I-orthodontics—Yini Ehilelekile?
AMAZINYO akho abalulekile! Uyawadinga ukuze udle futhi ukhulume, futhi ayingxenye ebalulekile yokumomotheka okukhangayo noma ukuhleka.
Amazinyo atshekile angakwenza kube nzima ukuhlafuna ukudla, angabangela isifo sezinsini, futhi angaphazamisa ikhono lokukhuluma. Ochwepheshe baye baphawula nokuthi amazinyo atshekile angaba isithiyo kwabanye, njengoba bengase besabe ukukhuluma ngokukhululekile ngoba becabanga ukuthi amazinyo abo enza ukumomotheka kwabo kube kubi.
Yini ongayenza uma amazinyo etshekile? Ubani ongakusiza? Uma umdala kangakanani? Ungelashwa ngayiphi indlela? Ingabe kuyoba buhlungu? Ingabe kudingekile ngaso sonke isikhathi?
Umkhakha Wobudokotela Bamazinyo
Umkhakha wobudokotela bamazinyo osingatha izinkinga ezinjalo ubizwa ngokuthi i-orthodontics. Ulungisa izinkinga zamazinyo angalungile.
Uyini umsebenzi oyinhloko we-orthodontics? Uphathelene nokuxilonga nokuvimbela izinkinga kanye nokwenza izinto zokulungisa lezo zinkinga.
Amazinyo aminyene, atshekile nayizingovolo ayeyinkinga ngisho nakubantu bangezikhathi zasendulo, futhi imizamo yokuwalungisa ihlehlela emuva ekhulwini lesi-8 B.C.E. Kuye kwatholakala izinsimbi zokulungisa amazinyo zakudala ezaziklanywe ngobuciko emanxiweni avubukulwe eGreece nase-Etruria.
Namuhla, ezingxenyeni eziningi zomhlaba, odokotela bamazinyo abangochwepheshe okuthiwa ama-orthodontist belapha izinkinga ezihlobene namazinyo atshekile. Kufanele babe nolwazi oluhle lwendlela amazinyo nemihlathi okukhula ngayo kanye nemisipha nezicubu ezizungezile.
Okwenziwa Yi-orthodontics
I-orthodontics ingase ichazwe ngokuthi “umkhakha wobudokotela bamazinyo ogxila ekunakekeleni, ekuqondiseni nasekulungiseni ukwakheka kwamazinyo akhulayo nasekhulile.” Ihlanganisa “ukulungiswa kokusebenzelana kwamazinyo namathambo obuso ngokuwabopha noma ukuwaqondisa ngokuwabophela endaweni yawo.” Yebo, lena yincazelo yobuchwepheshe, kodwa inembile.
Ngakho kuyi-orthodontics, kuboshwa amazinyo noma amathambo awazungezile. Lokhu kwenziwa ngezinto eziklanywe kahle ezilungisa izinkinga kumuntu ngamunye, zigudluzele amazinyo ngisho namathambo endaweni efanele.
Emathanjeni azungeze amazinyo, kunamangqamuzana okuthiwa ama-osteoclast nama-osteoblast. Ngenxa yamandla ezinsimbi eziqondisa amazinyo, ama-osteoclast asebenza lapho kuqiniswe khona, ukuze amathambo avuleke. Ezindaweni ezivulekile, isikhala sivalwa amathambo amasha akhiwa ama-osteoblast. Ngale ndlela amazinyo ayagudluka kancane kancane.
Ingabe akukhathazi ukufaka okuthile okwenziwe ngocingo, ipulasitiki, noma mhlawumbe injoloba emlonyeni izinyanga eziningi? Uma lezi zinto zifakwa noma zilungiswa, zingase zikhathaze ekuqaleni; kodwa ngemva kwesikhathi, umuntu uyazijwayela. Kucatshangwa ukuthi wonke umuntu angakujwayela ukufaka izinsimbi ezilungisa amazinyo.
Umuntu Kufanele Elashwe Nini?
Akuzona zonke izimo ezibangela izinkinga zokuluma kahle kubantwana eziyoqhubeka baze babe badala. Okunye ukutsheka kwamazinyo kuvame ukuzilungela kona ngokwako. Eqinisweni, lapho kuphuma abathakathi futhi umuntu eba namazinyo aqinile, amazinyo angaphambili emlonyeni avame ukuminyana, njengoba emakhulu kunabathakathi.
Nokho, lapho kuphuma amazinyo obuntwana futhi kumila awomhlathi, ukuma kwamazinyo kuyashintsha kancane. Ngokuwasebenzisa nangokushintsha kokwakheka kwemisipha, amazinyo angase azilungise wona. Ngakho uma ungumzali, ungethuki uma ubona amazinyo omntanakho aqinile ekhula atsheke. I-orthodontist ingakwazi ukubona uma kukhona okudingeka kwenziwe.
