Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g21 No. 2 kk. 13-15
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?
  • I-Phaphama!—2021
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngokwenza Izinto Eziningi Kanyekanye?
    Intsha Iyabuza
  • Indlela Yokugcina Ezobuchwepheshe Zisendaweni Yazo
    Usizo Lomndeni
  • Ukubaluleka Kwezikhathi Zokuba Wedwa
    I-Phaphama!—1998
  • Sebenzisa Ubuchwepheshe Ngokucabangela Nangokonga
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2021
g21 No. 2 kk. 13-15
Indoda ibuka ividiyo efundisayo njengoba ipheka.

Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Engqondweni Yakho?

Abantu kudingeka bahlale befunda​—kungaba izinto zesikole, ezomsebenzi noma ezinye izinto. Ezobuchwepheshe zingabasiza. Emlandweni, akukaze kube lula kangaka ukuthola ulwazi. Ungaluthola uhlezi endlini, kungadingeki nokuba usukume.

Nokho, abazisebenzisa kakhulu ezibochwepheshe baba nalezi zinkinga ezilandelayo:

  • Kuba nzima ukugxilisa ingqondo lapho befunda.

  • Kuba nzima ukuba bagxile entweni eyodwa ngesikhathi.

  • Bayashesha ukuba nesizungu lapho bebodwa.

OKUFANELE UKWAZI

Owesifazane osemusha wenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa. Ubhala umyalezo efonini yakhe, uxoxa nomngane wakhe ngevidiyo futhi usebenzisa ikhompyutha nencwadi ukuze atadishe.

LAPHO UFUNDA

Abanye badlulisa amehlo kulokho okufundwayo ukuze bathole umqondo wendaba kunokuba bayifunde yonke.

Ukudlulisa amehlo kuyasiza ngezinye izikhathi lapho ufuna impendulo ngokushesha. Kodwa lena akuyona indlela ekahle yokufunda uma ufuna ukukuqonda kahle lokho okufundayo.

ONGACABANGA NGAKHO: Uyakwazi yini ukugxilisa ingqondo lapho ufunda indaba ende? Ukugxilisa ingqondo kungakusiza kanjani ukuba ukuzwe kahle lokho okufundayo?​—IZAGA 18:15.

UKUGXILISA INGQONDO

Abanye abantu bacabanga ukuthi ezobuchwepheshe zingabenza bakwazi ukwenza izinto ezimbili ngesikhathi esisodwa​—ngokwesibonelo, bangabhalela umngane umyalezo kuyilapho betadisha. Lapho benza kanjalo, akukho kulokho okubili abazokwazi ukukwenza kahle, ikakhulukazi uma kokubili kudinga bagxilise ingqondo.

Ukugxilisa ingqondo kudinga ukuba uzithibe. Kodwa kuwufanele umzamo. Osemusha okuthiwa uGrace uthi: “Aba mancane amaphutha owenzayo futhi awucindezeleki kangako. Ngiye ngafunda ukuthi kungcono ukugxila entweni eyodwa ngesikhathi nokugwema ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa.”

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe ukwenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa kwenza kube nzima ukuba uqonde futhi ukhumbule lokho okufundile?​—IZAGA 17:24.

UKUBA WEDWA

Abanye abantu abakuthandi ukuba bodwa, ngakho basebenzisa ezobuchwepheshe ukuze baqede isizungu. Owesifazane okuthiwa u-Olivia uyavuma: “Ngiba nesizungu uma kuphela imizuzu engu-15 ngingayibhekanga ifoni yami, ithebhulethi noma ngingayibukelanga i-TV.”

Noma kunjalo, isikhathi sokuba wedwa sikunikeza ithuba elihle kakhulu lokucabangisisa​—okuyingxenye ebalulekile yokufunda, hhayi kwabancane kuphela kodwa nakubantu abadala.

ONGACABANGA NGAKHO: Ingabe usisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sokuba wedwa?​—1 THIMOTHEWU 4:15.

ONGAKWENZA

HLOLA INDLELA OSEBENZISA NGAYO EZOBUCHWEPHESHE

Yiziphi izindlela ezobuchwepheshe ezingakusiza ngazo ukuba uthuthukise ikhono lakho lokucabanga? Ezobuchwepheshe zingaliphazamisa kanjani ikhono lakho lokufunda nokugxilisa ingqondo?

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.”​—IZAGA 3:21.

ZIBUZE  . . .

  • Ingabe ngikuthola kunzima ukugxilisa ingqondo lapho ngifunda ingxenye ethile ende emshinini wezobuchwepheshe? Uma kunjalo, yini engiphazamisayo izikhathi eziningi?

  • Yini engingayenza ukuze nginciphise noma ngiqede lezo ziphazamiso?

Zama Lokhu: Qala ngokufunda ingxenye encane bese uyakwandisa kancane kancane okufundayo. Yifundele phansi ukuze ukwazi ukugxilisa ingqondo kulokho okufundayo.

  • Yiziphi izinto engingazenza ukuze ngibe nesikhathi sokucabangisisa ngalokho engikufundile?

Zama Lokhu: Sebenzisa imizuzu eyishumi yokugcina yokutadisha ukuze ubuyekeze lokho okufundile.

  • Kukuziphi izimo lapho bengingase ngizithole sengenza izinto eziningi ngesikhathi esisodwa?

  • Yiziphi izinto engingazenza ukuze ngigxile entweni eyodwa ngesikhathi?

Zama Lokhu: Lapho utadisha, zisuse izinto ezingakuphazamisa ukuze ungalingeki ukuba wenze izinto eziningi ngesikhathi esisodwa.

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.”​—IZAGA 4:5.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela