Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Vikela Abantwana Bakho Ngahlangana nowesifazane othile osemusha owayehlala nezingane ezaxhashazwa ngokobulili. Ngamhambisela umagazini ka-October 8, 1993, onochungechunge oluthi “Vikela Abantwana Bakho!” Lapho ngiphinda ngimhambela, wathi: “Lezi zihloko ziye zangisiza ukuba ngibhekane nalesi simo esisha. Ngahamba nalomagazini lapho ngiya enkantolo yamacala ezingane futhi ngawubonisa umshushisi. Yena, kanye nomahluleli, zabahlaba umxhwele lezi zihloko futhi bafuna ukuzinika abanye abameli.” Lona wesifazane wacela izincwadi ezengeziwe futhi manje utadisha iBhayibheli nathi.
E. T. V., Brazil
Ama-crossword Puzzle Ezinsukwini ezimbalwa ezidlule, mina nomzukulu wami sasiphenya i-Phaphama! (yesiNgisi) ka-December 8, 1995, lapho sibona i-crossword puzzle. Wababaza, “Ngiyawathanda ama-crossword puzzle!” Ngakho sabheka imibhalo ndawonye, futhi ngamyeka ukuba azitholele izimpendulo yena ngokwakhe. Sachitha cishe ingxenye yehora ejabulisa kakhulu ndawonye. Yibambeni kanjalo! Sibheke phambili kuyi-crossword puzzle elandelayo.
M. G., Canada
Ngineminyaka engu-9 ubudala. Ngiyawuthanda umagazini wenu, kodwa ngithanda ikakhulukazi ama-crossword puzzle ngoba angisiza ukuba ngikhumbule izenzakalo nabantu baseBhayibhelini. Ngibonga kakhulu ngalengxenye.
J. M. T., Brazil
Izifo Ezibulalayo Ngiyabonga ngochungechunge olujulile, olwenabile, nolunembile oluthi “Izifo Ezibulalayo—Impi Phakathi Komuntu Namagciwane.” (February 22, 1996) Ngangingabuqapheli ubunkimbinkimbi bamagciwane nomonakalo angawubangela emzimbeni.
C. L., United States
Lomagazini wafika ngesikhathi esifanele, njengoba ngangine-pneumonia futhi kudingeka ngiphuze imithi elwa namagciwane. Lezi zihloko zangisiza ngaqonda ukuthi kungani ngazizwa ngigula kakhulu kunokuba ngibe ngcono ngemva kokuphuza lomuthi okokuqala. Ngiyabonga ngalokhu kwaziswa, okwabekwa ngendlela okulula kangaka ukuyiqonda.
I. W., Germany
ITopiya Ngemva kokufunda isihloko esithi “ITopiya Ethakazelisayo” (February 22, 1996), inhliziyo yami igcwele ukubonga. Nginezihlobo eziningi zaseTopiya ezingebona oFakazi BakaJehova. Lesi sihloko sasisihle kangangokuba nginethemba lokuthi siyovusa isithakazelo sabo sokufunda ngoNkulunkulu wethu omkhulu, uJehova.
J. R., Luxembourg
Owayeyi-geisha Sangithinta inhliziyo isihloko esithi “Umntwana Wexoxo.” (February 22, 1996) Ngenxa yethonya likamama, ngafundela i-ballet esezingeni eliphakeme kusukela ngisemncane kakhulu. Lapho ngiba ngomunye woFakazi BakaJehova, nganquma ukuyiyeka i-ballet, nakuba ngangiyithanda kakhulu. Lesi sihloko sangikhuthaza. Sangisiza ukuba ngibone ukuthi kunamanye amaKristu aye azidela ngendlela efanayo. Nginibonga ngokusuka enhliziyweni.
Y. S., Japan
Ngahluleka ukubamba izinyembezi lapho ngibuka isithombe sikaSawako Takahashi nomkhaya wakhe ojabulayo, onezimiso ezingokwasezulwini. Sekuyisikhathi eside ukuhlupheka engabhekana nakho esikhathini esidlule kubusa ukuphila kwami, futhi umuzwa wokuba isisulu uye wangilethela usizi olukhulu. Ukuqaphela ukuthi uJehova uyowathethelela amaphutha ami esikhathi esidlule kuye kwanginikeza isibindi sokuba ngiphishekele ukuba umKristu obhapathiziwe.
M. K., Japan
Lesi sihloko sasingenye yezindaba ezifundisayo nezimnandi kunazo zonke engake ngazifunda. Sangisiza nokuba ngiqonde ukuthi ukukhulekela okhokho kuhilelani. Ngangingakaze ngiluqonde lolu hlobo lokukhulekela kwaze kwaba yilapho ngifunda lomlando womlobi ngokwakhe.
P. Y., United States