Ukuphila Ngokulondeka Okuhlala Njalo
UMA unemfiva, ngokunokwenzeka uthatha iphilisi elizodambisa ubuhlungu bekhanda noma uthathe iqhwa ukuze upholise umzimba. Kodwa nakuba iphilisi neqhwa kukwenza ukwazi ukukhuthazelela izimpawu, akuyiqedi imbangela yemfiva. Futhi uma inkinga yakho yempilo ingengathi sína, kudingeka welashwe udokotela oqeqeshiwe.
Isintu sihlaselwe imfiva ephikelelayo yokungalondeki. Senza kahle ngokuthatha izinyathelo zokudambisa izimpawu ezingathandeki okwesikhashana, kodwa singelashwa kuphela othile ongahlolisisa isimo sethu. Futhi akekho owazi isintu ngaphezu koMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Uyazi ukuthi ukuphila akulondekile ngenxa yezinkinga ezalethwa phezu kwethu.
Isiqalo Esinokulondeka Sagudluzelwa Eceleni
IZwi likaNkulunkulu liyachaza ukuthi uJehova wadala umbhangqwana wokuqala ongabantu uphelele futhi wawubeka endaweni elondekile. Wawungakhathazwa yilutho. Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba abantu baphile phakade epharadesi, belondeke ngokuphelele. Indawo yokuqala isintu esasibekwe kuyo ‘yayinemithi yonke ebukekayo, emihle nedliwayo.’ Phawula ukuthi izidingo zabo ezingokwenyama zazinakekelwa; kanjalo nezidingo zabo ezingokomzwelo, ngoba le ndawo yachazwa ‘njengebukekayo.’ Ngokungangabazeki, lokhu kwakusho ukuthi umbhangqwana wokuqala wawubekwe endaweni eyayiwuqinisekisa ngokuphila okulondekile nokungenazinkinga.—Genesise 2:9.
U-Adamu no-Eva bakwenqaba ukubusa kukaNkulunkulu kothando okuphakeme, ngaleyo ndlela bezilethela umuzwa wokungabaza, ukwesaba, amahloni, ukuba necala nokungalondeki ekuphileni kwabo. Ngemva kokulahla uNkulunkulu, u-Adamu wavuma ukuthi ‘wayesaba.’ Abantu bokuqala bazimboza bacashela uMdali wabo onothando, ababekade bejabulela naye ubuhlobo obuseduze nobuzuzisayo.—Genesise 3:1-5, 8-10.
Injongo kaJehova yasekuqaleni ayikashintshi. IBhayibheli lithi uMdali wethu, unguNkulunkulu onothando, ngokushesha ozokwenza ukuba isintu esilalelayo sibuyisele umhlaba esimweni sepharadesi futhi siphile ngokulondeka kuze kube phakade. Lesi sithembiso sanikezwa ngomprofethi u-Isaya: “Ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; . . . jabulani, nethabe kuze kube-phakade.” (Isaya 65:17, 18) Ngala mazulu amasha nomhlaba omusha, umphostoli uPetru wathi: “Kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:13.
Kuyofezwa kanjani lokhu? Ngohulumeni omiswe uJehova. Yilo Mbuso uJesu Kristu atshela abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
UMbuso kaNkulunkulu uzothatha isikhundla sohulumeni babantu futhi ngothando ufeze injongo kaNkulunkulu emhlabeni wonke. (Daniyeli 2:44) Ukungabaza, ukwesaba, amahloni, umuzwa wecala nokungalondeki okuye kwahlupha isintu kusukela ezinsukwini zika-Adamu, kuyophela. NgokweBhayibheli, lowo Mbuso ususemnyango. Ngisho namanje, kuleli lizwe lethu elingenakuqiniseka, labo abalangazelela uMbuso kaNkulunkulu banesilinganiso esithile sokulondeka.
