Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 11/22 k. 11-k. 14 isig. 3
  • Amalungelo Abantu Bonke—Kuwo Wonke Umhlaba!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amalungelo Abantu Bonke—Kuwo Wonke Umhlaba!
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isizathu Soshintsho Esikabili
  • Imfundo Ebalulekile
  • Uhulumeni Womhlaba Wonke—Ingabe Uwuhulumeni ‘WeZwe Lasemaphusheni’?
  • Ababeyizitha Bakhonza UJehova Ngobunye
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Okuphawulwa Abasesitezi Sama-29
    I-Phaphama!—1998
  • “Usuphethiwe Umsebenzi Wesikhathi Eside”
    I-Phaphama!—1998
  • Amalungelo Abantu Nokuphulwa Kwawo Namuhla
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 11/22 k. 11-k. 14 isig. 3

Amalungelo Abantu Bonke—Kuwo Wonke Umhlaba!

UMMELI olwela amalungelo abantu ongumakad’ebona wabuzwa: “Iyini imbangela yokuphulwa kwamalungelo abantu?” Lo mmeli waphendula: “Ukuhaha. Ukuhahela amandla ezombangazwe nawezomnotho.” Futhi njengoba ukuhaha kuqala endleleni yomuntu yokucabanga, ukuphulwa kwamalungelo abantu kuveza isimo sengqondo. Enye imbangela ubuzwe. Umbono wokuthi izwe lomuntu liza kuqala ushoshozela ukuphulwa kwamalungelo abantu. Ngakho-ke, amalungelo abantu ayohlonishwa ‘uma kufika uhulumeni wezwe ozimisele ukuthatha izinyathelo eziqatha,’ kusho uprofesa wezomthetho nezomnotho ongumDashi uJan Berkouwer.

Ngamanye amagama, ukuze abantu babe namalungelo embulungeni yonke, kufanele kuqala kwenzeke okungenani izinto ezimbili: ukushintsha kwengqondo nokushintsha kukahulumeni. Ingabe kunengqondo ukulindela ukuba lokhu kwenzeke?

Isizathu Soshintsho Esikabili

Nakuba iMinyaka Eyishumi Yokufundisa Ngamalungelo Abantu ye-UN isiqhubeke iminyaka engaba mihlanu, uhlelo lokufundisa lomhlaba wonke, olungelona olukahulumeni selunamashumi eminyaka luphumelela ukushintsha izingqondo zabantu abayizigidi. Ngenxa yalokho, laba bantu sebephatha omakhelwane ngenhlonipho. Lolu hlelo, oluqhutshwa oFakazi BakaJehova, lusebenza emazweni angaphezu kwangu-230. Kungani luphumelela?

Phakathi kokunye kungenxa yokuthi lolu hlelo lokufundisa iBhayibheli emhlabeni wonke lwenza abantu bawuqonde kangcono umsuka wamalungelo abantu. I-Universal Declaration of Human Rights ithi umuntu unamalungelo ngenxa yokuthi uyacabanga futhi unezindinganiso zokuhle nokubi.

Kumelwe ukuba umuntu wathola amakhono akhe okucabanga nonembeza emthonjeni ophakeme. (Bheka ibhokisi elithi “Umthombo Wamalungelo Abantu,” ekhasini 13.) Ukuqaphela lo mthombo ophakeme waphezulu kuyisizathu esinamandla sokuba uhloniphe umakhelwane wakho. Khona-ke, awubaphathi abanye ngenhlonipho ngenxa nje yokuthi unembeza wakho ukushukumisela ukuba wenze kanjalo kodwa, okubaluleke nakakhulu, ukwenza ngenxa yokuthi ukuhlonipha nokuthanda kwakho uMdali kukushukumisela ukuba uphathe indalo yakhe ngenhlonipho. Lesi simiso esikabili sisekelwe emazwini kaJesu Kristu, athi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangengqondo yakho yonke” nathi, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-39) Umuntu ohlonipha uMdali ngokujulile ngeke alokothe aphule amalungelo kamakhelwane, ngoba ayifa alithola kuNkulunkulu. Umuntu ophula amalungelo abanye ubaphuca ifa labo.

