Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukuthuthukisa Amamaki Ngisafunda esikoleni, futhi ngithanda ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngingenza Kangcono Esikoleni?” (March 22, 1998) Nakuba bengilokhu ngithola amamaki akahle, bengingasiboni ngempela isizathu sokuwathuthukisa. Kodwa ngenxa yalesi sihloko esithakazelisayo nesishukumisayo, kuyangicacela ukuthi ngingafinyelela okwengeziwe ngokubeka imigomo enengqondo.
B. R., United States
Ngineminyaka engu-14 ubudala, futhi ngangingakwazi ngempela ukutadisha. Ngazitshela ukuthi ezinye izinto zazingeke zingisize esikhathini esizayo futhi ngacabanga ukuthi kwakungasizi ngalutho ukuzifunda. Ukufunda lesi sihloko kwangenza ngashintsha umqondo. Futhi, ngithanda ukunibonga ngokuchaza ngokucacile ukuthi umuntu angatadisha kanjani!
K. F., Japan
Ukuququda Amazinyo Isihloko esithi “Ingabe Uququda Amazinyo?” (March 22, 1998) sahlangabezana nezidingo zami. Ngenxa yokuthi nginale nkinga, ngasithola sifundisa futhi sikhuthaza kakhulu. Ngangingacabangi ukuthi niyonyathelisa okuthile ngale ndaba. Ngokwaziswa okuhlukahlukene kangaka, nithinta umfundi ngamunye.
A. M. N. C., Brazil
Abesifazane Lapho ngiqala ukufunda uchungechunge oluthi “Abesifazane—Libaphatheleni Ikusasa?,” kuyi-Phaphama! ka-April 8, 1998, ngakhala izinyembezi. Angikaze ngithinteke ngokomzwelo ngale ndlela. Ngiyabonga kakhulu ngesikhuthazo senu sokuba sibheke esikhathini esizayo lapho ukucindezelwa kuyobe sekuphelile.
C. J., United States
Yangithinta inhliziyo indlela abesifazane abaningi emhlabeni wonke abaphila kanzima ngayo. Kwangilethela izinyembezi ukuzwa zonke izinto laba besifazane okumelwe bazenze—ngokuvamile lobu bunzima bebuthwala bodwa. Nginezingane ezimbili, futhi ngivame ukukhononda ngobunzima obukhulu engibhekana nabo. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone ukuthi isimo sokuphila kwami singcono kakhulu uma siqhathaniswa nesabanye abaningi.
K. S., United States
Ukubhekana Nokuba Umfelokazi Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami okuqotho ngendaba kaBarbara Schweizer, ethi “Ukuthola Induduzo ‘Esigodini Sethunzi Lokufa.’” (April 8, 1998) Angishonelwanga umyeni wami kodwa ngashonelwa yibo bobabili abazali nomfowethu phakathi nesikhathi esiyiminyaka emithathu. UBarbara Schweizer wathi “usizi luyafika ludlule.” Ngajabula lapho ngifunda ukuthi othile uzizwa ngendlela engizizwa ngayo.
H. T., Hawaii
Ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele oneminyaka engu-17 ubudala, futhi nakuba ngingenazo izinkinga ezinkulu, le ndaba yangikhuthaza ukuba ngibe nomoya wenjabulo nokuzimisela. Yangenza ngaqonda ukuthi uJehova uyangisekela nokuthi akasoze angilahla.
T. C., Italy
I-orthodontics Ngiyabonga ngesihloko esikumagazini ka-April 8, 1998, esithi “I-orthodontics—Yini Ehilelekile?” Ngineminyaka engu-12 ubudala futhi ngisanda kuqala ukufaka izinsimbi zokulungisa amazinyo. Angikujabuleli lokhu. Kodwa isihloko senu sachaza ukuthi zizongisiza kanjani nokuthi baningi abantu abafaka lezi zinsimbi zokulungisa amazinyo, ngakho asikho isidingo sokuba ngibe namahloni.
J. L., Canada
Ngasijabulela kakhulu isihloko esikhuluma nge-orthodontics! Bengifuna ukuba namazinyo amahle kusukela ngisemncane. Muva nje, elinye lamazinyo ami angaphambili laphuka, futhi kwadingeka ukuba lenzelwe insimbi ezolivala, ebiza kakhulu. Lapha eYugoslavia, ngokuvamile odokotela bamazinyo abanazo izinto ezidingekayo emsebenzini wabo. Kanti odokotela abazimele babiza kakhulu kithina esiyizimpofana. Ngisilinde ngokulangazela isikhathi esizayo lapho sonke siyoba namazinyo amahle!
B. E., Yugoslavia