Beka Izinto Ezingokomoya Kuqala
UDavide wayeyinceku kaNkulunkulu eyayazi ukuthi kusho ukuthini ukwesaba nokucindezeleka. Noma kunjalo uDavide wabhala, njengoba kulotshwe kumaHubo 4:8: “Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena-Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.” (Omalukeke sizenzele.) UJehova wanika uDavide umuzwa wokulondeka, nakuba uDavide ngezinye izikhathi ayekhungathwa izinkinga. Singafunda okuthile kulokhu? Singasithola kanjani isilinganiso esithile sokulondeka ngisho nasezweni elingenakho ukulondeka?
Cabangela ukulandisa kukaGenesise ngo-Adamu no-Eva. Baqala nini ukuzizwa bengalondekile? Ngesikhathi nje belahla ubuhlobo babo noMdali futhi benqaba ukuphila ngokuvumelana nenjongo yakhe ngesintu. Ngakho-ke, uma senza okuphambene nalokhu ngokuba nobuhlobo obuseduze noJehova ngokomuntu siqu futhi sizama ukuphila ngokuvumelana nentando yakhe, ngisho namanje singajabulela ukuphila okulondeke kakhulu kunalokho ebesingakuphila.
Ukwazi uJehova ngokutadisha iBhayibheli kusisiza ukuba siqonde injongo yokuphila. Kungaleso sikhathi kuphela lapho siqala ukuqonda ukuthi singobani nokuthi kungani silapha. Ukuphila ngokulondeka kungenzeka uma sithanda uNkulunkulu, siyazi injongo yakhe ngesintu futhi siqonda ukuthi iyini ingxenye yethu kuyo. Indoda okuthiwa uPaul yakuthola lokhu eminyakeni eminingi edlule.
UPaul ungumsinsi wokuzimilela kwesinye seziqhingi eziseduze nogu lwaseJalimane. Ngenxa yalokho abazali bakhe ababhekana nakho phakathi neMpi YeZwe II, abakubo babengenasithakazelo enkolweni. UPaul uthi ngaye, njengensizwa: “Ngangingakholelwa yilutho futhi ngingahloniphi muntu. Ngangivame ukuqeda usizi lwami ngotshwala, ngiphuza ngidakwe kabili noma kathathu ngesonto. Ukuphila kwami kwakungalondekile.”
UPaul wabe esexoxa nomunye woFakazi BakaJehova. UPaul waphikisa kakhulu, kodwa lo Fakazi washo into eyodwa eyamenza wacabanga. “Ayikho into evela ezeni.” Ngamanye amazwi, yonke into esizungezile eyimvelo kumelwe ibe noMdali.
“Ngacabanga ngalokho ngokuphindaphindiwe, futhi kwadingeka ngivume.” Ngakho-ke uPaul watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi wamazi uJehova. Uyavuma: “Ngaphandle kwabazali bami, uJehova wayengumuntu wokuqala ukungenzela noma yini ekuphileni kwami.” UPaul wabhapathizwa njengoFakazi ngo-1977 futhi uthi: “Manje ngiyazi ukuthi iyini ngempela injongo yokuphila. Ngiyakujabulela ukuphila ngokuvumelana nentando kaJehova. Ngizizwa ngilondekile, ngoba akukho lutho olungenzeka kimi noma kwabakithi uJehova angeke alulungisa esikhathini esizayo.”
Yini esingayifunda kulokhu okuhlangenwe nakho? UPaul wakunqoba ukungalondeki kwakhe—ukucindezeleka okungokomzwelo—ngokugxila ezintweni ezingokomoya hhayi engcebweni yezinto ezibonakalayo. Waba nobuhlobo obuqinile noMdali. Izigidi zoFakazi BakaJehova zijabulela ubuhlobo obunjalo. Lokhu kuwumthombo wokulondeka kwangaphakathi okubasiza ukuba babe nomoya wokuzidela lapho besebenzelana nabanye. Uma beya emizini yabantu, oFakazi BakaJehova basebenzisa isikhathi sabo ukuze basize abanye abantu benze ukuphila kwabo kulondeke ngokugxila ezintweni ezingokomoya. Kodwa oFakazi benza okungaphezu nje kokushumayela.
