Ingabe Kungenzeka Ukuba Ulahlekelwe Yisitho Somzimba?
UBenjamin wayezishayelwa umoya ejabulela ilanga lasentwasahlobo edolobheni laseSarajevo, lapho enyathela ibhomu eligqitshwayo. Umlenze wakhe wesobunxele wanqamuka. UBenjamin uyakhumbula: “Ngazama ukusukuma kodwa ngahluleka.” UBenjamin ungomunye wabantu abangu-20 000 ngonyaka ababulawa noma bagogwe amabhomu agqitshwayo.
KWELASE-ANGOLA kunamabhomu agqitshwayo angaba yizigidi ezingu-15—okusho ukuthi owesilisa ngamunye, owesifazane nengane ngayinye kulelo zwe babhekene nengozi yokulinyazwa amabhomu angaphezu kwelilodwa. Manje kunabantu abangu-70 000 abalahlekelwe izitho zomzimba e-Angola. Njengoba kunamabhomu agqitshwayo ayizigidi ezingu-8 kuya kweziyishumi, elaseCambodia linesilinganiso esiphakeme kakhulu emhlabeni sabantu abaye balahlekelwa izitho zomzimba—umuntu oyedwa kwabangu-236. Kubikwa ukuthi eBosnia naseHerzegovina kunamabhomu agqitshwayo angaphezu kwezigidi ezintathu—amabhomu angu-59 endaweni eyikhilomitha-skwele elilodwa.
Kodwa akubona abantu basemazweni akhungethwe yimpi kuphela abalahlekelwa yizitho. Ngokwesibonelo, kunabantu abangaba ngu-400 000 abangenazo ezinye izitho e-United States. Izitho zabantu abaningi abadala kulelo nani zinqamuka ngenxa yesifo esingamahlalakhona esivame ukubizwa ngokuthi i-“peripheral vascular disease [ukungafinyeleli kwegazi emachosheni ezitho],” noma i-PVD. Leli yigama ngokuvamile elihlanganisa izifo eziningi. I-Taber’s Cyclopedic Medical Dictionary ichaza elithi PVD ngokuthi igama elingacacile elihlanganisa “izifo zemithambo esekugcineni kwezitho, [ikakhulukazi] lezo zifo eziphazamisa ukugelezela kwegazi ezingxenyeni ezisekugcineni kwezitho.” Imbangela eyinhloko ye-PVD yisifo sikashukela. Ngokwe-World Health Report 1998, “inani labantu abadala abanesifo sikashukela cishe liyophindeka kabili emhlabeni wonke, lisuka ezigidini ezingu-143 ngo-1997 liye ezigidini ezingu-300 ngo-2025.”
E-United States, izingozi—kuhlanganise nezingozi zezimoto, imishini, amathuluzi kagesi nezibhamu—ziyimbangela yesibili eyinhloko yokulahlekelwa yizitho, okwenza ukuba kunqunywe izitho zabantu abangamaphesenti angu-20 kuya kwangu-30. Ezinye izimbangela zokunqamuka kwezitho zihlanganisa izimila (amaphesenti angaba yisithupha) nokukhubazeka umuntu azalwa nako (amaphesenti angaba mane).
Umcabango wokulahlekelwa yisitho uyakhathaza ngempela. Ingabe ikhona indlela yokunciphisa leyo ngozi? Uma usungenaso kakade isitho esithile somzimba, ungakujabulela kanjani ukuphila okuhle? Izihloko ezilandelayo zidingida le mibuzo kanye neminye.