Ama-orthodontist awavumelani ngokuthi abantwana kufanele baqale nini ukwelashwa. Abanye bathi lapho besebancane kakhulu (beneminyaka emine kuya kweyisithupha). Abanye bathi kamuva, lapho sebekhulile, besesikhathini sokuthomba (beneminyaka engu-12 kuya kwengu-15). Kanti-ke abanye bathi kufanele kube phakathi kwako kokubili.
Akuyona Nje Eyabantwana
Nokho, i-orthodontics akuyona nje eyabantwana. Amazinyo atshekile abangela izinkinga eziningi, ngisho nakubantu abadala. Indlela omomotheka ngayo ingalungiswa kungakhathaliseki ukuthi umdala kangakanani uma unamazinyo namathambo anempilo.
Yiziphi izinkinga ezibangelwa amazinyo atshekile? Abangela okungenani izinkinga ezintathu: (1) inkinga yokubukeka; (2) inkinga yokusebenza kwamazinyo, kuhlanganise nobunzima bokunyakazisa imihlathi (ubuhlungu nokuqina kwemisipha), ubunzima bokuhlafuna nezinkinga ngokukhuluma kahle; (3) ingozi yokulimala ngenxa yamazinyo ayizingovolo kanye nengozi enkulu yezifo zamazinyo (izifo zezinsini) nokubola nokukhumuzeka kwamazinyo nokudleka kwawo ngenxa yokungahlangani kahle.
Ngaphezu kwalokho, abanye ochwepheshe bahlobanisa ukungahlangani kahle kwamazinyo nezinkinga zokuma komhlandla (ikakhulukazi entanyeni) nezinkinga zokusebenza kwemisipha kwezinye izingxenye zomzimba. Kodwa umuntu welashwa kanjani? Futhi kuthatha isikhathi eside kangakanani?
Ubude Besikhathi Nezindlela Zokwelapha
Uma unomuzwa wokuthi wena noma omunye wabantwana bakho kudingeka abone udokotela oyi-orthodontist, kufanele ukhethe lowo ongamethemba. Ubude besikhathi sokwelapha kuyohlukahluka kuye ngobukhulu benkinga nendlela esetshenziswayo, kodwa cishe kuyoba izinyanga, noma mhlawumbe iminyaka embalwa.
Ukuze senze indaba ibe lula, singahlukanisa izinto zokwelapha zibe izigaba ezimbili: izinsimbi zokulungisa amazinyo ezikhishwayo nezingakhishwa. Nakuba owelashwayo engazikhipha aphinde azibuyisele izinsimbi ezikhishwayo, izinsimbi ezingakhishwa ziboshelwa ngokuqondile emazinyweni futhi zenza umsebenzi omkhudlwana wokulungisa amazinyo.
Ukucwaninga kuye kwawuthuthukisa kakhulu umkhakha wokubukeka, kangangokuthi namuhla kunezinto eziningi “ezingokwemvelo.” Ezinye azibonakali ngoba zifana namazinyo, kanti ezinye, ezifakwa ngaphakathi olwangeni, ngenhla kolimi, azibonakali. Izinqubo ezinjalo kuthiwa i-orthodontics engabonakali.
Ezimweni ezinzima kakhulu, lapho udokotela oyi-orthodontist engaphumeleli ukulungisa inkinga ngezinsimbi zamazinyo, angase acele ngisho nosizo lukadokotela ohlinzayo osingatha izinkinga zamazinyo nobuso. Angenza ukuhlinza okuwagudluza ngokoqobo amathambo obuso.
Namuhla, i-orthodontics inganelisa izidingo eziningi zalabo abanezinkinga zamazinyo nemihlathi, kuhlanganise nalabo abafuna ukumomotheka ngaphandle kokuzinyeza ngamazinyo abo. Yiqiniso, ukuthi umuntu unquma ukusebenzisa i-orthodontics noma cha kuyisinqumo sakhe.
Okwamanje, isintu kufanele sibhekane nokungapheleli okungokomzimba, okunye okungase kwelapheke. Noma kunjalo, singabheka phambili ezweni elisha likaNkulunkulu esikhathini lapho eyoyisusa unomphela yonke imiphumela yokungapheleli, kuhlanganise nesemazinyweni. Khona-ke, kuleso simiso esisha sempilo yobungqabavu, ngamunye wethu uyokwazi ukumomotheka ngesibindi ngendlela efudumele nenobungane nawo wonke umuntu ahlangana naye.
Ngokuqondene naleso sikhathi, iBhayibheli liyabikezela: “Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.” (Isaya 14:7) Ngokuqinisekile, injabulo nokuthokoza okunjalo kuyohambisana nokumomotheka okuhle!
[Izithombe ekhasini 25]
Izibonelo zezinsimbi zamazinyo eziklanyelwe (1) ukuhlehlisa amabamba (2) nokuthuthukisa ukukhula komhlathi
[Isithombe ekhasini 26]
Izinsimbi eziklanyelwe ukuvala amazinyo kahle