Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rs k. 47-k. 49
  • Amaphupho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amaphupho
  • Ukubonisana NgemiBhalo
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Amaphupho Ayimiyalezo Evela KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—2001
  • Amaphupho Avela KuNkulunkulu
    I-Phaphama!—2014
  • Kumelwe Siphuphe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Amaphupho Angalibikezela Ikusasa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
Ukubonisana NgemiBhalo
rs k. 47-k. 49

Amaphupho

Incazelo: Imicabango noma imibono engokwengqondo yomuntu ngesikhathi elele. IBhayibheli libhekisela emaphusheni emvelo, amaphupho avela kuNkulunkulu, namaphupho ahilela ukubhula.—Jobe 20:8; Num. 12:6; Zak. 10:2.

Ingabe amaphupho esikhathini sethu anencazelo ekhethekile?

Yini abacwaningi abaye bayifunda ngamaphupho?

“Wonke umuntu uyaphupha,” kusho iThe World Book Encyclopedia (1984, Umq. 5, k. 279). “Abantu abadala abaningi baphupha cishe imizuzu eyi-100 phakathi namahora ayisishiyagalombili okulala.” Ngakho amaphupho angokuhlangenwe nakho kwabantu okuvamile.

UDr. Allan Hobson, weSikole Sezokwelapha SaseHarvard, wathi: “Ayizisusa ezingaqondakali ezingase zichazwe nganoma iyiphi indlela umelaphi athambekele kuyo. Kodwa akushoyo kuxhomeke kumchazi—hhayi ephusheni ngokwalo.” Lapho ibika ngalokhu, ingxenye ye“Science Times” yeThe New York Times yanezela: “Phakathi kwalabo abakholelwa kakhulu emaphusheni, kunezindlela eziningi zokuthola okushiwo yiphupho, ngayinye ibonisa imibono ecatshangelwayo ehlukile. Olandela indlela kaFreud uyothola olunye uhlobo lwencazelo yephupho, kanti olandela ekaJung uyothola olunye, futhi owelapha ngendlela kaGestalt uyothola enye futhi incazelo. . . . Kodwa umbono wokuthi amaphupho anayo ngempela yini incazelo engokwengqondo usengaphansi kokukhulu ukuhlaselwa izazi zesayensi yemizwa.”—July 10, 1984, k. C12.

Ingabe amaphupho abonakala edlulisela ulwazi olukhethekile aphuma komunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu?

Jer. 29:8, 9: “Ngokuba usho kanje uJehova-Sebawoti, . . . uthi: Maningakhohliswa ngabaprofethi abaphakathi kwenu nababhuli benu, ningawalaleli amaphupho enu eniwaphuphayo. Ngokuba baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, usho uJehova.”

IHarper’s Bible Dictionary iyasitshela: “AbaseBabiloni babethembele emaphusheni kangangokuthi ngobusuku bezinqumo ezibalulekile babelala emathempelini, benethemba lokuthola iseluleko. AmaGreki ayefisa iziyalezo zempilo ayelala emathempelini ka-Aesculapius [omfanekiso wakhe wawuyinyoka], namaRoma emathempelini kaSerapis [ngezinye izikhathi ohlanganiswa nenyoka ezigoqile]. AbaseGibithe balungiselela izincwadi ezinhle zokuchaza amaphupho.”—(New York, 1961), Madeleine Miller noJ. Lane Miller, k. 141.

Esikhathini esidlule, uNkulunkulu wasebenzisa amaphupho ukuba axwayise, afundise, anikeze nesiprofetho, kodwa ingabe uhola abantu bakhe ngaleyondlela namanje?

Lapho kukhulunywa ngamaphupho anjalo avela kuNkulunkulu kukuMathewu 2:13, 19, 20; 1 AmaKhosi 3:5; Genesise 40:1-8.

Heb. 1:1, 2: “UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi [kuhlanganise namaphupho], ekugcineni kwalemihla ukhulumé kithina ngeNdodana [uJesu Kristu, ozimfundiso zakhe zilotshwe eBhayibhelini].”

1 Kor. 13:8: “Nokuba kukhona ukuprofetha [futhi ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayedlulisela iziprofetho ezincekwini zakhe ngamaphupho], kuyakukhawuka.”

2 Thim. 3:16, 17: “Yonke imibhalo iphefumlelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa . . . ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”

1 Thim. 4:1: “Kepha uMoya usho ngokucacileyo ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo [ngezinye izikhathi abavezwa ngamaphupho] nezifundiso zamademoni.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela