Ukubuka Okwezwe
Usizi Kwezempilo Emhlabeni Wonke
“Njengoba singena ekhulwini lama-21 leminyaka, izifo ezithathelwanayo zisabangela ukufa kwabantu abangu-33% emhlabeni wonke,” kusho uDkt. David Heymann we-World Health Organization. Kuningi okuye kwanezela kule nkinga. I-Journal of the American Medical Association ithi ukwanda kwenani labantu, ukungaphumeleli kwezinhlelo zokugoma ezithile, ukuminyana kwabantu, ukushintsha kwezimo zendawo ezungezile, nokuwohloka kwesimiso sempilo somphakathi emhlabeni wonke konke kuye kwaba nengxenye. Okunye kuhlanganisa ukuthutha ngokuphoqelelwa, ababaleki kanye nokwanda kwezokuvakasha embulungeni yonke—konke kusakaza izifo ezithathelwanayo. “Asikho ngempela isizathu salokhu,” kusho uDkt. Heymann. “Zikhona izinto zokulwa nezifo noma zokuziqeda.”
AmaMormon Nezombangazwe
I-Church of Jesus Christ of Latter-day Saints (LDS) iye yakhuthaza amalungu ayo ase-United States ukuba ahlanganyele kakhudlwana kwezombangazwe, kubika umagazini i-Christian Century. Umkhandlu ophethe i-LDS, i-First Presidency, muva nje ukhulule incwadi enxusa amalungu ukuba “azimisele ukusebenza emikhandlwini yesikole, emikhandlwini yamadolobha neyezifunda nanjengamanxusa kahulumeni, emikhandlwini yesishaya-mthetho nakwezinye izikhundla eziphakeme akhethelwa zona, kuhlanganise nokuzibandakanya neqembu lezombangazwe alithandayo.” Le ncwadi yathi isonto alibagunyazi ngokukhethekile abantu abathile noma iqembu elithile lezombangazwe. Lo magazini waphawula ukuthi eminyakeni yokuqala yaleli sonto, “amaMormon ayekugwema ukujoyina amaqembu amakhulu ezombangazwe futhi ayefuna ukusungula uhulumeni wawo ongokwasezulwini endaweni manje esibizwa ngokuthi i-Utah.”
Ukucindezeleka Kwandisa Izingozi Zezimoto
Indlela umuntu abheka ngayo umsebenzi wakhe inethonya elikhulu endleleni aziphatha ngayo lapho eshayela, kusho ukuhlola kwe-Professional Association for Health Service and Social Welfare, eJalimane. I-Süddeutsche Zeitung yabika ukuthi labo abacindezelwe umsebenzi abawenzayo basengozini engaphezu kwevamile yokudala ingozi emgwaqweni. Lo mbiko uyaphawula: “Ukukhungatheka buthule ngenxa yomqashi noma abantu osebenza nabo kungakwenza ungaqaphelisisi lapho ushayela.” Kulokhu kuhlola, abantu abangamaphesenti angu-75 ababedale ingozi emgwaqweni lapho beya noma bebuya emsebenzini bathi kwakubangelwe “ukungaqaphelisisi, ukuxhamazela, ukujaha isikhathi, noma ukucindezeleka.” Nakuba kwakuthiwa amadoda yiwona angase abe sengozini kakhulu lapho ecindezelekile, lokhu kuhlola kwathola ukuthi nomama babantwana abancane basengozini enkulu. Leli phephandaba liyaphawula: “Ngokuvamile bacindezeleka kakhulu, ngoba kufanele balande abantwana ngesikhathi enkulisa noma bayopheka ngesikhathi sekhefu lasemini.”
Kuyanda Ukuphupha Kabi Ezinganeni
Amaphupho esabisayo ahlupha cishe zonke izingane. Ngokokuhlola okwenziwa i-Central Institute for Mental Health eMannheim, eJalimane, izingane ezingu-9 kweziyishumi ziyakhumbula zivuswa amaphupho. Ukuphupha kabi okuvamile kuhlanganisa ukuphupha zijahwa, ziwa ezindaweni eziphakeme noma zihlaselwa impi noma inhlekelele engokwemvelo. Ezimweni eziningi, amaphupho anjalo ayinhlanganisela yezinto izingane ezizicabangayo nje nezinto ezingokoqobo. Ngokuvamile abafana bayakhohlwa ukuthi baphupheni. Ngakolunye uhlangothi, amantombazane avame ukuxoxa noma abhale ngamaphupho awo. Ochwepheshe basikisela ukuthi ukuze kuqedwe ukukhathazeka kwezingane okubangelwa ukuphupha kabi, kufanele zixoxe ngalokho ezikuphuphile, zidwebe umfanekiso wako, noma zenze umdlalo ngako, kubika i-Berliner Zeitung. Uma kulandelwa lokhu kusikisela, ngokuvamile amaphupho azoncipha phakathi namasonto ambalwa futhi ngeke esasabisa.