Imfundo Ebalulekile

Uhlelo loFakazi BakaJehova lokufundisa ngeBhayibheli luphumelela kangakanani ekuqedeni ukuphulwa kwamalungelo abantu? Indlela engcono kakhulu yokuphendula lowo mbuzo iwukubheka imiphumela yalolu hlelo, ngoba uJesu wathi, “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.”—Mathewu 11:19.

Umbhalo odumile odongeni lwe-United Nations Plaza eNew York City ufundeka kanje: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Ngale ngcaphuno ethathwe encwadini yeBhayibheli ka-Isaya isahluko 2, ivesi 4, ngokwe-King James Version, i-UN ibonisa indlela eyinhloko yokunciphisa ukuphulwa okukhulu kwamalungelo abantu—ukuqeda impi. Phela, enye incwadi ye-UN ithi impi ‘ingqubuzana namalungelo abantu.’

Uhlelo lokufundisa loFakazi BakaJehova ludlulela ngalé komqondo wokubhala amazwi ka-Isaya odongeni. “Luloba” amazwi ka-Isaya ezinhliziyweni zabantu. (Qhathanisa neyamaHeberu 8:10.) Kanjani? Lolu hlelo lususa imingcele yobuzwe neyobuhlanga futhi ludilize udonga lobuzwe ngokufundisa umbono weBhayibheli ngokuphathelene nohlanga: Kunohlanga olulodwa kuphela—uhlanga lwesintu. (IzEnzo 17:26) Labo abangenela lolu hlelo bahlakulela isifiso sokuba “ngabalingisi bakaNkulunkulu,” iBhayibheli elithi ngaye: “Akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—Efesu 5:1; IzEnzo 10:34, 35.

Ngenxa yale mfundo esekelwe eBhayibhelini, izigidi zabantu namuhla ‘azisakufundi ukulwa.’ Ingqondo nenhliziyo kushintshile. Futhi lolu shintsho luhlala njalo. (Bheka ibhokisi elithi “Imfundo Yokuthula,” ekhasini 14.) Okwamanje, abantu abalinganiselwa ngaphezu kuka-1000 ngosuku baqeda izifundo eziyisisekelo eziqhutshwa oFakazi BakaJehova bese bengena ezinhlwini zaleli butho lokuthula lomhlaba wonke.

Lukhulu kangakanani lolu shintsho lwengqondo kanye nesinqumo oluhambisana naso sokuhlonipha amalungelo abantu ngokwenqaba ukuhlanganyela empini? Lukhulu kakhulu. Ngokwesibonelo: Indlela oFakazi abawahlonipha ngokujulile ngayo amalungelo abantu yavivinywa kanzima phakathi neMpi Yezwe II, ikakhulukazi eJalimane lobuNazi. Isazi-mlando uBrian Dunn sathi: “OFakazi BakaJehova babengahambisani nobuNazi. Lokho amaNazi ayekuzonda kakhulu ngabo kwakuwukungathathi hlangothi kwabo kwezombangazwe. Lokhu kwakusho ukuthi alikho ikholwa elalizophatha izikhali.” (The Churches’ Response to the Holocaust) Encwadini ethi A History of Christianity, uPaul Johnson wathi: “Abaningi bagwetshwa intambo ngenxa yokwenqaba inkonzo yezempi . . . , noma bagcina beseDachau noma emakamu ezinhlanya.” Noma kunjalo, bama beqinile. Isazi sezokuhlalisana kwabantu u-Anna Pawełczyńska sachaza lab’oFakazi ngokuthi “isiqhingana esiqinile esisenkabeni yezwe elihlukunyeziwe.”

Ake ucabange ukuthi bekungancipha nakakhulu kangakanani ukuphulwa kwamalungelo abantu emhlabeni wonke ukube bonke abantu bebengathatha ukuma okunjena namuhla ‘bangabe besafunda ukulwa’!

Uhulumeni Womhlaba Wonke—Ingabe Uwuhulumeni ‘WeZwe Lasemaphusheni’?

‘Ukushintsha izingqondo kuyinselele, kodwa ukwakha uhulumeni womhlaba wonke kuwumcabango weZwe Lasemaphusheni,’ kuphawula isisebenzi se-UN. Kunjalo, iqiniso lokuthi izizwe azizimisele ukuzinikela kuyi-UN, nakunoma iyiphi enye inhlangano, kuyasifakazela lesi siphetho. Noma kunjalo, uProfesa Berkouwer uphawula ukuthi labo abawulahlayo umqondo kahulumeni womhlaba wonke, “banesibopho sokuveza enye indlela yokuxazulula izinkinga zezwe. Nokho, awekho amanye amakhambi.” Abantu abanawo amakhambi. Kodwa likhona ikhambi elingaphezu kwamandla omuntu. Liyini?

Njengoba nje iBhayibheli libonisa ukuthi uMdali uwumthombo wemikhakha eyisisekelo samalungelo abantu, lisitshela nokuthi uwumthombo kahulumeni womhlaba oqinisekisa lawo malungelo. Lo hulumeni wasezulwini awubonakali kodwa ungokoqobo. Eqinisweni, izigidi zabantu, mhlawumbe zingaqapheli, zithandazela lo hulumeni womhlaba wonke lapho zisho la mazwi omthandazo ngokuvamile owaziwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) INhloko yalowo hulumeni woMbuso emiswe uNkulunkulu yiNkosi Yokuthula, uJesu Kristu.—Isaya 9:6.

Phakathi kwezinye izinto, lo hulumeni womhlaba wonke uyophumelela ekuletheni impucuko yangempela yembulunga yonke neyamalungelo abantu ahlala njalo, ngokuqeda impi phakade. IBhayibheli liyaprofetha: “[UMdali] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.”—IHubo 46:9.

Lokhu kuyokwenzeka nini embulungeni yonke? Uhlelo lwesifundo seBhayibheli oluqhutshwa oFakazi BakaJehova luhlanganisa nempendulo eyanelisayo yalo mbuzo. Sikukhuthaza ukuba uzijwayelanise nalolu hlelo.a Uma uwakhathalela amalungelo abantu, ngeke udumazeke.

[Imibhalo waphansi]

a Uma uthanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngalolu hlelo lwemfundo yeBhayibheli, thinta abanyathelisi balo magazini noma oFakazi BakaJehova emphakathini wakini. Lolu hlelo lwenziwa mahhala.

[Ibhokisi ekhasini 13]

Umthombo Wamalungelo Abantu

ISiphakamiso 1 se-Universal Declaration of Human Rights sithi “bonke abantu bazalwa bekhululekile futhi benesithunzi namalungelo alinganayo.” Ngakho amalungelo abantu achazwa njengelungelo umuntu azalwa nalo elidluliselwa kubantwana lisuka kubazali, njengomfula ogelezela kulabo abahlala ngasosebeni lwawo. Waqala ukugeleza usuka kuphi lo mfula wamalungelo abantu?

Ngokwe-Universal Declaration, abantu banamalungelo ngenxa yokuthi “banengqondo nonembeza.” Incwadi ye-UN iyachaza: “Ngenxa yokuthi umuntu unengqondo nezimiso zokuziphatha, uhlukile kwezinye izidalwa ezisemhlabeni futhi ngenxa yalokho ufanelwe amalungelo athile nenkululeko ezinye izidalwa ezingenakho.” (Omalukeke sizenzele.) Ngakho, ukuba nengqondo nonembeza kuthiwa kuyisizathu sokuba umuntu abe namalungelo. Uma kunjalo, umthombo wengqondo nonembeza womuntu ubuye ube umthombo wamalungelo akhe.

Kubashisekeli bamalungelo abantu abanamathela ekuziphendukeleni kwemvelo, amazwi athi amalungelo abantu ahlobene nengqondo nonembeza aphakamisa umbuzo. Incwadi esekela ukuziphendukela kwemvelo ethi Life Ascending iyavuma: “Uma sibuza ukuthi inqubo [ewukuziphendukela kwemvelo] . . . yazakha kanjani izimfanelo ezinjengothando lobuhle neqiniso, uzwela, inkululeko, futhi ngaphezu kwalokho, ukujula kobudlelwane babantu, siyadideka.” Futhi kuyafaneleka. Phela, ukugomela ngokuthi amandla omuntu okucabanga nonembeza kuvela kokhokho abayizilwane abangenangqondo futhi abangenawo nonembeza kunjengokuthi umfula uvela emthonjeni owomile.

Njengoba amandla omuntu okucabanga nonembeza kungenakuvela ezilwaneni, nala mandla kumelwe ukuba avela emthonjeni ongaphezu kwabantu. Abantu kuphela abanezimfanelo ezihlobene namalungelo abo—ingqondo nonembeza—ngoba ngokungafani nezilwane, iBhayibheli lichaza ukuthi abantu badalwa “ngomfanekiso” kaNkulunkulu. (Genesise 1:27) Ngakho-ke, njengoba incwadi ethi Human Rights—Essays on Justification and Applications iphawula, impendulo ezwakalayo yombuzo othi kungani abantu benamalungelo okuhle nokubi iwukuthi yingoba “babalulekile noma banesithunzi esingokwemvelo noma . . . bangabantwana bakaNkulunkulu.”

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 14]

Imfundo Yokuthula

Eminyakeni ethile edlule, lapho kusadlange impi emazweni aseBalkan, uBranko wayengunogada ohlomile osebenza emthola-mpilo engxenyeni yamaCroat yaseBosnia.b Kwakunodokotela lapho owayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi ngobunye ubusuku watshela uBranko ayekufundile esifundweni sakhe. Lokho uBranko akuzwa kwamshukumisela ukuba alahle izikhali zakhe. Ngemva kwesikhathi esithile, esethuthele kwelinye izwe laseYurophu, uBranko waya emhlanganweni woFakazi BakaJehova, futhi lapho wahlangana noSlobodan.

USlobodan naye wayevela eBosnia. Wayesempini efanayo noBranko—kodwa eyisitha. USlobodan wayesebuthweni lamaSerb elalilwa namaCroat. Lapho behlangana, uSlobodan wayesenguFakazi KaJehova kakade, futhi wasikisela ukufunda iBhayibheli noBranko, owayeyisitha ngaphambili. Njengoba isifundo sasiqhubeka, uthando lukaBranko ngoMdali, uJehova, lwakhula. Ngokushesha wanquma ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova.c

USlobodan naye wayebe uFakazi ngosizo lomuntu owayeyisitha ngaphambili. Kanjani? Ngemva kokusuka endaweni yempi eBosnia, uSlobodan wavakashelwa uMujo, naye owayevela eBosnia kodwa ekhuliselwe enkolweni ehlukile kwekaSlobodan. Manje uMujo wayesengomunye woFakazi BakaJehova. Nakuba ngaphambili babeyizitha, uSlobodan wavuma ukufunda iBhayibheli noMujo, futhi kamuva wathatha isinyathelo sokuba omunye woFakazi BakaJehova.

Yini eyenza la madoda anqoba inzondo yobuhlanga eyayisinezimpande futhi ayeka ukuba yizitha aba abangane? Ngesifundo sawo seBhayibheli, ahlakulela uthando ngoJehova. Ngemva kwalokho, ayezimisele ‘ukufundiswa uNkulunkulu ukuba athandane.’ (1 Thesalonika 4:9) Njengoba uProfesa Wojciech Modzelewski ephawula ngoFakazi BakaJehova bebonke, “isici esiyinhloko esibangela isimo sabo sokuthula siwukuzilandela kwamanje izimiso ezembulwe eBhayibhelini.”

[Imibhalo yaphansi]

b Wonke amagama akuleli bhokisi ashintshiwe.

c UBranko wajabula kamuva lapho ezwa ukuthi udokotela owayexoxe naye ekuqaleni naye waba ngomunye woFakazi BakaJehova.

[Izithombe ekhasini 11]

Ukushintsha kwengqondo nohulumeni—ingabe kuyoke kwenzeke?

[Umthombo]

U.S. National Archives photo

[Isithombe ekhasini 12]

Imfundo esekelwe eBhayibhelini yenza umuntu enze ushintsho oluhle lwengqondo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela