Ukufuna Ukuphila Oku- Londekile
UKULONDEKA kusho izinto ezihlukene kubantu abahlukene. Komunye umuntu, ukulondeka kusho ukuba nomsebenzi; komunye, kusho ukuceba; kanti kowesithathu, ukulondeka kusho ukuba sendaweni engenabo ubugebengu. Ingabe kusho okunye okuhlukile kuwe?
Kungakhathaliseki ukuthi uyini umbono wakho, akungabazeki ukuthi wenza okuthile ukuze uzame ukwenza ukuphila kwakho kulondeke ngendlela oyifunayo. Cabangela lokho okwenziwa abantu baseYurophu ukuze bafinyelele izinga elithile lokulondeka komuntu siqu.
Imfundo Ephakeme
NgokukaJacques Santer, umongameli we-European Commission, intsha engamaphesenti angu-20 emazweni e-European Union ayisebenzi. Khona-ke, kulelo qembu lentsha, okuningi kuxhomeke kulo mbuzo, Ngingawuthola kanjani umsebenzi ozokwenza ukuphila kwami kulondeke? Abaningi bakholelwa ukuthi lo mgomo ungafinyelelwa ngokuba nemfundo ephakeme, eyenza umfundi “abe sethubeni elingcono lokuthola umsebenzi,” njengoba kuphawula i-Sunday Times yaseLondon.
Ngokwesibonelo, i-Nassauische Neue Presse ibika ukuthi eJalimane, “isifiso sokufuna ukufunda nokuvelela kwezemfundo sikhulu kunanoma yinini ngaphambili.” Kunjalo naphezu kweqiniso lokuthi ukuba umfundi waseyunivesithi uze uqede kulelo lizwe kubiza imali elinganiselwa ku-R278 000.
Intsha eyithatha ngokungathi sína imfundo futhi efuna imisebenzi elondekile kufanele inconywe. Futhi umuntu onamakhono nemfundo edingekayo uvame ukuba sethubeni elingcono lapho efuna umsebenzi. Kodwa ingabe imfundo ephakeme inikeza umsebenzi onokulondeka njalo? Omunye umfundi wathi: “Ngangazi kwasekuqaleni ukuthi imfundo yami yayingeke ingiholele emsebenzini oqondile oholelayo futhi yayingeke inginike ukulondeka.” Indaba yakhe akuyona engajwayelekile. Onyakeni wamuva nje, eJalimane, inani labafundi abaneziqu zaseyunivesithi abangasebenzi liye laphakama kunanoma yinini ngaphambili.
Ngokwelinye iphephandaba, eFrance, intsha ifunda emayunivesithi ngoba isitifiketi sasesikoleni esiphakeme asiselutho ngenxa yenani eliphakeme lentsha engasebenzi. Nokho, abafundi abaningi basemayunivesithi bayavuma ukuthi ngesikhathi beqeda ukufunda, “iziqu abayobe benazo ziyobe zingasabasizi ngalutho.” I-Independent ibika ukuthi eBrithani “ukucindezeleka kokufunda kubakhathaza kakhulu abafundi.” Kubikwa ukuthi kunokuba ukufunda emayunivesithi kusize abafundi ukuba babhekane nokungalondeki ekuphileni, ukuphila kwakhona ngezinye izikhathi kubangela izinkinga ezinjengokucindezeleka, ukukhathazeka nokungazethembi.
Ngokuvamile ukufunda ikhono elithile noma ukuqeqeshwa ngokusebenza emkhakheni wokwenza izinto ezithile kusiza umuntu ukuba athole umsebenzi olondekile kunokuba kunjalo ngeziqu zaseyunivesithi.
Ingabe Ukuba Nezinto Ezingu-10 000 Kwanele?
Abaningi bakholelwa ukuthi imfihlo yokuphila okulondekile ingcebo. Lokhu kungase kuzwakale kunengqondo ngoba ukuba nemali eningi ebhange kuyasiza ngezikhathi ezinzima. IBhayibheli liyachaza ukuthi ‘imali ingeyesivikelo.’ (UmShumayeli 7:12, NW) Kodwa ingabe ukuceba kakhulu kwenza umuntu alondeke kakhudlwana?
Akunjalo. Cabangela indlela abantu abaye baceba ngayo eminyakeni engu-50 edlule. Ekupheleni kweMpi Yezwe II, ingxenye enkulu yabantu baseJalimane cishe yayingenalutho. Ngokwephephandaba laseJalimane, namuhla umuntu waseJalimane ovamile unezinto ezingu-10 000. Uma izibikezelo zezomnotho ziqinisile, izizukulwane ezizayo ziyoba nezinto ezingaphezulu. Kodwa ingabe lokhu kunqwabelana kwengcebo kwenza ukuphila kulondeke kakhudlwana? Cha. Ukuhlola eJalimane kwembula ukuthi abantu ababili kwabathathu bathi ukuphila akusalondekile manje kunanjengoba kwakunjalo eminyakeni engu-20 noma engu-30 edlule. Ngakho-ke ukwanda kwengcebo akuzange kwenze abantu bazizwe belondeke kakhudlwana.