Odokotela Abaluthwe Izidakamizwa
Ngokwezikhulu zezempilo eBrithani, “udokotela oyedwa kwabangu-15 uhlushwa ukuba umlutha wophuzo oludakayo noma wezidakamizwa,” kubika i-Medical Post yaseCanada. Ekuzameni ukulwa nale nkinga, izinhlangano eziphambili zezempilo zaseBrithani zingathanda ukuqala ukuhlola odokotela nganoma isiphi isikhathi ukuthi abazisebenzisile yini izidakamizwa ukuze zithole labo abasebenzisa kabi izidakamizwa noma uphuzo oludakayo. Kulinganiselwa ukuthi kungenzeka bangaphezu kuka-9000 odokotela besilisa nabesifazane baseBrithani abasebenzisa kabi uphuzo oludakayo noma ezinye izidakamizwa. Ngokudabukisayo, lo magazini uthi abanye odokotela “abalufuni usizo ngoba abazazi izinkonzo zezokwelapha ezingabasiza.”
Ukufudumeza Ukudla Akubuqedi Ubuthi
Inyama eye yaphekwa yabe isishiywa ingafakiwe esiqandisini amahora angaphezu kwamabili akufanele idliwe, kusho i-Tufts University Health & Nutrition Letter. Kodwa ukuphinda uyipheke ngeke yini kubulale noma imaphi amagciwane ayingozi? “Ukufudumeza inyama eye yashiywa ngaphandle kungawabulala amagciwane aphezulu, kodwa ngeke kubuqede ubuthi obugulisayo obubangelwa ezinye izinhlobo zamagciwane,” kuphawula le Nutrition Letter. Ubuthi obukhiqizwa igciwane elivamile i-staphylococcus bungabangela ubuhlungu besisu, isifo sohudo, isicanucanu, uqhuqho, imfiva nobuhlungu bekhanda. “Ngisho nokukufudumeza kuze kushise kakhulu ukudla ngeke kubuqede ubuthi.”
Umkhosi Wenjabulo EBrazil
“Umkhosi wenjabulo kungenzeka wayenza yaduma iRio de Janeiro, kodwa abantu baseBrazil abaningi abawuthandi,” kubika i-Nando.net. Abantu abaningi emhlabeni bacabanga ukuthi abantu baseBrazil baphilela lo mkhosi waminyaka yonke. Nokho, ukuhlola kwe-Institute for Social Research yaseBrazil kuveza okuhluke kakhulu. Kwathola ukuthi abantu baseBrazil abangamaphesenti angu-63 abahlanganyeli emikhosini, abangamaphesenti angu-44 bathi “abanasithakazelo nakancane,” futhi abangamaphesenti angu-19 bathi “babewuzonda lo mkhosi.” Iphephandaba i-Jornal do Brasil labika ukuthi isiteshi esikhulu se-TV kuleli lizwe asizange siwusakaze nokuwusakaza umbukiso womncintiswano we-samba kulo nyaka. Noma kunjalo, izinkulungwane zezivakashi zitheleka ngezinkani eBrazil ukuze ziyobona lo mkhosi. Futhi njengoba iBrazil inelinye lamazinga aphakeme kunawo wonke abanengculaza emhlabeni, umnyango wezempilo wakhipha izinkulungwane zama-condom phakathi nalo mkhosi.
