Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Ingabe Ama-rave Awukuzijabulisa Okungenangozi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ama-rave Awukuzijabulisa Okungenangozi?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubuka Inkundla Ye-rave
  • Uhlangothi Olubi Lwama-rave
  • Ingabe Ama-rave Akulungele Ngempela?
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Izidakamizwa—Kungani Abantu Bezisebenzisa Kabi?
    I-Phaphama!—2001
  • Kuthiwani Ngezikhungo Zomdanso Zentsha?
    I-Phaphama!—2004
  • Xwaya Umculo Owonakalisayo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 12/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Ingabe Ama-rave Awukuzijabulisa Okungenangozi?

“Lapho ngidansa ngelule izandla futhi umculo ngiwuzwa ngaphakathi, abanye abadansayo bangifaka ugqozi. Kunjengokuthathwa umzwelo onamandla.”—UGena.

UGENA uyichaza kanjalo indlela okuvusa amadlingozi ngayo ukuya kuyi-rave. Lamaphathi omdanso, avame ukudonsa ubusuku bonke, aqala ukuduma eBrithani phakathi nawo-1980. Manje aseqhibuke njengamakhowe kuzo zonke izingxenye zomhlaba, kuhlanganise naseBelgium, eCanada, eJalimane, eNdiya, eNew Zealand, eNingizimu Afrika, nase-United States.

Ama-rave enzelwa ezakhiweni zama-night club, ezakhiweni ezingasasetshenziswa okwakungezokugcina izimpahla, ezigangeni—noma kuphi lapho abantu bengahlangana khona ubusuku bonke ngomdanso ovusa amadlingozi onganqamuki. “Ama-rave aya ngokuya ethatha indawo yama-night club njengokuzijabulisa intsha ekuthandayo,” kubhala u-Adam Levin, kuyi-Sunday Times Magazine yaseGoli, eNingizimu Afrika. “Uma izingane zakho esezikhulile zingakakhulumi ngawo,” enezela, “kusho ukuthi ninenkinga yokukhulumisana.”

Ukubuka Inkundla Ye-rave

Ama-rave ngokuvamile agcinwa eyimfihlo, ingamenyezelwa indawo azoba kuyo kuze kufike usuku lwawo. Nakuba kunjalo, lapho izibani ezimibalabala, nomculo we-techno onesigqi kuqala, kungase kube khona intsha eningi efinyelela nasezinkulungwaneni egqoke ngokuxakile. “Kunjengokungathi iqembu elikhulu labantu elihlanganiswe ndawonye elidansayo futhi eliveza imizwa yalo ngesigqi sengoma,” kusho uKaty, umfundi owenza unyaka wesibili ekolishi.

Nokho, i-rave ingaphezu nje komdanso. Ibuye ibe yisiko, noma i-“scene,” njengoba bethanda ukuyibiza kanjalo abaya kuyo. Imigomo eyinhloko yenkundla ye-rave yaziwa ngokuthi ukuthula, uthando, ubunye, nenhlonipho—kungakhathaliseki uhlanga, ubuzwe, noma ukuthi umuntu ovamile noma ungqingili. “Besizama ukuhlanganisa amasiko kulemicimbi,” kusho umnini-sitolo esithengisa umculo womdanso. “Umqondo uwukuhlangana,” enezela, “futhi ukudansa ndawonye kuyindlela ephumelelayo yokufeza lokho.”

Ngenxa yalokho okubonakala kuyimiqondo emihle, ungase ubuze, ‘Yini engaba yimbi ngama-rave?’ Kodwa kunesinye isici enkundleni ye-rave okumelwe usicabangele.

Uhlangothi Olubi Lwama-rave

Abanye bathi uphuzo oludakayo luyivelakancane kuma-rave. Nokho, izidakamizwa zixhaphakile. “Umuntu uyazibuza ukuthi izinkundla zama-rave beziyokwamukelwa kalula yini emphakathini ukube izidakamizwa bezingasetshenziswa kangaka,” kuvuma umhambi we-rave uBrian. “Ngempela,” uyanezela, “abaningi abanye bayazibuza ukuthi ama-rave ayeyoba khona kanjani ukube zazingekho izidakamizwa.”