Lokhu kunengqondo ngoba, njengoba kushiwo esihlokweni esandulelayo, ukuzizwa ungalondekile kuyacindezela ngokomzwelo. Futhi ukucindezeleka okungokomzwelo ngeke kuqedwe ingcebo yezinto ezibonakalayo. Yiqiniso, ingcebo iyakuvikela endlaleni futhi iyasiza nangezikhathi ezinzima. Kodwa ngaphansi kwezimo ezithile, ukuba nemali eningi kunzima njengokungabi nayo.
Ngakho-ke, umbono olinganiselwe ngokuba nezinto ezibonakalayo uyosisiza ukuba sikhumbule ukuthi nakuba ingcebo ingaba isibusiso, ayisona isici esiyinhloko sokuphila okulondekile. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu Kristu wakhuthaza abalandeli bakhe ngokuthi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ukuze azizwe elondeke ngempela ekuphileni, umuntu udinga okungaphezu kwengcebo yezinto ezibonakalayo.
Kwasebekhulile, izinto abanazo azibalulekile ngoba zinenani elikhulu kodwa ngenxa yokuthi ziyabathinta ngokomzwelo. Okukhathaza asebekhulile ngaphezu kokuba nengcebo ukuba sengozini yokuba izisulu zokugetshengwa.
Qaphela!
“Ubugebengu . . . buye baba inkinga eyandayo emhlabeni wonke eminyakeni engu-30 edlule,” kusho incwajana ethi Practical Ways to Crack Crime, eyanyatheliswa eBrithani. Amaphoyisa asebenza ubusuku nemini. Abanye abantu benzenjani?
Ukulondeka komuntu kuqala ekhaya. Ngokwesibonelo, eSwitzerland, umakhi onguchwepheshe uklama izindlu ezingagqekezeki ezinezihluthulelo zokulondeka, iminyango enezinsimbi kanye namafasitela anemigoqo yensimbi. Abanikazi balezi zindlu kubonakala sengathi basithatha njengoba sinjalo isaga esaziwayo esithi: “Indlu yami inqaba yami.” Ngokukamagazini i-Focus, lezi zindlu zimba eqolo, kodwa zifunwa ngamnyama.
Ukuze umuntu alondeke kakhudlwana ekhaya nangaphandle, izakhamuzi kweminye imiphakathi ziye zahlela izinhlelo zokugadana. Izakhamuzi kwezinye izindawo zasemadolobheni zenza nokwengeziwe, zikhokhela inkampani yonogada ukuba izulazule endaweni yazo ngezikhathi ezithile. Abantu abaningi banomuzwa wokuthi kuwukuhlakanipha ukungahambi wedwa ebusuku emigwaqweni yedolobha engenabantu. Futhi abazali, ngokwemvelo abakhathazekayo ngenhlalakahle yezingane zabo, bangase benze okwengeziwe ukuze bazivikele. Cabangela ukusikisela okutholakala ebhokisini elikuleli khasi.
Kodwa akubona bonke abantu abangaba namandla okuthenga umuzi ongenakugqekezeka. Ngaphezu kwalokho, izinhlelo zokugadana komakhelwane nokuzulazula konogada ngeke zibunciphise bonke ubugebengu; zingamane nje zibugudlulele kwezinye izindawo ezingavikelekile. Ngakho-ke ubugebengu busalokhu buwusongo olukhulu ekulondekeni komuntu. Ukuze ukuphila kwethu kulondeke, kudingeka okwengeziwe kunokuzikhandla ekulweni nobugebengu.
Yelapha Isifo—Hhayi Nje Izimpawu
Ngamunye wethu unesifiso esingokwemvelo sokuphila ngokulondeka, futhi senza kahle ngokuthatha izinyathelo ezinengqondo neziwusizo ukuze sifinyelele lo mgomo. Kodwa ubugebengu, ukungasebenzi nazo zonke ezinye izinto ezenza ukuphila kwethu kungalondeki, kumane nje kuyizimpawu zesimo esikhathaza sonke isintu. Ukuze kwelashwe lesi simo, kudingeka kuhlaselwe imbangela, hhayi nje izimpawu.
Uyini umnyombo wokungalondeki kokuphila kwethu? Singawusiphula kanjani futhi sikuqede phakade ukungalondeki? Lokhu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izindlela Zokuvikela Izingane Ezincane
Ngenxa yokuhlaselwa njalo kwezingane, ukuthunjwa nokubulawa, abazali abaningi baye bakuthola kuwusizo ukufundisa izingane zabo ukuba zenze okulandelayo:
1. Ukuba zenqabe—ngokuqinile—kunoma ubani ozama ukuzenzisa into ezinomuzwa wokuthi ayilungile.
2. Zingavumeli muntu azithinte izitho zomzimba zangasese ngaphandle uma kukhona umzali—njengalapho zikudokotela noma umhlengikazi.
3. Zibaleke, ziklabalase, zimemeze noma zicele usizo kumuntu omdala oseduze uma zisengozini.
4. Zitshele abazali nganoma isiphi isenzakalo noma ingxoxo ezizizwa zingakhululekile ngayo.
5. Zingavumi ukugcina izinto eziyimfihlo okuthiwa zingazitsheli abazali.
Okokugcina, abazali benza kahle ngokuqapha lapho bekhetha umuntu ozobagadela ingane.
[Izithombe ekhasini 5]
Ukuze ukuphila kwethu kulondeke sidinga okungaphezu nje kwemfundo, ingcebo noma ukuzama ngokusemandleni ukulwa nobugebengu