Ingabe Amalungelo Awahambisani Nemithwalo Yemfanelo?
“UKUQAPHELA isithunzi esingokwemvelo namalungelo alinganayo awo wonke umkhaya wesintu abantu abangenakuphucwa wona kuyisisekelo senkululeko, ubulungisa nokuthula emhlabeni.” Yilokho okuphawulwa isethulo se-Universal Declaration of Human Rights, eyagubha iminyaka engu-50 ngo-December 1998. Nokho, muva nje abantu ababengomongameli nondunankulu bamazwe angu-24, ababemelele wonke amazwekazi, basikisele ukuthi iZizwe Ezihlangene zinezele isimemezelo somhlaba wonke semithwalo yemfanelo yabantu. Kungani abantu abaningi benomuzwa wokuthi lokhu kuyadingeka?
UProfesa Jean-Claude Soyer, ilungu le-European Commission for Human Rights, uyachaza: “Amalungelo nemithwalo yemfanelo kungamathe nolimi. Kuyadabukisa ukuthi ngemva kwengxenye yekhulu leminyaka, abantu sebelikhohliwe leli qiniso noma abasalinambithisisi kahle. Abaningi bawafuna ngenkani amalungelo abo bengacabangi ukuthi kufanele bafeze imithwalo yemfanelo ehambisana nawo.” Imiphumela yalokhu kudebesela ithinta abaningi. Iphephandaba lansuku zonke laseParis i-International Herald Tribune liyaphawula: “Intsha ikakhulukazi, iwulangazelela ngokusobala umzamo obumbene wobunye, imiqondo eyamukelekayo yokusingatha nokuqeda ithonya lokuhaha, ubugovu, ukuphela kobuntu, okubonakala sekubusa izwe. . . . Le mpikiswano eshubile ngesidingo sendinganiso yembulunga yonke ibonisa ukuthi kukhona okushaya amanzi.” Ngenxa yalokho, izazi zezombangazwe, zemfundiso yenkolo nezefilosofi bezidingida lokho i-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization ekubiza ngokuthi “umkhankaso wezindinganiso zembulunga yonke,” ukuze kulungiswe le ndaba bese kunqunywa ukuthi iyini imithwalo yemfanelo yesintu. Nokho, ziye zabhekana nezingqinamba.
Nakuba kulula kakhulu ukunquma ukuthi imaphi amalungelo abantu okufanele avikelwe, akulula ngaso sonke isikhathi ukunquma ukuthi imiphi imithwalo yemfanelo okufanele ifezwe isintu embulungeni yonke. Nokho, ezinye zezimiso ezikulesi Simemezelo Semithwalo Yemfanelo esihlongozwayo zisuselwa eMthethweni Wegolide ohlala njalo nowaziwa emhlabeni wonke, owabekwa nguJesu eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—Mathewu 7:12.
Nakuba ngokuvamile imithetho evikela amalungelo abantu ibisuselwa eBhayibhelini, ligcizelela ukuthi umuntu ngamunye unomthwalo wemfanelo. Umfundi uJakobe wathi: “Uma umuntu azi ukuthi angakwenza kanjani okuhle kodwa nokho engakwenzi, kuyisono kuye.” (Jakobe 4:17) Njengoba noJesu ayefuna izindlela zokwenzela abanye okuhle, amaKristu eqiniso nawo azama ukwenza okuhle kubantu aphila nabo. Ngenxa yokuthi awaneliseki ngokusebenzisa amalungelo awo nje kuphela, ayaqaphela ukuthi amalungelo ahambisana nemithwalo yemfanelo nokuthi ngamunye wethu uyolandisa kuNkulunkulu ngezenzo zakhe.