“Isihlahla Senhlanhla Yemidlalo Yokubheja Ngamathikithi”
Izakhamuzi ezithukuthele eduze kwaseBangkok, eThailand, zisongelé abenzi bezincwadi abangochwepheshe ezibasola ngokuthi bazame ukushisa “isihlahla senhlanhla yemidlalo yokubheja ngamathikithi,” kubika i-South China Morning Post. Lesi ‘sihlahla senhlanhla’ siye saduma ezweni lonke ngokunikeza izeluleko zokuwina emidlalweni yokubheja ngamathikithi, ngakho-ke lezi zakhamuzi zazithukuthele zithelwa ngamanzi lapho zizwa ukuthi isihlahla sasishiswe umthungeli womlilo othile. “Ngithukuthele ngempela,” kusho uDongmalee. “Mina mathupha ngawina imali ngaleso sihlahla futhi ngathola imali ngokweluleka abanye ngokuthi sifundwa kanjani.” Nokho, kuthiwa kusukela sahlaselwa, umoya wesihlahla ucasukile, futhi lezi zakhamuzi zithi umoya ubungasazeluleki ngemidlalo yokubheja ngamathikithi. Lo mbiko uthi lezi zakhamuzi zihlela ukuletha izindela ezingamaBuddha ukuba zizonxusa umoya walesi sihlahla ukuba uphinde unikeze izeluleko zemidlalo yokubheja ngamathikithi.
Ukubuka I-TV Phambili, Ukufunda Ngemuva
Ngokokuhlola kwe-Audiovisual Media Institute yaseGreece, kunama-TV ayizigidi ezingu-3,8 emikhayeni eyizigidi ezingu-3,5 kulelo lizwe; umkhaya owodwa kwemithathu unomshini wokudlala amakhasethi e-video. Iphephandaba lase-Athens i-Vima labika ukuthi isikhathi amaGreki ayesichitha ebuka i-TV usuku ngalunye ngo-1996 sasicishe silinganiselwe emahoreni amane, uma kuqhathaniswa nesikhathi esingaphansi kwamahora amabili nesigamu ngo-1990. Yingakho nje izinga lokufunda lehla ngokuphawulekayo. Lokhu kuhlola kwembula ukuthi umGreki wayefunda amaphephandaba alinganiselwa ku-42,2 ngo-1989, kodwa ngo-1995 leso sibalo sehla saba ngu-28,3. Ngokufanayo, ukufunda omagazini kwehla ngamaphesenti ayishumi phakathi nesikhathi esifanayo.
Abantu Asebegugile Abangondlekile
“Asebegugile bavame ukungadli ngokwanele ngenxa yalokho bangenwa ukugula kalula,” kubika i-Nassauische Neue Presse, yaseFrankfurt eJalimane. Lesi siphetho safinyelelwa ngemva kokuba kuhlolwe amadoda nabesifazane abangaphezu kuka-2500 abaneminyaka engaphezu kwengu-70 ubudala emazweni ayishumi aseYurophu. Abaningi bacabanga ukuthi asebegugile badinga ukudla okuncane, kodwa ama-kilojoule amancane kakhulu enza amandla okulwa nokugula abe buthakathaka. Ngaphezu kwalokho, ukudla kwasebegugile ngokuvamile akunamsoco ngoba bapheka ukudla okuningi bengakazukudla futhi bakugcine isikhathi eside. Ngaphezu kwalokho, abaningi abazidli izithelo nemifino, ikakhulukazi uma kungesona isikhathi sako. Lokhu kuhlola kwaphetha ngokuthi odokotela kufanele bakhumbuze iziguli esezigugile ukuba “zidle kahle futhi zidle njalo.” Kwatusa nokuba asebegugile baqeqeshelwe ukuvivinya umzimba, ngoba ukushukumisa umzimba kuvula inhliziyo.
IBhayibheli Litholakala Ngezilimi Ezingu-2197
“Izingxenye ezithile zeBhayibheli zahunyushelwa kwezinye izilimi ezingu-30 ngonyaka odlule, okwenza zibe ngu-2197 sezizonke izilimi imiBhalo etholakala ngazo,” kubika i-ENI Bulletin yaseGeneva eSwitzerland. IBhayibheli eliphelele manje selitholakala ngezilimi ezingu-363, kuhlanganise nezilimi ezisunguliwe njengesi-Esperanto. I-United Bible Societies (UBS) igcina uhlu lwezilimi osekunyatheliswe ngazo okungenani incwadi eyodwa yeBhayibheli. UFergus Macdonald, unobhala-jikelele we-UBS, wathi umgomo uwukwenza “iZwi likaNkulunkulu litholakale ngolimi abantu abaluncela.”