Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 10/8 k. 18-k. 19
  • Ukubaluleka Kwezikhathi Zokuba Wedwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubaluleka Kwezikhathi Zokuba Wedwa
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Wedwa—Kungani Kubalulekile?
  • Sebenzisa Izikhathi Zokuba Wedwa Ukuze Usondele KuNkulunkulu
  • Kudingeka Ukulinganisela
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?
    I-Phaphama!—2021
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1999
  • Ukuzindla Okuzuzisayo
    I-Phaphama!—2000
  • Yini Engenza Ngizizwe Nginesizungu Kangaka?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 10/8 k. 18-k. 19

Umbono WeBhayibheli

Ukubaluleka Kwezikhathi Zokuba Wedwa

NGESINYE isikhathi uJesu “wakhuphukela entabeni eyedwa ukuze ayothandaza. Nakuba isikhathi sase sihambile, wayelapho eyedwa.” (Mathewu 14:23) Ngesinye isikhathi futhi, “lapho kusa, waphuma futhi waqhubekela endaweni engenabantu.” (Luka 4:42) Le miBhalo ifakazela ukuthi uJesu Kristu wayezifuna futhi wayezazisa izikhathi zokuba yedwa.

IBhayibheli lisinika ezinye izibonelo zamadoda, anjengoJesu, ayezazisa izikhathi zokuba wodwa. Umhubi wayezindla ngobukhulu boMdali wakhe omkhulu lapho eyedwa emilindweni yasebusuku. Kanti-ke uJesu Kristu, ngemva nje kokuzwa izindaba zokufa kukaJohane uMbhapathizi, waya “endaweni engenabantu ukuba abe yedwa.”—Mathewu 14:13; IHubo 63:6.

Namuhla, njengoba ukuphila kwesimanje kugcwele isiyaluyalu, ukuba wedwa, ngenxa yezimo noma ngokuzikhethela, akubhekwa njengento esemqoka. Ingabe uyakhumbula ukuthi wagcina nini ukuchitha isikhathi uwedwa? Owesifazane othile osemusha oshadile wathi: “Angikaze ngibe ngedwa ekuphileni kwami.”

Kodwa ingabe ukuba wedwa kuyadingeka ngempela? Uma kunjalo, zingasetshenziswa ngokunenzuzo kanjani izikhathi zokuba wedwa? Futhi kufeza yiphi indima ukulinganisela lapho ufuna ukuba wedwa?

Ukuba Wedwa—Kungani Kubalulekile?

IBhayibheli lisitshela ukuthi inceku kaNkulunkulu yasendulo, u-Isaka, yaphuma yayohlala yodwa ‘ntambama endle.’ Ngani? Lithi: “Ukuyozindla.” (Genesise 24:63) Ngokwesichazamazwi esithile, ukuzindla kusho “ukucabanga ngokujulile noma ngesineke.” Leli gama “linomqondo wokugxilisa ingqondo ngokujulile isikhathi eside.” Ngo-Isaka, owayesezothwala imithwalo yemfanelo ethé xaxa, ukuzindla okunjalo kwakungamsiza ukuba ahluze ingqondo yakhe, ahlele imicabango yakhe futhi abeke izinto eziza kuqala.

Uchwepheshe wempilo yengqondo uthi uma nje ‘isizungu sisendaweni efanele, lapho sisodwa sithola ithuba lokuhlela imicabango yethu, sigxilise nengqondo kangcono.’ Abaningi bangakufakazela ukuthi lokhu kuyaqabula, kunika amandla futhi kunempilo.

Phakathi kwezithelo ezinhle zokuzindla kunokuhluzeka nokuzibamba, izimfanelo ezibangela inkulumo nezenzo ezinhle, okuthuthukisa ubudlelwane obuhle nabantu. Ngokwesibonelo, umuntu ofunda ukuzindla angafunda futhi ukuthi kufanele athule nini. Kunokuba aphahluke, ucabangela kusengaphambili umphumela wamazwi akhe. Umlobi weBhayibheli ophefumulelwe uyabuza: “Uyabona umuntu oshesha ngamazwi na?” Uyanezela: “Kukhona ithemba ngesiwula kunangaye.” (IzAga 29:20) Liyini ikhambi lokusetshenziswa okunjalo kolimi ngokungacabangi? IBhayibheli lithi: “Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula.”—IzAga 15:28; qhathanisa neHubo 49:3.

KumKristu, ukuzindla nokuba yedwa kuyizici ezibalulekile ekukhuleleni ekuvuthweni okungokomoya. Afanelekile amazwi omphostoli uPawulu: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”—1 Thimothewu 4:15.

Sebenzisa Izikhathi Zokuba Wedwa Ukuze Usondele KuNkulunkulu

Umlobi othile oyiNgisi wathi: “Ukuba wedwa kuyindlela yokuxoxa noNkulunkulu.” Ngezikhathi ezithile, uJesu wayezizwa edinga ukusuka phakathi kwabantu futhi akhulume noNkulunkulu eyedwa. Esinye isibonelo salokhu sichaziwe eBhayibhelini: “Ekuseni kakhulu, kusemnyama, wavuka waphumela ngaphandle futhi wahamba waya endaweni engenabantu, futhi lapho waqala ukuthandaza.”—Marku 1:35.

Encwadini yamaHubo, kukhulunywa kakhulu ngokuzindla ngoNkulunkulu. Ikhuluma noJehova, iNkosi uDavide yathi: “Ngizindla ngawe.” U-Asafa naye washo okufanayo: “Ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.” (IHubo 63:6; 77:12; [Omalukeke sizenzele kule mibhalo.]) Ngakho, ukucabanga ngezimfanelo nezenzo zaphezulu kuletha imivuzo ecebile. Kwenza umuntu amazise ngokwengeziwe uNkulunkulu, kumsondeze kuye.—Jakobe 4:8.

Kudingeka Ukulinganisela

Yiqiniso, ukuba wedwa kufanele kuphishekelwe ngokulinganisela. Ukuba wedwa kungafaniswa nendawo okungaba kuhle ukuyivakashela kodwa okungaba yingozi ukuhlala kuyo unomphela. Ukuzehlukanisa kakhulu kuphambene nezidingo eziyisisekelo zabantu zobudlelwane, ukukhulumisana nokubonisa uthando. Ngaphezu kwalokho, ukuzehlukanisa kungaba njengenhlabathi lapho ukhula lobuwula nobugovu kumila khona. Isaga seBhayibheli siyaxwayisa: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” (IzAga 18:1) Ukuze silinganisele lapho sifuna ukuba sodwa, kumelwe siqaphele izingozi zokuzehlukanisa.

NjengoJesu namanye amadoda angokomoya ezikhathini zeBhayibheli, amaKristu namuhla ayazazisa izikhathi zokuba wodwa. Yiqiniso, njengoba sinemithwalo yemfanelo engaka nezinkathazo, ukuthola isikhathi sokuzindla uwedwa kungaba yinselele. Nokho, njengoba kunjalo ngazo zonke izinto ezibaluleke ngempela, kumelwe sizithengisisele “ithuba.” (Efesu 5:15, 16) Khona-ke, njengomhubi, singathi: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova.”—IHubo 19:14.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela