Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukukhathazeka Ngenxa Yolwazi Ngafunda uchungechunge oluthi “Ukukhathazeka Ngenxa Yolwazi—Kukuthinta Kanjani?” (January 8, 1998) Naphawula ukuthi insada yolwazi ngokwengxenye ibangelwa imibiko yezindaba nomagazini abaningi. Ngicabanga ukuthi umagazini wenu nawo uneqhaza kulokhu. Ingabe lokhu akukhona ukugxeka abanye ngokungafanele?
J. K., United States
Uchungechunge lwethu lwadalula insada yolwazi “olungenalusizo.” Ngokuqinisekile i-“Phaphama!” ayibambanga qhaza kulokhu, njengoba injongo yayo ‘kuwukuphenya futhi ikhombe isizathu sangempela salokho okushiwo izehlakalo ezenzekayo.’ Asinakusho neze ukuthi ulwazi olunjalo alunalusizo.—ED.
UMariya NoKristu Ovusiwe Ngibhala ukuze ngikhononde ngesihloko sengxenye ethi “Ukubuka Okwezwe,” esithi “UMariya Owabona Kuqala UKristu Ovusiwe?” (January 8, 1998) Kuyabonakala ukuthi aniyazi imiBhalo, okubonisa nokuthi aninasithakazelo eqinisweni. Ziningi izinto ezenzeka nezashiwo ezingalotshiwe eBhayibhelini. Fundani uJohane 21:25.
J. G., United States
Isihloko sethu sabika lokho okwashiwo ephephandabeni laseVatican i-“L’Osservatore Romano.” Kulona kwacashunwa uPapa John Paul II ethi uMariya “cishe wayengumuntu wokuqala uJesu ovusiwe abonakala kuye.” Nakuba silihlonipha ilungelo labafundi bomagazini bethu lokukholelwa lokho abakuthandayo, abukho ubufakazi beBhayibheli obuvumelana nalokhu.—ED.
Ama-Troubadour Isihloko esithi “Ama-Troubadour—Ayengebona Nje Kuphela Abaculi Bezingoma Zothando” (February 8, 1998) sayichaza ngobuciko indima eyafezwa yilaba baculi abayizimbongi emphakathini wakudala. Njengothisha wolimi, ngiye ngafunda ngama-troubadour angamaPutukezi, futhi isihloko senu sangisiza ngaliqonda ngokugcwele leli qembu lezingcweti. Izihloko zalolu hlobo zenza umagazini wenu ubaluleke.
R. N. A., Brazil
Kumelwe ngivume ukuthi kwakunzima ukuba ngiqale ukufunda lesi sihloko, kodwa lapho sengiqalile, sangithakazelisa. Ngajabula ikakhulukazi ngokufunda ukuthi obani okungenzeka baqala isiko “lokuhlonipha abesifazane.” EJapane alikho isiko “lokuhlonipha abesifazane,” kodwa umyeni wami, owakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova kusukela esemncane, walilandela ngokungaphazami leli siko kusukela ngesikhathi angithembisa ngaso umshado. (Manje sesineminyaka emihlanu sishadile.) Ngijabule kakhulu.
Y. N., Japan
Ama-crossword Puzzle Ngifisa ukunibonga kakhulu ngama-crossword puzzle (akumagazini wesiNgisi). Akukhuthaza ukuba uthathe iBhayibheli lakho futhi uthole izimpendulo ngendlela elula newusizo.
N. C., Italy
Ukuhlangana Kwengane Nonina Sangishukumisa ngokujulile isihloko esithi “Ukuhlanganiswa Okuyingqayizivele.” (February 22, 1998) Kimina, ukwazi lapho ngidabuka khona kwenza umehluko omkhulu ngokomzwelo. Ubaba nomama abazange bashade. Ngangivame ukuzibuza ukuthi ukuphi ubaba, kodwa ngangithola izimpendulo ezingasho lutho. Muva nje ngabuza umama igama likababa eliphelele. Ngisebenzisa incwadi yezinombolo zocingo, ngakwazi ukuthola ukuthi udadewabo uhlala kuphi, futhi ngamangala lapho ngithola ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova! Wachaza ukuthi ubaba washona ngo-1980, engazange ashade. Noma kunjalo, umama nobabekazi baye baba induduzo yangempela ezikhathini ezibuhlungu. Izihloko zenu nazo ziye zangisiza ukuba ngilulame.
L. D., United States