‘Bizani UNkulunkulu Wenu, UJehova’
Ngo-July 1997 lapho uMfula i-Oder ukhukhula izindawo ezinkulu zasenyakatho Yurophu, oFakazi BakaJehova eJalimane bezwa ngesimo esibucayi sabantu basePoland engumakhelwane. Yini ababengayenza? OFakazi baseBerlin nezindawo eziyizungezile babonisa ukuphana okumangalisayo ngokunikela ngokuzithandela imali engaphezu kuka-R586 000 ngezinsuku ezimbalwa.
OFakazi ababenolwazi lomsebenzi wokwakha bahamba amahora ayisithupha ngezimoto—ngezindleko zabo—besuka eBerlin beya esifundeni esiseduze neWrocław, ePoland. Kwelinye idolobhana, izindlu eziningi zazicekeleke phansi. Indlu yomunye umkhaya woFakazi yayicwile ngamamitha ayisithupha emanzini. Indodakazi yakhona yayizoshada ngenyanga elandelayo futhi ihlale kuleyo ndlu nomyeni wayo. Yini eyayingenziwa ukuze kuvuselelwe le ndlu futhi kusizwe umkhaya owawulahlekelwe cishe yiyo yonke into?
Lapho isikhukhula sesinqamukile, umakhelwane wabuza ngokubhuqa: “Anibizi ngani uNkulunkulu wenu uJehova, nibone ukuthi anganisiza yini?” Yeka ukuthi lo makhelwane wamangala kanjani ngosuku olulandelayo lapho kufika izimoto eziningi zivela eJalimane zize emzini walo mkhaya woFakazi! Iqembu lezihambi lehla ezimotweni laqala ukulungisa indlu. “Obani laba? Ubani okhokhela izinto zokulungisa?” kubuza lo makhelwane. Lo mkhaya woFakazi wachaza ukuthi laba kwakungabafowabo abangokomoya nokuthi lezi zivakashi yizo ezazikhokhela izinto zokulungisa. Izakhamuzi zaleli dolobha zabamba ongezansi njengoba zazibona indlu ilungiswa. Naphezu kwalokho okwakwenzekile umshado waqhubeka ngosuku owawuhlelelwe lona.
Lo mkhaya wathola ukuthi ukuba yingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova akulethi nje kuphela izinzuzo ezingokomoya kodwa nesilinganiso esithile sokulondeka ezweni elingalondekile. Akuwona wodwa owathola lokhu. Kuyo yonke indawo eyayicekeleke phansi, izindlu namaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova kwalungiswa. Nomakhelwane abangebona oFakazi nabo abashiywanga ngaphandle. Kwenziwa umsebenzi omkhulu emizini yabo, abakwazisa kakhulu.
Ukulunga, Ukuthula Nokulondeka
Lapho imfiva isize yaphela futhi sesiphila kahle, yeka indlela esibonga ngayo kudokotela osisizile! Lapho imfiva yokungalondeki ehaqe isintu iqedwa phakade—ngoMbuso kaNkulunkulu—yeka indlela esiyobonga ngayo kuMdali wethu! Yebo, nguye osithembisa ukuphila ‘ngokulunga nangokulondeka kuze kube phakade.’ Yeka ithemba elimangalisayo!—Isaya 32:17.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Singakuqeda ukucindezeleka okungokomzwelo ngokugxila ezintweni ezingokomoya, hhayi engcebweni yezinto ezibonakalayo
[Isithombe ekhasini 8, 9]
UNkulunkulu uthembisa izwe elisha lapho bonke beyophila ngokulondeka okuhlala njalo