Ukubuka Okwezwe
Izingane Zasemgwaqweni Zibalekela Ukuxhashazwa
“Amaphesenti angu-90 ezingane zasemgwaqweni anamakubo. Cishe ezingamaphesenti angu-90 [zazo] zihlaselwa abazali bazo bese ziyabaleka, zihileleke ebugebengwini, ekusebenziseni kabi izidakamizwa futhi zixhashazwe ngokobulili,” kusho u-Enza Mattar, umqondisi weSikhungo Sesifunda Sokunakekelwa Kwezingane Ezihlukunyezwayo (Crami). UMattar ocashunwe ephephandabeni laseBrazil i-Estado de S. Paulo, weluleka izisebenzi zezempilo eziqeqeshiwe kanye nothisha ukuba ziqaphele izimpawu zokuxhashazwa, kuhlanganise “nokushintsha ngokungazelelwe kokuziphatha, ubunyube nezibazi emzimbeni.” Kungase kudingeke ukuba bavele bangenele, ngoba amaphesenti amahlanu kuphela ezingane ezinakekelwa i-Crami ahlanganisa izingane ezizicelela ngokwazo ukuvikelwa. Abazali abaxhaphaza izingane bavame ukulwenqaba usizo. Ngani? UJoão Roberto Scomparim, umongameli we-Crami uthi: “Abazali abahlasela izingane zabo ngonya basuke beziphatha ngendlela nabo abaphathwa ngayo lapho besebancane, futhi bakholelwa ukuthi bayazifundisa izingane zabo.”
Abantu Abakhohlwayo
Ekuhloleni okwenziwa e-Italy kubantu abadala abangu-1600, abangamaphesenti angu-77 babonisa ukuthi babehlushwa ukukhohlwa, kusho iphephandaba i-Repubblica. Abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu babekhohlwe usuku lokukhumbula isenzakalo esibalulekile ngonyaka owandulele. Ngaphezu kwalokho, abangamaphesenti angu-42 bahlale bekhohlwa ukuthi bazipaké kuphi izimoto zabo, abangaphezu kwamaphesenti angu-30 bakhohlwa izihluthulelo zasendlini, abangaphezu kwamaphesenti angu-25 bakhohlwa izikhwama zemali futhi abangamaphesenti angu-1,2 bakhohlwa ngisho nangamagama abo nezibongo. Ngakolunye uhlangothi, abantu base-Italy abangamaphesenti angu-28 bathi basakhumbula okungenani ingxenye eyodwa yenkondlo ababeyibambe ngekhanda esikoleni. Ungayithuthukisa kanjani inkumbulo yakho? Esinye isazi situsa ukuba uyihlobanise nokuthile leyo nto okudingeka uyikhumbule, ukubhala izinto encwadini yezenzakalo zansuku zonke futhi uzibukeze, nokuvivinya ingqondo ngokubamba ngekhanda izinombolo zocingo, amaculo ngisho nezinombolo zezimoto.
Okwenza Umugqa Okuwo Ubonakale Uhamba Kancane
Uma kubonakala sengathi uhlale uba semugqeni ohamba kancane kunayo yonke uma uthenga, kungenzeka kumane kuyisimiso sokuthi into ethile ingathuke yenzeka. Njengoba iphephandaba laseJalimane i-Zeit libonisa, kunamathuba amabili kwamathathu okuthi omunye wemigqa emibili eseduze kwakho uzoshesha kunowakho. Uma iminingi imigqa, ayanda la mathuba. Abacwaningi bathola ukuthi, okucasula abantu, akukhona kangako ukulinda kodwa kunalokho “umuzwa wokuthi bachitha isikhathi.” Ukuze enze ukulinda ikheshi kungacasuli, amanye amahhotela aye afaka izibuko endaweni yokulinda ikheshi. Lokhu kwenza ukuba abantu benze okuthile—bakame izinwele noma balungise uthayi. Kuyasiza futhi nokwenza abantu bazi ukuthi kusazodingeka balinde isikhathi esingakanani. Ngakho-ke, kweminye imizila ehamba ngaphansi kunesimiso sikagesi esibonisa ukuthi kusele imizuzu emingaki isitimela esilandelayo sisuke.
Ukuxhaphaza Kwabefundisi E-Afrika
“Ukuxhaphaza ngokobulili okwenziwa abefundisi sekuqala ukuvela e-Afrika,” kubika umagazini i-Catholic International. Ukuze kuvinjelwe ukuxhaphaza okunjalo, abanye ababhishobhi bamaKatolika batusa ukuba bahlungisiswe futhi baqeqeshisiswe labo abafundela ubufundisi. Ezinye izici zokuziphatha kabi kwabefundisi ezikhathaza ababhishobhi base-Afrika zihlanganisa “ukusebenzisa kabi utshwala nokuhileleka emisebenzini engafanele noma engahlangene nesikhundla nomsebenzi wobupristi njengebhizinisi noma ezohwebo nezombangazwe.” Kungani lezi zinto zisanda kuvela nje? “Kungenxa yenkululeko enkudlwana kwabezindaba nokwehla kokulawula kweSonto abezindaba kunakuqala,” kuphendula i-Catholic International, enezela ngokuthi “imizamo yokuqala yezinye izikhulu zeSonto, kwezinye izingxenye ze-Afrika, yokuvimbela izindaba ezingezinhle . . . iye yehluleka.”
Abashumayeli Baphatha Izibhamu
EKentucky, e-U.S.A., umthetho wezwe usanda kuchibiyelwa ukuze uvumele abefundisi baphathe izibhamu ezifihlwayo esontweni uma benezincwadi zokuphatha izikhali ezifihlwayo, kubika abezindaba be-Reuters. Kuqala, abefundisi abanezincwadi zokuphatha izikhali ezilimazayo ezifihlwayo babengeke baziphathe ezindaweni zokukhulekela kulelo lizwe. Ngo-1997, amanye amasonto aseKentucky aphangwa imali yawo yomnikelo ekhonjwe ngezibhamu. Nakuba kungekho muntu owalimala, “abefundisi nabapristi bamasonto asemaphandleni bazama ukuthonya abamisa umthetho wezwe ukuba babavumele baphathe izibhamu ezifihlwayo,” kusho lo mbiko. Nokho, akubona bonke abefundisi abaluthandayo lolu shintsho. UNancy Jo Kemper, uMqondisi-jikelele we-Kentucky Council of Churches wabuza: “Singalindela kanjani ukuba izingane zethu zifunde ukuthi izibhamu ngeke zizixazulule izinkinga uma zibona ngisho nabefundisi bephethe izikhali ezibulalayo, okuyibo okufanele babe amanxusa okuthula nokubuyisana?”
Abantwana Badinga Ukuthintwa
“Izingane ezikhula ngaphandle kokwangiwa, ukugonwa nokuphululwa njalo . . . zinamazinga ama-hormone okucindezeleka aphakeme ngokungavamile,” ngokokuhlola okwabikwa ephephandabeni i-Toronto Star. Abacwaningi bakholelwa ukuthi ukuhlukaniswa nomama noma ukunganakwa ebuntwaneni “ngokuhamba kwesikhathi kungaba nomphumela wokuphazamiseka kwekhono lokufunda izinto kanye nenkumbulo.” Usosayensi waseHarvard Medical School uMary Carlson waqhubeka waphawula ukuthi izingane ezazishiywa “ezinkulisa ezisezingeni eliphansi ngezinsuku zomsebenzi zazinamazinga ama-hormone okucindezeleka angavamile phakathi nesonto kodwa hhayi ngezimpelasonto lapho zisekhaya.” Lokhu kucwaninga kuwubufakazi obengeziwe bokuthi ukuthinta kahle nokubonisa uthando kubalulekile ezinganeni zethu.
Ukulahla Izinja Ezazisemfashinini
Izindawo zokuvikela izilwane e-Australia sezigcwele izinja eseziphumile emfashinini, kusho iphephandaba laseMelbourne i-Herald Sun. “Izinja okuthiwa ama-malamute ase-Alaska yizo ezigcine ukulahlwa ngezinqwabanqwaba,” kusho lo mbiko. Abanikazi bezinja bazilahla ngoba zingasekho esitayeleni noma ngoba sezinkulu kakhulu bengasazithandi. I-Royal Society for Prevention of Cruelty to Animals (RSPCA) ilindele ukuthi kuzolandela ukulahlwa kwezinja okuthiwa amaDalmatian uma lolu hlobo, oluye lwaduma ngenxa yamabhayisikobho amuva, seluphumile emfashinini. Umqondisi-jikelele we-RSPCA uRichard Hunter uthi ukulahla izinja ezazisemfashinini akukusha. Ngawo-1970 kwenzeka ezinjeni zokuzingela zase-Afghanistan; futhi ngawo-1980, ezinjeni ezigada izimvu zaseNgilandi. Ngokudabukisayo, eziningi zezinja ezilahliwe kuye kwadingeka zibulawe. I-RSPCA inxusa abantu ukuba bakhethe izinja ngoba isimo sazo sihambisana nendlela yokuphila komnikazi kunokuba bazikhethe ngoba zisemfashinini.
Bantwana—Nyakazani!
Umbiko okumagazini wabathengi eJalimane i-Test uthi ukungenzi lutho kwezingane ezibuka i-TV isikhathi eside kwenza ikhono lazo lokuqonda, ukusabela okungokwemvelo, nokusebenzelana kwezicubu kuphazamiseke, okwenza ukuba zithambekele ekulimaleni. Ukuhlolwa okungokomzimba kwezingane ezifunda esikoleni eJalimane kwembula ukuthi izingane ezingamaphesenti angu-30 zazikhuluphele kakhulu, ezingamaphesenti angu-40 zazinenkinga yokusebenzelana kwamalunga omzimba, futhi ezingamaphesenti angu-60 zazinenkinga yokuma komzimba. Ukuze benze izingane zinyakaze, labo baseJalimane abazifundisa imidlalo, ukulondeka nokuhweba baye basungula ibhokisi lokudlala elinamaFrisbee athambile, amabhola namanye amathoyizi ukuze basize izingane zizijabulise ngesikhathi zishukumisa imizimba.
Izisulu Zokuhweba Ngobulili
Isikhangiso ephephandabeni laseUkraine sifundeka kanje: “Kudingeka amantombazane: Kumelwe kube angashadile futhi abe yiziphalaphala. Abe mancane futhi abe made. Siyanimema ukuba nizosebenza njengabakhangisi bengqephu, onobhala, abadansi, abahleli bomdanso nabazivocavoca imizimba.” Lesi sikhangiso sifana nalezo ezibekwa yilabo abahweba ngobulili ukuze bayenge izintombi ezingaqaphile ukuba zidayise ngemizimba, kubika i-New York Times. Unyaka ngamunye, izinkulungwane zabesifazane base-Ukraine nabaseRussia ziya kwamanye amazwe ngethemba lokuthuthukisa ukuphila kwazo ngokwezimali. Kodwa lapho zifika kulawo mazwe, ezinye zephucwa ama-passport “ngobasi” abayizigebengu futhi ziphoqelelwe ukuba zisebenze ezindlini zokudayisa ngemizimba. Ukwenqaba kungaholela ekushayweni, ekudlwengulweni nasekubulaweni ngesihluku. Isazi sengqondo sase-Ukraine uLyudmilla Biryuk, esiye seluleka abesifazane abaye baphunyula kulobo bugqila, sithi: “Ngifuna ukutshela lezi zingane ukuthi uma into ingakholeki ngokuvamile ayilona iqiniso.”
Ukukhanyisa Idolo Ukuze Kuqedwe Ukukhathazwa Ukuhamba Ngendiza
Kuze kube manje, bekulokhu kucatshangwa ukuthi ukubala komzimba womuntu kuqondiswa amangqamuzana asesweni. Nokho, ukuhlola okusha kubonisa ukuthi umuntu unamangqamuzana azwela ukukhanya kwezinye izingxenye zomzimba ngaphandle kweso, kubika iphephandaba laseFrance i-Quotidien du médecin. Ekucwaningeni okwenziwa abacwaningi e-United States, abanye abazinikelela ucwaningo bakhanyiswa ngokukhanya okukhulu ngeshubhu le-fiber optics elaliboshelwa edolweni, kuyilapho abanye ababoshelwe lelo shubhu bengakhanyiswanga. Akekho kubo owayazi ukuthi ubani owayekhanyisiwe. Kwakalwa isimiso sokubala isikhathi somzimba womuntu kusekelwe ezingeni lokushisa lomzimba kanye namazinga e-hormone i-melatonin. I-International Herald Tribune nayo ibika ngalokhu kuhlola, ithi izinqubo ezenzeka ngezikhathi ezithile zosuku zalabo ababelashwa ngokukhanya “zashintsha ngamahora amathathu.” Akukaziwa ukuthi lokhu kwenzeka kanjani. Kodwa imiphumela ingase isetshenziswe ngokuphumelelayo ekwelashweni kokukhathazwa indiza, ukucindezeleka ngezinkathi ezithile nokuphazamiseka kwemikhuba yokulala.