Nakuba insangu ne-LSD sekugcwele kwamanye ama-rave, isidakamizwa esithandwa kakhulu kubonakala kuyi-MDMA, ngokuvamile eyaziwa ngokuthi i-Ecstasy. Abayisebenzisayo bathi i-Ecstasy ayinangozi kakhulu. Bagomela ngokuthi ibanika umdlandla wokudansa ubusuku bonke, nokuthi ibenza bazizwe beyimiqemane. Nokho, ngaphansi kwesihloko esithi “Izidakamizwa Ezithandwayo Zingalimaza Ingqondo,” i-New York Times iphawula ukuthi i-Ecstasy “ingase ibe nemiphumela emibi ehlala isikhathi eside ekuthandeni ukudla, ukulala, isimo somuntu, ukuba nomfutho nezinye izici zengqondo.” Akugcini lapho. “Bakhona abaye babulawa i-Ecstasy,” kusho uDkt. Howard McKinney, “futhi kuye kwaba nezimo eziningi lapho abantu abayisebenzisa ngendlela evamile beye bahlaselwa isifo senhliziyo, isifo sesibindi nokuquleka.” Ngesizathu esihle uDkt. Sylvain de Miranda uthi: “Abaya kuma-rave abasebenzisa i-Ecstasy bazigwaza ngowabo.”

Ngisho nezidakamizwa ezenziwe ngamakhambi—njenge-Herbal Acid, i-Acceleration, i-Ecstasy noma i-Rush—zingaba ingozi. Ngokwesibonelo, kuthiwa ngaphansi kwezimo ezithile, isidakamizwa samakhambi i-Acceleration singabangela ukuhlaselwa isifo senhliziyo ngisho nokufa.

Kulabo abaphikelela ngokuthi izidakamizwa ezisetshenziswa kuma-rave azinangozi, kunesinye isici sokucatshangelwa. Umseshi waseCanada u-Ian Briggs uthi amaphesenti angu-90 ezidakamizwa ezithengiswayo okuthiwa ziyi-Ecstasy aziyona ngempela. “Eziningi zazo ziyi-PCP noma ezinye izidakamizwa eziyingozi,” esho. “Abantu abadayisa lezi zidakamizwa abathembekile. Basuke bengekho lapho izidakamizwa sezidala izinkinga.”a

Kuyavunywa, kwamanye ama-rave zingase zingasetshenziswa izidakamizwa. Nokho, ngisho nabathandi bama-rave bayovuma ukuthi ngokuvamile awukwazi ukusho kusengaphambili ukuthi labo abazobe bekhona, labo nalabo, noma abaningi babo bazobe bengaphansi kwethonya lezidakamizwa ezingemthetho yini.

Ingabe Ama-rave Akulungele Ngempela?

Akukho lutho olungalungile ngempela ngomculo nangokudansa, futhi akukhona okungafanele ukufuna isikhathi sokuzijabulisa. Phela, iBhayibheli lithi kukhona “isikhathi sokujabula” kanye “nesikhathi sokudansa.” (UmShumayeli 3:4, Today’s English Version) Futhi liyayala: “Thokoza . . . ebusheni bakho.” (UmShumayeli 11:9) Ngakho-ke uMdali ufuna ujabule! Nakuba kunjalo, kumelwe ukhumbule ukuthi “izwe lonke lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Ngakho-ke akumelwe kumangalise ukuthi izindlela zokuzijabulisa ezithandwa yileli lizwe ngokuvamile zonakaliswé izici ezimbi.

Ngokwesibonelo, cabanga ngalabo abaya kuma-rave. Ingabe bayasilandela isiyalo seBhayibheli ‘sokuzihlanza kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya’? (2 Korinte 7:1) Yiqiniso, abahambi bama-rave bangase bakusekele ukuthula, uthando, nobunye. Kodwa “ukuhlakanipha okuvela phezulu” akugcini nje ngokuba “nokuthula”; kubuye kube “msulwa.” (Jakobe 3:15, 17) Zibuze, ‘Ingabe ukuziphatha kwalabo abaya njalo kuma-rave kuyavumelana nezindinganiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli? Ingabe ngifuna ukuchitha ubusuku bonke nabantu “abangabathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu”?’—2 Thimothewu 3:4; 1 Korinte 6:9, 10; qhathanisa no-Isaya 5:11, 12.

Lena imibuzo ebalulekile yokucatshangelwa, ngoba uPawulu wabhala ukuthi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Ukuzihlanganisa nalabo abayishaya indiva imithetho kaNkulunkulu ekugcineni kuyoholela enhlekeleleni, ngoba iBhayibheli lithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.”—IzAga 13:20.

Iqiniso liwukuthi ama-rave amaningi empeleni ayimicimbi yezidakamizwa futhi labo abaya kuwo bangavuna imiphumela ebuhlungu. Ngokwesibonelo, amanye ama-rave ahlaselwa futhi avalwe amaphoyisa, kungaba ngenxa yokuthi awekho emthethweni noma kusetshenziswa izidakamizwa. Ingabe ungathanda ukubalwa kanye nezephula-mthetho? (Roma 13:1, 2) Ngisho noma ungaphulwanga umthetho, ingabe ungaya emcimbini onjalo futhi usale ‘ungenalo ibala elivela ezweni’? (Jakobe 1:27) Njengoba imibuthano exokozelayo, noma “imibuthano engalawuleki” (Byington), ilahlwa eBhayibhelini, ingabe ukuba khona kwakho kuyi-rave kuyokugcina unonembeza omsulwa phambi kukaNkulunkulu nabantu?—Galathiya 5:21; 2 Korinte 4:1, 2; 1 Thimothewu 1:18, 19.

Ngokusobala, amaKristu kumelwe aqaphele ingozi yama-rave. Kodwa ungalahli ithemba. Kunezindlela eziningi zokuzijabulisa ongazijabulela. Ngokwesibonelo, imikhaya eminingi phakathi koFakazi BakaJehova iye yahlela imibuthano emihle.b Ngokuhlelwa nangokuqondiswa okuhle, abasuke bekhona ibashiya beqabulekile ngokomoya nangokwenyama. Okubaluleke kakhulu, imibuthano eyakhayo ijabulisa uJehova, “uNkulunkulu ojabulayo,” ofuna abantu bakhe bajabule.—1 Thimothewu 1:11; UmShumayeli 8:15.

[Imibhalo yaphansi]

a I-PCP (phencyclidine) isidakamizwa ngezinye izikhathi esisetshenziswa ngokungemthetho ukulutha ingqondo ephapheme.

b Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-August 15, 1992, amakhasi 15-20, ne-Phaphama! ka-May 22, 1997, amakhasi 8-10.

[Ibhokisi ekhasini 26]

Iyini I-techno?

Kalula nje, i-techno ibhekisela emculweni womdanso okhiqizwe ngosizo lwama-computer. Unezinhlobo eziningi. Abaningi bangachaza i-techno njengenesigqi, ngoba ishaya izikhathi ezingaba ngu-115 kuya ku-160 ngomzuzu.

“Kulabo abangajwayelene ne-techno,” kusho i-European, “i-techno injengomsindo owuzwa lapho uhlezi esihlalweni sikadokotela wamazinyo, uhambisana nomsindo ocabanga ukuthi wawukhona ngobusuku bokubhujiswa kweSodoma neGomora.” Nokho, ezinye izilaleli, zithanda ukushaya kwesigqi se-techno okungajahi. “Kimina,” kusho uChristine oneminyaka engu-18 ubudala, “lomculo unikeza umuzwa wenkululeko engenamkhawulo nokuzimela.” USonja uzizwa ngendlela efanayo. “Ekuqaleni,” uyavuma, “ngangingawuthandi nhlobo umculo we-techno. Kodwa lapho uwulalela njalo, uya ngokuwuthanda kakhulu. Uma uwuvulela kakhulu, uzwa isigqi esishaya ngamandla ngempela. Uzithola unyakaza ngokuzenzakalelayo. Uma ungaqaphele, isigqi silawula wonke umzimba wakho.” UShirley, oneminyaka engu-19 ubudala, ubona okuthile okujulile kuyi-techno. “Kungaphezu nje kokuba umculo,” esho. “Kuyiyo yonke indlela yokuphila, ebonakaliswa ngokugqoka nangolimi.”

AmaKristu afuna ‘ukuqhubeka eqinisekisa ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’ (Efesu 5:10) Ngakho-ke, kumelwe asebenzise ukuqapha nge-techno njengoba ebengenza nganoma iluphi olunye uhlobo lomculo. Uma uzithola ukhangwa i-techno, zibuze: ‘Lungithinta kanjani lolu hlobo lomculo? Ingabe lungenza ngizizwe ngijabule, ngizothile, futhi nginokuthula? Noma luyangicasula, luvusa intukuthelo noma imicabango yokuziphatha okubi? Ingabe ukukhangwa kwami yilolu hlobo lomculo kuzongisondeza eduze nendlela yalo yokuphila? Ingabe ngizolingeka ukuba ngiye kuyi-rave ukuze ngizwe lolu hlobo lomculo noma ngiludansele?’

Empeleni, iphuzu liwukuthi: Kungakhathaliseki ukuthi yiluphi uhlobo lomculo oluthandayo, ungaluvumeli lube phakathi kwakho noBaba wakho wasezulwini.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela