayo ezincane. Leli gugu elinamaphiko libizwa kufanele ngesiNgisi ngokuthi i-sunbird (incwincwi).

Izibuko Ezimibalabala

Kunezinhlobo ezingaphezu kwekhulu zencwincwi. Eziningi zihlala ezindaweni ezishisayo zase-Afrika, kodwa zingatholakala nase-Asia, e-Australia ngisho naseziqhingini zasePacific. Njengoba ubuhle bazo buhlukahluka njengazo, izincwincwi ziveza ukukhanya kwelanga sengathi izibuko ezimibalabala ezincane, ziveza imibala ekhazimulayo enjengothingo: ukukhanya kwemibalabala ebomvu, ephuzi, eluhlaza okwesibhakabhaka nokotshani kanye nezinhlobonhlobo zemibala yethusi.

Izincwincwi zivame ukuqhathaniswa nama-hummingbird aseMelika. Njengama-hummingbird, zinemibala emihle ngokumangalisayo futhi zidla umpe. Nokho, zona zithe ukuba zinkulu kunama-hummingbird futhi azinalo ikhono lokundiza njengalaba bangane bazo baseNyakatho Melika.

Ngokuvamile, incwincwi imunca umpe ngokuqhwakela khona kanye lapho kuqhakaze khona bese isebenzisa uqhwaku lwayo olude, nolugobile ukuba ifinyelele phakathi ekujuleni kwalapho kuqala khona ukuqhakaza kwembali. Kodwa uma imbali ewumbhojozi iyinde kakhulu ukuba iyifinyelele, incwincwi ingase iyibhoboze imbali ukuze imunce lokho okuyigugu okukuyo. Zidla nezinambuzane ezisuke zisezimbalini nasemaqabungeni aseduze.

Ezeduna zingabaculi abayizingcweti futhi. Amaculo azo anhlobonhlobo aqala ekuculeni kwencwincwi enhle ithi tssp ngezwi elincane eligedlezelayo kuye ekuculeni kwencwincwi yaseMpumalanga Afrika enesiqhova esibomvu nombala onjengethusi ethi tsik-tsik-tsik-tsik-tsit tree-tree-turrrr. Ngokuvamile kuzwakala ngoba zicula ukuthi zikhona ehlathini eliwudukathole. Nokho, uma sezike zabonakala, ziphawuleka kalula enkangala yase-Afrika eyomile, nensundu.

Zikhuthele Kodwa Azikhangi

Nakuba kujabulisa ukubona nokulalela incwincwi yeduna, eyensikazi incane futhi inombala ongakhangi. Ngakho-ke ababuki bezinyoni nabathathi bezithombe bavame ukungayinaki. Eqinisweni, bavame ukuyiqaphela kuphela uma ihamba neyeduna. Kodwa isikhala sokuba nombala ongakhangi isivala ngokukhuthala.

Eyensikazi iyona eyakha isidleke futhi ikhulise amaphuphu. Ngesikhathi imatasa ngemisebenzi yasesidlekeni, eyeduna iyama ibukele, ilungele ukuxosha ogaxekile abeza esidlekeni.

Izidleke Ezilengayo

Nokho, izidleke zezincwincwi azizinhle neze. Zivame ukulenga emeveni omtholo zimahlikihliki njengezibi eziqoqwe umoya odlulayo. Isidleke sencwincwi sifana nesokisi elilengayo, elime njengeconsi lamazolo, senziwe ngemicu yezitshalo ephothiwe noma ehlanganiswe ndawonye yaboshwa ngolwembu lwesicabucabu. Ngaphandle isidleke sihlotshiswe ngokuhlakanipha ngamahlamvana amancanyana, amaqabunga omile, izicucu zolwembu oluluhlaza, futhi kuvame ukuba nomdumba olengayo noma emibili ngaphezu kwakho konke lokhu.

Ngaphakathi, isidleke sendlalwe ngezitshalo ezinofonofo, utshani obuthambile, izimpaphe, nezinye izinto ezithambile. Kunembotshana okungenwa kuyo engasohlangothini olulodwa, ngaphezulu. Ngokuvamile eyensikazi ifukamela yodwa. Njengoba ihlala ngaphakathi esidlekeni sayo esime njengepheya, uqhwaku lwayo olude, olugobile ngokuvamile lubonakala luvela embotsheni yesidleke. Izalela iqanda elilodwa noma amabili, azochanyuselwa cishe ngemva kwezinsuku ezingu-14. Lapho amaphuphu ephuma esidlekeni, ngokuvamile asuke enombala ongakhangi njengonina. Nokho, njengoba ezeduna zikhula ngokwanele, ziqala ukuba nezimpaphe ezikhazimulayo, ngelinye ilanga eziyozihlukanisa njengezinyoni zelanga.

Incwincwi imane ingesinye sezibonelo zamalungiselelo ayinala nanhlobonhlobo oMklami ohlakaniphile. Ubuhle bombala wazo nendlela ezenza ngayo eshukunyiswa imizwelo engokwemvelo kusishukumisela ukuba simazise ngokwengeziwe uMdali wazo. Ngakho-ke izincwincwi ziphakathi kwezinto iBhayibheli elithi kuzo: “Mdumiseni uJehova emhlabeni . . . nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo.” “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.” (IHubo 148:7, 10; 150:6) Lawa magugu esibhakabhaka sase-Afrika kufanele asishukumisele ukuba sonke sidumise uMdali onothando owawaklama.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela