Zivikele Ezilokazaneni Zamathumbu!
Ngumlobeli we-Phaphama! eHonduras
UVUKA unesicanucanu. Usheshe ukhathale. Isisu sakho sikhukhumele. Ingabe izimpawu zokuthi ukhulelwe? Kungenzeka. Kodwa uma uhlala endaweni eshisayo noma efudumele kungenzeka ukuthi unohlobo oluthile lwezilokazane zamathumbu. Ziyini izilokazane zamathumbu futhi ungazi kanjani uma ungumamukeli walezi zivakashi ezingafunwa?
Kalula nje, isilokazane yinto ephilayo ethola inzuzo esisulwini ehlala kuso noma ephila ngaso, naso esiyinto ephilayo. Izinhlobo ezimbili zezilokazane zamathumbu ngama-protozoan, ahlanganisa ama-amoeba kanye nama-helminth noma izikelemu. Ukuthi kuzoba nomonakalo ongakanani esisulwini, kuya ngohlobo nenani lezilokazane ezikhona nanokuthi isisulu sidala kangakanani futhi impilo yaso injani.
Ngokwesibonelo, isikelemu sensikazi singazalela amaqanda angu-200 000 ngosuku. Nokho, amaqanda kufanele afukanyelwe enhlabathini ukuze akhule. Ukuthi umuntu unezikelemu ezingakanani kuya nangokuthi angakanani amaqanda ayé achamuseleka, noma iziphungumangathi ezimngenile. Abantu abaningi baba nezikelemu ezimbalwa bengazi nokwazi. Kodwa uma seziziningi zingabangela ukuvaleka kwamathumbu.
Ezinye izimpawu ezivamile zezilokazane zamathumbu ubuhlungu besisu, isicanucanu, ukuba mnyama kwenhliziyo, ukukhukhumala kwesisu, ukukhathala, ukungagayeki kokudla osekungamahlalakhona, isifo sohudo noma ukusongeleka. Ukwehla kwesisindo, ukuqwasha, ukulunywa, ukuphefumula kanzima nemfiva, nakho kungaba ezinye izinkomba zokuba nezilokazane. Kuyiqiniso ukuthi loku kungaba izimpawu zezifo eziningi. Kodwa ukuthi umuntu unazo yini izilokazane kungatholakala ngokuhlolwa kwendle kaningana.
Kubalulekile ukuxilongwa okuveza iqiniso. Ngokwesibonelo, uma umuntu enezikelemu nezinye izinhlobo zezilokazane, kudingeka kubulawe izikelemu kuqala. Ngani? Ngoba eminye imithi ayizibulali izikelemu kodwa ingase imane izicasule, bese zisuka ziye kwezinye izitho zomzimba zibangele umonakalo omkhulu.
Ukuvimbela Kungcono Kunokwelapha
Nakuba ukwelashwa ngemithi kuye kwaphumelela ukuqeda izilokazane, kungcono ukuzigwema kwasekuqaleni. Pho ungazivikela kanjani ezilokazaneni?
Ukuhlanzeka kuyisivikelo esingcono kakhulu. Indle akumelwe ishiywe obala. Izindlu zangasese kufanele zibe kude nemithombo yamanzi. Indle akumelwe isetshenziswe njengomquba. Inhlanzeko efanele ibalulekile. Ngaphezu kwalokho, ungavumeli izingane zidle udoti. Uma kutholakala ukuthi ingane eyodwa inezilokazane, kungaba kuhle ukuba wonke amalungu omkhaya ahlolwe.
Kufanele kuqashelwe nalapho kuthengwa futhi kuphekwa ukudla. Zama ukuthenga imikhiqizo elinywe endaweni enedumela lokuhlanzeka. Inyama kufanele ivuthwe kahle ngaphakathi. Ungalokothi udle inyama eluhlaza. Izithelo nemifino okuluhlaza kufanele kugezisiswe kuqala. Nokho, qaphela ukuba ungabe usawasebenzisa lawo manzi ngoba kungenzeka ukuthi asenegciwane.
Amanzi okuphuza kufanele abiliswe ngokuphelele. Ngemva kokuba esepholile, angase angembozwa ukuze kubuyiselwe umoya-mpilo. Eziningi izinto zokuhlanza amanzi zasendlini azikwazi ukuqeda zonke izilokazane. Ukuhlanzeka kwamanzi athengwa ngamabhodlela kuncike ekutheni izinyathelo zokuhlanzeka zilandelwe kangakanani embonini yawo.
Ukuhamba noma ukudla ngaphandle kuyodinga ukuqapha okwengeziwe. Iziphuzo ezisemabhodleleni noma emakhathonini ngokuvamile ziphephile uma ziphuzwa zingafakwanga iqhwa. Njengoba ezinye izilokazane zikwazi ukuphila eqhweni, ukuthi iqhwa lihlanzekile yini kuncike ekutheni lenziwe ngamanzi ahlanzekile yini. Kungakuhle ukukuqaphela ukudla okudayiswa emigwaqweni. Uphayinaphu noma ikhabe okusikiwe kungase kuconsise amathe, kodwa ngokuvamile kufafazwa ngamanzi ukuze kungabuni—amanzi okungenzeka anegciwane. Qaphela ukuba ungasoli ngokweqile kangangokuba ungabe usalujabulela uhambo lwakho. Ngokuthatha izinyathelo zokuqapha ezinengqondo, kuningi ongakwenza ukuze uzivikele ezilokazaneni.
[Isithombe ekhasini 14]
Ukuhlanzeka kuyisivikelo esingcono kakhulu
[Isithombe ekhasini 15]
Ukuthi iqhwa lihlanzekile yini kuncike ekutheni lenziwe ngamanzi ahlanzekile yini
[Izithombe ekhasini 15]
Ama-“amoeba” nezikelemu yizinhlobo ezimbili zezilokazane zamathumbu
[Umthombo]
DPDx, the CDC Parasitology Website