Ihlolamvula—Alishiywa Yilutho
NGUMLOBELI WE-“PHAPHAMA!” EKENYA
ESIBHAKABHAKENI kukhona esinye sezidalwa ezigijima kakhulu emhlabeni esinamaphiko anjengesikela. Yinyoni encane enesisindo esingamagremu nje ambalwa, kodwa igijima ngesivinini esikhulu esibhakabhakeni. I-Encyclopedia Americana ithi: “Amahlolamvula aziwa ngejubane lawo elingamamayela angaphezu kwekhulu (amakhilomitha angu-160) ngehora lapho endiza.” Yingakho laba bagijimi abanezimpaphe bebizwa ngokuthi ama-swift (abanejubane ngesiNgisi)!
Amahlolamvula abonakala endiza kalula lapho endiza phezulu emkhathini, ephenduka ngejubane lapho ejaha izinambuzane. Amahlolamvula ayizinyoni ezingochwepheshe kakhulu emoyeni kunazo zonke, abamba ukudla, adle, aphuze, aqoqe izinto zokwakha izidleke, aze akhwelane nokukhwelana endiza. Ahlale endiza kangangokuthi izingqapheli zasendulo zazikholelwa ukuthi amahlolamvula ahlala ezulwini, endaweni engabonakali emafwini. Amanye amahlolamvula angahlala emoyeni cishe izinyanga ezingu-9 ngonyaka. Lezi zinyoni ezincane ezimangalisayo zize zilale nokulala zintweza emoyeni!
Ziklanyelwe Ukundiza
Amahlolamvula aklanyelwe ukundiza ngendlela eyisimangaliso. Anamaphiko anamandla amisé okocezu agobele emuva futhi anciphisa isithiyo somoya esinciphisa ijubane lezinyoni eziningi. Uma ephezulu, abhakuza ngesineke, elokhu ehlaba ikhefu.
Ikhono lawo elivelele libangelwa nawukuthi akwazi ukushaya elinye iphiko ngokushesha kunelinye lapho endiza. Ukushaya amaphiko ngokushiyana kwenza amahlolamvula akwazi ukujika ngokushesha ngaphandle kokwehlisa ijubane. Lokhu kuwenza agijime kakhulu njengoba ejaha izinambuzane futhi ezishwabadela ngemilomo yawo evulekile. Amahlolamvula kufanele adle izinambuzane eziningi ukuze athole amandla amaningi awadingayo njengoba ehlale endiza. Futhi lezi zinyoni ezilula zingahamba amakhulu amakhilomitha ngosuku zifuna izinambuzane ezizozidla.
Ukubukeka kwamahlolamvula okungakhangi akufani namakhono awo avelele okundiza. Kokubili eleduna nelensikazi awakhangi, amaningi anombala ompunga noma onsundu. Izinhlobo eziningi zamahlolamvula zitholakala kuwo wonke umhlaba futhi zigcwele kakhulu emazweni ashisayo nangashisi kakhulu. Ebusika lawo ahlala eNyakatho Nenkabazwe ahamba izinkulungwane zamakhilomitha aye ezindaweni ezishisayo.
Izidleke Ezinamathelayo
Amahlolamvula akha izidleke zawo ngethuluzi elingajwayelekile—amathe awo! Njengoba enezindlala ezikhethekile zamathe, angakhiqiza amathe amaningi awasebenzisa njengenhlaka yokwakha isidleke.
Amahlolamvula awavamile ukuhlala phansi enhlabathini, futhi awakwazi ukuqhwakela njengezinye izinyoni. Imilenze yawo inezinyawo ezincane ezinjengehhuku futhi zimfushane kangangokuthi le nyoni ayikwazi ukuma iqonde bese ishaya amaphiko angathinti phansi. Nokho, izinyawo zawo zikwazi kahle ukunonkela ezindaweni eziqondile, njengamawa, imihume nezindonga zezakhiwo. Uma kufika isikhathi sokwakha isidleke, ihlolamvula aliqoqi maqabunga, izinduku noma udaka phansi njengezinye izinyoni. Kufanele lithole enye indlela.
Ihlolamvula i-chimney liqoqa amahlamvana ngokundiza ngokushesha lidlule emagatsheni esihlahla, libambe ihlamvwana, bese lilephula ngomfutho wejubane lalo. Libe selinamathisela amahlamvwana liwamise abheke phezulu ngamathe alo. Ihlolamvula laseMelika i-palm lindiza ngokushesha emoyeni libutha uboya, izimpaphe nezicucu zikavolo kanye nezinye izinto ezilula ezintanta emoyeni elizihlanganisa namathe ukuze lakhe isidleke.
Elinye ihlolamvula libizwa kufanele ngokuthi i-edible nest (isidleke esidliwayo). Isidleke salo sakhiwa ngamathe alo omile nje kuphela. Sekungamakhulu eminyaka amathe okwakhiwa ngawo lezi zidleke eyisithako esiyinhloko sesobho lesidleke senyoni elimnandi elijatshulelwa emazweni aseMpumalanga. Kubikwa ukuthi unyaka ngamunye kusetshenziswa izigidi zezidleke ukuze kwenziwe lesi sibiliboco.
Esinye sezidleke ezithakazelisa kakhulu senziwe ngamathe anjengenhlaka ehlolamvula i-palm lase-Afrika. Le nyoni encane ithatha izimpaphe ezincane izinamathisele ngaphansi kweqabunga lesundu. Njengoba sibheke phansi, isidleke sivame ukupheshulwa umoya. Iqanda elincane lale nyoni lihlala kanjani esidlekeni? Encwadini yakhe ethi Trials of Life, uDavid Attenborough uyachaza: “Kubonakala cishe kungenakwenzeka ukuthi iqanda elilodwa lingahlala kulesi sidleke esincane. Ngempela, belingawa uma bekungekhona ukuthi le nyoni ayinamathiseli nje isidleke eqabungeni kuphela, kodwa inamathisela neqanda esidlekeni.” Njengoba kokubili isidleke neqanda kunamathele eqabungeni, abazali babambelela emaceleni esidleke ngezinzipho bashintshane ekufukameleni iqanda. Ngemva kokuchanyuselwa kwephuphu, libambelela esidlekeni kuze kube yilapho selinamaphiko okundiza bese liyandiza.
Kuwumbukwane ojabulisayo ukubona izinkulungwane zamahlolamvula zindiza ngejubane, zitshiyoza ngenjabulo. Uma umuntu ewabuka esibhakabhakeni, uyamangala ngenkululeko yawo yokundiza futhi abe nokwazisa ngobuhle bomklamo wawo owenziwe ngokuhlakanipha. Ngempela, kulula ukubona ukuthi kungani lezi zingcweti zokundiza, ezinekhono nejubane elikhulu, zifanelwe yigama lazo (lesiNgisi) elithi swift!
[Izithombe ekhasini 17]
Ihlolamvula i-“alpine”
Ihlolamvula elivamile laseYurophu
[Umthombo]
Animals/Jim Harter/Dover Publications, Inc.
[Isithombe ekhasini 17]
Ihlolamvula i-“chimney”
[Umthombo]
© Robert C. Simpson/ Visuals Unlimited
[Umthombo Wesithombe ekhasini 16]
© D. & M. Zimmerman/VIREO